Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w89 6/15 k. 29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlelwa Komndeni—Umbono WamaKristu
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1993
  • Ubani Okufanele Anqume Ubukhulu Bomkhaya?
    I-Phaphama!—1996
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
w89 6/15 k. 29

Imibuzo Evela Kubafundi

◼ Ingabe kuyavumelana yini nezimiso zeBhayibheli ukuba umbhangqwana oshadile wamaKristu usebenzise amaphilisi okuvimbela inzalo?

ImiBhalo ayisho ngokucacile ukuthi imibhangqwana engamaKristu iphoqelekile ukuba ibe nabantwana noma, uma iba nabo, abangaki. Umbhangqwana ngamunye kufanele uzinqumele ngasese noma ngokucatshangelwe ukuthi uzame yini ukuqondisa ubukhulu bomkhaya wawo. Uma uvumelana ngokuyivimbela inzalo, ukukhetha kwawo izinto zokuyivimbela nakho kuyindaba yabo siqu. Nokho, kufanele ukucabangele—ngokuvumelana nokuqonda kwawo iBhayibheli nonembeza wawo—ukuthi ukusebenzisa indlela ethile kuyoyibonisa yini inhlonipho ngobungcwele bokuphila.

IBhayibheli libonisa ukuthi ukuphila komuntu kuqala ngesikhathi sokuhlala kwesisu; uMniki-kuphila uyakubona ukuphila osekuqalisiwe, ‘ngisho nehlule’ lelo kamuva elizokhula esibelethweni. (IHubo 139:16; Eksodusi 21:22, 23a; Jeremiya 1:5) Ngakho-ke, akukho mzamo okufanele wenziwe ukuze kunqanyulwe ukuphila osekuqalisile. Ukwenza kanjalo kungaba ukukhipha isisu.

Amaphilisi okuvimbela inzalo asetshenziswa kabanzi kuwo wonke umhlaba. Ayivimbela kanjani inzalo? Kunezinhlobo ezimbili eziyinhloko zamaphilisi—icombination pill (iphilisi eliyinhlanganisela) neprogestin-only pill (iphilisi elineprogestin kuphela) (iphilisi elincane). Ukuhlola kuye kwazicacisa izinqubo zawo eziyinhloko zokuvimbela inzalo.

Iphilisi eliyinhlanganisela liqukethe amahormone iestrogen neprogestin. NgokoMnyango Wezokudla Nezidakamizwa waseU.S. “inqubo eyinhloko” yephilisi eliyinhlanganisela ‘iwukuvimbela ukuphuma kwamaqanda emadlaleni.’ Kubonakala sengathi uma liphuzwa njalo loluhlobo lwephilisi cishe njalo liyakuvimbela ukuphuma kweqanda edlaleni. Lapho kungekho qanda noma imbewu ephumayo, akukho kukhulelwa okungenzeka kumaFallopian tubes (amashubhu okudlulisa amaqanda). Njengoba leliphilisi lingase libangele izinguquko ‘kuyiendometrium [ulwelwesi olunxazonke ngaphakathi kwesibeletho] (ezinciphisa amathuba okuhlala kweqanda),’ lokhu kucatshangelwa njengokuyinqubo yesibili.

Ukuze kuncishiswe imiphumela emibi, kuye kwenziwa amaphilisi ayinhlanganisela anesilinganiso esiphansi se-estrogen. Ngokusobala, lamaphilisi ayinhlanganisela anesilinganiso esiphansi avumela umsebenzi owengeziwe emadlaleni amaqanda. UDkt. Gabriel Bialy, isikhulu seGatsha Lezokuthuthukiswa Kwezinto Zokuvimbela Inzalo LeziNhlangano Zesizwe Zezempilo, uthi: “Ubuningi bobufakazi obungokwesayensi bubonisa ukuthi ngisho nangephilisi eline-estrogen ephansi, ukuphuma kwamaqanda emadlaleni awo kuyavimbeka, hhayi ngamaphesenti ayi-100, kodwa cishe ngamaphesenti angama-95. Kodwa ukuthi nje iqanda liphumile edlaleni akusho ukuthi livundisiwe.”

Uma owesifazane ephutha ukuphuza iphilisi eliyinhlanganisela ngokwesimiso esimisiwe, kunethuba elengeziwe lokuthi inqubo yesibili izodlala indima yayo ekuvimbeleni inzalo. Ukuhlolwa kwabesifazane abaphuthe ukuphuza amaphilisi amabili anesilinganiso esiphansi kwathola ukuthi abangamaphesenti angama-36 baba namaqanda aphuma emadlaleni “angavundisiwe.” Iphephabhuku iContraception libika ukuthi ezimweni ezinjalo ‘imiphumela yamaphilisi olwelwesini lwesibeletho nojengezi olusesibelethweni kungase kuqhubeke . . . kuyisivikelo ekukhulelweni.’

Kuthiwani ngolunye uhlobo lwephilisi—iphilisi elineprogestin kuphela (iphilisi elincane)? IDrug Evaluations (1986) iyabika: “Ukuvinjelwa kokuphuma kwamaqanda emadlaleni akusona isici esiyinhloko sokuvimbela ukukhulelwa samaphilisi amancane aneprogestin kuphela. Lamaphilisi akha ujengezi esibelethweni isidoda esingenakudlula kulo ngokuphelele; angase andise isikhathi sokuhamba kwamaqanda emashubhini futhi abangele ukugoqana olwelwesini lwesibeletho [okungavimbela ukukhula kweqanda eselivundisiwe].”

Abanye abacwaningi bathi uma kusetshenziswa iphilisi elineprogestin kuphela, “ukuphuma kwamaqanda emadlaleni okuvamile kwenzeka kubantu abawasebenzisayo abangaphezu kwamaphesenti angama-40.” Ngakho leliphilisi livamile ukuvumela ukuphuma kwamaqanda emadlaleni. Ujengezi olujiyisiwe esibelethweni lungase luvimbele isidoda ukuba singadluli futhi kanjalo luvimbele ukukhulelwa; uma kungenjalo, isimo esibi esidalwa yiphilisi esibelethweni singase silivimbele iqanda eselivundile ekubeni lihlale futhi likhule libe ngumntwana.

Khona-ke, kungabonakala ukuthi uma zisetshenziswa njalo ukuze kuvinjelwe inzalo, zombili lezinhlobo zamaphilisi zibonakala zikuvimbela ukukhulelwa ezikhathini eziningi futhi kanjalo azisikhiphi isisu. Nokho, njengoba iphilisi elineprogestin kuphela (iphilisi elincane) livamile ukukuvumela ukuphuma kwamaqanda emadlaleni, kunamathuba amaningi okuba ngezinye izikhathi liyivimbele inzalo ngokuphazamisa ukuhlala kokuphila osekuqalisiwe esibelethweni. Ukuhlola okungokwesayensi kubonisa ukuthi ngokuvamile (ngesibeletho somuntu ongawasebenzisi amaphilisi okuvimbela inzalo) “amaphesenti angamashumi ayisithupha amaqanda asevundile . . . ayalahleka ngaphambi kokweqiwa inyanga kokuqala.” Nokho, ukuthi lokhu kuyenzeka kuhluke kakhulu ekukhetheni ukusebenzisa indlela yokuvimbela inzalo okungenzeka kakhulu ukuthi ivimbele ukuhlala kweqanda eselivundile.

Ngakho-ke, kunezici zokuziphatha eziqondile okudingeka zicatshangelwe uma umbhangqwana uxoxa nodokotela ngendaba yamaphilisi okuvimbela inzalo. AmaKristu kufanele axazulule ngisho nemibuzo yangasese neqondene nomuntu siqu ukuze alondoloze ‘unembeza wonke omuhle’ phambi kukaNkulunkulu wethu noMniki-kuphila.—IzEnzo 23:1; Galathiya 6:5.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka iWatchtower ka-August 1, 1977, amakhasi 478-80.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela