Wozani Emhlanganweni Wesigodi ‘Wolimi Oluhlanzekile’
UKUNGAFANI kolimi kuye kwaba amandla ahlukanisayo kusukela eBabele. Lapho uJehova waphambanisa ulimi lwesintu futhi wabhuntshisa icebo labantu ‘lokwakha umbhoshongo futhi kanjalo bazenzele igama.’ (Genesise 11:4) Indlela ukungafani kolimi okwahlukanisa ngayo ingabonakala kulokho okwenzeka eBelgium. Eminyakeni eminingana edlule, iYunivesithi YobuKatolika yaseLouvain yahlukaniswa phakathi ngokwezilimi.
Ulimi lungesisodwa nje sezizathu zokwehlukana kwabantu. Ezinye ubuzwe, uhlanga, imfundo nezinga lezomnotho. Kodwa oFakazi BakaJehova baye basebenzela ukuzinqoba zonke lezici ezihlukanisayo futhi banobunye beqiniso.
Ngehlobo elidlule babonakala ngokuphawulekayo lobubunye emadolobheni aseChorzów (eduze naseKatowice), ePoznan, naseWarsaw ePoland. Kwakukhona oFakazi abakhuluma okungenani izilimi ezihlukahlukene ezingu-20, bevela emazweni angaba ngu-37. Nokho, bonke babonisa ubunye obuphawulekayo. Yini eyabangela lokhu? Bonke babekhuluma “ulimi oluhlanzekile” lweqiniso elingokomBhalo. Lokhu kwabikezelwa ngokwesiprofetho kuZefaniya 3:9: “Ngokuba lapho [mina Jehova uNkulunkulu] ngiyakunika abantu [ulimi oluhlanzekile, NW], ukuze bonke babize igama likaJehova, bamkhonze nganhliziyonye.”
Ngakho-ke, kungesizathu esihle imihlangano yesigodi ka-1990 iyoba nesihloko esithi “Ulimi Oluhlanzekile.” Ngenxa yokungapheleli kobuntu, amathonya avela ezweni likaSathane elibi, nezenzo zobuqili zikaDeveli namademoni akhe, ukukhuluma “ulimi oluhlanzekile” akwenzeki kalula ngaso sonke isikhathi. Kumelwe sihlale sikuqaphele ukuthambekela kobugovu okungasehlukanisa.
Kungani uNkulunkulu esinike lolulimi oluhlanzekile? Ukuze sikwazi ukukhonza uJehova “nganhliziyonye.” Ezinye izinguqulo zibonisa ukuthi lokhu kusho ukukhonza uNkulunkulu “ngaphansi kwejoka elilodwa” (The Jerusalem Bible); “ngokuvumelana” (Moffatt); “ngokuzwana” (An American Translation); ‘nokubambisana enkonzweni yakhe.’—Byington.
Ngezinkulumo, imiboniso, okuhlangenwe nakho, uchungechunge namadrama eBhayibheli okuzobe kunikezwa kulemihlangano, siyokhuthazwa futhi sishukunyiselwe ukuba sikhulume ulimi oluhlanzekile ngokushelela kakhulu. Kuyosishukumisela futhi ukuba sikhonze kanye nabafowethu ngentshiseko eyengeziwe nangokuvumelana.
Lemihlangano iyoqala ngoLwesine ngokushesha ngemva kuka-1:00 ntambama futhi iyophela cishe ngo-4:00 ntambama ngeSonto. Hlela manje ukuba ube khona engomeni yokuvula futhi ube khona kuzo zonke izimiso kuze kube semthandazweni wokuphetha ngeSonto ntambama.
Wozani namaBhayibheli enu namaculo, futhi nikulungele ukubhala amaphuzu. Wozani futhi ninezinhliziyo ezivulekele ukudla okungokomoya, futhi niyohamba nikufanelekela ngokugcwele ngokwengeziwe ukukhuluma ulimi oluhlanzekile nokukhonza uJehova.