Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Amandla Ahlanzayo Ezwi LikaNkulunkulu
KUBIKWA ukuthi imilutha eminingi yezidakamizwa ibuyela emikhubeni yayo emidala ngemva kokudedelwa ezikhungweni zokuvuselelwa kwesimilo. Kodwa iZwi likaNkulunkulu liyofeza lokho ngokuvamile imitholampilo ehlulekayo ukukufeza. (Heberu 4:12) Abaningi baye basizwa iZwi likaNkulunkulu nomoya ukuba banqobe ukuluthwa izidakamizwa futhi basebenzisa lesi seluleko: “Masizihlanzeni kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ekwesabeni uNkulunkulu.”—2 Korinte 7:1.
Lokhu kuboniswa okuhlangenwe nakho kwaseMyanmar. Indoda eyayilwisana nokuluthwa izidakamizwa iminyaka eminingi iyalandisa: “Ngaba umlutha wezidakamizwa lapho ngisemusha. Ngazama kaningi ukugqashula, kodwa angikwazanga. Ukuze ngisekele umkhuba wami wezidakamizwa, ngaphendukela ekwebeni. Ngenxa yalokho, ngo-1988, ngaboshwa unyaka owodwa.
“Ngemva kokukhululwa kwami ejele, ngaphinde ngaxhumana nabangane bami bangaphambili. Ngokushesha ngemva kwalokho ngaphinde ngaba umlutha wezidakamizwa. Lenkambo yokuzilimaza yenza amalungu omkhaya ukuba anqamule bonke ubudlelwano nami. Ngaphezu kwalokho, isimo sami sengqondo sokuvukela sabangela ukuba abaningi emphakathini bangesabe, nabo baqala ukungigwema.
“Khona-ke lwafika olungaliyo—ngadla izidakamizwa ngokweqile. Ngaphinde ngaboshwa, manje iminyaka emithathu. Nakuba ukuphila kwakunzima kakhulu ejele, ngandlela-thile ngasinda.
“Ngemva kokubuyela ekhaya ngiphuma ejele, ngaxolisa emkhayeni wakithi ngamaphutha engangiwenzé esikhathini esidlule. Bangamukela ngomusa, kodwa, abangane bami baphinde bangiyengela ezindleleni zami zangaphambili.
“Ekugcineni, ugogo watusa kumfundisi wendawo ukuba ngiye esikoleni esithile seBhayibheli. Umfundisi wavuma. Nokho, ngaphambi kokuba ngiqale ukuya, ubabekazi, ongomunye woFakazi BakaJehova, wathi uma ngifuna ngempela ukufunda iBhayibheli, kufanele ngifunde noFakazi.
“Ngaya eHholo LoMbuso futhi ngethulwa endodeni eyavuma ukufunda nami iBhayibheli. Abaningi ababekhona bangibingelela ngomusa futhi bangenza ngazizwa ngamukelekile.
“Ngemva kokuba ngiqale ukufunda iBhayibheli nokuya emihlanganweni yobuKristu, ukunxanela izidakamizwa kwathathelwa isikhundla isifiso sokusondela kuNkulunkulu. Ngemva konyaka ngase ngithuthukele ephuzwini lokunikezela ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu, futhi ngabonisa lokho kuzinikezela ngobhapathizo lwamanzi.
“Muva nje, lapho ngihamba indlu ngendlu, ngahlangana nomunye wabangane bami bangaphambili esasisebenzisa nabo izidakamizwa. Akazange ayiqonde indlela engase ngishintshe ngayo. Lokhu kwavula indlela yokunikeza ubufakazi, futhi ngakwazi ukukhuluma naye ngethemba loMbuso.
“Ekugcineni sengiyitholile injongo yangempela ekuphileni. Ngibonga usizo lukaNkulunkulu neseluleko seZwi lakhe, manje sengiyakwazi ukusiza abanye ukuba banqobe umkhuba owonakalisayo wokusebenzisa kabi izidakamizwa.”