Imifanekiso Evela EZweni Lesithembiso
IJordani Okungenzeka Awulazi
KHONA kanye nje ukuphathwa koMfula iJordani kungase kukukhumbuze izenzakalo ezivamile: AmaIsrayeli ngaphansi kukaJoshuwa ewela esiqwini sawo esomile eduze neJeriko; uNahamani egeza kasikhombisa emanzini awo ukuze elwashwe uchoko; amaJuda amaningi, kwase kuba uJesu, eza ezobhapathizwa lapho uJohane.—Joshuwa 3:5-17; 2 AmaKhosi 5:10-14; Mathewu 3:3-5, 13.
Ngokusobala, zonke lezenzakalo ezidumile zenzeka engxenyeni ende yeJordani eyaziwa kakhulu, ingxenye engaseningizimu yoLwandle LwaseGalile ukuya ezansi oLwandle Olufile. Kodwa abafundi abakhuthele beZwi likaNkulunkulu bangase bayibukele ezansi enye ingxenye yeJordani—ingxenye engasenyakatho yomfula kanye nendawo ezungezile. Phawula ibalazwe.a Indawo esezansi phakathi nendawo iyingxenye yeGreat Rift Valley, umfantu osuka eSiriya uye eAfrika.
Imithombo emithathu eyinhloko yeJordani imifudlana evela eqhweni elincibilikayo entabeni ende iHermoni. Umfudlana ongasempumalanga impela (ikhasi 17, ngenhla) usuka eweni lelimestone eduze nesiqu sentaba. Yilapha kwakukhona khona iKhesariya Filipi; khumbula ukuthi uJesu wahambela lapho ngokushesha nje ngaphambi kokuba akhazinyuliswe “entabeni ende.” (Mathewu 16:13–17:2) Omunye umfudlana usuka egqumeni lapho kwakwakhiwe khona umuzi wakwaDani, lapho amaIsrayeli ombuso wasenyakatho ayemise khona ithole legolide. (AbAhluleli 18:27-31; 1 AmaKhosi 12:25-30) Umfudlana wesithathu uhlangana nalemifudlana emibili yakhe uMfula iJordani, okuphakama kwawo ngaphezu kolwandle kwehla ngamamitha angamakhulu amathathu ebangeni lamakhilomitha acishe abe ayishumi nanye.
Lesigodi sibe sesiba yisicaba sakhe iHula Basin, sibangele amanzi eJordani ukuba asabalale, akhe indawo ebanzi, ewubhuku. Ezikhathini zasendulo amaningi alamanzi ayeqoqana echibini elingajulile elaziwa ngokuthi iChibi iHula (noma iHuleh). Kodwa iChibi iHula alisekho ngoba ezikhathini zamuva iJordani elingenhla laqondiswa, kwanezelwa imifudlana yokwakhiwa ukuze kuncishiwe amanzi endaweni ewubhuku, futhi isizalo sechibi sajuliswa. Ngakho, uma ubheka ibalazwe lalendawo futhi ubone, enyakatho yoLwandle LwaseGalile, ichibi (iHula), uzokwazi ukuthi lelobalazwe elalendawo njengoba yayinjalo ezikhathini zasendulo, hhayi lesimo oyolithola liyiso namuhla.
Nokho, uma uvakashele lapho uyothola ukulondolozwa kwemvelo okungakunikeza umbono wokuthi lendawo yayinjani ngezikhathi zeBhayibheli, ngenkathi iseyikhaya lezitshalo zohlobo olukhethekile, njengamahlathi antengantengayo epapyrus nomhlanga.—Jobe 8:11.
Lendawo yayiyikhaya lezinyoni eziyizinhlobonhlobo ezazishintsha njalo. Kwakugcwala onozalizingwenya, onogolantethe, amavuba, amahobhe, nezinye izinhlobo zezinyoni, ngokwengxenye ngenxa yokuthi ubhuku nechibi kwakwenza indawo enhle kakhulu yokuphumula ohambweni phakathi kweYurophu neAfrika. (Duteronomi 14:18; IHubo 102:6; Jeremiya 8:7) Ezinye izidalwa ezifanelekayo kulendawo zazingavamile ukubonakala, kodwa ukuba khona kwazo kwakwenza ukunqamula iHula Basin kungakhangi. Lezi ngokunokwenzeka zazihlanganisa amabhubesi, izimvubu, izimpisi, nezingulube zasendle. (Jobe 40:15-24; Jeremiya 49:19; 50:44; Habakuki 1:8) Phakathi nezinye izikhathi kwaba khona umalaleveva owawubangelwa omiyane, ngokusobala ongolunye uhlobo lomkhuhlane okukhulunywa ngalo eBhayibhelini.
Kuyaqondakala, kokubili izihambi ezingazodwa nezihamba ngamakharavani amakhulu zazigudla lendawo ewubhuku. Ngakho zazingawuwelaphi uMfula iJordani esigodini esisenyakatho yoLwandle LwaseGalile?
Eduze noLwandle LwaseGalile kwakuvele amadwala ebasalt; lokhu okunjengedamu kwakuyisizathu sokuba amanzi avimbeke futhi akhe ichibi iHula. Ungayibona ingxenye yamadwala avelayo ekhasini 16. Njengoba amanzi eJordani edlula kuyo ngokushesha eya eningizimu yoLwandle LwaseGalile (ebonakala kude), adlula ngejubane elikhulu kangangokuthi aba mhlophe. Ngokusobala, izihambi zasendulo zaziyokuthola kuyingozi ukwehlela kulesosihosha esijulile futhi ziwele amanzi eJordani ageleza ngejubane.
Phakathi nendawo ewubhuku yeHula Basin nesihosha kwakukhona ingxenye emfushane, nelinganayo lapho amanzi ayegeleza khona ngokuthula. Lapha izihambi zasendulo zazingase zikwazi ukuwela umfula ngokuphepha, futhi lendawo yaba ingxenye yomzila oyinhloko wokudabula eya eZweni Lesithembiso. Manje sekukhona ibhuloho kulendawo, eseyindawo eyinhloko yokuwela iJordani.
IHula Basin namuhla iyindawo yezolimo evundile; kukhona ngisho namachibi ezinhlanzi. Konke lokhu kuye kwaba khona ngenxa yamanzi amaningi ageleza kulengxenye yoMfula iJordani.
[Umbhalo waphansi]
a Qhathanisa nebalazwe elikhudlwana nomfanekiso okuyiKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1990.
[Ibalazwe ekhasini 17]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IHula
ULwandle LwaseGalile
[Umthombo]
Based on a map copyrighted by Pictorial Archive (Near Eastern History) Est. and Survey of Israel.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Imithombo Yezithombe ekhasini 17]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
Animal photos: Safari-Zoo of Ramat-Gan, Tel Aviv