Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 9/1 kk. 3-4
  • Ingabe Izimo Ziyalunga Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Izimo Ziyalunga Ngempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenezela Isici Esisha
  • Ingabe Kusekelwe Ngokwaphezulu?
  • ‘Kwase Kuba Ukuwa Kodonga’
    I-Phaphama!—1991
  • Iphupho Lobunye BeYurophu
    I-Phaphama!—1991
  • IYurophu Enobunye—Kungani Iyosho Lukhulu?
    I-Phaphama!—2000
  • IBerlin—Isibuko Sezwe Lethu?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 9/1 kk. 3-4

Ingabe Izimo Ziyalunga Ngempela?

“Udonga [lwaseBerlin] lungase lube nezimbobo ezengeziwe njengoba izibopho eziphakathi kweMpumalanga neNtshonalanga zanda. Kodwa luyothatha iminyaka, ngisho nezizukulwane, ngaphambi kokuba luwe. Amazwe amabili aseJalimane awasoze aphinde abe munye.” Kwakubhalwe lokho kumagazini wezindaba waseMelika ofundwa kakhulu wangoMarch 1989.

Ezinsukwini ezingaphansi kuka-250—hhayi iminyaka, ingasaphathwa eyezizukulwane—kamuva, udonga lwaqala ukubhidlika. Phakathi namasonto ambalwa, izinkulungwane zezingcezu zalo, manje eseziphenduke zaba izikhumbuzo, kwakuhlotshiswe ngazo emadeskini emhlabeni wonke.

UTHANGO olugqwale kakhulu ekugcineni lwase luhlukanisiwe, lubangela amathemba okuthi ngemva kwesikhathi eside ukuthula nokulondeka komhlaba wonke kwakuseduze. Ngisho neMpi yaseGulf eMpumalanga Ephakathi ayizange ilifiphaze ithemba lokuthi uphelile umbango okade waba khona phakathi kweMpumalanga neNtshonalanga, nokuthi uhlelo lwezwe olusha lwaluseduze.

Ukwenezela Isici Esisha

Kusukela empini yezwe yesibili, kuye kwabonakala kunentuthuko eholela kuyiYurophu ehlangene. Ngo-1951, izizwe zaseNtshonalanga Yurophu zamisa iEuropean Coal and Steel Community. Ngo-1957 lena yalandelwa iEuropean Common Market. Ngo-1987 amazwe angu-12 angamalungu alomphakathi wezizwe zonke (manje onabantu abayizigidi ezingu-342) abeka umgomo wokufinyelela ubunye obuphelele kwezomnotho ngo-1992. Ngisho nobunye obuphelele bezombangazwe manje bubonakala buyinto engenzeka kakhulu. Yeka ushintsho oluqabulayo lokhu okuyilo emlandweni ogcwele igazi waseYurophu wesikhathi esisanda kudlula!

Nokho, ngenxa yezinxushunxushu zezombangazwe zamuva nje u-1992 uqala ukuba nokubaluleka okukhulu ngokwengeziwe. Uye wanda umbono wokuthi amazwe ayengawobuKhomanisi aseMpumalanga Yurophu nawo ekugcineni angase ahlanganiswe kuyiYurophu ehlangene.

Ingabe Kusekelwe Ngokwaphezulu?

Amanye amaqembu enkolo, engasinaki isimiso sokungathathi-hlangothi kobuKristu, avumela ukucindezelwa kwenkolo okwathatha amashumi eminyaka eMpumalanga Yurophu ukuba kuwenze ahileleke ngenkuthalo kwezombangazwe. Iphawula ngalokhu, iFrankfurter Allgemeine Zeitung yaseJalimane ekhishwa nsuku zonke ithi “ingxenye amaKristu aba nayo ekuletheni izinguquko eMpumalanga ayinakubekelwa inselele,” inezela ukuthi “ingxenye yawo ngokuqinisekile akumelwe ilulazwe.” Iyenaba: “Ngokwesibonelo, ePoland inkolo yazihlanganisa nesizwe, futhi isonto laba umphikisi onenkani weqembu elibusayo; eGDR [okwakuyiMpumalanga Jalimane] isonto lanikezela ngezindawo zokusebenzela kubaphikisi futhi labavumela ukuba basebenzise izakhiwo zesonto ngezinjongo zokuhlela; eCzechoslovakia, amaKristu nabasekela ukubusa kwentando yeningi bahlangana ejele, baqala ukwazisana, futhi ekugcineni bahlangana ndawonye.” Ngisho naseRomania, lapho “amasonto aba khona izikhonzi ezithembekile zombuso kaCeauşescu,” into eyaqalisa ukuvukela kwaba ukusongelwa ngokuboshwa komfundisi uLaszlo Tökes.

IVatican nayo yahileleka. Umagazini iTime ngoDecember 1989 waphawula: “Nakuba isimiso sikaGorbachev sokungazigaxi kwezabanye saba yimbangela eqondile yezenzakalo ezilandelanayo zenkululeko ezaqubuka eMpumalanga Yurophu ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, uJohn Paul ufanelwe udumo oluhlala isikhathi eside ngokwengeziwe. . . . Phakathi nawo-1980 izinkulumo zakhe zawugcizelela ngokuphikelelayo umqondo wokuba iYurophu iphinde ihlanganiswe ndawonye kusukela eAtlantic kuya ezintabeni iUral futhi iphefumlelwe ngokholo lobuKristu.” Ngakho njengokuvamile, lapho evakashele eCzechoslovakia ngoApril 1990, upapa wazwakalisa ithemba lokuthi ukuhambela kwakhe kwakuyovula iminyango emisha phakathi kweMpumalanga neNtshonalanga. Wamemezela ukuthi kunesigungu esihlongozwayo sababhishobhi baseYurophu esizokwakha isu elalizohambisana nombono wakhe ‘wokuba iYurophu ihlanganiswe ngesisekelo sesizinda sayo sobuKristu.’

Akunakwenzeka yini iJalimane ehlangene esesimisweni seYurophu ehlangene ibe isandulela seYurophu ehlangene ngokuphelele, bese-ke iba ngesomhlaba ohlangene? Ingabe ukuhileleka kwenkolo akubonisi yini ukuthi lokhu kuyilokho iBhayibheli elikuthembisayo? Ngokuqinisekile, njengoba abefundisi kokubili eMpumalanga naseNtshonalanga manje besebenza esimisweni sezombangazwe sokuletha ukuthula nokulondeka, asinakulindela yini ukuba lokhu ngokushesha kube yinto engokoqobo? Ake sibone.

[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 4]

ISonto LamaProthestani iNikolai eLeipzig—uphawu lwenxushunxushu yezombangazwe eJalimane

Izizwe ezingamalungu e-European Common Market

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela