Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 6/15 kk. 5-7
  • Ngokushesha Ukugula Noma Ukufa Kuzobe Kungasekho!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngokushesha Ukugula Noma Ukufa Kuzobe Kungasekho!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imvelaphi Yokugula Nokufa
  • Emhlabeni Noma Ezulwini?
  • Kungani Kuzokwenzeka Ngokushesha?
  • Ukugula—Liyini Ithemba Lokukhululeka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ngokushesha—Bonke Abantu Bazoba Yimiqemane!
    I-Phaphama!—2001
  • Lapho Ukugula Kungasekho!
    I-Phaphama!—2007
  • IsAmbulo 21:4—“Azesule Izinyembezi Zonke”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 6/15 kk. 5-7

Ngokushesha Ukugula Noma Ukufa Kuzobe Kungasekho!

AKEKHO umuntu ojabulela ukugula, futhi abantu abafuni ukufa. Uprofesa wesayensi yezokuhlalisana kwabantu ephathelene nezokwelapha uyagomela: “Ukufuna ukuphila okuthatha isikhathi eside kubonakala cishe kwenzeka endaweni yonke kuwo wonke umlando nasemiphakathini eminingi. Kuhlobene nomuzwa oyisisekelo oshukumisela ekufuneni ukuzilondoloza . . . UPonce de Leon umane nje ungumuntu odume kunabo bonke ohlwini olude lwabantu abachitha ukuphila kwabo befuna ukuphila okuthatha isikhathi eside. Ingxenye enkulu yesayensi yezokwelapha ilungiselelwe ukulondoloza ukuphila okuthatha isikhathi eside ngokulwa nezifo kanye nokufa.”

Ukufa kusilimaza kakhulu isimo sethu sangaphakathi kangangokuthi lapho kunqoba abangane namalungu omkhaya, cishe ngokwemvelo sizama ukudambisa igalelo lakho. Incwadi ethi Funeral Customs the World Over iyaphawula: “Alikho iqembu, kungakhathaliseki ukuthi aliphucukile kangakanani noma liphucuke kangakanani, okuthi uma liyekelwa ukuba lizibonele lenze ngokusemandleni alo futhi elingazingcwabi izidumbu zamalungu alo ngokwenza inkonzo. . . . Kwanelisa izifiso ezijulile abantu abanazo yonke indawo. Ukukwenza kubonakala ‘kulungile,’ futhi ukungakwenzi, ikakhulukazi ngalabo abahlanganiswe ngokuseduze ngumkhaya, umuzwa, ukuphila okuhlanganyelwayo, okuhlangenwe nakho okufanayo noma ezinye izibopho, kubonakala ‘kungalungile,’ kuwukuyekwa kwento ethile okungekhona okungokwemvelo, into okumelwe kuxoliswe noma kube nokuzisola ngayo. . . . [Umuntu] uyisidalwa esingcwaba umuntu waso ofile ngokuba senze inkonzo.”

Imvelaphi Yokugula Nokufa

Ngakho umqondo wokuthi ukugula nokufa ngolunye usuku kuyopheliswa ukhanga ngokunamandla, kodwa ingabe sikhona isisekelo senkolelo enjalo? Ngempela sikhona, futhi sinengqondo, sinokwethenjelwa, futhi asinaphutha. SiyiZwi eliphefumlelwe loMdali wethu—IBhayibheli Elingcwele.

Leyoncwadi iyichaza ngokucacile imvelaphi yosizi lomuntu. Isitshela ukuthi umuntu wokuqala, uAdamu, wadalwa uNkulunkulu futhi wabekwa ekhayeni eliyinsimu eyipharadesi elalisendaweni ethile eMpumalanga Ephakathi. UAdamu wadalwa ephelele; ukugula nokufa wayengakwazi. Ngokushesha wajoyinwa umfazi owayephelele ngokulinganayo naye, futhi bendawonye bajabulela ithemba lokuphila okuphakade emhlabeni.—Genesise 2:15-17, 21-24.

Lesisimo esijabulisayo asizange sihlale isikhathi eside. Ngani? Ngoba uAdamu ngobugovu wakhetha indlela yokuphila engadingi ukuba ancike kuNkulunkulu. Kwaphumela ekusebenzeni kanzima, ebuhlungwini, ekuguleni, futhi ekugcineni nasekufeni. (Genesise 3:17-19) Inzalo yakhe yazuza njengefa uhlobo lokuphila olungajabulisi uAdamu ayelukhethile. EyabaseRoma 5:12 iyachaza: “Isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” EyabaseRoma 8:22 iyanezela: “Siyazi ukuthi konke okudaliweyo kuyabubula kanyekanye kunezinseka kuze kube-manje.”

Emhlabeni Noma Ezulwini?

Nokho, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu ngokushesha uzobuyisela isintu esilalelayo esimweni esijabulisayo esalahlwa uAdamu noEva. IsAmbulo 21:3, 4 sithi: “Yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” Ngokufanayo umprofethi wasendulo wasibona kusengaphambili isikhathi lapho ‘abakhé khona bengayikusho ukuthi: Ngiyagula.’—Isaya 33:24.

Ingabe ungacabanga ngezwe elingenazo izibhedlela, izindawo zasemakhazeni, namathuna? Ingabe ungazicabanga uphila njalo-njalo, ukhululekile ngisho nasosongweni lokuhlupheka nokufa? Yebo, isithembiso sikaNkulunkulu sithinta imizwelo ejulile kithi sonke. Nokho, singaqiniseka kanjani ukuthi lesithembiso esimangalisayo senzelwe imbulunga yethu enguMhlaba—hhayi izulu? Phawula umongo wemiBhalo okukhulunywe ngayo ngaphambili. Amavesi okuqala esAmbulo isahluko 21 akhuluma ‘ngezulu elisha nomhlaba omusha.’ Kushiwo ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyoba nesintu futhi sona siyoba abantu bakhe. Isithembiso esisencwadini kaIsaya sokuthi akukho-muntu oyogula silandelwa amazwi abhekisela ‘kubantu abahlala [“ezweni,” NW],’ abaye ‘bathethelelwa ububi babo.’

Ngakho lezithembiso ezikhuthazayo zibhekisela ekuphileni emhlabeni! Futhi zivumelana nomthandazo kaJesu kuYise: “Mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.

Kungani Kuzokwenzeka Ngokushesha?

OFakazi BakaJehova baye basiza izigidi ukuba ziqaphele ukuthi lezithembiso zizogcwaliswa esikhathini esizayo esingekude. Nokho, kungasiphi isisekelo bezizwa beqiniseka kangaka ngalokhu? Ngesisekelo sobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesimiso samanje sezinto emhlabeni, noma uhlelo. (2 Thimothewu 3:1-5) Abafundi bakaJesu bacela isibonakaliso ngokuqondene nesikhathi isiphelo sesimiso sezinto esasiyofika ngaso. Ephendula uJesu wabikezela ngokuningiliziwe izenzakalo zezwe ezandayo eziye zenzeka kusukela ekugqashukeni kweMpi Yezwe I ngo-1914.a Wayesenezela: “Nxa nibona konke lokhu, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango. Ngiqinisile ngithi kini: Lesisizukulwane asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.” Ngakho abanye balesizukulwane ababephila ngo-1914 bayophila baze babone ukuphela kwesimiso, sezwe samanje.—Mathewu 24:33, 34.

Ngalesosikhathi uJehova uNkulunkulu uzothuma iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuba ibhubhise zonke izimbangela zokuhlupheka nosizi kulembulunga enhle enguMhlaba. IBhayibheli likhuluma ngokuqedwa kobubi ngokuthi ‘ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ eArmagedoni.—IsAmbulo 16:14, 16.

Inani elikhulu labantu abesaba uNkulunkulu lizosinda kulesenzakalo esesabekayo futhi liphile lize libone lapho ukubusa okunokuthula kukaKristu Jesu kuqala. (IsAmbulo 7:9, 14; 20:4) Nakuba ukubusa kwakhe kuzobe kuvela ezulwini, imiphumela yakho enenzuzo izojatshulelwa yibo bonke abahlala emhlabeni—kokubili abasindé empini yeArmagedoni kanye nezigidi zezigidi ezizovuswa kwabafile ngokulandelana. Khona-ke lesithembiso sizogcwaliseka: “Umelwe [uKristu] ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.”—1 Korinte 15:25, 26.

Ngakho singasho ngokuqiniseka: “Ngokushesha ukugula noma ukufa kuzobe kungasekho!” Leli akulona iphupho, futhi akusona isifiso nje senhliziyo. Kuyisithembiso esiqinisekile sikaJehova uNkulunkulu, “ongaqambi amanga.” Ingabe uzothembela kulelithemba? Kungakuzuzisa phakade!—Thithu 1:2.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ubufakazi obengeziwe bokuthi isintu siphila ezinsukwini zokugcina, bheka isahluko 18 sencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 7]

Ngokushesha ukugula nokufa kuzothathelwa indawo impilo yobungqabavu nokuphila okuphakade

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela