Imibuzo Evela Kubafundi
Yini efanekiselwa ilungiselelo lonyaka weJubili okukhulunywa ngalo esahlukweni 25 sencwadi kaLevitikusi?
UMthetho KaMose wawuthi “ngonyaka wesikhombisa izwe kufanele libe nesabatha lokuphumula okuphelele.” Ngokuqondene nalowo nyaka, ama-Israyeli ayalwa: “Insimu yakho akumelwe uyihlwanyele ngembewu, nomvini wakho akumelwe uwuthene. Okumilé ezinhlamvwini zakho ezichithekile akumelwe ukuvune, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe akumelwe uzibuthe. Izwe kufanele libe nonyaka wokuphumula okuphelele.” (Levitikusi 25:4, 5) Ngakho, unyaka ngamunye wesikhombisa kwakufanele ube unyaka weSabatha ezweni. Futhi unyaka ngamunye wama-50, olandela unyaka weSabatha lesikhombisa, kwakufanele ube iJubili. Kwakufanele kwenziweni kulowo nyaka?
Esebenzisa uMose, uJehova watshela u-Israyeli: “Kumelwe ningcwelise unyaka wamashumi amahlanu futhi nimemezele inkululeko ezweni kubo bonke abakhileyo kulo. Uyoba yiJubili kini, futhi yilowo nalowo kumelwe abuyele efeni lakhe, yilowo nalowo kufanele abuyele emndenini wakubo. Lowo nyaka wamashumi amahlanu uyoba yiJubili kini. Akumelwe nihlwanyele imbewu noma nivune okumilé ezweni ezinhlamvwini ezichithekile noma nibuthe izithelo zemivini yalo engatheniwe.” (Levitikusi 25:10, 11) IJubili laliwunyaka weSabatha wesibili ezweni, iminyaka ilandelana. Kodwa ezakhamuzini, iJubili laliletha inkululeko. Noma imaphi amaJuda ayethengiselwe ebugqilini kwakufanele akhululwe. Impahla eyifa umuntu okungenzeka wayephoqeleke ukuba ayithengise, kwakufanele ibuyiselwe emkhayeni wakhe. IJubili kwakufanele libe unyaka wokubuyisela nowokukhululeka ku-Israyeli wasendulo. Lifanekiselani kumaKristu?
Ukuhlubuka komuntu wokuqala, u-Adamu, kwaholela isintu ekugqilazweni isono. Umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu uyilungiselelo likaNkulunkulu lokukhulula isintu ekugqilazweni isono.a (Mathewu 20:28; Johane 3:16; 1 Johane 2:1, 2) AmaKristu akhululwa nini emthethweni wesono? Ekhuluma namaKristu agcotshiwe, umphostoli uPawulu wathi: “Umthetho walowo moya onikeza ukuphila kanye noKristu Jesu ukukhululile emthethweni wesono nokufa.” (Roma 8:2) Labo abanethemba lokuphila kwasezulwini bathola le nkululeko lapho begcotshwa ngomoya ongcwele. Nakuba imizimba yabo ingeyenyama futhi ingaphelele, uNkulunkulu uthi balungile futhi ubamukela njengamadodana akhe angokomoya. (Roma 3:24; 8:16, 17) Kwabagcotshiwe beyiqembu, iJubili lamaKristu laqala ngePhentekoste lika-33 C.E.
Kuthiwani ‘ngezinye izimvu,’ ezinethemba lokuphila phakade emhlabeni? (Johane 10:16) Eqenjini lezinye izimvu, ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyoba isikhathi sokubuyiselwa nokukhululwa. Phakathi naleli Jubili Leminyaka Eyinkulungwane, uJesu uyokwenza zisebenze izinzuzo zomhlatshelo wakhe wesihlengo esintwini esikholwayo futhi uyoqeda imiphumela yesono. (IsAmbulo 21:3, 4) Lapho kuphela ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, isintu siyobe sesifinyelele ukuphelela kobuntu futhi siyobe sesikhululwe ngokuphelele esonweni esizuzwe njengefa futhi sikhululiwe ekufeni. (Roma 8:21) Njengoba kuyobe sekufeziwe lokho, iJubili lamaKristu liyophela.
[Umbhalo waphansi]
a Empeleni, uJesu wathunyelwa ‘ukuba amemezele inkululeko kulabo abathunjiwe.’ (Isaya 61:1-7; Luka 4:16-21) Wamemezela ukukhululwa okungokomoya.
[Isithombe ekhasini 26]
IJubili Leminyaka Eyinkulungwane—isikhathi sokubuyiselwa nokukhululwa ‘kwezinye izimvu’