Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 7/15 k. 3
  • Ukufuna Uhlelo Lwezwe Olusha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Uhlelo Lwezwe Olusha
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Akukhona Ukufuna Okungenazo Izinkathazo
  • Amacebo Omuntu Okulondeka Kwezizwe Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Isintu Silangazelela Izwe Elisha
    I-Phaphama!—1992
  • “Uhlelo Lwezwe Elisha”—Lunesiqalo Esintengantengayo
    I-Phaphama!—1996
  • Izwe Elisha—Ingabe Liyoke Lifike?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 7/15 k. 3

Ukufuna Uhlelo Lwezwe Olusha

“AWEKHO amabalazwe okusihola lapho siya khona, kulelizwe elisha esizenzela lona. Njengoba izwe libheka emuva emashumini ayisishiyagalolunye eminyaka empi, okubanga, okusolana, masibheke futhi naphambili—ekhulwini elisha leminyaka, nasenkulungwaneni entsha yeminyaka, yokuthula, yenkululeko nokuchuma.”

Umongameli waseU.S. uGeorge Bush washo lawomazwi ngoJanuary 1, 1990. Enkulumweni efanayo, umongameli waseSoviet uMikhail Gorbachev ngalesosikhathi wahlongoza ukuba kube nobambiswano eminyakeni yawo-1990 ukuze kususwe “ezweni ukwesaba nokungathembani, izikhali ezingadingekile, imibono ephelelwe isikhathi yezombangazwe nezimfundiso ezingokwezempi, kanye nezithiyo ezenziwe umuntu phakathi kwabantu nemibuso.” Yabika kanjalo iMainichi Daily News yaseJapane kaJanuary 3, 1990.

Ngokusobala, ayemakhulu amathemba. Ayesemakhulu esikhathini esingangonyaka kamuva. ENkulumweni yakhe Yaminyaka Yonke (State of the Union) ngoJanuary 29, 1991, uMongameli uBush wabhekisela empini yasePersian Gulf futhi wathi: “Okusengozini akulona nje izwe elilodwa elincane [iKuwait], kodwa wumqondo omkhulu—uhlelo lwezwe olusha lapho izizwe ezihlukene zihlangana ndawonye emgomweni ofanayo ukuze zifinyelele ukulangazelela kwesintu okusendaweni yonke: ukuthula nokulondeka, inkululeko nokubusa komthetho.”

Akukhona Ukufuna Okungenazo Izinkathazo

Izinkinga eziningi zivimbela umuntu ekufuneni kwakhe uhlelo lwezwe olusha. Ukulwa kuhlonyiwe ngokuqinisekile kuyisithiyo. Ubhekisela ebutheni obabusaqhubeka eIraq naseKuwait, umagazini iTime kaJanuary 28, 1991, wathi: “Njengoba kwakuwa amabhomu futhi kundiza imicibisholo, amathemba ohlelo lwezwe olusha abuyela kwawesiphithiphithi esivamile.” Leliphephabhuku lanezela: “Akukho-muntu okufanele akhohliswe ngokuthi uhlelo lwezwe olusha okuqhoshwa ngalo kakhulu kuyafaneleka ukuba lufike noma nanokuthi luseduze.”

Ukubambisana kwezizwe zonke akuzange kufinyelelwe, futhi lokhu kuphazamisa imizamo yomuntu yokumisa uhlelo lwezwe olusha. Embikweni osencwadini ethi The World & I (January 1991), izazi zahlola “izimiso ezivelayo zezangaphandle zemibuso emikhulu kanye nethonya ezingaba nalo ohlelweni lwezwe olusha.” Umhleli waphetha: “Umlando usikisela ukuthi umugqa phakathi kwempi nokuthula mncane kakhulu lapho izimo zingcono kakhulu. Ukubambisana kwezizwe zonke, ikakhulukazi phakathi kwemibuso emikhulu, kubalulekile ekushintsheni okuphumelelayo kusuka eMpini Yokubhekana Ngeziqu Zamehlo kuya ohlelweni lwezwe olusha.”

Izinkinga zendawo ezungezile nazo zivimbela uhlelo lwezwe olusha abaningi abalucabangayo. KuyiState of the World ka-1991 (umbiko weNhlangano Ehlola Izwe), uLester R. Brown wathi: “Akekho ongasho ngokuqiniseka ukuthi uhlelo olusha luyoba njani. Kodwa ukuze sakhele isizukulwane esilandelayo ikusasa elithembisayo, khona-ke umzamo omkhulu odingekayo wokubuyisela emuva ukonakaliswa kwendawo ezungezile yaleplanethi uyobusa izindaba zezwe amashumi eminyaka ezayo.” Lombiko waphawula ukuthi ukungcola komoya kwase “kufinyelele amazinga asongela impilo emakhulwini amadolobha namazinga alimaza izitshalo emazweni amaningi.” Wenezela: “Njengoba landa inani labantu abahlala kuleplanethi, inani lezitshalo nezilwane liyancipha. Ukonakaliswa kwendawo yokuhlala nokungcola kunciphisa ukwehlukahluka kwezinto eziphilayo zomhlaba. Amazinga okushisa anyukayo nokuncipha kolwelwesi lweozone kunganezela emonakalweni.”

Khona-ke, kusobala ukuthi ukufuna komuntu uhlelo lwezwe olusha kugcwele izinkinga. Ingabe lokhu kufuna kuyophumelela? Ingabe kungashiwo ukuthi izwe elisha liseduze? Uma kunjalo, liyolethwa kanjani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela