Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g92 10/22 k. 3-k. 4
  • Isintu Silangazelela Izwe Elisha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isintu Silangazelela Izwe Elisha
  • I-Phaphama!—1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Luhlobo Luni Lwezwe Elisha?
  • Lithini IBhayibheli Ngempi YeNuzi?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Abantu Bangakuletha Yini Ukuthula Nokulondeka Okungapheli?
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • Izwe Elisha—Ingabe Liyoke Lifike?
    I-Phaphama!—1993
  • Impi Yenuzi—Obani Abawusongo?
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1992
g92 10/22 k. 3-k. 4

Isintu Silangazelela Izwe Elisha

UKULANGAZELELA izwe elisha akukaze kube kukhulu ukwedlula manje. Amashumi ayisishiyagalombili eminyaka adlule ezimpi, ukubhikisha, indlala, imiqedazwe yezifo, ubugebengu, nokungcola aye aba acindezelayo. Isintu sifuna ukuzithola sisezweni elisha lokuthula. Besabela kulesifiso, abaholi bezwe sebeqalile ukukhuluma ngokudala izwe elinjalo.

Akungabazeki ukuthi uye wezwa noma wafunda ngezinkulumo zamadoda avelele ememezela ukuthi izwe elisha liseduze. Umongameli waseU.S. uGeorge Bush wathi enkulumweni ayinikeza ngoSeptember 1991: “Namuhla kusihlwa, njengoba ngibona idrama yesimiso sokubusa ngentando yeningi yembuleka kuyo yonke imbulunga, mhlawumbe—mhlawumbe sesisondele ngokwengeziwe kulelozwe elisha kunanini ngaphambili.”

Njengobufakazi bokuthi izwe elisha liseduze, abaholi bomhlaba bakhomba ekupheleni kweMpi Yomshoshaphansi phakathi kwamazwe aseMpumalanga namazwe aseNtshonalanga. Ngempela, izwe liphefumula ngokukhululeke kakhudlwana njengoba kusetshenziswa izimiso zokunciphisa izikhali. Ukuncishiswa kwezikhali zenuzi kuqinisa ithemba labantu abaningi lezwe elisha lokuthula nokulondeka.

NgoApril walonyaka, uGeorge McGhee, unobhala ongaphansi kahulumeni wangesikhathi sokuphatha kukamongameli waseU.S. owashona uJohn F. Kennedy, wamemezela: “Manje sesinethuba—ngempela, isidingo—sokwenza amacebo esimiso sezwe elisha esisekelwe ezicini ezintsha zokulondeka.” Wanezela: “Ithemba elithembisa ngempela lesimiso esiphumelelayo sezwe elisha, ngikholelwa ukuthi, lixhomeke ekuqiniseni izibopho zomphakathi wezizwe zonke.”

UMcGhee wathi ukuyeka kweFrance ukuhlola ngenuzi kuze kube sekupheleni kuka-1992 “kwakuyindlela yokushukumisa eminye imibuso esebenzisa inuzi ukuba yenze okufanayo.” Futhi wakhomba “ekuthatheni izinyathelo kuqala” kweRussia “zokunciphisa izikhali zenuzi nokuyeka isimo esibucayi sokuhlala kwamabutho alwa ngenuzi elungele impi.”

Ngaphezu kwalokho, emhlanganweni wabaholi bezwe eLondon ngoJuly 1991, abayisikhombisa babo bamemezela ukuthi ukubambisana empini yasePersian Gulf “kwaqinisekisa ikhono lomphakathi wezizwe zonke lokusebenza ndawonye ‘ekubuyiseleni ukuthula nokulondeka kwezizwe zonke nasekuxazululeni ingxabano.’”

Luhlobo Luni Lwezwe Elisha?

Konke lokhu kuzwakala kukhuthaza. Kodwa zibuze, Luhlobo luni lwezwe elisha izizwe ezinethemba lokulidala? Ingabe yizwe elingenazikhali, elingenazimpi?

UMcGhee uyaphendula: “IMelika kufanele ilondoloze amandla anele angokwezempi ukuze nayo ihlanganyele kunoma imuphi umzamo obumbene wezempi wesikhathi esizayo, noma inqobe uma impi ingagwemeki.” Ngakho abaholi bezwe abagqugquzeleli ukungabi nazo ngokuphelele izikhali, futhi abawulahli umzamo wempi, uma njengoba uMcGhee asho, “impi ingagwemeki.” Ohulumeni bamane nje abanakuthembisa izwe elisha elingenayo impi. Eqinisweni, bayazi ukuthi abanakulidala izwe elinjalo.

Ngokwesibonelo, ake ubheke lokho okwenzekile kakade. Ngaphansi kwesihloko esithi “Uhlelo Lwezwe Elisha” kuyiNew York Times kaMay 17, 1992, umhleli wephephandaba uAnthony Lewis wabhala: “Lapho ngibukela imifanekiso yethelevishini yeziqhumane ezitshuzayo ziwela [eSarajevo, eBosnia naseHerzegovina,] nabangekho empini bephamazela ngokwesaba, ngacabanga ukuthi impucuko yayingakathuthuki kusukela ngesikhathi amabhomu amaNazi ewela eRotterdam. Uhlelo oluthile lwezwe elisha.”

Nokho, ngaphandle kokuqedwa kwempi, kunezinye izinkinga eziningi ezidinga ukuxazululwa ukuze kudalwe izwe elisha elanelisayo. Cabangela ukungcola okubhubhisayo okonakalisa kancane kancane umoya wethu, izwe, nezilwandle; ubugebengu obunamandla obuhleliwe nabashushumbisi bezidakamizwa abaphanga izigidi zabantu impahla yazo nempilo; ukubhujiswa okungenangqondo kwamahlathi emvula okunengxenye ekukhukhulekeni kwenhlabathi futhi ekugcineni okuholela ezikhukhuleni ezibhubhisa izitshalo.

Ngaphezu kwalokho, kunezifo ezimbi ezingokomzimba ezisalindele amakhambi, kuhlanganise nenkinga yenhliziyo, umdlavuza, ingculaza, ileukemia, nediabetes. Futhi kuthiwani ngezinkinga zobumpofu, ukungabi namakhaya, ukuntuleka kokudla namanzi, ukungondleki kahle, ukungafundi, nokuncipha kongqimba lweozone? Ngempela, uhlu luyaqhubeka njalo. Lezinkinga ezibucayi zinjengenqwaba yamabhomu acushiwe. Umuntu kumelwe awathene amandla manje ngaphambi kokuba aqhume kube nochungechunge lwezinhlekelele ezingaholela ekuziqothuleni kwakhe. Ingabe angalakha izwe elisha ngesikhathi ukuze enze lokhu?

Sekuyiminyaka eminingi izinhlangano nezingqungquthela zisebenza kanzima ukuze zixazulule izinkinga zomhlaba. Nokho, akukhona nje kuphela ukuthi izinkinga ziye zanda kodwa kuye kwavela ezintsha neziyinkimbinkimbi ngokwengeziwe. Ingabe ukungakwazi komuntu ukuzixazulula kusho ukuthi ukulangazelela kwesintu izwe elisha elinokuthula, elilondekile kuyize? Singaphendula ngokuqiniseka ngokuthi cha! Siza ucabangele isizathu sokuba sisho kanjalo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela