Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 1/1 kk. 10-15
  • ‘Ukungabi Namahloni Ngezindaba Ezinhle’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ukungabi Namahloni Ngezindaba Ezinhle’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izindaba Ezinhle Zimenyezelwa Emhlabeni Wonke
  • Izindaba Ezingcono Kunazo Zonke Ezingase Zimenyezelwe
  • Ukungabi Namahloni NgoJesu Kristu NangoJehova
  • Ukungabi Namahloni Okwesaba UNkulunkulu Nokumnika Inkazimulo
  • “Anginamahloni Ngezindaba Ezinhle”
    Isimiso SoMhlangano Wesigodi Onommeleli Wegatsha Ka-2024-2025
  • Kunezindaba Ezinhle Ezidingwa Abantu Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Lezizindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 1/1 kk. 10-15

‘Ukungabi Namahloni Ngezindaba Ezinhle’

“Anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube-yinsindiso kulowo nalowo okholwayo.”—ROMA 1:16.

1. Ngokuvamile izindaba ezinhle zamukelwa kanjani, kodwa abantu bezwe abangenalukholo babeyozibheka kanjani izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu?

OKUBONAKALA kuyizindaba ezinhle komunye umuntu kungase kungabhekwa omunye njengokuyizindaba ezinhle. Ngokuvamile, umshumayeli wezindaba ezinhle wamukelwa ngemfudumalo, futhi aphiwe indlebe eshisekela ukuzwa lezozindaba. Nokho, iBhayibheli labikezela ukuthi abantu bezwe abangenalukholo babengeke babheke izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nesigijimi sazo sensindiso njengokujabulisayo.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 2:15, 16.

2. Umphostoli uPawulu wathini ngezindaba ezinhle ayezimemezela, futhi kungani isigijimi ayesimemezela siseyizindaba ezinhle nanamuhla?

2 Umphostoli uPawulu ungomunye owayethunywe ukuba ashumayele izindaba ezinhle emphakathini. Wazizwa kanjani ngokuthunywa kwakhe? Wathi: “Nginesifiso [nginentshiseko, NW] sokushumayela ivangeli nakinina-baseRoma. Ngokuba anginamahloni ngevangeli.” (Roma 1:15, 16) Ukuze izindaba zibe ezisezinhle nanamuhla, cishe eminyakeni engama-2 000 ngemva kokuba umphostoli uPawulu abhalela amaKristu emuva ngalesosikhathi eRoma, ngempela kwakudingeka zibe izindaba ezinhle ezihlala njalo. Eqinisweni, ‘ziyizindaba ezinhle zaphakade.’—IsAmbulo 14:6.

3, 4. Kungani umphostoli uPawulu athi wayengenamahloni ngezindaba ezinhle?

3 Kungani umphostoli uPawulu athi wayengenamahloni ngezindaba ezinhle? Kungani ayengaba namahloni ngazo? Ngenxa yokuthi zazingesona isigijimi esithandwayo, ngoba zaziphathelene nendoda eyayibethelwe esigxotsheni sokuhlushwa ngendlela okwakubethelwa ngayo isigebengu esidelelekile, kukho konke ukubonakala kwangaphandle kumbeka esimweni esibi kakhulu ngempela. Eminyakeni emithathu nengxenye, lendoda yayehle yenyuka kulo lonke elasePalestina nezindaba ezinhle futhi yayihlangabezane nokuphikiswa okunzima okwakuvela kumaJuda, ikakhulukazi abaholi benkolo. Futhi manje uPawulu, ephethe igama laleyondoda edelelekile, wayebhekene nenzondo efanayo.—Mathewu 9:35; Johane 11:46-48, 53; IzEnzo 9:15, 20, 23.

4 Ngenxa yokuphikiswa okunjalo, uPawulu nabafundi bakaJesu Kristu abakanye naye kungenzeka ukuthi baye babhekwa njengabanokuthile okwakufanele babe namahloni ngakho. Ngempela, uPawulu manje wanamathela kokuthile ekuqaleni yena mathupha ayekubheka njengokuyihlazo. Wayehlanganyele ngokwakhe ekunqwabelaniseni isihlamba kubalandeli bakaJesu Kristu. (IzEnzo 26:9-11) Kodwa wayeseyiyekile leyonkambo. Ngenxa yalokho, yena, kanye nabanye ababa amaKristu, bashushiswa ngonya.—IzEnzo 11:26.

5. UPawulu wawachaza kanjani amazwi akhe mayelana nokungabi namahloni ngezindaba ezinhle?

5 Uma umuntu ayezivumela ukuba azizwe enamahloni ngokuba umlandeli kaJesu Kristu, wayeyobe eba nombono wabantu ngezinto. Umphostoli uPawulu wayengenjalo. Kunalokho, echaza ukungazizwa kwakhe enamahloni ngezindaba ezinhle ayezishumayela, wathi: “Lingamandla [ivangeli lezindaba ezinhle] kaNkulunkulu, kube-yinsindiso kulowo nalowo okholwayo.” (Roma 1:16) Amandla kaNkulunkulu awabangeli amahloni uma esebenza ngomfundi kaJesu ukuze kufezwe injongo ebabazekayo kaNkulunkulu okhazimulayo uJesu Kristu ngokwakhe ayengumkhulekeli nomdumisi wakhe.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 1:18; 9:22, 23.

Izindaba Ezinhle Zimenyezelwa Emhlabeni Wonke

6, 7. (a) Uyini umthwalo wemfanelo ngokuqondene nezindaba ezinhle oFakazi BakaJehova abazama ukwenza ngokuvumelana nawo, futhi kunamuphi umphumela? (b) Nakuba singafuni neze ukuvumela ukwesaba kusivimbele ekubeni sinikeze ubufakazi, yini engase idingeke ngezinye izikhathi? (Bheka umbhalo waphansi.)

6 NjengoPawulu, oFakazi BakaJehova namuhla bangabafundi beNdodana yaKhe ekhazinyulisiwe, uJesu Kristu. UJehova uye waphathisa laboFakazi bakhe lomcebo “wevangeli lenkazimulo.” (1 Thimothewu 1:11) OFakazi BakaJehova abazange bahluleke ukwenza ngokuvumelana nalomthwalo wemfanelo onzima, futhi banxuswa ukuba bangabi namahloni ngawo. (2 Thimothewu 1:8) Kubalulekile ukuba singalokothi sivumele ukwesaba noma ukungazethembi kusivimbele ekunikezeni ubufakazi nokuzichaza ukuthi singoFakazi BakaJehova.a

7 Ukufakaza okunjalo kwesibindi nokokungesabi kuye kwaphumela ekumenyezelweni kwegama likaNkulunkulu oPhezukonke kuwo wonke umhlaba nasekushunyayelweni kwezindaba ezinhle zoMbuso wakhe ngesilinganiso somhlaba wonke. INdodana kaNkulunkulu yathi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela,” futhi ukubikezela kwakhe kwakungenakuvunyelwa ukuba kuhluleke. (Mathewu 24:14) Izindaba ezinhle manje zishunyayelwa emazweni angaphezu kwama-210, futhi isiphetho salomsebenzi wokushumayela asikafinyelelwa. Singenamahloni ngezindaba ezinhle futhi sibheke ikusasa ngesibindi, sithandaza njengoba kwenza abafundi bokuqala bakaJesu Kristu: ‘Manje-ke, Jehova, nika izinceku zakho ukuba ziqhubeke zikhuluma izwi lakho ngaso sonke isibindi.’—IzEnzo 4:29.

8. Kungani oFakazi BakaJehova kungafanele badunyazwe ukuphikiswa okukuzo zonke izizwe zomhlaba?

8 Nakuba kuyiqiniso ukuthi oFakazi BakaJehova bayazondwa futhi bayaphikiswa kuzo zonke izizwe zomhlaba, lokhu kuwukugcwaliseka kwalokho okwabikezelwa ukuthi kwakuyoba uphawu olwenza abakhulekeli bangempela bakaNkulunkulu oyedwa ophilayo noqinisile bahluke. (Johane 15:20, 21; 2 Thimothewu 3:12) Ngakho kunokuba badunyazwe futhi bajabhiswe yilokhu, abamemezeli bezindaba ezinhle bayaqinisekiswa ukuthi banokuvunyelwa kwaphezulu futhi bangabenhlangano evunyelwe yoMbusi Wendawo Yonke, uJehova.

9. Kungani kungenandaba ukuthi lonke izwe limelene nathi?

9 Ungalokothi ukhohlwe: Sisekelwa uNkulunkulu oPhezukonke wendawo yonke. Ngakho, kunani pho uma izwe nawo wonke amahlelo alo enkolo nezinhlangano zezombangazwe kumelene nathi? Izwe lonke lalimelene neNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, futhi asinamahloni ngokutholakala sisesimweni esifanayo. Njengoba asho kubaphostoli bakhe: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.”—Johane 15:18, 19.

10. Ukushushiswa okukhulu koFakazi kuye kwavela kumuphi umthombo, futhi kungani bengenamahloni ngakho?

10 Ngakho-ke oFakazi BakaJehova baye babekezelela ukushushiswa emhlabeni wonke kodwa ngokuyinhloko kulezozizwe ezakha okuthiwa eLobukholwa. Ukushushiswa okunjalo okuvela kweLobukholwa akubonisi ukuthi oFakazi abawona amaKristu. Kunalokho, kufakazela ukusho kwabo ukuthi bangamaKristu eqiniso, oFakazi bakaNkulunkulu noYise kaJesu Kristu, okungukuthi uJehova. Ngenxa yokuthi bangoFakazi bakaNkulunkulu, abanamahloni lapho beshushiswa ngezizathu ezinjalo ezingokwenkolo. Ngakho-ke, iseluleko sikamphostoli uPawulu kumaKristu ekhulu lokuqala sokungabi namahloni sisebenza ngokufanelekile koFakazi BakaJehova manje.—Bheka eyakwabaseFilipi 1:27-29.

Izindaba Ezingcono Kunazo Zonke Ezingase Zimenyezelwe

11. Ngokuthatha igama elithi oFakazi BakaJehova, kungani singayeki ukuba abalandeli bakaJesu Kristu?

11 OFakazi BakaJehova baye balamukela ngesibindi igama labo ekugcwalisekeni kwesithembiso sikaJehova esikuIsaya 43:10 kubantu bakhe besivumelwano. Nokho, lokhu akusho ukuthi abasamlandeli uJesu Kristu. UJesu unguMholi wabo, lowo abalandela isibonelo sakhe. Yena ngokwakhe ungomunye wofakazi bakaJehova. Eqinisweni, unguFakazi KaJehova oholayo.—1 Thimothewu 6:13; IsAmbulo 1:5.

12. Zindaba zini ezishunyayelwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, futhi ngani?

12 Isigijimi esishunyayelwa yilaboFakazi BakaJehova emhlabeni wonke siyizindaba ezingcono kunazo zonke ezingase zimenyezelwe. Akekho uhulumeni ongaba ngcono esintwini kunoMbuso wobuMesiya oye wamiswa uJehova ukuba ubuse phezu kwezwe lonke lesintu, leso athumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba asihlenge. (Isaya 9:6, 7) Izakhamuzi zomhlaba okushunyayelwa kuzo izindaba ezinhle zoMbuso zinikezwa ithuba lokuwamukela nokuzibonakalisa zisifanelekela isipho sokuphila okuphakade singabantu abaphelele emhlabeni oyipharadesi.

13. Kungani singaqiniseka ngokuthi uhulumeni woMbuso wobuMesiya uyoba ongcono kakhulu, futhi yini oFakazi abayitusa ngokungenamahloni?

13 Ngokuqinisekile, uma uJesu ayezimisele ukuba afe kabuhlungu ukuze ahlenge labo ababezoba izikhonzi zakhe, wayeyoqiniseka ukuba abanikeze uhulumeni ongcono kakhulu. Siyatusa kuzo zonke izidalwa ezingabantu emhlabeni: Yiba isikhonzi esithembekile, esilalelayo salowohulumeni. Asinamahloni ngohulumeni esiwutusa ngobuqotho kuso sonke isintu. Asihlehli ekushumayeleni uMbuso, nakuba lenkambo ingase isilethele ukushushiswa. Njengomphostoli uPawulu, ngamunye wethu uthi: “Anginamahloni ngevangeli.”

14. NgokukaJesu, ukushumayela ngoMbuso kwakuyosakazeka kangakanani osukwini lwethu?

14 UJesu wabikezela ukuthi ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kwakuyoba ngesilinganiso somhlaba wonke, futhi lesiprofetho esibanzi, esifinyelela kude sasisifanele isigijimi esinjalo. (Marku 13:10) Wayenganqeni ukubikezela ukushunyayelwa koMbuso kaJehova ngezinga elikhulu kakhulu—yebo, kuze kube semaphethelweni omhlaba. (IzEnzo 1:8) UJesu wayazi ukuthi abantu babengatholakala nomaphi, abalandeli bakhe abathembekile babeyokwenza umzamo oqotho ukuze babafinyelele ngezindaba ezinhle zoMbuso.

15, 16. (a) Obani abafanelwe ukufinyelelwa ngezindaba ezinhle? (b) Kungani umsebenzi wokushumayela uyofezwa naphezu kokushushisa kwenhlangano kaDeveli?

15 Izakhamuzi zomhlaba namuhla zilinganiselwa ezinkulungwaneni zezigidi futhi zikuwo wonke amazwekazi naseziqhingini ezinkulu zezilwandle. Nakuba kunjalo, ayikho ingxenye yomhlaba owakhiwe eye yaba kude kakhulu koFakazi BakaJehova ukuba bangawenzi umzamo wokuyifinyelela ngezindaba ezinhle. Wonke umhlaba owakhiwe uyisenabelo esingokomfanekiso sezinyawo zikaJehova uNkulunkulu. (Isaya 66:1) Izidalwa ezingabantu ezihlala kunoma iyiphi ingxenye yesenabelo sezinyawo zakhe zifanele ukufinyelelwa ngalesigijimi sensindiso.

16 Izindaba ezinhle namuhla ziyizindaba ezijabulisayo zikahulumeni wobukhosi osumisiwe kakade ezandleni zikaMesiya. UJesu wayazi ukuthi naphezu kokushushisa okubuhlungu kakhulu kwenhlangano kaDeveli, umoya kaNkulunkulu wawuyoshukumisela abalandeli beqiniso bakaMesiya ukuba benze konke abangakwenza ukuze “lelivangeli lombuso” njengoba liyiqiniso elingenakuphikiswa ‘lishunyayelwe kuwo wonke umhlaba owakhiwe.’—Mathewu 24:14.

Ukungabi Namahloni NgoJesu Kristu NangoJehova

17. (a) Yini abakhulekeli beqiniso abangenamahloni ngayo? (b) Yimuphi umthetho owamiswa uJesu kuMarku 8:38, futhi ubaluleke kangakanani?

17 UNkulunkulu oPhezukonke akazange angabaze ukuzetha igama elithi, Jehova; futhi abakhulekeli bakhe abathembekile akufanele babe namahloni ngalelogama. Abakhulekeli beqiniso bayajabula ngokwaziwa nangokuqashelwa njengabamnikeza ukukhulekela okuphelele nabamlalelayo. Ngokuqondene naye siqu, uJesu wamisa umthetho, noma isimiso, kuMarku 8:38: “Yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesisizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba-nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.” Ngokufanayo, noma ubani oyoba namahloni ngoNkulunkulu noYise weNkosi uJesu Kristu, uJehova uyoba namahloni ngokufanelekile ngomuntu onjalo. Futhi noma yisiphi isidalwa uJehova ayoba namahloni ngaso ngenxa yenkambo yaso yokungathembeki ngeke sikufanelekele ukujabulela ukuphila kunoma iyiphi ingxenye yendawo kaNkulunkulu ezulwini noma emhlabeni.—Luka 9:26.

18. (a) Kungani amazwi kaJesu kuMathewu 10:32, 33 kufanele siwagxilise ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu? (b) Kwenzekani kulabo abaphika uJesu noJehova ngenxa yokusaba abantu? (Nikeza izibonelo ezisekelwe embhalweni waphansi.)

18 Masigxilise amazwi kaJesu alandelayo ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu: “Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini; kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.” (Mathewu 10:32, 33; Luka 12:8, 9) Ngesisekelo esifanayo, noma ubani oyophika uNkulunkulu noYise weNkosi uJesu Kristu uyophikwa nguYe. Ngeke abalwe njengofanelekele ukuba yilungu lomkhaya uJesu Kristu ayiNdodana eyinhloko kuwo. Ngakho-ke, uyobhujiswa ngesikhathi esimisiwe sikaNkulunkulu.b

19, 20. (a) Kungani labo abaye bathandazela ukuba igama likaJehova lingcweliswe bengeke babe namahloni ngalutho? (b) Yini eye yafezwa abamemezeli boMbuso abangesabi, benakuphi ukusekelwa?

19 Umthandazo oyisibonelo uJesu awufundisa abafundi bakhe uyophendulwa: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Lapho lokho kwenzeka, abafundi bakaJesu abanothando ngeke babe namahloni ngalutho. Igama likaJehova ngeke lihlonishwe, futhi lingcweliswe yizigidi eziphila manje kuphela okungadingekile ukuba zife kodwa futhi nayizinkulungwane zezigidi zesintu ayozibiza ziphume emathuneni phakathi nokubusa kwakhe koMbuso kweminyaka eyinkulungwane. Ziyoba nethuba lokuphila emhlabeni oyipharadesi phakade.

20 Bengenamahloni, labamemezeli abangesabi bezindaba ezinhle zoMbuso baye bakwazi ukushumayela embulungeni yonke naphezu kokuphikisa komhlaba wonke ngoba banamandla angaphezu kwawomuntu abasekelayo—ukusekela kwezingelosi zasezulwini. Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova ‘bayamesaba uNkulunkulu, bamnika inkazimulo.’—IsAmbulo 14:6, 7.

Ukungabi Namahloni Okwesaba UNkulunkulu Nokumnika Inkazimulo

21. Yini oFakazi BakaJehova abangabanga namahloni okuyenza, futhi kwaba namuphi umphumela?

21 OFakazi BakaJehova baye bazibonakalisa bengenamahloni okwesaba uNkulunkulu nokumnika inkazimulo, besebenzisa ngisho negama lakhe siqu, elithi Jehova. Lokhu kuye kwaphumela ezibusisweni ezingenakulinganiswa. Lezibusiso ziye zaba ukugcwaliseka okuthembekile kwezithembiso zikaNkulunkulu oPhezukonke. Yeka ukuthi lokhu kuye kwaba ukumlwela okunjani njengowuNkulunkulu oyedwa ophilayo noqinisile, uMbusi wendawo yonke!

22. Kungani oFakazi BakaJehova beyobhekana nokushushiswa okubuhlungu, kodwa iyiphi injabulo abayoba nayo?

22 Esikhathini esizayo, ohulumeni bezwe bayophendukela ubukhosi obungokwenkolo futhi babuqede bonke—kuhlanganise neLobukholwa—buphele nyá. (IsAmbulo 17:16, 17) Ngemva kwalokho, oFakazi BakaJehova bayobhekana nenkathi yokushushiswa kabi imibuso yezwe. Ngeke bakwazi ukukhuthazela nokusinda uma uNkulunkulu ophakade engekho ngakubo. Kodwa ungakubo, futhi ngaleyondlela bayoba nenjabulo yokubona zonke izitha ezinjalo ezimelene nobuKristu noJehova uNkulunkulu okhulekelwa oFakazi ngokungachezuki eziqeda ziphele nyá. Ngeke babe namahloni okudalulwa nokubhujiswa njengezitha zobukhosi beqiniso obungokwasezulwini kodwa bayoba nenjabulo engenakulingiswa ekuhlabeleleleni uJehova: “Kusukela phakade kuze kube-phakade wena-Nkulunkulu ukhona.”—IHubo 90:2.

23. Kungani oFakazi BakaJehova bengenalutho lokuba namahloni ngalo, futhi uyoba yini umphumela?

23 Bayokhazimula kuNkulunkulu, uYise kaJesu Kristu, umkhaya wesintu ohlengwa ngaye ukuba ujabulele ukuphila okuphakade ekupheleleni kobuntu nasenjabulweni emhlabeni oyipharadesi. Yeka indlela enhle uJehova aye wazibonakalisa kanjani enguNkulunkulu onamandla ngoKristu Jesu! Yeka indlela enhle uJehova aye wazibonakalisa ngayo engowasebenzisa ngokuhlakanipha nangothando amandla akhe amakhulu, hhayi owasebenzisa kabi! Ngokufanelekile, akukho okufanele sibe namahloni ngakho ngokuqondene naye noma iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu Kristu. Asinamahloni ngokuba abamemezeli bezindaba ezinhle ezikhazimulayo, ezimemezela amandla kaJehova uNkulunkulu anqoba konke ngoKristu Jesu, owathi emahoreni okugcina okuphila kwakhe kwasemhlabeni: “Yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.” (Johane 16:33) Ekuthatheni lenkambo, masisilandele njalo isibonelo somphostoli uPawulu, ongazange abe namahloni ngezindaba ezinhle. Uma senza lokho, uNkulunkulu uMninimandla onke ngeke abe namahloni ngathi.

[Imibhalo yaphansi]

a Nakuba singafuni ukuba namahloni okuvuma iqiniso lokuthi singoFakazi, kunezikhathi okudingeka ngazo ukuba ‘sihlakaniphe njengezinyoka.’ (Mathewu 10:16) OFakazi eJalimane lamaNazi babazi ukuthi kwakunesikhathi sokuzichaza nesikhathi sokungenzi kanjalo.—Qhathanisa nezEnzo 9:23-25.

b Ngokuphindaphindiwe, labo abaphika uJesu noJehova ngenxa yokwesaba abantu izwe alizange libathande. Ngokwesibonelo, bheka INqabayokulinda kaMay 1, 1989, ikhasi 12; iYearbook ka-1982, ikhasi 168; iYearbook ka-1977, amakhasi 174-6; iYearbook ka-1974, amakhasi 149-50, 177-8. Ngakolunye uhlangothi, ngisho nabaphikisi abazimisele bezindaba ezinhle balindele ukuthi oFakazi bangamphiki uJesu noJehova. (IYearbook ka-1989, amakhasi 116-18) Bheka futhi noMathewu 10:39 noLuka 12:4.

Imibuzo Yokubukeza

◻ Njengomphostoli uPawulu, isiphi isimo sengqondo okufanele sibe naso maqondana nokushumayela izindaba ezinhle, futhi ngani?

◻ Kungani isigijimi esimenyezelwa oFakazi BakaJehova siyizindaba ezingcono kunazo zonke ezake zaba khona?

◻ Isiphi isixwayiso esanikezwa uJesu nganoma ubani owayengaba namahloni ngaye lapho efika enkazimulweni yoMbuso?

◻ Kwenzekani kulabo abaphika uJesu noJehova?

◻ Yini abamemezeli bezindaba ezinhle abaye bakwazi ukuyifeza ngaphandle kokuba namahloni, futhi ngani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela