“Babeqhutshwa Umoya Ongcwele”
“Isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 PET. 1:21.
AMAPHUZU OKUZINDLA
Umoya ongcwele wasidlulisela kanjani isigijimi sikaNkulunkulu kubalobi beBhayibheli?
Ibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu?
Yini ongayenza nsuku zonke ukuze uhlale ulazisa iZwi likaNkulunkulu?
1. Kungani sidinga iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe?
SIVELAPHI? Kungani silapha? Siyaphi? Kungani izwe linje? Kwenzekani kithi lapho sifa? Lena imibuzo abantu abayibuzayo emhlabeni wonke. Besiyozazi kanjani izimpendulo zale mibuzo neminye ebalulekile ukube besingenalo iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe? Ukube besingenayo imiBhalo Engcwele, bekuyodingeka ngokuyinhloko sifunde ezintweni esibhekana nazo ekuphileni. Ukube besifundiswa yizo, ingabe besiyoke sizizwe ngendlela umhubi azizwa ngayo ‘ngomthetho kaJehova’?—Funda iHubo 19:7.
2. Yini eyosisiza ukuba silondoloze ukwazisa esinakho ngeBhayibheli njengesipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu?
2 Nokho, iqiniso elibuhlungu liwukuthi abanye baye bavumela ukuba uthando ababenalo ekuqaleni ngeqiniso leBhayibheli luphole. (Qhathanisa nesAmbulo 2:4.) Sebayeka ukuhamba ngendlela ejabulisa uJehova. (Isaya 30:21) Akudingeki lokho kusehlele. Singakwazi futhi kufanele silwele ukulondoloza ukwazisa esinakho ngeBhayibheli nangezimfundiso zalo. IBhayibheli liyisipho esibalulekile esivela kuMdali wethu onothando. (Jak. 1:17) Yini eyosisiza ukuba sijulise ukwazisa kwethu ‘ngezwi likaNkulunkulu’? Isihluthulelo siwukuzindla ngendlela abalobi beBhayibheli abaqondiswa ngayo ukuba balobe imiBhalo. Lokho kuhilela ukucabangela obunye bobufakazi obuningi bokuthi iphefumulelwe. Uma senza kanjalo siyoshukumiseleka ukuba sifunde iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke futhi sisebenzise iseluleko salo.—Heb. 4:12.
‘UKUQHUTSHWA UMOYA ONGCWELE’—KANJANI?
3. Abaprofethi nabalobi beBhayibheli ‘babeqhutshwa kanjani umoya ongcwele’?
3 IBhayibheli lalotshwa amadoda angaba ngu-40 phakathi nenkathi yeminyaka engu-1 610—eqala ngo-1513 B.C.E., iphele ngo-98 C.E. Abanye babengabaprofethi ‘ababeqhutshwa umoya ongcwele.’ (Funda eyesi-2 Petru 1:20, 21.) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “qhutshwa” linomqondo “wokuthwala into uyisuse kwenye indawo uyise kwenye,” futhi “lingahunyushwa ngezindlela ezihlukahlukene: hanjiswa, qhutshwa, vuma ukuhanjiswa uyiswe kwenye indawo.”a Encwadini yezEnzo 27:15 kusetshenziswe leli gama ekuchazeni umkhumbi owabanjwa umoya futhi wawuqhubela endaweni ethile. Abaprofethi nabalobi beBhayibheli “babeqhutshwa umoya ongcwele” ngomqondo wokuthi uNkulunkulu wakhuluma nabo, wabashukumisa, futhi wabaqondisa ngamandla akhe asebenzayo. Ngenxa yalokho, ababhalanga imiqondo yabo, kodwa ekaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi laba baprofethi nabalobi abaphefumulelwe babengayazi nencazelo yalokho ababekubikezela noma ababekubhala. (Dan. 12:8, 9) Yebo, “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu” futhi ayiveli emibonweni yabantu.—2 Thim. 3:16.
4-6. UJehova wasidlulisela ngaziphi izindlela isigijimi sakhe kubalobi beBhayibheli? Fanekisa.
4 Nokho, umoya ongcwele wasidlulisela kanjani isigijimi sikaNkulunkulu kubalobi beBhayibheli? Ingabe wawubatshela izwi nezwi noma wawubanika imiqondo kuphela ababengayibeka ngamazwi abo? Cabanga ngendlela usomabhizinisi angase abhale ngayo incwadi. Lapho kubalulekile ukuba kubhalwe izwi nezwi, uzibhalela ngokwakhe incwadi, noma abizele unobhala wakhe. Unobhala ube eseyibhala, futhi incwadi iba nesignesha kasomabhizinisi. Ngezinye izikhathi, umnika imiqondo eyinhloko kuphela, yena ayibhale ngendlela yakhe nangamazwi akhe. Usomabhizinisi ube eseyihlola abese ecela unobhala ukuba enze ushintsho uma kudingeka. Ekugcineni, leyo ncwadi iba nesignesha kasomabhizinisi futhi ibhekwa njengevela kuye.
5 Ngokufanayo, ezinye izingxenye zeBhayibheli zalotshwa “ngomunwe kaNkulunkulu.” (Eks. 31:18) Lapho kwakubaluleke kakhulu khona ukuba kulotshwe izwi nezwi, uJehova wayebabizela. Ngokwesibonelo, ku-Eksodusi 34:27 siyafunda: “UJehova waqhubeka wathi kuMose: ‘Zilobele phansi la mazwi, ngoba ngenza isivumelwano nawe no-Israyeli ngokwala mazwi.’” Ngokufanayo, uJehova watshela umprofethi uJeremiya: “Zilobele encwadini wonke amazwi engizowakhuluma kuwe.”—Jer. 30:2.
6 Nokho, ezimweni eziningi, uNkulunkulu wayengabatsheli abalobi beBhayibheli izwi nezwi lalokho okwakufanele bakulobe. Kunalokho wayedlulisela ngokuyisimangaliso imiqondo ezinhliziyweni nasezingqondweni zabo, ebavumela ukuba bazikhethele amazwi okuyibeka leyo miqondo. UmShumayeli 12:10 uthi: “Umhlanganisi wafuna ukuthola amazwi ajabulisayo nokuloba amazwi eqiniso okuyiwonawona.” Umlobi weVangeli uLuka ‘wazilandela ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni, wanquma ukuba azilobe ngokuhleleka okunengqondo.’ (Luka 1:3) Umoya kaNkulunkulu waqinisekisa ukuthi ukungapheleli kwabantu akusonakalisi isigijimi sakhe.
7. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kubonakala kanjani ekusebenziseni kwakhe abantu ekulobeni iBhayibheli?
7 Ukuhlakanipha okukhulu kukaNkulunkulu kubonakala ekusebenziseni kwakhe abantu ekulobeni iBhayibheli. Amazwi awadluliseli ukwaziswa kuphela kodwa nemizwa nemizwelo. Kwakungenzekani ukube uJehova wayesebenzise izingelosi ekulobeni? Ingabe zaziyokwazi ukudlulisela imizwelo evame kakhulu kubantu njengokwesaba, ukudabuka nokudumazeka ngendlela abantu abangayiqonda? Ngokuvumela abantu abangaphelele ukuba bazikhethele indlela ababeka ngayo imiqondo ayebanika yona ngomoya ongcwele, uNkulunkulu wadlulisela isigijimi sakhe ngezindlela ezihlukahlukene, ngemfudumalo nangendlela ethinta imizwa nemizwelo yabantu!
HLALE UCABANGA NGOBUFAKAZI
8. Kungani singase sithi ayikho incwadi yenkolo efana neBhayibheli?
8 Kunobufakazi obuningi obubonisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. IBhayibheli lisisiza ukuba sazi uNkulunkulu ukudlula noma iyiphi enye incwadi yenkolo. Ngokwesibonelo, izincwadi zamaHindu zihlanganisa amaculo amaVeda, iqoqo lezincwadi ezikhulumela la maculo, izindaba ezinde zefilosofi okuthiwa ama-Upanishad nezinkondlo eziyizibongo ezaziwa ngokuthi i-Ramayana ne-Mahabharata. I-Bhagavad Gita incwadi equkethe iziyalezo zokuziphatha, iyingxenye ye-Mahabharata. Ezincwadini zobuBuddha okuthiwa i-Tipitaka (AmaQoqo Amathathu), umqulu owodwa uqukethe ngokuyinhloko imithetho neziqondiso zendlela yokuphila yezindela nezindelakazi. Omunye uphathelene kakhulu nezimfundiso zobuBuddha. Umqulu wesithathu uwumbhalo ogciniwe wezimfundiso zikaBuddha ezadluliselwa ngomlomo. UBuddha akakaze athi ungunkulunkulu futhi kuncane kakhulu akusho ngoNkulunkulu. Izincwadi zobuConfucian ziyinhlanganisela yemibhalo egciniwe yezenzakalo, imithetho yokuziphatha, amazwi emilingo nezingoma. Kuyavunywa ukuthi incwadi engcwele yamaSulumane ifundisa ukukholelwa kuNkulunkulu oyedwa emchaza njengoNkulunkulu owazi konke kodwa ayilembuli igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, elivela kaningi eBhayibhelini.
9, 10. Yini esingayifunda ngoNkulunkulu eBhayibhelini?
9 Nakuba izincwadi eziningi eziyinhloko zenkolo kukuncane kakhulu ezikushoyo ngoNkulunkulu, uma kukhona, iBhayibheli lisisiza ukuba sazi uJehova uNkulunkulu nemisebenzi yakhe. Lisisiza ukuba sibone izici eziningi zobuntu bakhe. Aligcini ngokwembula ukuthi uNkulunkulu unguMninimandla onke, uhlakaniphile futhi unobulungisa kodwa nokuthi uyasithanda. (Funda uJohane 3:16; 1 Johane 4:19.) Ngaphezu kwalokho, lithi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzE. 10:34, 35) Ngomqondo othile, ukutholakala kweBhayibheli emhlabeni wonke kuwubufakazi baleli qiniso. Izazi zezilimi zithi kunezilimi ezingaba ngu-6 700 ezikhulunywayo emhlabeni namuhla, ezingaba yikhulu zikhulunywa amaphesenti angu-90 abantu abasemhlabeni. Noma kunjalo, iBhayibheli liye lahunyushwa lilonke noma liyingxenye ngezilimi ezingaphezu kuka-2 400. Cishe wonke umuntu emhlabeni angakwazi ukuthola okungenani izingxenye zalo.
10 UJesu wathi: “UBaba ulokhu esebenza kuze kube manje, nami ngiyasebenza.” (Joh. 5:17) ‘Kusukela nini nanini kuze kube nini nanini uJehova unguNkulunkulu.’ Ngakho, cabanga ngazo zonke izinto azifezile! (IHu. 90:2) IBhayibheli kuphela elisisiza ukuba sazi ngemisebenzi kaNkulunkulu yesikhathi esidlule neyamanje futhi lembule lokho azokwenza esikhathini esizayo. ImiBhalo ibuye isifundise lokho okumjabulisayo nalokho okungamjabulisi, futhi ibonisa indlela esingasondela ngayo kuye. (Jak. 4:8) Masingavumeli noma imiphi iminako noma izinkathazo zomuntu siqu zisidedisele kude naye.
11. Ikuphi ukuhlakanipha okukhulu nokunokwethenjelwa okutholakala eBhayibhelini?
11 Ukuhlakanipha okukhulu nokunokwethenjelwa okuseBhayibhelini kubonisa nokuthi liyincwadi evela eMthonjeni ophakeme kunomuntu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngubani osewazi umqondo kaJehova, ukuba angamyala?” (1 Kor. 2:16) Lelo vesi lisekelwe kulokho umprofethi u-Isaya akubuza abantu bosuku lwakhe: “Ngubani olinganise umoya kaJehova, ngubani futhi njengomuntu wakhe omelulekayo ongamenza azi utho?” (Isaya 40:13) Yiqiniso, impendulo ithi akekho. Yingakho ukusebenzisa iseluleko semiBhalo ngomshado, izingane, ukuzijabulisa, ubudlelwane, ukukhuthala, ukwethembeka nokuziphatha kuba nemiphumela emihle kakhulu! Akwenzeki sithole iseluleko esibi eBhayibhelini. Ngakolunye uhlangothi, abantu bamane nje abanakho ukuhlakanipha okwanele ukuba banikeze izeluleko ezisebenzayo njalo. (Jer. 10:23) Izeluleko zabo zibukezwa futhi zilungiswe njalo lapho beqaphela ukuthi ezangaphambili zazinamaphutha. IBhayibheli lithi: “Imicabango yabantu . . . injengomoya okhishwa ngamakhala.”—IHu. 94:11.
12. IBhayibheli liye lasinda kumiphi imizamo phakathi namakhulu eminyaka?
12 Obunye ubufakazi bokuthi uNkulunkulu weqiniso unguMlobi weBhayibheli sibuthola kulokho umlando osembulela khona ngemizamo eyenziwa yokuliqeda. Ngo-168 B.C.E., inkosi yaseSiriya u-Antiochus IV yazama ukuthola zonke izincwadi eziphefumulelwe zoMthetho ukuze izishise. Ngo-303 C.E., uMbusi wamaRoma uDiocletian wakhipha umyalo wokuba kucekelwe phansi izindawo zokuhlangana zamaKristu futhi kushiswe imiBhalo ayenayo. Lo mkhankaso waqhubeka iminyaka eyishumi. Ngemva kwekhulu le-11, opapa bahola emizamweni yokuvimbela ukusakazwa kolwazi lweBhayibheli, bamelana nokuhunyushelwa kwemiBhalo ezilimini zabantu abavamile. Naphezu kwaleyo mizamo kaSathane namanxusa akhe, iBhayibheli liye lasinda kuze kube manje. UJehova akavumelanga muntu ukuba asiqede lesi sipho sakhe asilungiselele abantu.
UBUFAKAZI OBUYE BAQINISEKISA ABANINGI
13. Ibuphi ubufakazi esingabunikeza bokuphefumulelwa kweBhayibheli?
13 Kunobunye ubufakazi bokuphefumulelwa kweBhayibheli: ukuvumelana kwalo, ukunemba kwalo ngokwesayensi, ukugcwaliseka kweziprofetho zalo, ukwethembeka kwalo okungavamile, amandla alo okuguqula ukuphila kwabantu, ukunemba kwalo ngokomlando nezimpendulo zalo ezanelisayo emibuzweni eshiwo esigabeni sokuqala. Cabangela lokho okwasiza abathile ukuba babone ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu.
14-16. (a) Yini eyenza umSulumane, umHindu nomuntu okholelwa ekutheni uNkulunkulu akaziwa ukuba baqiniseke ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu? (b) Ibuphi ubufakazi bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu othanda ukubusebenzisa ensimini?
14 U-Anwarb wakhuliswa njengomSulumane ezweni elithile laseMpumalanga Ephakathi. Wake wahlala okwesikhashana eNyakatho Melika, futhi phakathi naleso sikhathi kwafika oFakazi BakaJehova kwakhe. Uthi: “Ngaleso sikhathi, nganginombono omubi ngezinkolo zobuKristu ngenxa yeziMpi Zenkolo neziNkantolo Zamacala Ezihlubuki zangeNkathi Ephakathi. Nokho, njengoba ngokwemvelo ngingumuntu onelukuluku, ngavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli.” Ngemva kwesikhashana, u-Anwar wabuyela ezweni lakubo futhi walahlekelana noFakazi. Ngemva kweminyaka ethile, wathuthela eYurophu, lapho afike waqala khona ukufundelwa futhi, wabe esefinyelela kulesi siphetho: “Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli, ukuvumelana kwemiBhalo Engcwele, ukuthola ukuthi iBhayibheli aliziphikisi nothando phakathi kwabakhulekeli bakaJehova kwangiqinisekisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu.” U-Anwar wabhapathizwa ngo-1998.
15 U-Asha oneminyaka engu-16 ubudala ukhulele emkhayeni wamaHindu ozinikele. Uthi: “Ngangithandaza lapho ngisethempelini noma ngisebunzimeni kuphela, kodwa ngangingacabangi nhlobo ngoNkulunkulu lapho izinto zingihambela kahle.” Uyaqhubeka: “Nokho, ukufika koFakazi BakaJehova ekhaya kwakushintsha ngokuphelele ukuphila kwami.” U-Asha wafunda iBhayibheli futhi wazi uNkulunkulu njengoMngane. Yini eyamenza waqiniseka ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu? Uyachaza: “IBhayibheli laliphendula yonke imibuzo enganginayo. Langisiza ukuba ngibe nokholo kuNkulunkulu ngisho noma ngingamboni—okungukuthi, ngisho noma ngingayanga ethempelini ukuyokhothamela isithombe.”
16 UPaula wakhuliswa njengomKatolika, kodwa lapho esekhulile, wazibheka njengomuntu othi uNkulunkulu akaziwa. Kwabe sekwenzeka okuthile. Uyalandisa: “Ngahlangana nomngane engase nginezinyanga ngamgcina. Ngaleso sikhathi wayeyi-hippie. Lapho ngibona indlela ayeseshintshe ngayo—esegundile, eshefile futhi ejabule—ngambuza, ‘Kwenzekeni kuwe, ubukuphi?’ Wathi ubefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, wabe esengishumayeza.” Ukubona indlela iqiniso lemiBhalo elinethonya ngayo kwenza lo muntu owayekholelwa ekutheni uNkulunkulu akaziwa akhangwe isigijimi seBhayibheli futhi walamukela njengeliphefumulelwe uNkulunkulu.
“IZWI LAKHO LIYISIBANI ONYAWENI LWAMI”
17. Kungakuzuzisa kanjani ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke nokuzindla ngalo?
17 IBhayibheli liyisipho esimangalisayo uJehova aye wasilungiselela ngomoya wakhe ongcwele. Kujabulele ukulifunda nsuku zonke futhi uthando lwakho ngalo nangoMlobi walo luyokhula. (IHu. 1:1, 2) Qala ngokuthandaza njalo lapho ulitadisha, ucele umoya kaNkulunkulu ukuba uqondise imicabango yakho. (Luka 11:13) IBhayibheli liqukethe imicabango kaNkulunkulu, ngakho njengoba uzindla ngalokho elikushoyo, ungenza imicabango kaNkulunkulu ibe ngeyakho.
18. Kungani ufuna ukuqhubeka ufundiswa iBhayibheli?
18 Njengoba uqhubeka ukhula olwazini olunembile lweqiniso, phila ngalokho okufundayo. (Funda iHubo 119:105.) Bheka imiBhalo njengokungathi uzibheka esibukweni. Ngakho, uma ubona ukuthi kufanele wenze izinguquko ezithile, zenze. (Jak. 1:23-25) Sebenzisa iZwi likaNkulunkulu njengenkemba yokuvikela izinkolelo zakho nokukhipha izimfundiso zamanga ezinhliziyweni zabamnene. (Efe. 6:17) Njengoba wenza kanjalo, bonga ngokuthi abaprofethi namadoda basetshenziswa ekulobeni isigijimi seBhayibheli ngempela “babeqhutshwa umoya ongcwele.”
[Imibhalo yaphansi]
a I-Greek-English Lexicon of the New Testament and Other Early Christian Literature.
b Amanye amagama ashintshiwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 29]
Funda iBhayibheli nsuku zonke, futhi uthando lwakho ngoMlobi walo luyokhula
[Isithombe ekhasini 26]
Incwadi ibhekwa njengevela kumuntu enesignesha yakhe