Ukukhonza Ingcweti Enkulu Kunazo Zonke
NJENGENTOMBAZANYANA eneminyaka eyisikhombisa, ngaqala ukuzibuza: ‘Kungani kuyodingeka ngife? Ingabe kungenzeka ngikugweme ukufa?’ Ngangitshelwe ukuthi uNkulunkulu uthatha abantu abahle ngoba ufuna babe naye ezulwini. Ngisakhumbula omunye wengangifunda nabo ememeza: “Kungcono ukuba umuntu omubi ngoba abahle bafa kuqala!”
Ngangikuthanda ukudweba, ngakho ngaqala ukukufundela. Esikoleni, ngangingenalo ithuba lokucabangela izindaba ezingokwenkolo, ngisho nesikhathi sokuba nesithakazelo kuzo. Eqinisweni, ngangivame ukutshela abangane bami ukuthi ukuze umuntu athande inkolo, udinga isilinganiso esiphansi kakhulu sokuhlakanipha. Lapho ngiqeda izifundo zami zobungcweti, nganikezwa umsebenzi wokuba uthisha wezobungcweti esikoleni esiphakeme.
Ngangiwuthanda umsebenzi wami futhi nganginesithakazelo ezincwadini zesiNtaliyane nezakwamanye amazwe, nomculo weqembu elincane noweqembu elikhulu, neopera. Ukuphela kwento engokwenkolo engangiyifunda ngalesosikhathi kwakuyizindaba ezazixoxwa ngezithombe zabadwebi bezinkathi ezihlukahlukene. Khona-ke ngabona ukuthi kunjani ukuqashelwa yiwo wonke umuntu, ukuthi kunjani ukubukisa ngemisebenzi yakho, ukuthi kusho ukuthini ukuhlonishwa, ukudunyiswa, nokutuswa njengengcweti.
Ngalesosikhathi, umsebenzi wokudweba wawusho okukhulu kimi, ngoba yiwona owawungenza ngiyibone into engiyiphilelayo. Kodwa imibuzo engangizibuze yona ngiseneminyaka eyisikhombisa yayisekhona engqondweni yami. Ngaphikelela ekufuneni okuthile okujulile, okuthile engangingenakukwazi ukukuchaza ngalesosikhathi. Ngangingumfundi okhuthele futhi ngacela izincazelo kwabolwazi lwefilosofi. Ngehla ngenyuka ngifuna impendulo eqondile ekungabazeni kwami.
Ngangisenakho lokho kukhungatheka lapho ngishada. Ngemva kokubeletha indodakazi yami, ukufuna kwami iqiniso kwaba namandla ngokwengeziwe. Ngazama ukulithola ngokudweba, ukuloba izinkondlo, ukulalela umculo, ukufunda izincwadi. Noma nini lapho ngiya ekhonsathini futhi ngilalele imitshingo yokwandulela ukuqala kwekhonsathi, ngokuzenzekelayo umqondo wami wawuya kuNkulunkulu, kuMuntu oPhakeme engangingamazi, futhi ngangimbonga. Phakathi nalesosikhathi, ngangivame ukudumisa uNkulunkulu ngezinto ezinhle ezazingivusa uhlevane—umntanami olele, imibala esengadini. Ngangivame ukuthi: “Kwaze kwadabukisa, ukuthi ubuciko, obebungaba nezinto ezinhle eziningi kangaka obungazichaza, busetshenziswa kakhulu ekuchazeni ukufa esikhundleni sokuphila!” Ezinye zezinkondlo ezinhle kakhulu nemidlalo yasesiteji kungamahubo ekusaseni elifiphele noma ezinhlekeleleni; eminye yemisebenzi yobuciko yokudweba iphakamisa ukufa kunokuphila nobuhle bakho. Kungani?
Lemizwa ephikisanayo yangidumaza kakhulu, futhi kancane kancane ngaqala ukuba nomuzwa wokungabi nandaba. Kungalesosikhathi lapho oFakazi BakaJehova bafika ekhaya lami. Njengoba ngangibalalela, kwakusengathi bakhuluma nami ngolimi olusha. Isithembiso sikaNkulunkulu sokwenza umhlaba ube yipharadesi sezwakala njengomculo omnandi ezindlebeni zami. Ngaqala ukufunda iBhayibheli. Kulona ngazithola ekugcineni izimpendulo zemibuzo engangingazange ngiyeke ukuyibuza kusukela ngineminyaka eyisikhombisa. UNkulunkulu akafuni ukuba umuntu afe kodwa uhlose ukubusisa izinceku zakhe ezithembekile ngokuzinikeza ukuphila okuphakade emhlabeni!
Kwakungu-1973. Ngonyaka olandelayo ngazinikezela kuJehova futhi ngabhapathizwa. Kwakungelula ukuba nomoya wothando lweqiniso lobuzalwane esikhundleni sesimo sami sokuba nenhliziyo encane nokulawulwa imizwelo, ukuba nokuzithoba esikhundleni sokuzidla, nokuba nomoya wokuzidela esikhundleni sokuzanelisa mina! Kwakumelwe ukuba ngizidele. OFakazi BakaJehova baye basiza kakhulu, ngasizwa futhi nayimihlangano eqhutshelwa eHholo LoMbuso.
INgcweti Enkulu iye yakususa ukungabaza kwami nezinkinga. Yeka indlela engiyibonga ngayo! Yingakho nje, kusukela ngoSeptember 1984, ngingenele inkonzo yamaphayona avamile, ngisebenza amahora angu-90 inyanga ngayinye ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.
Ukukhonza iNgcweti Enkulu noMdali, uJehova, nomkhaya wami kwanelisa ngempela. Silindele ngokulangazelela isikhathi lapho eyodweba umfanekiso omuhle kunayo yonke eyake yadwetshwa; lapho ekugcineni esusa isimiso esidala esibi, esingcolisa nesigubuzele lomhlaba. Ukufa ngeke kusaba khona, futhi imidwebo iyoba ngeyokuphila kuphela. Ngalesosikhathi, kuyoboniswa ubuhle bodwa, ngoba ngesimiso esisha sikaNkulunkulu sokulunga, usizi nobuhlungu buyobe bususwe phakade.—Inikelwe.