Ukusuka Endleleni Eya Ekufeni Ukuya Endleleni Eya Ekuphileni
IMINYAKA eminingi ukuphila kwami kwakugcwele izibazi ngenxa yokuluthwa kwami izidakamizwa. Ngaqala ngezidakamizwa ezilula futhi ngagcina ngezinamandla, njengeLSD. Izidakamizwa zaba ezifanekisela inkululeko kuzo zonke izinhlobo zezinkinga zami siqu nezenhlalo. Ngokudabukisayo, ngakhuthaza nenye intsha ukuba ingiphelezele endleleni eya ekufeni.
Njengoba ngangaziwa njengomthengisi wezidakamizwa, ngangingaphansi kokuqashwa amaphoyisa. Kumelwe ngivume ukuthi ngangesaba, ngoba ngangazi ukuthi ukuboshwa kwakuyosho iminyaka eminingi ejele. Nakuba ngangiphila kabuhlungu, kwakungenele ukuba kungenze ngiguqule izindlela zami.
Abazali bami bazama ukungisiza ngokungiyisa ekhaya labagula ngengqondo ukuze ngithole ukwelashwa. Kwakwethenjwa ukuthi imithi kanye nokwelashwa okutholakala lapho kwakuyoyixazulula inkinga yami, kodwa ngokushesha ngemva kokuba ngidedelwe, abazali bami baqaphela ukuthi ngisho nokwelashwa ngemithi kwakungenakungishintsha. Bazama ukungisiza ngokuqhubekayo ngokuthi ngikhulume nomfundisi. Nalokhu akuzange kusebenze. Ngangibhema insangu futhi ngiphuze phambi kwakhe, sengathi wayengekho lapho. Ngangimane nje ngingakufuni ukushintsha!
Ingoduso yami, uOriana, yayimelene ngokuqinile nendlela yami yokuphila, futhi ngangingafuni ukuba ingishiye. Ngokusobala, lokhu kwabonakala kuyisisusa esihle sokungenza ngiguquke. Kodwa, kunalokho, ngaqhubeka nomkhuba wezidakamizwa ngasese. Ngenza uOriana ukuba akholelwe ukuthi ngangigula. Ngokushesha ngaba umkhehlekhehle. Ngangilokhu ngizithembisa ukuthi ngizokuyeka, ukuthi ngingakwenza, kodwa akuzange kusebenze. Ngangiqhubeka nje kuphela ngihamba endleleni eya ekufeni.
Njengoba ngangifuna ukushada no-Oriana ngokushesha ngangokunokwenzeka, saxhumana nomhlobisi wezindlu ukuba enze umsebenzi othile ekamelweni lethu. Umkakhe wayengomunye woFakazi BakaJehova, futhi wakhuluma nathi ngokholo lwakhe. Ekuqaleni ingxoxo yamthinta kakhulu uOriana kunami, kodwa njengoba yayithuthuka, ngaqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova bakholelwa ngokuqinile ukuthi uNkulunkulu ngokushesha uzokwenza umhlaba ube ipharadesi nokuthi abantu bazophila lapha phakade ngokuthula.
Ngafuna ukuzitholela ngokwami ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi “ngisho namanje oFakazi BakaJehova babonisa uthando nenhlonipho komunye nomunye,” njengoba lenkosikazi yayishilo. Ngakho mina no-Oriana saya eHholo LoMbuso. Ngazizwa ngiphoxekile ngenxa yezinwele zami ezinde nezimpahla zami ezidabukile, kodwa ukwamukelwa oFakazi abasinikeza khona kwangenza ngazizwa ngamukelekile zisuka nje. Ngaba nomuzwa wokuthi ngingabethemba. Kwakucaca ukuthi uthando lwabo oluqotho nenhlonipho ngomunye nomunye kwakungokoqobo kakade kubo.
Kusukela ngalolosuku kuqhubeke, ngaqala ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, futhi ngaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngagunda izinwele zami futhi ngaguqula indlela yami yokugqoka, futhi ngomzamo omkhulu, ngakwazi ukuyeka ukubhema nokusebenzisa izidakamizwa. (2 Korinte 7:1) Nokho, kwakukhona enye inkinga engathi sína ekuphileni kwami. Ngingaqaphele, ngase ngiwumlutha wotshwala. Lapho sengiphuzile, ngangingena enkingeni. Ngangilwa nabantu futhi ngibe nesikhwele esikhulu ngo-Oriana. Ngaba sesimweni sokungajabuli okujulile. (IzAga 23:29-35) Ngenza umzamo wokuwuyeka lomkhuba, futhi ngosizo lukaJehova, ngamandla omthandazo, nangosizo lwabafowethu abangamaKristu, ngakwazi ukuwusiphula lomkhuba omubi ekuphileni kwami.
Mina nomkami sabhapathizwa ngoAugust 23, 1974. Ngenxa yeqiniso, ukuphila kwethu manje kwase kunenjongo. Njengoba ngase ngiphinde ngazuza ukuzethemba kwami, ngazuza nenhlonipho emsebenzini. Sobabili nomkami sasenza imali enhle, kodwa sasesiqaphela ukuthi sasinesikhathi esincane senkonzo yethu engcwele. Uma sasifuna ukujabulela ubuhlobo obuseduze noJehova, kwakuyodingeka ukuba senze ushintsho ekuphileni kwethu. Ngaphandle kwalokho, kwakunengozi yokuthi uthando lwethu lwakuqala ngeqiniso lwaluyophola. Ngakho ngo-1979 saqala ukuphayona, sizinikela ngokugcwele ngokwengeziwe emsebenzini wokushumayela.
Kungani ngenza lesinqumo? Nokho, ngabe ngikuphi nje namuhla ngaphandle kokukhanya kweqiniso? Labo ababekanye nami endleleni eya ekufeni manje bayimilutha yotshwala noma abasenayo imikhaya noma basejele—noma bafile. Kanti-ke, isigijimi seBhayibheli esangikhulula. Ukwelashwa nesifiso kwakumane nje kungenele. Isisusa esinamandla sasidingeka. Ukufuna ukuhlakulela ubungane beqiniso noJehova, uMdali, kwanginikeza isisusa esinjalo. Manje, kuyisifiso sami esiqotho ukwenza konke engingakwenza ukuze ngisize bonke abayizigqila zomkhuba wokusebenzisa izidakamizwa, kanye nalabo abahluphekayo noma abafuna ikhambi lezinkinga zabo. Ngokuhlanganyela ngenkuthalo enkonzweni yobuKristu, mina nomkami besenza lokho kanye. Siye saba nelungelo lokusiza abantu abaningi ukuba babe sendleleni eya ekuphileni. Phakathi kwalaba kunabathathu engabafaka mina ngokwami ezidakamizweni. Njengamanje ngikhonza njengombonisi wesifunda entshonalanga yeItaly.
Kuyiqiniso: Ukusebenzisa kabi izidakamizwa kunjengendlela ngokushesha ekuholela ekufeni noma okungenani ekuphileni okuyize okungenalo ikusasa. Anginawo amazwi okubonga uJehova uNkulunkulu! Wangibonisa indlela yokuphuma ebumnyameni engangikubo futhi wangikhombisa indlela eya ekuphileni, egcwele ukukhanya, eholela ekusaseni eliphakade.—Njengoba ilandiswa nguRuggero Polotti.