Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 5/1 kk. 3-4
  • Ubugebengu Ezweni Elinesiphithiphithi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubugebengu Ezweni Elinesiphithiphithi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nobugebengu Ezweni Elinesiphithiphithi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukulwela Ukuqeda Ubugebengu
    I-Phaphama!—1996
  • Ukwehluleka Ukulwa Nobugebengu
    I-Phaphama!—1998
  • Kungani Kunobugebengu Obuningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 5/1 kk. 3-4

Ubugebengu Ezweni Elinesiphithiphithi

UBUGEBENGU abusona isenzakalo esisha sanamuhla. Ukubulala kokuqala kwenzeka ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka ezidlule lapho uKayini ebulala umfowabo uAbela. Ukudlwengula nobungqingili kukhulunywa ngakho emiBhalweni yesiHeberu yasendulo. (Genesise 4:8; 19:4, 5; 34:1-4) Abantu babephangwa ekhulwini lokuqala leminyaka Lesikhathi sethu Esivamile, njengoba kubonisa umfanekiso womSamariya olungileyo. (Luka 10:29-37) Kodwa kunomehluko namuhla.

Abantu emadolobheni amakhulu amaningi omhlaba, kungakhathaliseki ukuthi kuseNew York, eLondon, eCalcutta, noma eBogotá, banomuzwa wokuthi ubugebengu buvame kakhulu futhi busongela kakhulu. Umbiko okuyi-India Today onesihloko esikhulu esithi: “Inkolo Yesiyaluyalu” uthi: “Isenzakalo esiphazamisayo esisongela ukubuhlukanisa phakathi ubunye obubuthakathaka bokuziphatha okuhle nobezenhlalo obuhlanganisa izwe ndawonye siwukwanda kobudlova, ukungaqeqesheki okuletha inselele, nokungabi namthetho ngokuqondene nenkolo.” Ekulweni kwawo nobugebengu, ngisho namaphoyisa ngezinye izikhathi ayalingeka ukuba eqe imingcele yokuqikelela ukuthi umthetho uyagcinwa futhi azisebenzise ngokwawo izindlela zobugebengu. Umbiko okukhulunywe ngawo ngaphambili ovela eNdiya uthi: “Ukufa kwabagqunywe emajele ngamaphoyisa kuyaqhubeka kungundab’ uzekwayo.” Futhi lokho kunjalo nakwamanye amazwe.

Amathuba okuba ungabi isisulu sobugebengu abonakala eya encipha kakhulu. Umbiko ovela eUnited States uthi “owodwa emikhayeni emine yaseMelika wathintwa ubugebengu bobudlova noma bokwebelwa ngo-1988.” Ngaphezu kwalokho, abantu manje benza ubugebengu bobudlova besebancane. Umagazini iVisión waseLatin America uthi “kumasicario [ababulali abakhokhelwayo] ayishumi ayisishiyagalolunye kuwo ayizingane. ‘[A]ngabantwana’ ngokuzalwa futhi angaphansi kwesivikelo esingokomthetho.” Futhi, ukwenziwa kobugebengu bobudlova yizingane kuwukuthambekela komhlaba wonke.

IBhayibheli laprofetha eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule: “Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba-ngabazithandayo, nabathandimali, . . . nabahlazisayo, nabangenaluthando, . . . nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele . . . Abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.”—2 Thimothewu 3:1-4, 13.

Kusukela ngo-1914 buningi ubufakazi bokuthi siphila kulezozinsuku zokugcina ezinzima. Izwe, njengoba liye laba nezimpi zezwe ezimbili kanye nezinye izingxabano ezinkulu, ngezindlela eziningi liye laba elingabuseki nelinesiphithiphithi. Ubugebengu budlangile. Ezindaweni eziningi zasemadolobheni, izigebengu ziyazichachazela, ziguqula izindlela zokuphila zeningi elithobela umthetho. Kunjengoba ilungu elivelele lesigele saseU.S. lasho: “Kunezinto eziningi kakhulu okumelwe sikhathazeke ngazo manje, izinto esasingazesabi. Ngezinye izikhathi sisaba kakhulu kangangokuba siba yiziboshwa, kuyilapho labo okufanele ngabe baboshiwe bazihambela ngokukhululekile.”

Ngenxa yalokho, abantu namuhla bathatha izinyathelo zokuphepha ezazingadingeki eminyakeni engu-20 noma engu-30 edlule. Iminyango inezihluthulelo ezimbili noma ezintathu futhi iqiniswe ngezinsimbi. Abantu ezindaweni eziningi baphatha imali eyanele yokwanelisa umphangi benethemba lokuthi bagwema ukushaywa ngenxa yokungabi nalutho lokulunikeza amasela. Imigwaqo eminingi cishe ayihanjwa muntu ngemva kokushona kwelanga, ihanjwa abangazi lutho kuphela, ngabanesibindi sobuwula, nalabo abaphoqwa yizimo ukuba babe lapho—abayizisulu ezitholwa kalula izinswelaboya ezizulazula ezingxenyeni zedolobha ezinobugebengu.

Yini esingayenza ukuze sigweme ukuba yizisulu zobugebengu kulelizwe elinesiphithiphithi nesiyaluyalu? Singabhekana kanjani nakho?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela