Ukuqondisisa Izindaba
Isisusa Sobugovu
Ngokushesha ngemva kokuthatha amandla okubusa ngo-1933, umholi wamaNazi uAdolf Hitler waxoxisana neSonto LamaKatolika ngesivumelwano. Lesivumelwano sanikeza uHitler ilungelo lokuvimbela ukukhethwa kwababhishobhi baseJalimane ngenxa yamalungelo athile anikwa isonto. Kodwa iluphi kulezinhlangothi ezimbili olwaluzozuza kakhulu? Iencyclopedia yamaKatolika entsha yesiFulentshi inikeza impendulo eqondile kulombuzo.
“UPapa Pius XI ngokwakhe . . . wakubheka njengokubaluleke ngokuphelele ukuqinisekisa ukulondolozwa kwesonto laseJalimane ngesivumelwano. Lesivumelwano kwaxoxiswana ngaso phakathi kuka-April noJuly 1933. Nakuba ngokomthetho sasivuna iSonto LamaKatolika, lesivumelwano eqinisweni sasisho impumelelo ngoHitler, njengoba sasinika umbuso wakhe ukuqapheleka. Ngaphezu kwalokho, njengoba uHitler wayesephula njalo, upapa wamangalelwa ngokulolozela onembeza bamaKatolika nangokuphuca ababhishobhi amandla ngokwenza isivumelwano esiwubulima.”
Namuhla, ikakhulukazi eFrance naseJalimane, iSonto LamaKatolika ligxekwa obala ngokuhoxa kwabefundisi balo ezindinganisweni ngesikhathi sokubusa kwamaNazi. Lezinkinga zivela lapho abaholi besonto behluleka ukulandela amazwi nesibonelo sikaJesu Kristu, owathi ngabalandeli bakhe beqiniso: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” (Johane 17:16) Yiqiniso, ukuhoxa okunjalo kwabaholi besonto ezindinganisweni kuye kwabazuzela ukuthandwa abezombangazwe, kodwa lokhu kubenzeleni ubuhlobo babo noNkulunkulu? Lapho ebhalela amaKristu akanye nawo, umfundi kaJesu uJakobe waxwayisa: “Ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu.”—Jakobe 4:4.
Abangawini Ekugembuleni Ngamathikithi
Kunethuba lokuwina elilodwa kuphela kwangaba yizigidi ezingu-14 ekugembuleni ngamathikithi. Nokho, izigidi zabantu njalo zidlala umdlalo wokugembula ngamathikithi oxhaswa uhulumeni, kubika iGlobe and Mail, iphephandaba laseCanada. Ukuhlola kubonisa ukuthi imidlalo yokugembula ngamathikithi ayikhangi ngalutho olunye ngaphandle kokunika ithemba lokuwina isizumbulu semali, ngokuvamile elikhuliswa ukukhangisa okugxila “emklomelweni nasezingozini zokuhluleka ukuthenga ithikithi.” Njengoba injongo yalomdlalo wokugembula ngamathikithi iwukwenza inzuzo nokukhiqiza abambalwa abawinile, abaxhasi bawo bayenyusa nsuku zonke imali “ngamathemba okusungula umzila wabathengi abathenga njalo.”
Ingabe lokhu kuyasebenza? Yebo! Ebika kumagazini iAmerican Health ngokwanda komkhuba wokugembula phakathi kwabeve eshumini elinambili, uDkt. Durand Jacobs ukhomba imidlalo yokugembula ngamathikithi njengeyisiqalo sabo emkhubeni wokugembula “ngoba ishibhile, iyafinyeleleka futhi ithuthukiswa njengelungile.” Uyanezela: “Lomkhuba wokugembula ngamathikithi ungumHoli oholela intsha eyeve eshumini elinambili kwezinye izinhlobo zezenzo zokugembula okungathi sína.” Esinye isazi saseCanada sezokugembula okungalawuleki sithi: “Noma ubani ongazama ukukutshela ukuthi imidlalo yokugembula ngamathikithi ayikhona ukugembula kuphakathi kokuthi uzenza isiphukuphuku noma uyisiphukuphuku. . . . Sichitha amakhulu ezigidi zamadollar kulemidlalo yokugembula ngamathikithi ngamathemba okuwina okuthile. Kuyikho ukugembula.”
Imidlalo yokugembula ngamathikithi ithuthukisa uthando lwemali. UDkt. Marvin Steinberg, umongameli woMkhandlu WaseConnecticut Ophathelene Nokugembula Okungalawuleki, waphawula ukuthi abagembuli abayinkinga abeve eshumini elinambili babesebenzisa imali yabo yokudla esikoleni, bantshontshe imali, bebe nokweba ezitolo ukuze basekele umkhuba wabo wokugembula. Ayiqiniso ngempela amazwi omphostoli uPawulu: “Ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa . . . bazigwaza ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.