Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 2/1 kk. 3-4
  • Ubani Owaloba IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubani Owaloba IBhayibheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Beqhutshwa Umoya Ongcwele”—Kanjani?
  • Amadoda Asetshenziswa UNkulunkulu Ekulobeni
  • “Babeqhutshwa Umoya Ongcwele”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • UNkulunkulu Waliphefumulela Kanjani IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ubani Ongumthombo WeBhayibheli?
    I-Phaphama!—2007
  • IBhayibheli—Incwadi Eyingqayizivele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 2/1 kk. 3-4

Ubani Owaloba IBhayibheli?

“IBHAYIBHELI ligcwele ukuphikisana. Ngaphandle kwalokho, liqukethe ifilosofi yabantu. Ngakho-ke, umuntu angalemukela kanjani iBhayibheli njengomqondisi wokuphila onokwethenjwa?” kusho abantu abangabaza iBhayibheli.

Ingabe unombono wabantu abangabaza iBhayibheli, wokuthi iBhayibheli limane liyincwadi ebonisa ukucabanga komuntu okunamaphutha? Abanye abefundisi banalowombono. Umfundisi waseSwitzerland ongumProthestani uKarl Barth ongasekho wabhala encwadini yakhe iKirchliche Dogmatik (Izimfundiso ZeSonto): “Abaprofethi nabaphostoli ngokwabo babengawenza amaphutha ekukhulumeni nasekubhaleni.” Yiqiniso, kungaba khona ukwahlukana emagameni ekulandisweni kwesehlakalo esahlanganiswa abalobi beBhayibheli abangaphezu koyedwa. Futhi uma ukha phezulu, angatholakala amazwi abonakala ehluke ngokuphelele emazwini atholakala kwenye indawo eBhayibhelini. Kodwa ingabe lawa ngempela ayaphikisana? Ingabe iBhayibheli limane nje liwumkhiqizo wabantu? Empeleni, ubani owaloba iBhayibheli?

Impendulo isobala: “Abantu . . . bakhuluma okukaNkulunkulu.” Kodwa bakwazi kanjani ababezokukhuluma nababezokubhala? Indoda esanda kucashunwa, umphostoli uSimoni Petru, iyaqhubeka ichaza ukuthi bakhuluma “beqhutshwa nguMoya oNgcwele.”—2 Petru 1:21.

Yiqiniso, iBhayibheli ligcizelela njalo ukuthi “liyizwi likaNkulunkulu.” Amavesi ayi-176 eHubo 119 lilodwa, abhekisela kuleliphuzu izikhathi eziyi-176! Okwenza lokhu kube okuphawulekayo ukuthi abalobi ngokuvamile banesithakazelo ekwenzeni kwaziwe ukuthi yibona ababhale umsebenzi othile. Kodwa ayengenjalo lamadoda aloba iBhayibheli. Lonke udumo kwakumelwe luye kuNkulunkulu. Kwakuyincwadi yakhe, kwakungeyona eyawo.—1 Thesalonika 2:13; 2 Samuweli 23:2.

“Beqhutshwa Umoya Ongcwele”—Kanjani?

Kukanjani lamadoda ‘ayeqhutshwa ngumoya ongcwele?’ Incwadi eyayiya kumKristu wekhulu lokuqala uThimothewu inikeza impendulo: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu.” Amagama athi “iphefumulelwe nguNkulunkulu” ahumusha igama lokuqala leBhayibheli lombhalo wesiGreki elithi the·oʹpneu·stos, ngokwezwi nezwi elisho ukuthi “ifakwe umoya kaNkulunkulu.” UNkulunkulu wasebenzisa amandla akhe ayisiphekupheku angabonakali—umoya wakhe ongcwele—‘ukufaka’ imiqondo yakhe ezingqondweni zabalobi. Ngakho-ke, uJehova uNkulunkulu unguMthombo noMsunguli weBhayibheli. Imiqondo yakhe yaqondisa ukulotshwa njengoba usomabhizinisi esebenzisa unobhala ukuba ambhalele izincwadi.—2 Thimothewu 3:16.

Futhi, lomqondo ‘wokufakwa umoya kaNkulunkulu’ ufana namazwi eBhayibheli athi “beqhutshwa uMoya oNgcwele.” Kanjani? Igama elithi ‘ukuqhutshwa’ lisetshenziswa ngesiGreki ekubhekiseleni emikhunjini umoya oyiqhubela emzileni othile. (Qhathanisa nezEnzo 27:15, 17.) Ngakho-ke, njengoba umoya uvunguza futhi uhambisa umkhumbi ontantayo, kanjalo abalobi beBhayibheli bacabanga, bakhuluma, futhi baloba bengaphansi kwethonya likaNkulunkulu, beqhutshwa umoya wakhe ongcwele njengoba “awufaka” kubona.

Amadoda Asetshenziswa UNkulunkulu Ekulobeni

Sinemininingwane embalwa lapho abalobi beBhayibheli bebhala ngomlando wabo. Babengazicabangeli nakancane njengababaluleke kakhulu, babelwela njalo ukudumisa uNkulunkulu ngokungazigqamisi. Nokho, siyazi ukuthi babehlanganisa izikhulu zombuso, abahluleli, abaprofethi, amakhosi, abelusi, abalimi, nabadobi—cishe amadoda angama-40 esewonke. Ngakho, iBhayibheli, nakuba liyisigijimi esivela kuNkulunkulu, linemfudumalo, ukwahlukahluka, nokukhanga kwemizwelo yomuntu.

Abaningi babalobi beBhayibheli babengazani. Baphila ngisho nangokuhlukene ngamakhulu eminyaka futhi ubuntu babo nokuhlangenwe nakho, kwakuhluke kakhulu ngokufanayo nezizinda zezenhlalo nemfundo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi babebasha noma babebadala, ukuloba kwabo kubonisa ubunye obuphelele. Bethatha cishe isikhathi esingaphezu kweminyaka eyi-1 600, babhala kwaze kwaba yilapho ekugcineni incwadi isiphelile. Ngemva kokuhlola ngokunakekela, uyothola ukuthi amazwi eBhayibheli abonisa ukuvumelana okuphawulekayo. Ngakho iBhayibheli liveza umqondo woMlobi oyedwa, nakuba kwasetshenziswa abalobi abaningi.

Ingabe lokhu akumelwe yini kusishukumisele ukuba ‘siqaphelisise’ lencwadi emangalisayo, iBhayibheli? Akumelwe yini sifinyelele isiphetho esifanayo nesafinyelelwa uPetru, owabhala: “Konke lokhu kuqinisekisa kithi isigijimi sabaprofethi, eniyobe nenza kahle ngokusiqaphela, ngoba sinjengesibani esikhanya endaweni emnyama”?—Heberu 2:1; 2 Petru 1:19, The New English Bible.

Kodwa manje kuthiwani ngamazwi athi iBhayibheli liyaziphikisa? Ingabe liyaziphikisa? Wena uphendula kanjani?

[Ibhokisi ekhasini 4]

“Yeka incwadi enhle! Okungimangalisayo kunomongo wayo yindlela ebeka ngayo amazwi, lapho igama liba cishe umkhiqizo wemvelo njengomuthi, njengembali, njengolwandle, njengezinkanyezi, njengomuntu ngokwakhe. Iyahluma, iyageleza, iyakhazimula, iyaqhilika, umuntu akazi ukuthi kanjani, umuntu akazi ukuthi kungani, umuntu uthola yonke into ingokwemvelo ngokuphelele. Ngempela iyiZwi likaNkulunkulu, ngokungafani nezinye izincwadi ezifakaza ngokuhlakanipha komuntu kuphela.”—Amazwi embongi engumJalimane yekhulu le-19 leminyaka nomhleli uHeinrich Heine ngeBhayibheli.

[Isithombe ekhasini 4]

Njengoba umoya uhambisa imikhumbi entantayo, abalobi beBhayibheli ‘babeqhutshwa umoya ongcwele kaNkulunkulu’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela