Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 8/15 k. 3
  • Incwadi Intsha Eningi Engayithandi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Intsha Eningi Engayithandi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Enye Inombono Ohlukile
  • Ingabe Ulazi Kahle Kangakanani IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukwenza Ubusha Bakho Buphumelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Kusho Ukuthini Ukuba Yilungu Lesonto?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ngingakwenza Kanjani Ukufunda IBhayibheli Kuthakazelise?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 8/15 k. 3

Incwadi Intsha Eningi Engayithandi

“NGINGAZI kanjani ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu ngempela? Liyincwadi engangithakazelisi,” kusho intokazi okuthiwa uBeate.

EJalimane, lapho kuhlala khona uBeate, intsha eningi izizwa njengaye; ngakho-ke, ayikuboni ukubaluleka kokufunda iBhayibheli. Ukuhlola okwenziwe lapho muva nje, kwembula ukuthi cishe yiphesenti elilodwa kuphela lentsha efunda iBhayibheli njalo, engamaphesenti amabili ivamile ukulifunda, engamaphesenti angu-19 iyathukela ilifunda futhi engamaphesenti acishe abe ngu-80 ayilokothi ilifunde. Cishe izibalo ziyefana nakwamanye amazwe, mhlawumbe nalapho uhlala khona. Ngokusobala, iBhayibheli liyincwadi intsha eningi engayithandi.

Yingakho nje isizukulwane esisha singalazi kangaka iBhayibheli! Ekuqaleni konyaka ka-2000, iphephandaba i-Lausitzer Rundschau labika ngokuhlola okwembula inani labantu abayaziyo iMiyalo Eyishumi futhi abayisebenzisa njengesiqondiso ekuphileni kwabo. Kubantu abaneminyaka engaphezu kwengu-60, babengamaphesenti angu-67 abayaziyo le miyalo futhi abaqondiswa yiyo; kwabaneminyaka engaphansi kwengu-30, babengamaphesenti angu-28 kuphela. Ngempela, iZwi likaNkulunkulu liyinto engaziwa entsheni eningi.

Enye Inombono Ohlukile

Ngakolunye uhlangothi, emhlabeni wonke, kunezigidi zentsha eziye zathola ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyigugu kakhulu. Ngokwesibonelo, u-Alexander uneminyaka engu-19 futhi ufunda iBhayibheli njalo ekuseni ngaphambi kokuba aye emsebenzini. Uyaphawula: “Angiyicabangi enye indlela engcono yokuqala usuku.” USandra uyaqiniseka ukuthi ufunda ingxenye ethile yeBhayibheli njalo kusihlwa. Uyachaza: “Sekuvele kwaba umkhuba wami wansuku zonke.” NoJulia oneminyaka engu-13 ubudala, kakade usenesimiso sokufunda okungenani isahluko esisodwa seBhayibheli ngaphambi kokulala. “Ngikujabulela ngempela, futhi ngifuna ukuqhubeka nalo mkhuba esikhathini esizayo.”

Yimuphi umbono onembile nohlakaniphile? Ingabe iBhayibheli likufanelekele ngempela ukufundwa? Ingabe liyigugu futhi libalulekile esizukulwaneni esisha? Wena ucabangani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela