Ukuqondisisa Izindaba
Ukuba NeBhayibheli Akwanele
Ukuhlola kwamuva kuye kwembula ukuthi kubantu abanamaBhayibheli, ingxenye yabo yathi ayiwafundi. Lokhu kwakuhlanganisa abaningi abazibiza ngokuthi bangamaKristu azelwe kabusha. Cishe amaphesenti angama-30 azibiza ngokuthi angamaKristu abuzwa awazanga ukuthi uJesu wazalelwa eBetlehema. NgokweDetroit News, “amaphesenti ayishumi nesishiyagalombili aphendula ngokuthi eJerusalema, kuyilapho amaphesenti ayi-8 athi eNazaretha.” UGeorge Barna, umholi weqembu elihlolayo, wathi: “Uma bengazazi izinto eziyisisekelo ezinjengalezi, kungalindeleka kanjani ukuba baxoxe ngokuhlakanipha ngalokho okuqukethwe imiBhalo nomuntu ongakholwa noma baphile ngendlela ehambisana nezimiso ezingokweBhayibheli?”
Umphostoli uPawulu waphawula isimo esifanayo phakathi kwabanye ‘ababeshisekela uNkulunkulu kodwa kungengokolwazi oluqondile.’ Wabhekisela futhi nakwabanye ‘ababenohlobo lokukhulekela abazimisele lona nokuzithoba kokukhohlisa’ futhi wabikezela ukuthi ‘izinsuku zokugcina’ zaziyophawulwa ukuba khona kwalabo ‘abanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika.’ (Roma 10:2; Kolose 2:23, NW; 2 Thimothewu 3:1-5) Nokho, amaKristu eqiniso alihlonipha kakhulu iZwi likaNkulunkulu. Ayaqaphela ukuthi ukuba neBhayibheli akwanele. Kunalokho, avumelana ngenhliziyo yonke nesiyalo salo ‘sokulangazelela ubisi olungokomoya olungenakonakala.’—1 Petru 2:2.
Ukuba Umlutha Wokubi
Esinye sezici ezashiwo uJesu Kristu njengeziyingxenye ‘yesibonakaliso’ sezinsuku zokugcina zalesimiso sezinto ‘ukwanda kokubi.’ (Mathewu 24:3, 12) Ukusebenzisa kabi izidakamizwa kuye kwaba nethonya eliphawulekayo ekwandeni kobubi namuhla. Ngokwesibonelo, iphaphendaba laseAustralia iSydney Morning Herald libika ukuthi ubugebengu obuyisikhombisa kobuyishumi obenziwa eNew South Wales buhlobene nezidakamizwa, futhi cishe amaphesenti angama-85 okuphanga kuhlonyiwe kulelizwe enziwa abasebenzisi beheroin. Futhi inkinga yokusebenzisa kabi izidakamizwa iyakhula.
IU.S.News & World Report ithi “ayikho indawo eYurophu egonyiwe kulenhlupho.” ESoviet Union, inani labasebenzisa kabi izidakamizwa lilinganiselwa ezigidini. Njengomzamo wokuzimisela wokuvimbela leligagasi lokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, uhulumeni waseSoviet uye wasungula izingxoxo nezinhlangano zokuvimbela ukusetshenziswa kwezidakamizwa emazweni angama-25. Nokho, amathemba okuthi ohulumeni bayoyifinyelela imigomo enjalo abonakala engenakwenzeka uma kubhekwa nemibiko yokuthi izinzuzo zezidakamizwa zisetshenziselwa ukonakalisa amaphoyisa, abashushisi, ngisho nabahluleli. Esinye isikhulu sikahulumeni esikhungathekile sathi: “Awukho umbutho wamaphoyisa emhlabeni oke wenza ngisho nomzamo wokuvimbela ukuthengiswa [kwezidakamizwa] osekuqalile.” Wanezela: “Kuyakhathaza ngoba akubibikho makhambi avezwayo.”
Amazwi anjalo asikhumbuza isiprofetho sikaJesu mayelana nezinsuku zokugcina. Wabikezela ukuthi ngalesisikhathi ‘abantu bayophela amandla ngenxa yokwesaba, bangayazi indlela yokuphuma.’—Luka 21:25, 26, NW.
UJesu Nezombangazwe
Isihloko esikhulu esasikuStar saseGoli, iphephandaba laseNingizimu Afrika, sasifundeka kanje: “Isonto LobuKatolika Lembula Icebo Labefundisi NgeS.A.” Kucetshwa ‘ukuletha umbuso kaNkulunkulu’ eNingizimu Afrika ‘ngomzamo wesonto wokuzimisela wokuqeda ubandlululo lwezinhlanga.’ Ukuze kufinyelelwe lomgomo, uJude Pieterse, unobhala-jikelele Wenhlangano Yababhishobhi BamaKatolika YaseNingizimu Afrika, uthi isonto lifuna ukusekela kwamanye amasonto nokwazo “zonke izingxenye zomphakathi waseNingizimu Afrika.” Nokho, amanye amaKatolika anomuzwa wokuthi lelicebo ‘liyicebo labaBhishobhi lokuguqula amaKatolika abe abashisekeli bezombangazwe,’ kuchaza umbhishobhi waseGoli, uReginald Orsmond. Nakuba uPieters avuma ukuthi lelicebo linokusikisela okungokwezombangazwe, uOrsmond wathi ‘lalingelutho olusha’ kodwa ‘lalilidala njengoJesu uqobo.’
Eqinisweni, uJesu Kristu wayengasoze ayale abafundi bakhe ukuba babe abashisekeli bezombangazwe. Lapho ebuzwa uPontiyu Pilatu, uJesu waphendula ngokuqinile: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe.” (Johane 18:36) Futhi, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezintathu bajabulela ukuzwana kwezinhlanga phakathi kwabo ngoba baphila ngokuvumelana ‘nomyalo omusha kaJesu wokuba bathandane; njengalokho uJesu ebathandile’—hhayi eNingizimu Afrika kuphela, kodwa emhlabeni wonke!—Johane 13:34.