Ingabe UNkulunkulu Uyayiphendula Imithandazo Yakho?
“ANGIKAZE ngibe nomuzwa wokuthi imitha- ndazo yami iyaphendulwa,” kusho owesifazane ohlala eHokkaido, eJapane. Kulokhu akayedwa. Abantu abaningi banomuzwa wokuthi imithandazo yabo ayiphendulwa. Eqinisweni, kungenzeka uyazibuza ukuthi uNkulunkulu uyayiphendula yini imithandazo yakho.
Izigidi ziqondisa imithandazo engenakubalwa konkulunkulu abayizigidigidi. Kungani kubonakala sengathi imithandazo eminingi kangaka ayiphendulwa? Ukuze sithole, ake siqale sihlole izinhlobo zemithandazo eyenziwayo.
Yini Abanye Abayithandazelayo?
Phakathi nenkathi kaNcibijane, izingxenye ezimbili kwezintathu zezakhamuzi zaseJapane, noma abantu abangaba yizigidi ezingu-80, bathandaza ezindaweni zokukhulekela zobuShinto noma emathempelini obuBuddha. Benza iminikelo ngezinhlamvu zemali futhi bathandazela inhlanhla nokuphepha komkhaya.
NgoJanuary nangoFebruary—ngaphambi nje kokuhlolwa okudinga ukuzikhandla okwenza abafundi bavunyelwe emakolishi aphakeme—abafundi bathuthelekela ezindaweni zokukhulekela ezinjengaleyo eseTokyo edume ngonkulunkulu wayo wemfundo. Babhala izifiso zabo ezingqwembeni zokhuni ezilotshwe umthandazo bese bezigaxa ezingodweni ezisemagcekeni alezindawo zokukhulekela. Okungenani ezingu-100 000 zalezingqwembe zazihlobise igceke lendawo edumile yokukhulekela eTokyo phakathi nenkathi yokuhlolwa ka-1990.
Imithandazo eminingi ihilela impilo. Endaweni yokukhulekela eseKawasaki, eJapane, abantu bathandazela ukuvikeleka esifweni sengculaza. “Ukubaluleka kokuthandazela ukuvikeleka esifweni sengculaza,” kuchaza umpristi walendawo yokukhulekela, “kuwukuthi kuyokwenza abantu baqaphe ekuziphatheni kwabo.” Kodwa ingabe yilokho kuphela okuhilelekile emthandazweni?
Kwelinye ithempeli, owesifazane othile osekhulile wathandazela ukuba “kuse esefile.” Ngani? Ngoba wayefuna ukugwema ukuhlushwa ukugula isikhathi eside futhi wayengafuni ukuba umthwalo emkhayeni wakhe.
Kwelinye izwe okuthiwa elobuKristu, ukaputeni weqembu lebhola likanobhutshuzwayo wathandazela ukuba iqembu lakhe linqobe futhi livikeleke ekulimaleni. AmaKatolika ePoland athandazela inhlala-kahle yawo siqu futhi ahlobise uMadonna wawo ngezinto zokuhloba eziyigugu uma ekholelwa ukuthi imithandazo yawo iyazwiwa. Abantu abaningi bathutheleka emasontweni anjengeGuadalupe edumile eseDolobheni laseMexico, neLourdes, eFrance, becela ukwelashwa ngokuyisimangaliso.
EMpumalanga noma eNtshonalanga, abantu benza imithandazo ngenxa yezizathu eziningi nezihlukahlukene zomuntu siqu. Ngokusobala, bafuna ukuba imithandazo yabo izwiwe futhi iphendulwe. Nokho, ingabe kuwukubhekana namaqiniso ukulindela ukuthi yonke imithandazo iyozwiwa? Kuthiwani ngemithandazo yakho siqu? Ingabe iyaphendulwa? Eqinisweni, ingabe uNkulunkulu uke ayiphendule imithandazo?