IJubili LikaJehova—Isikhathi Sethu Sokujabula
“Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba-yijubili kini . . . uyakuba-ngcwele kini . . . nihlale ezweni nilondekile.”—LEVITIKUSI 25:10-12, 18.
1. Imuphi umbhalo obonakala eNsimbini Yenkululeko, futhi lamagama athathwephi?
NOMA kuphi lapho uhlala khona, kungenzeka uye wezwa ngeNsimbi Yenkululeko eyaziwayo, esePhiladelphia, ePennsylvania, eU.S.A. IThe World Book Encyclopedia ithi lensimbi “yashaywa ngoJuly 8, 1776, nezinye izinsimbi zesonto, kumenyezelwa ukwamukelwa kweSimemezelo Senkululeko. Umbhalo wayo othi, ‘Memezelani iNkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo,’ uvela eBhayibhelini (Levitikusi 25:10).”
2. Uzizwa kanjani ngethemba lenkululeko, kodwa iziphi izinkinga ezingaphakama ngalo?
2 Inkululeko iyaqhubeka yaziswa kakhulu, akunjalo? Mhlawumbe uyojabula ngethemba lenkululeko yangempela—emiqondweni engamanga, ekucindezeleni kwezombangazwe, emiphumeleni elimazayo yokuguga nokugula, okuphumela ekufeni. Uma kunjalo, unesizathu esihle sokujabula, futhi ngokushesha kuzoba nesizathu esikhulu ngokwengeziwe. ‘Kungenzeka kanjani lokho?’ ungase ubuze, njengoba kungekho-hulumeni oseye wanikeza inkululeko egcwele, futhi abekho ososayensi noma odokotela abangavimbela ukuguga, ukugula nokugcina ngokufa. Kodwa, siyaphinda, sikhona isisekelo sokuba ujabule ngenkululeko yeqiniso. Ukuze uqonde ukuthi kanjani, cabangela ukwaziswa okuyisisekelo esibalulekile okungakuhilela—manje nasesikhathini esizayo.
3. Laliyini iJubili, futhi yini eyayenzeka phakathi nalowonyaka?
3 Umbhalo ocashunwe ngenhla usebenzisa igama elithi “iJubili.” IJubili kwakuyinkathi engangonyaka yokuba izwe lakwaIsrayeli ligcine iSabatha. Lalilandela uchungechunge lweminyaka eyisikhombisa yeSabatha lezolimo olwaluhlanganisa iminyaka engama-49 selulonke. Unyaka wama-50, iJubili, wawuyisiphetho saloluchungechunge lokugujwa kweSabatha ezweni uJehova ayelinikeze abantu bakhe, egcwalisa isithembiso ayesenze kukhokho wabo uAbrahama, “umhlobo kaNkulunkulu.” (Jakobe 2:23; Isaya 41:8) Esenzakalweni seJubili, kwakumenyezelwa inkululeko kulo lonke izwe. Lokhu kwakusho inkululeko ngawo wonke amaIsrayeli ayezithengise ebugqilini ngenxa yezikweleti. Esinye isici seJubili sasiwukuba wonke amazwe angamafa ayethengisiwe (mhlawumbe ngenxa yezinkinga zemali) abuyiselwe.—Levitikusi 25:1-54.
4. Lalimenyezelwa nini iJubili, futhi kanjani?
4 Unalesosisekelo, ungabona ukuthi kungani iJubili laliwunyaka womkhosi wenkululeko. Lalimenyezelwa ngokukhalisa icilongo ngoSuku Lokubuyisana.a Njengoba uMose aloba kuLevitikusi 25:9, 10: “Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini. Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba-yijubili kini, nibuyele, kube-yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube-yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.” Ngo-1473 B.C.E., uJoshuwa wahola amaIsrayeli ewawelisa uMfula iJordani ewangenisa eZweni Lesithembiso, lapho ayeyogubha khona iJubili.
Inkululeko Yokuqala Yamenyezelwa
5. Iziphi izici zenkululeko neJubili ezizocatshangelwa?
5 Lokhu okungenhla kungase kubonakale kuwumlando wasendulo ongakuthinti kangako ukuphila kwethu, ikakhulukazi uma singebona abozalo lobuJuda. Nokho, uJesu Kristu wasinikeza isizathu esizwakalayo sokulindela iJubili elihle ngokwengeziwe. Yiso esakha isisekelo sokujabula kwethu ngenkululeko. Ukuze sibone isizathu, kumelwe sibone indlela uJesu alungiselela ngayo inkululeko ngezindlela ezimbili ekhulwini lokuqala. Khona-ke sizocabangela indlela ezifanelana ngayo nezinkululeko ezimbili esikhathini sokuphila kwethu, kodwa kuyoba izinkululeko zezinga elihle kakhulu nezisinikeza isizathu esikhulu kakhulu sokujabula.
6, 7. (a) Iziphi izinto ezimangalisayo ezabikezelwa uIsaya 61:1-7? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi isiprofetho sikaIsaya sasigcwaliseka?
6 Nakuba kungakhulunywa ngokuqondile ngonyaka weJubili lasendulo, kuIsaya 61:1-7 kwenziwa ukubhekisela okungokwesiprofetho ohlotsheni oluzayo lwenkululeko: “UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo, ngimemezele umnyaka womusa kaJehova nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo . . . intokozo engapheliyo ibe-ngeyabo.” Kodwa lesosiprofetho sasiyogcwaliseka kanjani futhi nini?
7 Ngemva kokugujwa kwePhasika ngonyaka ka-30 C.E., uJesu Kristu wangena esinagogeni ngosuku lweSabatha. Ngenkathi elapho wafunda ingxenye yesiprofetho sikaIsaya futhi wayisebenzisa kuye ngokwakhe. ULuka 4:16-21 uthi, ngokwengxenye: “Wayivula incwadi, wafumana indawo okulotshwé kuyo ukuthi: UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo, nokumemezela umnyaka omuhle weNkosi . . . Waqala ukukhuluma kubo, ethi: Namhla nje ugcwalisekile lombhalo ezindlebeni zenu.”
8. (a) Iyiphi inkululeko yokwandulela uJesu ayinikeza? (b) Lokhu kuboniswe kanjani kuJohane 9:1-34?
8 Izindaba ezinhle uJesu azimemezela zanikeza amaJuda ayezamukela inkululeko engokomoya. Ngokuba amehlo awo avuleke kulokho ukukhulekela kweqiniso okuyikho nokwakukudinga ngempela, akhululwa emiqondweni eminingi engamanga. (Mathewu 5:21-48) Lenkululeko yayinokubaluleka okukhulu kunokuphulukisa okungokomzimba uJesu akwenza. Ngakho-ke, nakuba uJesu avula amehlo endoda eyayizalwe iyimpumputhe, lendoda yathola umphumela wenzuzo ehlala njalo ngokuqaphela kwayo uJesu njengomprofethi ovela kuNkulunkulu. Leyonkululeko entsha yaleyondoda yayiphambene nesimo sabaholi benkolo ababesebugqilini bamasiko abo nezinkolelo ezingamanga. (Johane 9:1-34; Duteronomi 18:18; Mathewu 15:1-20) Nokho lena kwakumane kuyinkululeko yokuqala noma yokwandulela. Ngisho nasekhulwini lokuqala, uJesu wayeyosiza ngolunye uhlobo lwenkululeko eyayifana neJubili lakwaIsrayeli wasendulo. Kungani kungokunengqondo ukuphetha ngalokho?
9. Ngisho nangalabo abakhululiwe ngokomoya, luhlobo luni lobugqila olusasele?
9 UJesu wathi endodeni eyayikade iyimpumputhe: “Mina ngizele ukwahlulela kulelizwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babe-yizimpumputhe.” Khona-ke watshela abaFarisi: “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: Siyabona; isono senu sihlezi.” (Johane 9:35-41) Yebo, isono esiholela ekufeni sasiseyinkinga enkulu, njengoba sinjalo namanje. (Roma 5:12) AmaJuda, kuhlanganise nabaphostoli, azuza enkululekweni yokuqala, inkululeko engokomoya uJesu ayinikeza, ahlala engabantu abangaphelele. Aqhubeka eyizigqila zesono nokufa okwaba umphumela. Ingabe uJesu wayengakuguqula lokho? Ingabe wayeyokuguqula? Futhi uma kunjalo, nini?
10. Iyiphi inkululeko eyengeziwe uJesu athembisa ukuthi wayezoyinikeza?
10 Ngaphambili, uJesu wayethé: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.” Izilaleli zakhe ezingamaJuda zamphendula: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe-yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: Nizakuba-ngabakhululekileyo na?” UJesu waphendula: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade.” (Johane 8:31-36) Ngakho-ke, inzalo ka-Abrahama engokwenyama yayingenakuwakhulula amaJuda ebugqilini besono. UJesu wenza lenkulumo engokomlando ngokuqondene nenkululeko ukuze adonsele ukunakekela kokuthile okwakuza nokwakuzoba kukhulu kunalokho amaIsrayeli ayekubonile kunoma yiliphi iJubili.
IJubili LobuKristu Liyaqala
11. Kungani isithakazelo sethu eJubilini lobuKristu sigxiliswe onyakeni ka-33 C.E.?
11 AmaJuda awazange abone ukuthi iJubili lesivumelwano soMthetho kaMose laliwumfuziselo weJubili elikhulu kakhulu. (Kolose 2:17; Efesu 2:14, 15) LeliJubili lamaKristu lihilela “iqiniso” elingakhulula abantu—leloqiniso eligxiliswe eNdodaneni, uJesu Kristu. (Johane 1:17) LeliJubili elikhulu elalingaletha inkululeko ngisho nasesonweni nasemiphumeleni yaso laqala nini ukugujwa? Kwakusentwasahlobo ka-33 C.E., ngosuku lwePentekoste. Lokhu kwakuyizinsuku eziyishumi ngemva kokwenyukela kukaJesu ezulwini eyonikeza uJehova uNkulunkulu inzuzo yomhlatshelo wakhe.—Heberu 9:24-28.
12, 13. Yini eyenzeka ngemva kokufa kukaJesu eyaletha ngokushesha okuhlangenwe nakho okungavamile kubafundi bakhe?
12 Ngaphambi kukaJesu, asikho isidalwa esingumuntu esasivuswe kwabafileyo ukuba siqhubeke siphila phakade. (Roma 6:9-11) Kunalokho, bonke balala ekufeni futhi babeyoqhubeka belele kuze kufike isikhathi sokuvuswa komkhaya wesintu. Ngokuvuswa kwakhe ngamandla kaNkulunkulu, uJesu Kristu waba yilokho imiBhalo embiza ngakho, “ulibo lwabaleleyo.”—1 Korinte 15:20.
13 Ezinsukwini ezingamashumi ayisihlanu ngemva kokuvuka kwakhe, kwakunobufakazi bokuthi uJesu Kristu ovusiwe wayenyukele emazulwini futhi wayengene lapho kukhona uJehova uNkulunkulu enenani lomhlatshelo wakhe ophelele wesintu futhi wayewusebenzise ngenxa yesintu. Lokhu kwakungosuku lwePentekoste lika-33 C.E. Belalela iziyalezo zikaJesu, cishe abafundi abayi-120 bahlangana eJerusalema. Khona-ke uKristu wathulula umoya ongcwele kulabafundi, ekugcwalisekeni kukaJoweli 2:28, 29. Izilimi njengokungathi umlilo zehlela phezu kwamakhanda abo, futhi baqala ukukhuluma ngezilimi abangazazi. (IzEnzo 2:16-21, 33) Lokhu kwakuwubufakazi bokuthi uJesu Kristu ovusiwe wayenyukele emazulwini futhi wayengene lapho kukhona uNkulunkulu enenani lomhlatshelo ophelele wesintu ayezowusebenzisa ngenxa yesintu.
14. (a) Sasiyini isimo sabafundi bakaKristu ngokuqondene nezivumelwano? (b) Yisiphi isibusiso esivelele isivumelwano esisha esasihilela?
14 Yaba yini imiphumela ngalabobafundi? Phakathi kweminye, akhululwa esivumelwaneni soMthetho kaMose, uNkulunkulu ayesenze nesizwe sikaIsrayeli ongokwemvelo kodwa manje ayesesisulile, esibethela esigxotsheni sokuhlushwa sikaJesu. (Kolose 2:13, 14; Galathiya 3:13) Isivumelwano esisha, esingenziwanga nesizwe sikaIsrayeli ongokwemvelo, kodwa ‘nesizwe’ esisha sikaIsrayeli ongokomoya, sathatha indawo yalesosivumelwano. (Heberu 8:6-13; Galathiya 6:16) Lesivumelwano esisha, esabikezelwa kuJeremiya 31:31-34, salungiselelwa ngomlamuleli omkhulu kunomprofethi wasendulo uMose. Ngenxa yesithakazelo enkululekweni, kumelwe siphawule ngokukhethekile isici esisodwa sesivumelwano esisha. Umphostoli uPawulu wadonsela ukunakekela kulesi, ebhala: “Yilesisivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezozinsuku, . . . nezono zabo nobubi babo angisoze ngabukhumbula futhi. Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.”—Heberu 10:16-18.
15. Kungani singathi iJubili lobuKristu ngabagcotshiwe laqala ngePentekoste lika-33 C.E.? (Roma 6:6, 16-18)
15 UJesu wayekhomba kulokhu kukhululeka esonweni lapho ethi: “Uma iNdodana inikhulula, niyakuba-ngabakhululekileyo impela.” (Johane 8:36) Cabanga nje—inkululeko esonweni yenziwa yaba nokwenzeka ngesisekelo somhlatshelo kaKristu! Kusukela ngosuku lwePentekoste, uNkulunkulu walungisisa abakholwayo wayesebamukela njengamadodana angokomoya anethemba lokubusa noKristu ezulwini. UPawulu uyachaza: “Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana . . . Uma-ke singabantwana siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu.” (Roma 8:15-17) Ngokungangabazeki, iJubili lobuKristu lase liqalile ngamaKristu agcotshiwe.
16. Iziphi izibusiso namathemba engeziwe okwakuhilelekile ngalabo ababegubha iJubili lobuKristu?
16 Ngakho ngalolosuku lwePentekoste ngonyaka ka-33 C.E., kwavela isizwe esisha sikaIsrayeli ongokomoya. Sasakhiwe abantu abazono zabo zazithethelelwe ngesisekelo segazi lomhlatshelo kaKristu. (Roma 5:1, 2; Efesu 1:7) Ubani kithi ongaphika ukuthi lawomalungu okuqala kaIsrayeli ongokomoya angeniswa esivumelwaneni esisha athola inkululeko emangalisayo ngokuthethelelwa izono zawo? UNkulunkulu wawenza aba ‘uhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze bashumayele ubukhosi balowo owababiza baphume ebumnyameni bangene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’ (1 Petru 2:9) Yiqiniso, imizimba yabo yenyama yayilokhu ingaphelele futhi babeyofa ngokuhamba kwesikhathi. Nokho njengoba manje uNkulunkulu ayesebalungisisile futhi ayesebamukele njengamadodana angokomoya, ukufa kwabo okungokwenyama kwakumane ‘kuwukukhululwa’ okwakubenza bavuselwe ‘embusweni kaKristu wasezulwini.’—2 Thimothewu 4:6, 18, qhathanisa neNW.
17, 18. Kungani inkululeko yeJubili lobuKristu yayibaluleke kakhulu kunenkululeko yokwandulela uJesu ayimemezela?
17 Isinyathelo sokuqala noma sokwandulela sokukhululwa kwamaJuda akholwayo emiqondweni nasemikhubeni engamanga sasibaluleke kakhulu. Nokho, siye sabona ukuthi uJesu wedlulela ngalé kwaleyonkululeko engokomoya. Kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. kuqhubeke wakhulula isintu esikholwayo “emthethweni wesono nowokufa.” (Roma 8:1, 2) Ngaleyondlela kwaqala iJubili lobuKristu lamaKristu agcotshiwe. Lena ngempela kwakuyinkululeko eyayibaluleke kakhulu, ngoba yayihlanganisa ithemba lokuphila ezulwini njengezindlalifa kanye noKristu.
18 Kuze kube manje sisacabangele izici ezimbili zenkululeko yobuKristu ekhulwini lokuqala, lezo ngokungenakuphikwa ezaziyisisekelo sokujabula. Futhi abakholwayo bekhulu lokuqala bajabula. (IzEnzo 13:44-52; 16:34; 1 Korinte 13:6; Filipi 4:4) Lokho kwakunjalo ngokukhethekile ngokuqondene nengxenye yabo eJubilini lobuKristu, elabavulela indlela yokwamukela izibusiso zaphakade emazulwini.—1 Petru 1:3-6; 4:13, 14.
19. Imiphi imibuzo esele ngamaKristu angazelwe ngomoya, futhi yini ebonisa ukuthi azoba nengxenye enkululekweni evela phezulu?
19 Nokho, amaKristu amaningi eqiniso angenaphi kulendaba, njengoba engazange alungisiswe kukho ukuphila futhi agcotshwe ngomoya ongcwele? Kunesizathu esingokomBhalo sokuwabhekela inkululeko enkulu njengengxenye yeJubili lobuKristu. Khumbula izEnzo 3:20, 21: “UJesu . . . okumelwe ukuba izulu limamukele kuze kube-yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.” (Qhathanisa nezEnzo 17:31.) Ngokwalendaba efanayo, uJohane, umphostoli ogcotshiwe kakade owayejabulela iJubili lobuKristu, waloba ngoJesu Kristu: “Uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.” (1 Johane 2:2) Ingabe lokho kusho ukuthi amaKristu amaningi aqotho namuhla angenalo ithemba lasezulwini angajabula ngenkululeko yobuKristu? Ingabe lokho kumane kusesikhathini esizayo, noma ingabe kakade sesinesizathu sokujabula? Lokho singakuthola ngokuhlola izici zenkululeko yobuKristu neJubili okunencazelo ekhethekile ngabakhulekeli beqiniso namuhla.
[Umbhalo waphansi]
a USuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke lwalwenziwa ngoTishri 10, inyanga esekhalendeni lesiHeberu, enguSeptember-October ngokwenkathi yethu.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Zaziyini izinzuzo zeJubili kwaIsrayeli wasendulo?
◻ UJesu wayimemezela kanjani inkululeko yokuqala, futhi yayihilelani?
◻ Laqala nini iJubili lobuKristu, futhi siyini isisekelo sokuphetha ngalokho?
◻ Kungani sinesizathu sokulangazelela inkululeko ehilela izigidi zamaKristu angagcotshiwe ngomoya?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 18]
“Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube-semini.” (IzAga 4:18) Ngokuhambisana nalesosimiso, lesihloko kanye nesilandelayo zinikeza incazelo ethuthukisiwe nebanzi yeJubili.
[Isithombe ekhasini 20]
UJesu umemezela inkululeko ngo-30 C.E.
[Isithombe ekhasini 23]
IJubili lobuKristu liqala ngo-33 C.E.