Izindaba Ezinhle Zaso Sonke Isintu!
“NGASE ngibona enye ingelosi indiza emkhathini wezulu, inevangeli [inezindaba ezijabulisayo, NW] eliphakade ilishumayela kwabahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu.” (IsAmbulo 14:6) Ngalawomazwi, umphostoli osekhulile uJohane wachaza umbono wakhe ongokwesiprofetho ophefumlelwe, umbono ogcwaliseka osukwini lwethu. Yeka ukuthi kuphumuza kanjani ukwazi ukuthi kunezindaba ezinhle kulesikhathi sobugebengu obandayo, ukungcola, ubushokobezi, impi, nokuntengantenga kwezomnotho okukuyo yonke indawo! Kodwa zindaba zini lezi ezinhle kangangokuthi kudingeka ukuba zimenyezelwe ingelosi? Yiziphi izindaba ezingajabulisa kangangokuthi zifanelekele ukumenyezelwa kuzo zonke izizwe nemindeni nezilimi nabantu?
Singayiphendula lemibuzo uma sicabanga ngesinye isenzakalo lapho ingelosi ngokwayo yamemezela khona izindaba ezinhle. Lokhu kwenzeka, lapho ikhulu lokuqala lisondela ekupheleni kwalo, cishe eminyakeni eyikhulu ngaphambi kokuba uJohane abone umbono wakhe. Abelusi babengaphandle emasimini nemihlambi yabo eduze naseBetlehema, kwase kuqhamuka ingelosi imemezela ngokuzalwa kukaJesu, ithi: “Bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba-kubantu bonke ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.”—Luka 2:10, 11.
Ukuzalwa kukaJesu ngempela ‘kwakuyizindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu.’ Wakhula waba uKristu noMsindisi othenjisiwe, owanikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele ukuze abakholwayo abanezinhliziyo ezinhle bakwazi ukuphila. Ngaphezu kwalokho, wayezoba yiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, “iNkosi yokuthula,” okwakuyokuthi ukwahlulela ngokulunga nokuthula ngaphansi kokubusa kwayo kugcine kufikile esintwini. (Isaya 9:6; Luka 1:33) Ngempela, ukuzalwa kwakhe kwakuyizindaba ezinhle ezazifanelwe ukumenyezelwa ingelosi!
UJesu UyiNkosi
Emuva ekhulwini leminyaka lokuqala, uJesu wagcwalisa eziningi zezinjongo zikaNkulunkulu ngaye, kodwa akazange abekwe esihlalweni sobukhosi njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu ngalesosikhathi. Njengoba lomagazini uye wabonisa ngokuvamile, lokho akuzange kwenzeke kwaze kwaba ngo-1914. Njengoba ukugcwaliseka kwesiprofetho kukubonisa ngokucacile, ngalowonyaka uMbuso kaNkulunkulu wamiswa emazulwini. (IsAmbulo 12:10, 12) Nakuba kwakunezindaba ezimbi kakhulu ngo-1914—ukugqashuka kweMpi Yezwe I—ukuzalwa koMbuso kaNkulunkulu kwakuyizindaba ezingcono kunazo zonke. Kungalesosizathu uJesu aprofetha lokhu ngosuku lwethu: “Lezindaba ezinhle zombuso ziyakushunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe kube ubufakazi kuzo zonke izizwe.”—Mathewu 24:14, NW.
Ingabe lesiprofetho sikaJesu siye sagcwaliseka? Impendulo inguyebo! Nombono kaJohane ongokwesiprofetho nawo ugcwalisekile. Yiqiniso, asinakuyibona ingelosi engabonakali eyabonwa uJohane. Kodwa oFakazi BakaJehova baye babonakala kakhulu njengoba beye bamemezela izindaba ezinhle zengelosi ‘kuzo zonke izizwe, nemindeni, nezilimi, nabantu.’ Emazweni angama-212 naseziqhingini zolwandle, amazwi abo aye ezwiwa. Futhi izixuku ziyasabela. Okuhlangenwe nakho kwabanye balezixuku kukubonisa ngokucacile ukuthi izindaba zoMbuso kaNkulunkulu zinhle kangakanani ngempela.