IBhayibheli—Ingabe Lingcwele Ngempela?
BANGAKI abantu namuhla ababheka iBhayibheli njengeZwi likaNkulunkulu, elingcwele? Kulenkathi yokungakholwa, abaningi balicabangela njengeliphelelwe isikhathi nelingasebenzi, bengabaza ukuthi lingcwele ngempela. Ngisho nabaholi benkolo abathile beLobukholwa bafundisa ukuthi iBhayibheli ligcwele inganekwane nensumansumane. Bayangabaza ‘noma incazelo yomlando engokweBhayibheli iyileyo engase isekelwe umuntu ohlakaniphile.’—The Interpreter’s Dictionary of the Bible, Umqulu 2, ikhasi 611.
Izazi ezivelele zihlwanyela ukungabaza ngokuqondene nokufaneleka kokubhekisela eBhayibhelini njengeliyiZwi likaNkulunkulu. Omunye wathi “uma umuntu efuna ukusebenzisa uhlobo lolimi lweZwi likaNkulunkulu, igama elifanele leBhayibheli beliyoba iZwi likaIsrayeli, iZwi lamaKristu athile akuqala ayedumile.” (The Bible in the Modern World, nguJames Barr) Ucabangani? Ingabe iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu? Ingabe lingcwele ngempela?
Ubani Owaloba IBhayibheli?
Ukulotshwa kukaGenesise, incwadi yokuqala yeBhayibheli, ngokuvamile kuthiwa kwenziwa uMose, umHeberu owayephila eminyakeni engu-3 500 edlule. NgokweBhayibheli ngokwalo, amadoda acishe abe ngu-40 ayevela ezindleleni ezihlukene zokuphila ahlanganyela ekulobeni yonke eminye imiBhalo, okwaphumela eqoqweni lezincwadi ezingu-66, noma izigaba, leBhayibheli. Nokho, lamadoda awazange azibheke njengabalobi abangokoqobo beBhayibheli. Omunye umlobi wathi: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Omunye wabhala ngabalobi beBhayibheli: “Abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.”—2 Petru 1:21.
Lokhu kubeka abalobi esigabeni sonobhala, ababelawulwa, noma beqondiswa, uNkulunkulu. NgokweBhayibheli, umlobi ngokuvamile wayevunyelwe ukukhetha amazwi akhe siqu ekuchazeni ukwaziswa okwakuvela phezulu. (Habakuki 2:2) Kungalesosizathu kunezindlela eziningi zokuloba kulo lonke iBhayibheli. Kodwa ukuloba njalo kwakuqondiswa uNkulunkulu.
Kuyavunywa, ukusho kwabalobi ukuthi babephefumlelwe ngokwaphezulu ngokwakho akubona ubufakazi bokuthi iBhayibheli liyisigijimi saphezulu soMdali esiya esintwini. Noma kunjalo, ukuthi oPhezukonke unguMlobi weBhayibheli noma cha kufanele kubonakale ngokucacile ngokuhlolwa ngokucophelela nangokungabandlululi kwencwadi ngokwayo. Ingabe iBhayibheli liyabunikeza ubufakazi bokulotshwa kwaphezulu? Ingabe ngempela singasho ngokuqinisekile ukuthi iBhayibheli lingcwele?