Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 10/22 k. 3-k. 5 isig. 3
  • Izwe Elisha—Ingabe Liyoke Lifike?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwe Elisha—Ingabe Liyoke Lifike?
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Akuyona Ngempela Into Entsha
  • Ukwehluleka Kwemizamo Yomuntu
  • Ingabe Sikhona Isizathu Sethemba?
  • Isintu Silangazelela Izwe Elisha
    I-Phaphama!—1992
  • Umhlaba Omusha Othenjiswe Ngunkulunkulu
    Hlalani Nilindile!
  • Part 8—Ukubusa Isikhathi Eside Kwemibuso Yezwe Kusondela Ekupheleni Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izwe Elisha Liseduze!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 10/22 k. 3-k. 5 isig. 3

Izwe Elisha—Ingabe Liyoke Lifike?

NGO-APRIL 13, 1991, uGeorge Bush, owayengumongameli wase-United States ngalesosikhathi, wanikeza inkulumo eMontgomery, e-Alabama, eyayinesihloko esithi: “Ithuba Lokuvela Kohlelo Lwezwe Elisha.” Ekuphetheni, wathi: “Izwe elisha esibhekene nalo . . . , liyizwe elimangalisayo lokusungula izinto ezintsha.”

Ezinyangeni ezimbili kamuva i-Bulletin of the Atomic Scientists yabonisa ukuthi njengoba kuwa imibuso yobuKhomanisi eMpumalanga Yurophu, “uhlelo lwezwe elisha olusekelwe ekuthuleni, ubulungisa, nokubusa ngentando yeningi lubonakala luseduze.”

Inkulumo enjalo ephathelene nezwe elisha iye yaqhubekela ku-1993. I-New York Times ngo-January yabika ngesivumelwano esasinxusela ukuncishiswa kwezikhali zenuzi. Leliphephandaba lathi: “Lokho kubeka iMelika neRussia ‘onqenqemeni lwezwe elisha lethemba,’ ngokwamazwi kaMongameli Bush akhethwe ngokucophelela.”

Emasontweni amabili kamuva umongameli omusha wase-U.S., uBill Clinton, wamemezela enkulumweni yakhe yokumiswa njengomongameli: “Namuhla, njengoba uhlelo oludala ludlula, izwe elisha linenkululeko eyengeziwe kodwa liyantengantenga kakhulu.” Waze wathi: “Lelizwe elisha selikucebisile kakade ukuphila kwezigidi zamaMelika.”

Ngakho kuye kwakhulunywa kakhulu ngezwe elisha—elihlukile nelingcono. Ngokokunye ukubala, phakathi nesikhathi esifushane kakhulu, uGeorge Bush wakhuluma ‘ngoHlelo Lwezwe Elisha’ izikhathi ezingu-42 ezinkulumweni zasobala.

Kodwa ingabe amazwi anjalo ayingqayizivele? Ingabe ake ezwakala yini ngaphambili?

Akuyona Ngempela Into Entsha

Ngo-May 1919, ngemva nje kweMpi Yezwe I, i-Federal Council of the Churches of Christ eMelika yabamba umhlangano eCleveland, e-Ohio, lapho kwamenyezelwa khona ‘ithuba lokuvela kwezwe elisha nelingcono.’ Esinye isikhulumi sagomela: “Kuyoba izwe elisha lapho isimiso sokuncintisana siyobe sithathelwe indawo isimiso sobudlelwane nobungane. Kuyoba izwe elisha lapho isimiso sobunye siyobe sithathe indawo yesimiso sokwehlukana . . . Kuyoba izwe elisha lapho ubuzalwane nobungane kuyobe kususe bonke ubutha ngaphandle kwempi emelene nobubi.”

Lamasonto ayekholelwa ukuthi lelizwe elisha laliyofika kanjani? Ngohulumeni woMbuso kaNkulunkulu othenjiswe eBhayibhelini? Cha. Ayebheke enhlanganweni yezombangazwe ukuba ilethe izwe elinjalo elisha. “Esikhuluma ngakho namuhla njengeNhlangano YeZizwe,” kwasho omunye umholi wesonto, “umphumela obalulekile nongenakugwenywa walo lonke ukholo lwethu lobuKristu nomzamo ezweni.” Abaholi bamasonto bangalesosikhathi baze bancoma iNhlangano YeZizwe ‘njengewukubonakaliswa okungokombangazwe koMbuso kaNkulunkulu emhlabeni.’

Ngakolunye uhlangothi, umholi onamandla eJalimane, u-Adolf Hitler, wayemelene neNhlangano YeZizwe futhi ngawo-1930 wamisa i-Third Reich yaseJalimane. Wathi i-Reich yayizohlala iminyaka eyinkulungwane futhi yayizofeza lokho iBhayibheli elithi uMbuso kaNkulunkulu kuphela ongakufeza. “Ngiqala ngentsha,” kusho uHitler. “Ngayo ngingalenza izwe elisha.”

UHitler wakha inkundla enkulu eNuremberg ukuze kuboniswe amandla amaNazi. Ngokuphawulekayo, kwamiswa izinsika ezingu-144 esiteji esicishe sibe ngamamitha angu-300 ubude. Kungani kwamiswa izinsika ezingu-144? IBhayibheli likhuluma ngabangu-144 000 abayobusa ‘neWundlu’ uJesu Kristu, nokuthi ukubusa kwabo kuyothatha iminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 14:1; 20:4, 6) Ngokusobala, ukumiswa kwezinsika ezingu-144 enkundleni yaseNuremberg kwakungekhona ukuthi ucilo wethuka ezishaya endukwini ngokwezinombolo, njengoba ukusebenzisa ulimi nemifuziselo engokweBhayibheli kwezikhulu zamaNazi kugcinwe kahle ezincwadini.

Waba yini umphumela wemizamo yabantu yokufeza lokho iBhayibheli elithi kuyofezwa uMbuso kaNkulunkulu kuphela?

Ukwehluleka Kwemizamo Yomuntu

Umlando ukufakazela ngokucacile ukuthi iNhlangano YeZizwe yehluleka ukuletha izwe elisha lokuthula. Leyonhlangano yawa lapho izizwe zingena shí eMpini Yezwe II. Ngaphezu kwalokho, ngemva nje kweminyaka engu-12, i-Third Reich yashabalala. Kwakuwukwehluleka okuphelele, ihlazo emkhayeni wesintu.

Kuwo wonke umlando imizamo yomuntu yokwakha izwe elisha elinokuthula iye yehluleka ngezindlela ezihlukahlukene. OwayenguNobhala KaHulumeni wase-U.S. uHenry Kissinger waphawula: “Yonke impucuko eyake yaba khona iye yawohloka ekugcineni. Umlando uyindaba yemizamo eyahluleka, yezifiso ezingazange zigcwaliseke.”

Khona-ke, kuthiwani ngohlelo lwezwe elisha ababusi bezwe abebelukhankasela muva nje? Ukugqashuka kodlame lobuhlanga kuye kwawenza ihlaya wona kanye umbono wezwe elinjalo elisha. Ngokwesibonelo, ngo-March 6 odlule, umhleli wephephandaba uWilliam Pfaff wagcona: “Uhlelo lwezwe elisha selufikile. Luhle futhi lusha ngempela, luthuthukisa ukuhlasela, ubudlova nokubhubhisana kwezinhlanga njengokuziphatha okwamukelekayo komhlaba wonke.”

Izingxabano ezesabekayo nezenzo zonya eziye zavela selokhu kwawa ubuKhomanisi ziyashaqisa. Ngisho noGeorge Bush, ngaphambi nje kokushiya isikhundla sakhe ngo-January, waphawula: “Ngokuhamba kwesikhathi izwe elisha lingase lisongele njengelidala.”

Ingabe Sikhona Isizathu Sethemba?

Ingabe lokhu kusho ukuthi lesimo asinalo ithemba? Ingabe izwe elisha limane nje liyiphupho elifiselekayo? Ngokusobala, abantu bahlulekile ukwakha izwe elisha. Kodwa kuthiwani ngesithembiso soMdali sokwenza kanjalo? “Siyalindela ngesithembiso sakhe [sikaNkulunkulu] amazulu amasha nomhlaba omusha,” kusho iBhayibheli.—2 Petru 3:13.

Amazulu amasha athenjiswa uNkulunkulu awukubusa okusha phezu komhlaba. Lokubusa okusha uMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wakhe wasezulwini uJesu afundisa abantu ukuba bawuthandazele. (Mathewu 6:9, 10) Ngalesosikhathi lowohulumeni wasezulwini uyokwakhiwa uJesu Kristu nababusa kanye naye abangu-144 000, futhi umhlaba omusha kuyoba umphakathi omusha wabantu. Yebo, bayophila ezweni elisha elikhazimulayo besekela ukubusa kukaNkulunkulu ngokwethembeka.

Uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu uyobusa phezu kwezwe elisha elithenjisiwe. Ngakho lelizwe elisha ngeke liqanjwe umuntu. Enye i-encyclopedia yeBhayibheli iyachaza: “Umbuso kaNkulunkulu awusho neze isenzo sabantu noma indawo abayimisayo. Lombuso uyisenzo saphezulu, hhayi okufezwa umuntu noma ngisho okufezwa amaKristu azinikezele.”—The Zondervan Pictorial Encyclopedia of the Bible.

Izwe elisha ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu lizofika ngokuqinisekile. Ungathembela esithembisweni sokufika kwalo ngoba lesosithembiso senziwa “uNkulunkulu ongaqambi amanga.” (Thithu 1:2) Siza ucabangele ukuthi izwe elisha likaNkulunkulu liyoba yizwe elinjani.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

NASA photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela