IJubili LobuKristu Lifinyelela Umvuthwandaba Eminyakeni Eyinkulungwane
1. Yini amaJuda eRepublic of Israel angenzanga-mizamo yokuyimisa kabusha, futhi ngani?
NGISHO naseRepublic of Israel (eyasungulwa ngo-1948), amaJuda amaningi azibheka njengangaphansi koMthetho kaMose awazange akumise kabusha ukugujwa konyaka weJubili. Futhi bekungaba nezingqinamba eziningi uma ebengazama. Bekuyoba nezinkinga ezinkulu ezingokomnotho, ngoba amalungelo empahla ahilelekile. IRepublic of Israel ayilakhile lonke izwe elalakhiwe izizwe eziyi-12 zasendulo. Futhi alikho ithempeli elinompristi omkhulu wesizwe sakwaLevi, njengoba abantu bengasazazi ukuthi babengabayiphi indlu.
2. Kukanjani amanye amaKristu eseye aqala kakade ukugubha iJubili elalifanekiselwa yilelo likaIsrayeli wasendulo?
2 Nokho, lokhu kusishiya kuphi ngokuqondene nezibusiso zokugujwa kweJubili? Siyakhumbula ukuthi iJubili lasendulo laliwunyaka womkhosi wenkululeko—amaIsrayeli ayezithengise ebugqilini ayekhululwa futhi amazwe angamafa ayebuyiselwa. (Levitikusi 25:8-54) Esihlokweni esandulelayo, sibonile ukuthi lelilungiselelo laphela ngesivumelwano soMthetho kaMose ngo-33 C.E. (Roma 7:4, 6; 10:4) Khona-ke kwamiswa isivumelwano esisha uNkulunkulu ayeyothethelela ngaso izono zabakholwayo, abagcobe ngomoya ongcwele, futhi abamukele njengamadodana ayeyoyiswa ezulwini. (Heberu 10:15-18) Nokho labo abazuza ngaleyondlela kulelilungiselelo lesivumelwano esisha ‘bawumhlambi omncane’ wezi-144 000 “abathengiweyo emhlabeni.” Ngakho izigidi zamanye amaKristu aqotho zingayithola kanjani inkululeko eyafanekiselwa yiJubili?—Luka 12:32; IsAmbulo 14:1-4.
Umhlatshelo Wabo Bonke!
3. Uphumelela futhi uhlala kade kanjani umhlatshelo kaJesu?
3 Ezikhathini zangaphambi kobuKristu, izinzuzo zoSuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke zazithatha unyaka owodwa kuphela. Izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo weNkosi uJesu Kristu ziyaqhubeka, azipheli. Ngakho akudingeki ukuba uMpristi oMkhulu ongokomfuziselo, uJesu, aphinde abe umuntu, futhi azenze umhlatshelo, abese ebuyela ezulwini eyoletha inani lalowomhlatshelo unyaka nonyaka eNgcwelengcwele kaJehova uNkulunkulu. Njengoba imiBhalo isho: “UKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe.”—Roma 6:9; Heberu 9:28.
4, 5. (a) Uye waba yini umphumela wokusetshenziswa komhlatshelo kaJesu kusukela ngePentekoste lika-33 C.E.? (b) Yisiphi isikhombo esinaso sokuthi umhlatshelo wakhe uzosetshenziswa ngezinga elikhulu?
4 Ngakho-ke, eminyakeni esukela ngePentekoste lika-33 C.E., njengoba abakholwayo beye baba abafundi abazelwe ngomoya beNkosi ekhazinyulisiwe uJesu, baye baqala ukugubha iJubili lobuKristu. Lapho ‘sebekhululiwe emthethweni wesono nowokufa,’ baye bajabulela inkululeko eqabulayo. (Roma 8:1, 2) Futhi baye bamemezela isigijimi sobuKristu ukuze nabanye bengathethelelwa izono zabo, bagcotshwe, futhi babe amadodana kaNkulunkulu angokomoya. Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi uma umuntu engeyena owaleloqembu elilinganiselwe kwabayizi-144 000, akanakuyithola inkululeko ejabulisayo manje?
5 Amazwi kamphostoli uPawulu kwabaseRoma 8:19-21 abalulekile kulokhu: “Ukulangazela kokudaliweyo kulindele ukwambulwa kwabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba okudaliweyo kwabekwa phansi kobuze [njengoba kunesono futhi kungakwazi ukususa isono].” Khona-ke uPawulu wagcizelela ukuthi kukhona ‘ithemba lokuthi nakho okudaliweyo kuyokhululwa ebugqilini bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.’ Ngakho-ke, inkululeko enjalo ayiyona eyalabo ababa “abantwana bakaNkulunkulu” ezulwini kuphela. Amazwi ajwayelekile akuJohane 3:16 ayakuqinisekisa lokho. Futhi, njengoba kushiwo, umphostoli ogcotshiwe uJohane wathi uKristu wafela ‘izono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nezezwe lonke.’—1 Johane 2:2.
1919—Inkululeko Yokuqala
6, 7. Luhlobo luni lwenkululeko oluye lwamenyezelwa kusukela ngo-1919, futhi kungani kusukela ngalesosikhathi ngokukhethekile?
6 Ezikhathini zanamuhla abagcotshiwe abagubha iJubili lobuKristu bebelokhu bememezela izindaba ezinhle ezikhululayo, ikakhulukazi kusukela ngo-1919 C.E. ‘Kungani kusukela ngalesosikhathi’ ungase ubuze uma usanda kuzalwa. Ake sibone, sigcine engqondweni ukuthi ukujabulela kwakho inkululeko kuhilelekile.
7 Emashumini eminyaka ngaphambi kwalolosuku, abagcotshiweyo bakaJehova bakhipha amaqiniso angokweBhayibheli, njengasochungechungeni olwaziwayo lweStudies in the Scriptures (1886-1917). Futhi basakaza izincwajana namapheshana amaningi anokwaziswa. NgeMpi Yezwe I, kwaba nokuphikiswa, ukuvivinywa nokuhlungwa, nokusilela kwemisebenzi yabo. Kodwa ngo-1919 insali egcotshiwe yaqhubeka ngentshiseko entsha ekumemezeleni amaqiniso eBhayibheli. Njengoba uJesu ngo-30 C.E. ayengathi wayegcotshiwe ukuba ashumayele “ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe,” ngokufanayo nalaba abagcotshiwe bosuku lwanamuhla babengasho kanjalo. Ngemva komhlangano ovusa amadlingozi ngoSeptember 1-7, 1919,a baqhubekela phambili ngentshiseko ekushumayeleni amaqiniso akhulula abantu abangenakubalwa.—Luka 4:18.
8, 9. Kungamuphi umqondo abaningi beye bakhululwa, futhi yiluphi usizo oluye lwasetshenziswa ekumemezeleni leyonkululeko?
8 Ngokwesibonelo, cabanga ngencwadi yokutadisha iBhayibheli iThe Harp of God (1921), eyaveza amaqiniso abalulekile njengokungathi ayeyizintambo eziyishumi zehabhu. Lencwadi yaphawula ukuthi “abaningi baye basatshiswa ekutadisheni iBhayibheli” yimfundiso yokuthi “isijeziso sababi . . . siwukuhlushwa phakade esihogweni esivutha umlilo ongacimekiyo nesibabule.” Abafundi balencwadi cishe eyayingamakhophi ayizi-6 000 000 bathola ukuthi lemfundiso “ayinakuba yiqiniso okungenani ngenxa yezizathu ezine ezihlukene nezizimele: (1) ngoba ayinangqondo; (2) ngoba ayihambisani nokwahlulela ngokulunga; (3) ngoba iphambene nesimiso sothando; futhi (4) ngoba ayiyona nakancane engokombhalo.” Ungacabanga nje ukuthi lokho kwakukhulula kanjani kubantu ababekhule ngokwesaba ukuhlushwa phakade esihogweni noma izinhlupho zasesihlanzweni!
9 Yebo, ukushumayela ngentshiseko iqiniso leBhayibheli kwalaba abagcotshiwe kwakhulula abantu kuwo wonke umhlaba ababeyizigqila zezimfundiso zamanga, izinkolelo eziyize, nemikhuba engeyona engokombhalo (njengokukhulekela okhokho, ukwesaba izipoki noma imimoya emibi, nokuxhashazwa abefundisi ngokwezimali). Zona kanye izihloko zezinye izincwadi zokutadisha iBhayibheli zibonisa ithonya elikhululayo ezazinalo ngezigidi.b Ngakho amazwi kaJesu aye abonakala eyiqiniso, lapho ethi abafundi bakhe ‘babeyokwenza imisebenzi emikhulu’ kunaleyo ayenza. (Johane 14:12) Uma kuqhathaniswa nomsebenzi wokwandulela wokukhulula okungokomoya uJesu awenza ekushumayeleni “ukukhululwa kwabathunjwa,” izinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla ziye zenza okukhulu kakhulu—zifinyelela izigidi eziningi kuwo wonke umhlaba.
10. Kungani singalindela ukuthi kusazoba nenye inkululeko enkulu?
10 Nokho, khumbula ukuthi ekhulwini lokuqala kwaqala okunye ukukhululwa ngePentekoste lika-33 C.E. Lapho iJubili lobuKristu laqala ‘ngomhlambi omncane’ owawuyothethelelwa izono zawo, okwakuyoholela ekubeni kwawo “abantwana bakaNkulunkulu” ezulwini. Kuthiwani ngesikhathi sethu? Ingabe izigidi zamanye amaKristu azinikele zingakhululwa ebugqilini besono futhi ngaleyondlela zigubhe iJubili elihle? Yebo, futhi umphostoli uPetru wakubonisa lokhu lapho ekhuluma “ngezikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.”—IzEnzo 3:21.
IJubili Lezigidi
11. ULevitikusi isahluko 25 usikisela kanjani ukuthi singalangazelela inkululeko edlulela ngalé kukaIsrayeli ongokomoya?
11 Kungokuphawulekayo ukuthi kuLevitikusi isahluko 25 amaIsrayeli akhunjuzwa izikhathi ezimbili ukuthi ngokombono kaJehova ‘ayeyizinceku’ zakhe ayezikhulule eGibithe. (Amavesi 42 no-55) Lesahluko seJubili sikhuluma futhi ‘ngabagogobeleyo’ ‘nangabafokazi phakathi kwabo.’ Namuhla labo bafanekiselwa “isixuku esikhulu” esihlanganyela namaIsrayeli angokomoya ekumemezeleni izindaba ezinhle zobuKristu.
12. Kusukela ngo-1935, iyiphi intuthuko ebilokhu iqhubeka?
12 Kusukela ngo-1935 “umalusi omuhle” uJesu Kristu uye waletha labo ababiza ngokuthi “ezinye izimvu” ekuhlanganyeleni ngenkuthalo nensali egcotshiwe. Lezi wayemelwe “ukuziletha,” futhi zaziyoba “mhlambi munye” ngaphansi ‘kukamalusi munye.’ (Johane 10:16) Manje sekunezigidi ‘zezinye izimvu.’ Uma ungomunye walesosixuku esijabulayo, kakade uyalungisiswa njengomngane kaNkulunkulu, futhi njengenxenye yendalo engabantu, ulangazelela ‘ukukhululwa ebugqileni bokubhubha’ phakathi ‘nezikhathi ezizayo zokubuyiselwa kwakho konke’ emhlabeni. Leli akulona ithemba elingenakugcwaliseka.—Roma 8:19-21; IzEnzo 3:20, 21.
13. Yisiphi isibusiso esenzeka ngemva ‘kosizi olukhulu’ okumelwe sisiphawule ngokukhethekile?
13 Ngemva kokuba umphostoli uJohane ebone izi-144 000 ezijabulela iJubili lobuKristu zinethemba lasezulwini, wachaza “isixuku esikhulu,” ethi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu. Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe.”—IsAmbulo 7:14, 15.
14, 15. Kungani labo ‘besixuku esikhulu’ benesizathu esikhethekile sokujabula manje?
14 Ngisho kwamanje, ngaphambi kosizi olukhulu, laba banokholo egazini likaKristu elachithwa futhi ngaleyondlela bayazuza ekufeni kwakhe komhlatshelo. Bayajabula futhi ngokukhululwa eBabiloni Elikhulu, ngokuba nonembeza omuhle phambi kukaJehova uNkulunkulu, nangelungelo labo lokuhlanganyela ekugcwalisekeni kukaMathewu 24:14 ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngaphambi kokuba ukuphela kufike.
15 Nokho, kuthiwani ngethemba lokukhululwa kwesixuku esikhulu esonweni nasekungaphelelini esazalwa nakho? Ingabe lesosikhathi siseduze? Sinesizathu esihle sokusho ukuthi sisenabanye besizukulwane sesintu uJesu Kristu abikezela ukuthi sasingayikudlula kuze kugcwaliseke zonke zinto ezazibikezelwe. (Mathewu 24:34) Ngakho-ke, isiphetho esihle ‘sesiphelo sesimiso sezinto’ kumelwe ukuba siseduze kakhulu.—Mathewu 24:3.
Izici Eziwumvuthwandaba WeJubili LobuKristu
16. Simi kuphi ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu, futhi yini engaphambili?
16 ‘Impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ iza ngesivinini, futhi insali ‘yomhlambi omncane,’ kanye ‘nesixuku esikhulu’ sabangane bayo abathembekile, abaqotho bayogcina ubuqotho kuJehova uNkulunkulu futhi babheke phambili ekutholeni isivikelo saphezulu. Balangazelela ngentshiseko ukunqoba kukaJehova wonke amabutho esitha, kube ukulwelwa kwakhe njengoMbusi Wendawo Yonke. Yeka isici esiwumvuthwandaba lokho okuyoba yiso ekujabuleleni kwabo inkululeko yobuKristu!—IsAmbulo 16:14; 19:19-21; Habakuki 2:3.
17. Izigidi zisazoyithola kanjani inkululeko eJubulini elihle?
17 Kuyolandela ukubusa kweNkosi enqobayo uJesu Kristu phezu komhlaba ohlanziwe, nobukhosi bukaJehova bendawo yonke buqinisekiswe kabusha, kanye noJesu Kristu ewulawula ngokugcwele umhlaba njengeNkosi yamakhosi noMbusi wababusi. Khona-ke uyosebenzisa ngokuqondile inzuzo yomhlatshelo wakhe ezigidini zabantu, kuhlanganise nabafileyo abavusiwe, abanokholo nabamukela ngokuzithandela ukuthethelelwa kwezono uNkulunkulu ayokunikeza ngoKristu. Lokhu kuyofakazelwa ukwesula kukaNkulunkulu “izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona.” (IsAmbulo 21:3, 4) Uma leyo kungeyona inkululeko yangempela, kuyini?
18. Ngokuqhathaniswa nesici seJubili lasendulo, yini eyokwenzeka ngomhlaba esimisweni esisha?
18 Ngaphezu kwalokho, umhlaba ngeke usalawulwa, ungcoliswe, futhi wonakaliswe abantu, izinhlangano, nohulumeni babantu abahahayo. (IsAmbulo 11:18) Kunalokho, uyobuyiselwa kubakhulekeli beqiniso. Bayonikezwa umsebenzi ojabulisayo wokuhlanganyela ekugcwalisekeni okungokoqobo kwesiprofetho sikaIsaya: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye . . . Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova.” (Isaya 65:21-25) Ekupheleni kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane, yonke imikhondo yesono nokungapheleli okuzuzwe njengefa kuyobe sekususiwe futhi abaqotho bakaNkulunkulu emhlabeni bayobe begubha umvuthwandaba ogcwele okuyophela ngawo iJubili. Ngakho inkululeko eyafanekiselwa iJubili iyobe isifeziwe.—Efesu 1:10.
Ngemva Komvuthwandaba WeJubili Weminyaka Eyinkulungwane
19, 20. USathane namademoni bayozama kanjani ukungenela ezibusisweni eziwumphumela weJubili leMinyaka Eyinkulungwane, kodwa kube namuphi umphumela?
19 IsAmbulo 20:1-3 sibikezela ukuthi uSathane uDeveli, umbusi wamabutho angamademoni, uyobe engasekho eminyakeni eyinkulungwane yokubusa kukaKristu phezu kwesintu. Lapho, ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane, uDeveli namademoni akhe bayothukululwa isikhashana, lemimoya emibi ngeke ibone umhlaba usesimweni eyawushiya ukuso, kodwa uyipharadesi lomhlaba wonke elihle ngokungenakuchazeka. Iyobona umhlaba wakhiwe “isixuku esikhulu” esithembekile nezigidi zezinkulungwane zabantu abafileyo abavusiwe uJesu Kristu abafela njengomhlatshelo wesihlengo. Ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane iJubili lobuKristu liyobe seliyifinyelele injongo yalo yokukhulula isintu ngokugcwele emiphumeleni yesono. (Roma 8:21) Yeka ukuthi kuyoba yihlazo elibi kanjani nganoma ubani ukuzama ukonakalisa lesosimo esihle! Kodwa ngokuvunyelwa uNkulunkulu ongumninimandla onke, uDeveli uyokwenza umzamo wokugcina wokwenza lokhu, futhi uyohlasela ngolaka olukhulu. Ngalomphumela, kusAmbulo 20:7-10, 14 kulotshwe ukuthi:
20 “Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane, uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe, aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle. Zase zikhuphukela ngaphezu kobubanzi bomhlaba, zakaka ikamu labangcwele nomuzi othandiweyo; kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda; noSathane owazidukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule.”
21. Ngemva kokuphela kweJubili lobuKristu neMinyaka Eyinkulungwane, yikuphi ukusabela kwamadodana kaNkulunkulu asezulwini okuyosikhumbuza ngoJobe 38:7?
21 Inkululeko yangempela, elethwa yilungiselelo leJubili, iyoqhubeka ijatshulelwa yonke indawo; zonke izidalwa ziyokhululeka futhi ziyodumisa Lowo okunguye kuphela onegama elithi Jehova. (IHubo 83:18) Lokho kuyoba njalo njengoba uJehova eqhubeka nokufeza izinjongo zakhe endaweni yonke. Lapho kudalwa umhlaba, ngaphambi kokuba isintu sibekwe kuwo, “izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula” ngombukwane omuhle. (Jobe 38:7) Yeka ukuthi bayokwenza kanjalo kakhulu kangakanani lapho bebona umhlaba wakhiwe amadoda nabesifazane abaye babonakalisa futhi bafakazela ukuzinikezela kwabo okuphelele nobuqotho kuNkulunkulu ongumninimandla onke.
22. Kumelwe sibe yini isimo sethu sengqondo, ngokuvumelana nokunxusa okutholakala kumaHubo 150:1-6?
22 Njengoba konke sekuye kwahlolwa ngokukhanyiselwa ukukhanya okukhazimulayo okukhanyisa imiBhalo, asinakwenza ngenye indlela ngaphandle kokudazuluka ngokwethaba namazulu futhi sithi, Haleluya! Nakhu ukunxuswa kwethu incwadi yamaHubo ephetha ngakho: “Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla. Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla, nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu. Mdumiseni ngezwi lecilongo, nimdumise ngogubhu nehabhu. Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo. Mdumiseni ngamasimbali ancencethayo, nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo. Konke okuphefumulayo makudumise uJehova. Haleluya!”—IHubo 150:1-6.
[Imibhalo yaphansi]
a Kwakhishwa umagazini omusha owawuzoba “njengezwi ehlane lokukhungatheka, elinjongo yalo [kwakuyoba] ukumemezela ukuza kweGolden Age.” Namuhla lomagazini ubizwa ngokuthi iPhaphama!
b Millions Now Living Will Never Die (1920); Deliverance (1926); Freedom for the Peoples (1927); Liberty (1932); “Iqiniso Liyakunikulula” (1947); What Do the Scriptures Say About “Survival After Death”? (1955); Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade (1969); Ukuphila Okuphakade—Ngenkululeko Yamadodana KaNkulunkulu (1972); The Path of Divine Truth Leading to Liberation (1980).
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Bakhululwa kukuphi abafundi bakaJesu ngePentekoste lika-33 C.E., okwaphawula isiqalo sani ngabo?
◻ Kungani kunesizathu sokulindela inkululeko enkulu kunaleyo eyenzeka ekhulwini lokuqala?
◻ Luhlobo luni lwenkululeko obelwenzeka kusukela ngo-1919?
◻Kukanjani futhi kunini lapho “ezinye izimvu” ziyozuza khona eJubilini elihle?
◻ Ngemva komvuthwandaba weJubili, uyoba njani umhlaba?
[Isithombe ekhasini 25]
Inkululeko yamenyezelwa eCedar Point, ngo-1919
[Isithombe ekhasini 26]
“Ezinye izimvu” ziyahlanganyela eJubilini leMinyaka Eyinkulungwane