Ungaphuthelwa Umhlangano Wesigodi ‘Wolimi Oluhlanzekile’!
Ulindelwe izinsuku ezine ezinomvuzo zemfundo yeBhayibheli. Yiba khona lapho isimiso siqala ngo-1:30 p.m. ngoLwesine. Jabulela inkulumo eshukumisa ingqondo ethi “Ingabe Abangane Bakho Bangabangane BakaJehova?” kanye nenkulumo eyisihluthulelo ethi, “Ulimi Oluhlanzekileyo Lwazo Zonke Izizwe.” Inkulumo yokuphetha yantambama ethi, “Ukusindisa Ukuphila Kwakho Ngegazi—Kanjani?,” iyophendula umbuzo othi: Ingabe igazi lidingeka ngempela ukuze lisindise ukuphila?
Isimiso sangoLwesihlanu ekuseni siqala ngo-9:30. Yiba khona ukuze uzuze enkulumweni ehlolayo ethi “UKristu ‘Wazonda Ukungabi-namthetho’—Ingabe Wena Uyakuzonda?” kanye nenkulumo eshukumisayo ethi “Yenqaba Amaphupho Ezwe, Phishekela Izinto Ezingokoqobo ZoMbuso.” Phakathi nesikhathi santambama, kuyonikezwa ukusikisela okusebenzayo ngezindlela zokuphila ngokulingene imali yakho. Abazali bayoboniswa indlela abangagcwalisa ngayo izibopho zabo ngokuphumelela ngokwengeziwe, futhi idrama yosuku lwanamuhla iyonikeza intsha isiqondiso esihle kakhulu ngokuphathelene nokuhlanganyela emisebenzini engaphandle kweyesikole.
Isimiso sangoMgqibelo ekuseni siyoba nenkulumo yokuzinikezela nobhapathizo, futhi sicabangele isidingo sokuzidela ukuze wenze isifundo seBhayibheli somuntu siqu. Ethi “Inqola KaJehova Yasezulwini Iyaqhubeka” iyinkulumo eshukumisayo esimisweni santambama. Futhi, kuyoba nezikhumbuzo ezinamandla ngokuphathelene nomthwalo wethu wemfanelo wobuKristu wokusiza labo abaphuphuthekiswe inkolo yamanga, futhi kuyonikezwa usizo olusebenzayo. ukuze kufezwe lomthwalo wemfanelo.
Uyofuna ukuba khona ngeSonto ekuseni ukuze uzwe isigijimi esinamandla esiyonikezwa ngokumelene neLobukholwa kanye nabefundisi balo. Lesi siyolandelwa yidrama egqokelwe esekelwe ezehlakalweni ezihilela ukuphila kukaJehu noJonadaba. Khona-ke, ntambama, qiniseka ukuba uzwe inkulumo yeningi ethi, “Yibani Munye Ngolimi Oluhlanzekile.”
Phakathi noNovember noDecember, imihlangano engu-20 ihlelelwe lonke elaseAfrika eseNingizimu kuphela, ngakho uyokuba khona ongekude nekhaya lakho. Bonana noFakazi BakaJehova basendaweni yakini mayelana nesikhathi nendawo yalowo oseduze nawe.