Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 10/1 k. 19
  • ‘Bayajabula Abalambile Ngokomoya’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Bayajabula Abalambile Ngokomoya’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwanelisa Abalambile Ngokomoya—Esikoleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Indlela Abanye Abazithole Ngayo Izimpendulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ukwamukela Izindaba Ezinhle EBelgium
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 10/1 k. 19

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

‘Bayajabula Abalambile Ngokomoya’

UJESU wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3, NW) Abanjalo bayofuna ukwaziswa okunika ukuphila okuvela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi ukungenisa lolulwazi kuyobaholela ekuphileni okuphakade.—Mathewu 4:4; Johane 17:3.

◻ Umuntu othile olambile ngokomoya ezweni eliseAfrika wahamba amahora amane emakhazeni nasebumnyameni ukuze athole incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Lapho efika edolobhaneni oFakazi BakaJehova ababeshumayela kulo, wadumala kakhulu ngokuthola ukuthi incwadi yokugcina yayisihanjisiwe. Wahlala kulelodolobhana izinsuku ezintathu kwaze kwaba yilapho kutholakala isitokwe esengeziwe sezincwadi, khona-ke ekugcineni wajabula ngokuba nalokhu kwaziswa okuhle okungokomoya.

Phakathi nenyanga yesikhathi abasihlala kulendawo engayodwa, oFakazi basakaza izincwadi ezingu-55, izincwajana ezingangomagazini ezingu-365, nomagazini abangu-145, futhi bathola izikhokhelo ezinhlanu. Bathinteka kakhulu, njengoba babehamba, lapho kokubili abantu abadala nabantwana bememeza ngemva kwabo ngolimi lwesiKpelle: “Kwangathi uJehova angaba nani!” Kusenziwa imizamo yokulandelela isithakazelo.

Omunye wesifazane kulo kanye lelizwe naye wayelambile ngokomoya. Wayengumgcinizimali esontweni ayesonta kulo futhi eyisikhulu sezokungcebeleka esifundeni sezwe lakubo. Lapho oFakazi bemvakashela, wavuma ekhala izinyembezi ukuthi isonto lalihluleka kakhulu ukuhlangabezana nezimfuneko zeBhayibheli zobuKristu. OFakazi bambonisa kwelakhe siqu iBhayibheli indlela yokubona inkolo yeqiniso. Khona-ke waba khona emihlanganweni emibili eHholo LoMbuso futhi kamuva wathi: “Engikubonile nengikuzwile kungiqinisekise ngempela ukuthi leli yiqiniso.” Wahlatshwa umxhwele kakhulu imihlangano nokuziphatha kwalabo ababekhona. Wabona ukuthi lokho oFakazi ababemvakashele ababekushilo kwakungeyona into ababezicabangele yona kodwa kwakuyinto engokoqobo. Kusukela lapho uye wathatha izinyathelo zokunqamula ubuhlobo bakhe nesonto, futhi lokhu kuye kwaphumela ebufakazini obuhle emphakathini wakubo.

◻ Uthisha osemusha ofundisa ikhathekizimu waseMelanesia eNew Caledonia wayelambile ngokomoya. Wathola incwadi ethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade etafuleni elalisendlini kanina, futhi wafunda izahluko 2 no-3. Imibhalo yeBhayibheli kaEksodusi 20:4, 5 noJohane 4:23, 24 okukhulunywa ngayo lapho yathinta inhliziyo yakhe. Ngokuqondene nalokho lemibhalo ekushoyo, wabuza umfundisi wakhe ukuthi kungani iSonto LamaKatolika likubekezelela ukusetshenziswa kwezithombe ekukhulekeleni. Umfundisi wawubalekela lombuzo. Lendoda yaya kwezinye izinkolo eziningi “zobuKristu,” kodwa aziyinikezanga izimpendulo ezanelisayo emibuzweni yayo. Ekugcineni yanquma ukuya emhlanganweni woFakazi BakaJehova nonina, owayesesibonisile kakade isithakazelo eqinisweni. Uthando eyalubona phakathi koFakazi nezimfundiso zabo ezisekelwe eBhayibhelini kwayihlaba umxhwele kakhulu.

Naphezu kwamabanga amade, njalo yayicela ukukhwezwa ezimotweni iye emihlanganweni, ngokushesha yamelela iqiniso, futhi yabhapathizwa. Manje iyinceku ekhonzayo. Unina nodadewabo ababili nabo baba oFakazi BakaJehova. Lensizwa yashumayela esizweni sakubo futhi yaqalisa izifundo zeBhayibheli eziningi. Manje abaningi baba khona emihlanganweni kulendawo—konke lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi insizwa kwenzeka yabona incwadi echaza iBhayibheli iphezu kwetafula, yayifunda, futhi yakuthatha ngokungathi sína eyayikufunda.

UJehova unesimiso esikhulu sokondliwa okungokomoya esisebenzayo namuhla, futhi izixuku ziyazuza kuso. UIsaya waprofetha ngaso ngokufanelekile lapho ethi: “Bhekani, izinceku zami ziyakudla, kepha nina [amalungu enkolo yamanga] niyakulamba.” (Isaya 65:13) Siyajabula uma sizuza elungiselelweni likaJehova lokwanelisa iphango lethu elingokomoya.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela