Ukubhekana Nobugebengu Ezweni Elinesiphithiphithi
INGABE uyesaba ukuhamba ebusuku? Ingabe udinga izihluthulelo ezimbili noma ezintathu eminyango nasemawindini akho? Ingabe wake wantshontshelwa imoto noma ibhayisekili? Ingabe wake wantshontshelwa umsakazo emotweni yakho? Ingabe uzizwa usongelwa ezindaweni ezithile owakhelene nazo?
Uma impendulo yakho inguyebo kunoma yimuphi walemibuzo, khona-ke uyazama ukubhekana nobugebengu ezweni elinesiphithiphithi. Yini ongayenza ngakho? Ingabe iBhayibheli lingakusiza ukuba ubhekane nakho?
Umqondo Wesigebengu Nokwahlulela Ngokulunga
Ezweni lobugebengu, kunezici ezintathu eziyisisekelo: izigebengu, amaphoyisa, nezisulu. Yini edingekayo ukuze wena, ongaba isisulu, ukwazi ukubhekana nobugebengu? Ingabe ungayithonya enye yalezici ezintathu? Ngokwesibonelo, ingabe ungaziguqula izigebengu?
Nokho, izigebengu eziningi ziye zenza ubugebengu baba umsebenzi wazo. Ziye zabukhetha njengendlela elula kakhudlwana yokuphila. Ukuthi ‘kungani kumelwe usebenze uma ungaphila ngalokho abanye abakuzuzayo?’ kubonakala kuyindlela ezicabanga ngayo. Abaphangi bayazi ukuthi isisulu esivamile siyobanika imali yaso ngaphandle kokuzabalaza. Futhi njengoba emakhulu kangaka amathuba okuba bangaboshwa futhi bangavalelwa ejele, kubona ubugebengu bunomvuzo.
Ngaphezu kwalokho, izinqubo zezinkantolo zinemicikilisho futhi zidla isikhathi. Emazweni amaningi, kunezinkantolo, abahluleli, namajele okumbalwa kakhulu. Inani lamacala obugebengu lingaphezu kwesimiso sezomthetho. Umjikelezo wokwahlulela ngokulunga uhamba kancane kakhulu kangangokuba isimo sinjengoba iBhayibheli lasichaza eminyakeni engaphezu kwezinkulungwane ezintathu edlule: “Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi.” Njengoba lesimiso seBhayibheli sibonisa, alikho ithemba lokukuxazulula ngokwehlisa inani lezigebengu noma ngokuziguqula.—UmShumayeli 8:11.
Kuthiwani ngesici sesibili, amaphoyisa? Ingabe likhona ithemba elithile lokuthi amaphoyisa ayosinqoba lesisimo? Wona ngokwawo ayophendula athi: Njengoba imithetho ngokuvamile yenziwa ivune amalungelo esigebengu, nabameli abangenazimiso abasebenzisa umthetho ukuze bakhulule umuntu onecala, nemiphakathi ezindelayo ukubhekana nezindleko ezinkulu zamajele amakhudlwana nangeziwe, futhi njengoba nemibutho yamaphoyisa inezisebenzi ezingenele, ayingakanani intuthuko angayenza ekumelaneni negagasi lobugebengu.
Lokho kushiya isici sesithathu, abantu abangaba izisulu: thina, esiwumphakathi. Ingabe kukhona esingakwenza ukuze sizisize sibhekane kangcono nalesimo esinesiyaluyalu cishe sonke?
Ukuhlakanipha Okusebenzisekayo Nokucabanga
Incwadi yeBhayibheli yezAga ithi: “Ugcine ukuhlakanipha [okusebenzisekayo, NW] namasu, kube-ngukuphila emphefumulweni wakho nomusa entanyeni yakho. Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka, ungaqhuzuli unyawo lwakho.” Leseluleko singasebenza ezimweni ngokunokwenzeka ezingenza umuntu abe isisulu sobugebengu. Yiziphi ezinye izindlela ukuhlakanipha okusebenzisekayo okungasisiza ngayo kulendima?—IzAga 3:21-23.
Izigebengu zithambekele ekubeni njengezilo zasendle eziphila ngezinye. Zifuna izisulu ezibambeka kalula. Azifuni ukuzifaka engozini yokulwa neyokuba sethubeni lokuboshwa uma zingathola inzuzo efanayo esisulwini esibambeka kalula. Ngakho zifuna abagugile, abagulayo, abadukile, nalabo okungenzeka abasiqaphele isimo esiyingozi. Izigebengu zikhetha isikhathi nendawo ekufanela kangcono kakhulu ukuba zihlasele. Kulapha lapho abangaba yizisulu bengasebenzisa khona ukuhlakanipha okusebenzisekayo.
Njengoba iBhayibheli libachaza, abathandi bobubi ngokuvamile benza imisebenzi yabo lapho bembozwe ubumnyama. (Roma 13:12; Efesu 5:11, 12) Kuyiqiniso namuhla ukuthi ubugebengu obuningi obenziwa kubantu nasempahleni benziwa ebusuku. (Qhathanisa noJobe 24:14; 1 Thesalonika 5:2.) Ngakho-ke, lapho kunokwenzeka khona umuntu ohlakaniphile uyokugwema ukuba abe sezindaweni eziyingozi ngesikhathi sasebusuku. Edolobheni laseNew York eligcwele ubugebengu, umbiko wamaphoyisa wansuku zonke wembula ukuthi abantu abaningi baphangwa ngemva kokushona kwelanga futhi ikakhulukazi ngemva kwehora leshumi, ngokuvamile lapho bephindela ezindaweni zabo zokuhlala. Izinswelaboya ziba semigwaqweni engasenamuntu zifuna izisulu. Ngakho, uma kumelwe ukhethe ukuthi ulinda ibhasi yini noma itekisi noma ukuhamba ngezinyawo endaweni eyingozi, bekezela futhi ulinde. Kungenjalo, ongahlangabezana nakho kungaba okubuhlungu.
Omunye umKristu washaywa kabuhlungu futhi waphangwa lapho esikhundleni sokulinda ibhasi cishe ngehora leshumi ebusuku, ehamba ngezinyawo ibanga elifushane endaweni engemnyama kakhulu. Babekhona abanye abantu emgwaqweni, kodwa izigebengu ezintathu zazicuphe abangaqaphile. Esinye sanikeza ezinye uphawu lapho sibona owayengaba yisisulu ehamba ekhuphuka ngomgwaqo. Ngaphandle kwezwi, zasihlasela lesisulu zase zisiphanga. Kwadlula ngokushesha okukhulu kangangokuba ngisho nowayeseduze akazange abe nesikhathi sokungenela. Kamuva lesisulu savuma: “Esikhathini esizayo ngizolinda ibhasi.”
UDodger Onobuciko, umkhuthuzi osemusha encwadini kaDickens yezindaba eziqanjiwe ethi Oliver Twist, wayecishe abe umfuziselo omuhle wehlongandlebe lasemgwaqweni lanamuhla. Ngokungafani noDodger Onobuciko, amasela nabaphangi banamuhla, kungakhathaliseki ubudala, ngokunokwenzeka baphatha isibhamu noma ummese, futhi bayokusebenzisa. Izihambeli ezibuka izwe ezidukile, izivakashi, nabahamba bezibukela izinto edolobheni eliphithizelayo bayizisulu ezibambeka kalula ezigcwelegcweleni ezinjalo ezingenazimiso. Zingantshontsha noma yini etholakalayo ngokuphazima kweso! Yini engase ishukumisele isela ukuba lifune ukweba? Umgexo wegolide noma ezinye izinto zokuhloba eziyigugu ezibizayo ezigqokwe obala. Noma umshini wokuthatha izithombe ogaxwe entanyeni yesihambeli esibuka izwe. Kucishe kufane nokugqoka uphawu oluthi, “Woza ungibambe!” Ngakho, kudingeka ukuhlakanipha. Fihla noma yiziphi izinto zokuhloba eziyigugu, futhi phatha umshini wokuthatha izithombe ngendlela engawenzi ube sobala kakhulu, mhlawumbe uwufihle esikhwameni sokuthenga. Lokhu ukuhlakanipha okusebenzisekayo.
Ukuba ngoqaphile kungenye indlela yokubhekana nobugebengu. IBhayibheli lithi: “Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni.” (UmShumayeli 2:14) Ukusebenzisa lesixwayiso enkingeni yobugebengu kuyoholela umuntu ukuba abaqaphele abantu abazulazula ngokusoleka bengenanjongo esobala. Qaphela amasela angeza ngemva kwakho futhi ahlwithe isikhwama sakho njengoba uhamba ngezinyawo eceleni komgwaqo. Njengoba amanye ehamba ngezithuthuthu futhi ehlwitha impahla yabanye abantu lapho edlula ngesivinini, ungalokothi uhambe onqenqemeni lwendlela yabahamba ngezinyawo, ikakhulukazi uma uphethe uhlobo oluthile lwesikhwama noma isikhwama esincane esigaxwayo. Gwema izimoto ezihamba ngaphansi komhlaba ezicishe zingabi namuntu. Uphephe kakhudlwana uma uphakathi kwesixuku sabantu endaweni enokukhanya okukhulu. Amasela awafuni ukuphawulwa nokubonwa.
Ukugqekeza kungobunye ubugebengu obuvamile ngokuvamile obebungagwenywa uma abantu bebebuqaphela kakhulu ubugebengu. IBhayibheli lasisebenzisa ngokufanele lesifaniso: “Bangena ngamafasitele njengesela.” (Joweli 2:9) Ukuhlakanipha okusebenzisekayo kukutshela ukuthi ungashiyi iminyango noma amawindi kungahluthulelwe. Njalo kuyiqiniso ukuthi kungcono kakhulu ukuyinqanda okhalweni kunokuyikhipha ekhaya. Izindleko ezengeziwe zokuvikela ikhaya lakho empeleni zinjengomshwalense wokuzibheka ekwebelweni nasekulinyazweni emzimbeni.
Kuthiwani Uma Uphangwa?
Yebo, kuthiwani uma, naphezu kwazo zonke izinyathelo zokuphepha, uvinjwa umphangi? Zama ukuba ungethuki noma ukungadlubulundi nganoma iyiphi indlela. Khumbula ukuthi nesela kungenzeka lithukile futhi lingase liziqonde ngenye indlela izenzo zakho. Zama ukuxoxa futhi ubonisane nalomuntu uma ekuvumela lokho. (Yebo, umhlaseli angase abe ngowesifazane.) Ngezinye izikhathi abaphangi baye bathanjiswa ukwazi ukuthi bahlasela umKristu oqotho. Kungakhathaliseki ukuthi usabela kanjani, ungazami ukwenqaba uma kuyimali kuphela noma izimpahla zakho abazifunayo. Banikeze noma yini abayifunayo. IBhayibheli lifundisa ukuthi ukuphila komuntu kubaluleke ngaphezu kwanoma yini umuntu angase abe nayo.—Qhathanisa noMarku 8:36.
Ngaphandle kokukwenza kubonakale njengokungathi uyamhlolisisa, zama ukuphawula noma yiziphi izici eziphawulekayo umphangi angase abe nazo, kungaba sezimpahleni noma ekubonakaleni kwangaphandle. Ukhuluma kanjani? Yonke lemininingwane ingase ibe usizo lapho ubika icala emaphoyiseni, njengoba izigebengu eziningi zivamile ukugebenga ngenqubo yazo ngazinye eziyilandelayo futhi kanjalo zingabonakala kalula kakhulu.
Kuthiwani ngokuphatha isikhali sokuzivikela? Ngokuqinisekile ngeke kube ukuhlakanipha ngomKristu ukuba aphathe izikhali. Uma isigebengu sicabange ukuthi ubuzama ukukhipha isikhali, besingeke singabaze ukukulimaza noma ukukubulala. Ngaphezu kwalokho, ungasilandela kanjani isimiso seBhayibheli sokuba ‘uhlalisane ngokuthula nabantu bonke’ uma uhlomele ukuziphindiselela ngobudlova?—Roma 12:18.
Kungakhathaliseki ukuthi ungase uthathe ziphi izinyathelo zokuphepha, asikho isiqiniseko sokuthi ngolunye usuku ngeke ube isisulu. Emadolobheni agcwele ubugebengu, kumane nje kube ukuthi usendaweni embi ngesikhathi esibi. Esikhathini esingekudala kakhulu eNew York, ummeli waphuma ehhovisi lakhe eyothenga inkomishi yekhofi. Njengoba ayengena esitolo, intsha ethile yadlula ngemoto futhi yadubula leyondawo. Lommeli wabulawa inhlamvu eyangena ekhanda. Ngenxa ‘yesikhathi nethuba,’ washona. Yeka inhlekelele! Ingabe likhona ithemba elithile lekhambi elihlala njalo legagasi lobugebengu obukhona obukhukhula wonke umhlaba?—UmShumayeli 9:11.
Isikhathi Ubugebengu Obuyophela Ngaso
Cishe eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, uJesu wabikezela ukuthi kwakuyoba khona isizukulwane esasiyobona izenzakalo ezesabekayo ngaphezu kwanoma isiphi esinye isizukulwane sangaphambili. Njengoba kunethelevishini nokuxhumana okusheshayo, izigidi, cha, izinkulungwane zezigidi, zizibonela ngokwazo emithonjeni yezindaba yasendaweni yazo izenzo zobudlova njengoba zenziwa ngokoqobo. Izwe lonke liye laba idolobhana, futhi izindaba zezwe lonke ngokushesha ziba izindaba zendawo. Ngenxa yalokho, isimo esingokoqobo sifinyelela ekhaya nsuku zonke, futhi njengoba uJesu aprofetha, abantu abaningi ‘baphela amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.’—Luka 21:26.
UJesu wazibona kusengaphambili izenzakalo eziye zenzeka kusukela ngo-1914, izenzakalo ezaziyoba isandulela “sesiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 24:3-14, qhathanisa neNW.) Kodwa wathi futhi: “Nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.” (Luka 21:31) Lokho kusho ukuthi ukubusa kukaNkulunkulu kokulunga ngokushesha kuzothinta umhlaba ngokuphawulekayo.—Mathewu 6:9, 10; IsAmbulo 21:1-4.
Ngaphansi kwalokho kubusa, ngabathobekileyo, abanokuthula, nabalalela uNkulunkulu kuphela abayohlanganyela izimo zePharadesi lasemhlabeni. Kuyokwenzekani ezigebengwini nakubenzi bobubi? “Bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza. Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.” Ngaphansi kwalowohulumeni wasezulwini wokulunga, ngeke kube khona isiphithiphithi noma ubugebengu.—IHubo 37:2, 9.
Uma ungathanda ukwazi okwengeziwe ngalesithembiso esisekelwe eBhayibhelini sikahulumeni womhlaba wonke onokuthula noyohlala njalo, bonana noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma eHholo labo LoMbuso elisendaweni yakini. Bayokujabulela ukukusiza ukuba uqonde iBhayibheli, ngesihle.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba”
[Izithombe ekhasini 7]
Umkhuthuzi okaCharles Dickens, uDodger Onobuciko, wayeyimfunda-makhwela uma eqhathaniswa nabaphangi banamuhla
[Umthombo]
Graphic Works of GEORGE CRUIKSHANK, by Richard A. Vogler, Dover Publications, Inc.