Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 5/8 k. 7-k. 9 isig. 7
  • Imidlalo Yokubheja—Ubani Owinayo? Ubani Odliwayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imidlalo Yokubheja—Ubani Owinayo? Ubani Odliwayo?
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umphumela Kwabampofu
  • Indaba Yezindinganiso
  • Imidlalo Yokubheja—Kungani Ithandwa Kangaka?
    I-Phaphama!—1991
  • Imfiva Yemidlalo Yokubheja—Ukugembula Kwezwe Lonke
    I-Phaphama!—1991
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukuqondisisa Izindaba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 5/8 k. 7-k. 9 isig. 7

Imidlalo Yokubheja—Ubani Owinayo? Ubani Odliwayo?

IMPIKISWANO eyisisekelo evuna imidlalo yokubheja kahulumeni iwukuthi ilethela uhulumeni izigidi zamaRandi, okuyimali cishe ebingenakutholakala ngaphandle kokukhuphula izintela. ‘Futhi yeka ukuthi kulula kanjani!’ kusho abasekeli. Kunjengentela okungekho-muntu okudingeka ukuba ayikhokhe; eyokuzithandela. Eqinisweni, abantu bashisekela ukukhokha; bama emigqeni bezokhokha!

Kodwa iziphi ezinye izinsolo okusolwa ngazo imidlalo yokubheja?

Enye iwukuthi ukukhangisa kwemidlalo yokubheja ngokuvamile akufundisi noma kuyadukisa ngokucacile. Kusekela umqondo wokuthi uzowina. Isibonelo salokhu siwukukhangisa kwemidlalo yokubheja yaseCanada okuthi: “Sikwenza kube lula . . . UKUWINA!!”

Kodwa kulula kangakanani ukuwina? UAlie udlala umdlalo wokubheja waseNtshonalanga Jalimane. Ukukhangisa kuyeqisa: “Amathuba akho okuwina ayamangalisa.” Nokho, uAlie uyakhala: “Sekuyiminyaka eyishumi ngidlala umdlalo wokubheja, futhi angikaze ngiwine lutho. Futhi akekho omunye engimaziyo oke wawina utho.”

Kulowo nalowo owina imali eningi, kunezigidi ezinjengoAlie, abadliwayo abafaka imali yabo masonto onke, minyaka yonke, kodwa abangatholi lutho oluyimbuyiselo. EUnited States, labo abawina amadollar ayisigidi bangamaphesenti angu-⁠0,000008 kubagembuli bemidlalo yokubheja abayizigidi ezingu-97 lapho.

Amathuba okwehluleka ukuwina umklomelo ophambili awawona nje kuphela elilodwa kwayisigidi (cishe, okungamathuba okusinda komuntu ekushayweni umbani); angaba elilodwa ezigidini eziningi. Ngokwesibonelo, ngenkathi kuba sobala ukuthi lapho ijackpot inkudlwana, kulapho kuthengiswa khona amathikithi amaningi, amathuba okudliwa emdlalweni weLotto waseNew York anyuka esukela kwelilodwa kwayizigidi ezingu-⁠6 kuya kwelilodwa kwayizigidi ezingu-12,9!

Akumangalisi ukuthi abantu basola ngokuthi imidlalo yokubheja iphuthumisa abathengi abayizithutha bengawaqaphele amathuba amakhulu okudliwa. UDkt. Valerie Lorenz, umqondisi weSikhungo Sesizwe Sesifo Sokugembula saseU.S., umane nje athi: “Imidlalo yokubheja? Iwumminzi omkhulu kunayo yonke ekhona. Amathuba okuba udliwe makhulu ngokwedlulele.”

Futhi kuthiwani lapho uwawina amadollar ayisigidi? Ngeke uwathole wonke. Ngemva kokuba umthelisi esethathe ingxenye yakhe, abawinile eUnited States bathola amadollar angu-35 000 unyaka ngamunye iminyaka engu-20. Leyo imali engamadollar angu-700 000, ebuye yancishiswa ukwehla kwamandla emali eminyakeni engu-⁠20.

Umphumela Kwabampofu

Okunye ukugxeka kuwukuthi abachitha imali eningi abantu abampofu, labo abangenakukwazi neze ukuzinakekela. Abagqugquzeleli bomdlalo wokubheja baphikisa ngokuthi lokhu akulona iqiniso, ukuthi ukuhlola kubonisa ukuthi umdlalo wokubheja uthandeka kakhulu phakathi kwabantu abahola imali ephakathi. Bathi imidlalo yokubheja eyokuzithandela; akekho ophoqelelwa ukuba adlale. Nakuba kunjalo, ezokukhangisa ngamabomu zivusa izifiso zabadlali, futhi abaningi bangabantu abampofu. Omunye umthengisi esitolo samathikithi eFlorida wathi: “Sineqembu elingashintshi labantu esilibona masonto onke. Abanye bathenga amathikithi angu-10 nsuku zonke. Abanye bathenga angu-100 masonto onke. Abanayo imali yokudla, kodwa badlala i‘Lotto.’”

Kwamanye amazwe angakathuthuki, isimo ngokuvamile sibi ngisho nangokwengeziwe. Muva nje uhulumeni waseIndonesia uphinde wahlola umdlalo wawo wokubheja webhola lezinyawo wePorkas lapho ezokuxhumana zibika ukuthi zonke izigodi zase “zihlanyiswa iPorkas,” Umagazini iAsiaweek wabika: “Amaphephandaba [aseIndonesia] ayegcwele ukulandisa okwethusayo: amadoda ashaya omkawo noma abantwana; abantwana beba imali kubazali babo; abantwana bechitha imali ezuzwe ngokuzikhandla ebekelwe imali yesikole​—⁠konke ngenxa yePorkas.”

Njengoba imidlalo yokubheja yanda emhlabeni jikelele, abantu abaningi ngokwengeziwe bangeniswa ekugembuleni. Abanye, hhayi abampofu nje kuphela, baba abagembuli abangayeki​—⁠imilutha yemidlalo yokubheja. UArnie Wexler uhola uMkhandlu Ophathelene Nokugembula Ngokungayeki eNew Jersey, eU.S.A. Uthi: “Abenzi bemithetho bacabanga ukuthi bathole indlela engebuhlungu, elula yokwenza imali, kanti, eqinisweni, babulala imikhaya eminingi, amabhizinisi amaningi, nabantu abaningi, nokuphila okuningi.”

Indaba Yezindinganiso

Okunye ukukhathalela okukhulu kuwukuthi imidlalo yokubheja kahulumeni iye yashintsha izimo zengqondo zabantu ngokugembula. Imidlalo yokubheja i“Play 3” noma “Izinombolo Zenhlanhla” yanamuhla ephethwe uMbuso inikeza amathuba ayinkulungwane kwelilodwa kodwa ibuyisa kuphela cishe amaphesenti angu-50 emali ewumklomelo. Ngaphambi kokuba uhulumeni angene kulelibhizinisi, lomdlalo “wawonakele,” uyibhizinisi elingekho emthethweni, umkhuba omubi. Manje wona lomdlalo ofanayo usubizwa ngokuthi ukuzijabulisa, ukudlala, isenzo somthwalo wemfanelo wedolobha!

Yebo, umehluko obalulekile phakathi kwemidlalo yezinombolo ezingekho emthethweni nemidlalo yokubheja kahulumeni uwukuthi kunokuba izinzuzo zingene ephaketheni lezigebengu, zisekela imisebenzi kahulumeni. Nakuba kunjalo, izingqapheli eziningi ziyakhathazeka ngethonya lemidlalo yokubheja ezindinganisweni zezimiso zokuhle zomphakathi okuhloswe ukuba ziwuzuzise.

Lokhu kungenxa yokuthi imidlalo yokubheja ifunza ngethemba nokuthambekela kokuceba ngaphandle komzamo. UPaul Dworin, umhleli weGaming and Wagering Business, wathi: “Esikhathini esidlule, umbuso uye wathi uma usebenza ngokuzikhandla, uyochuma. Manje, sekuwukuthi, ‘Thenga ithikithi futhi uzoba usozimali.’ Leso isigijimi esixakile ukuba sithunyelwe umbuso.” Futhi uGeorge Will wabhala kuyiNewsweek: “Lapho abantu bekukholelwa ngokwengeziwe ukubaluleka kwenhlanhla, ukwenzeka ngengozi, ukuzenzakalela, ukudalelwa, kulapho bengakholelwa khona ekubalulekeni kwezindinganiso ezenqabelayo njengokusebenza, ukuphatha imali kahle, ukungafuni ukwaneliseka ngokushesha, inkuthalo, nokufunda.”

Esinye isici, esibalulekile emphakathini ongabantu, siwukuthi: Abantu ngabanye akumelwe bazame ukwenza inzuzo ngamashwa abanye. Nokho, abagqugquzeleli bemidlalo yokubheja bakhuthaza umbono wokuthi kulungile ngomuntu ukuba athole inzuzo nenjabulo ngokudliwa kwabanye. Ukucabanga okunjalo kuwubugovu; kuphikisana nesikhuthazo seBhayibheli: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”​—⁠Mathewu 22:⁠39.

Naphezu kwezinkulumo eziningi eziphikisayo, imidlalo yokubheja iyaqhubeka ikhula ngokuphawulekayo emhlabeni wonke. Omunye owayevakashele eNtshonalanga Afrika wabona abantu abaningi bemi izixuku esakhiweni semidlalo yokubheja soMbuso. “Kungani bonke labantu besaphaza imali yabo emdlalweni wokubheja,” ebuza isakhamuzi, ephawula, “ikakhulukazi njengoba bengabantu abampofu?”

“Mngane, badlala umdlalo wokubheja ngoba ubanikeza ithemba,” kuphendula isakhamuzi. “Kwabaningi babo, uwukuphela kwethemba abanalo ekuphileni.”

Kodwa ingabe ukuwina umdlalo wokubheja ngempela kuyithemba? Kuyiphupho, utalagu, iphupho elingenakufezeka. Ngokuqinisekile umKristu ononembeza omuhle ngeke achithe isikhathi sakhe nomcebo emnakweni oyize wengcebo yokugembula. Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukulandela iseluleko somphostoli uPawulu, owabhala ukuthi abantu abahlakaniphile ‘abathembeli engcebeni engemiyo, kepha bathembela kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.’​—⁠1 Thimothewu 6:⁠17.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

“Abenzi bemithetho bacabanga ukuthi bathole indlela engebuhlungu, elula yokwenza imali, kanti, eqinisweni, babulala imikhaya eminingi, namabhizinisi amaningi, abantu abaningi, nokuphila okuningi”

[Ibhokisi ekhasini 9]

Ukusikisela Okungcono Kakhulu Kubagembuli

“Akukho ukumomotheka kokuzenzisa okwedlula okombhalisi ebingelela ikhasimende eliwinayo. . . . Kuthuka kwenzeka ukuba umbhalisi anqande iphanta ukuba lingabheji ngoba ikhasimende lakhe lidliwa kakhulu. . . . Khumbula, futhi, ukuthi amaphanta aphumelelayo ayivela-kancane njengababhalisi abampofu.”​—⁠UGraham Rock, iTimes, eLondon.

“Ijackpot enesiqinisekiso yamadollar ayizigidi ezingu-45 ekutomuleni kwanamuhla kusihlwa kuyiLotto ingenkulu kunawo wonke emlandweni woMbuso waseNew York. Kodwa amathuba okuyiwina ngokubheja ngo-$1 angu-12 913 582 kuya kwelilodwa.”​—⁠The New York Times.

“Isithutha nemali yaso kuhlukana ngokushesha.” Isisho esisebenzayo kusukela ngekhulu le-16 leminyaka.​—⁠IFamiliar Quotations, kaJohn Bartlett.

“Mgembuli, ungajabuli; noma ubani owinayo namuhla uyadliwa kusasa.”​—⁠Isaga sesiPanishi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela