Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 5/1 kk. 4-7
  • Indlela Abanye Abazithole Ngayo Izimpendulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Abanye Abazithole Ngayo Izimpendulo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu—Ungubani?
  • Ukuhlupheka—Kungani Kukhona?
  • Ukuphila Okunenjongo
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • “[Uyajabula] Umuntu Othola Ukuhlakanipha”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 5/1 kk. 4-7

Indlela Abanye Abazithole Ngayo Izimpendulo

IZIGIDI zabantu zikujwayele ukuthandaza. Abanye bayaqiniseka ukuthi imithandazo yabo iyaphendulwa. Abanye bayazibuza ukuthi ike izwiwe nje imithandazo yabo. Abanye bayazifuna izimpendulo kodwa abakaze bacabange ukubuza uNkulunkulu ngomthandazo.

IBhayibheli libiza uNkulunkulu weqiniso ngokuthi ‘uMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Uma uthandaza, ingabe uyaqiniseka ukuthi imithandazo yakho iya kuNkulunkulu weqiniso? Ingabe imithandazo yakho iwuhlobo aluphendulayo?

Kubantu abaningi kuzo zonke izingxenye zomhlaba, impendulo ingu-yebo! Bazithole kanjani izimpendulo? Yini abayifundile?

UNkulunkulu—Ungubani?

Uthishelakazi othile ePortugal owayefundiswe izindela nabefundisi wayezigcina ngobuqotho izinkambiso zenkolo yakhe. Wadideka lapho isonto selishintsha lilahla izinkambiso ayefundiswe ukuthi zibalulekile. Ukuya kwelinye izwe kwamenza wajwayelana nezindlela zaseMpumalanga zokukhulekela, wayeseqala ukuzibuza ukuthi ukhona yini uNkulunkulu oyedwa weqiniso. Kufanele amkhulekele kanjani? Wadumala lapho umfundisi wakhe eyichilizela eceleni imibuzo ayembuza yona ngezinto eziseBhayibhelini.

Isonto lamaKatolika lalisakaze amapheshana edolobheni lakubo kalo thishelakazi lixwayisa amalungu esonto ukuba angaxoxi noFakazi BakaJehova. Kodwa imibuzo yakhe yaphikelela. Ngelinye ilanga kwafika oFakazi emnyango wakhe, walalela futhi kwamthakazelisa lokho akuzwa. Wayeqala ukukhuluma nabo.

Ukuze athole izimpendulo zemibuzo yakhe eminingi, lona wesifazane waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi. Isonto ngalinye wayeba nohide lwemibuzo ebalindile. Wayefuna ukwazi igama likaNkulunkulu, ukuthi ingabe munye kuphela yini uNkulunkulu weqiniso, ukuthi uyakuvumela yini ukusetshenziswa kwezithombe ekukhulekeleni, nokunye okuningi. Waphawula ukuthi zonke izimpendulo ayezithola zazingeyona imibono yabantu kodwa zazivela eBhayibhelini, ngakho kwammangaza futhi kwamjabulisa lokho ayekufunda. Kancane kancane wazithola izimpendulo zaleyo mibuzo yakhe eminingi. Namuhla, ukhulekela uJehova ngomoya nangeqiniso, njengoba uJesu Kristu athi babeyokwenza kanjalo “abakhulekeli beqiniso.”—Johane 4:23.

ESri Lanka, umkhaya othile wawujwayele ukufunda iBhayibheli ndawonye, kodwa wawungazitholi izimpendulo zemibuzo yawo eminingi eyayibalulekile kuwo. Nakuba wawudinga usizo, umfundisi wawo wayengakwazi ukuwusiza. Nokho, wavakashelwa oFakazi BakaJehova bawushiyela izincwadi zeBhayibheli eziwusizo. Kamuva, lapho oFakazi BakaJehova bewunikeza izimpendulo ezanelisayo zemibuzo yeBhayibheli owawunayo, lo mkhaya wavuma ukufundelwa iBhayibheli. Owakufunda ezifundweni zawo kwawuthakazelisa kakhulu.

Noma kunjalo, izimfundiso ezazigxiliswe yisonto kusukela ebuntwaneni zamvimbela unkosikazi ukuba abone ukuthi uYise kaJesu Kristu ‘uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso,’ njengoba noJesu ngokwakhe asho. (Johane 17:1, 3) Wayefundiswe ukuthi uJesu uyalingana noYise nokuthi le “mfihlo” akufanele ingatshazwe. Ngobuqotho futhi ekhathazeke kakhulu wathandaza kuJehova, esebenzisa igama lakhe, emcela ukuba ambonise ukuthi uJesu ungubani. Wabe esephinda eyihlola ngokucophelela imibhalo ehlobene nale ndaba. (Johane 14:28; 17:21; 1 Korinte 8:5, 6) Kwaba sengathi kusuka inkungu emehlweni, wabona ngokucacile ukuthi uJehova—uMdali wezulu nomhlaba noYise kaJesu Kristu—unguNkulunkulu weqiniso.—Isaya 42:8; Jeremiya 10:10-12.

Ukuhlupheka—Kungani Kukhona?

UJobe yindoda eyahlupheka kakhulu. Zonke izingane zakhe zabulawa isiphepho, futhi walahlekelwa yikho konke anakho. Waphathwa nayisifo esamzwisa ubuhlungu obukhulu wakhuthazelela nokucindezela kwabangane bamanga. Njengoba kwakwenzeka konke lokhu, uJobe wakhuluma engacabanganga. (Jobe 6:3) Kodwa uNkulunkulu wazicabangela izimo. (Jobe 35:15) Wayekwazi okusenhliziyweni kaJobe futhi wamnikeza iseluleko uJobe ayesidinga. Nanamuhla uyakwenza lokho kubantu.

EMozambique, uCastro wayeneminyaka eyishumi kuphela lapho umama wakhe eshona. Kwakungathi ufelwe yizwe. Wayebuza athi: “Ufeleni wasishiya?” Nakuba ayekhuliswe abazali abesaba uNkulunkulu, konke kwase kubonakala kungenangqondo. Yini eyayinganelisa ingqondo nenhliziyo yakhe? Waduduzwa ukufunda iBhayibheli elincane lesiChewa nangokuxoxa ngalo nabafowabo abadala.

Kancane kancane, uCastro waqonda ukuthi umama wakhe akafanga ngenxa yokungabi nabulungisa kukaNkulunkulu, kodwa kwakungenxa yokungapheleli esakuthola ngefa. (Roma 5:12; 6:23) Isithembiso seBhayibheli sovuko samduduza kakhulu ngoba sasimnika isiqiniseko sokuthi wayeyophinde ambone futhi umama wakhe. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Ngokudabukisayo, ngemva kweminyaka emine kuphela, kwashona ubaba wakhe. Kodwa kulokhu uCastro wakwazi ukubhekana nalesi simo. Namuhla, uthanda uJehova futhi usebenzisa ukuphila kwakhe ngokwethembeka enkonzweni kaNkulunkulu. Injabulo ayitholile iyabonakala kubo bonke abamaziyo.

Abaningi abaye bafelwa abathandekayo babo bathola induduzo kuwo lawo maqiniso eBhayibheli aduduza uCastro. Abanye abaye babhekana nobunzima obukhulu ngenxa yabantu babuza njengoba kwabuza uJobe wathi: “Kungani ababi beqhubeka bephila?” (Jobe 21:7) Uma abantu beyilalela ngempela impendulo kaNkulunkulu eseZwini lakhe, bayathola ukuthi indlela kaNkulunkulu yokusingatha izinto eqinisweni izuzisa bona.—2 Petru 3:9.

UBarbara, owakhulela e-United States, ayimhlukumezanga yena ngokwakhe impi. Kodwa wakhula ngesikhathi umhlaba usempini. Nsuku zonke ezindabeni kwakubikwa izigameko zonya ezenzeka empini. Ezifundweni zakhe esikoleni, wayedidwa izenzakalo zomlando ezazibonakala zenzeka ngezindlela ezingalindelekile. Zazibangelwa yini? Ingabe uNkulunkulu wayengenandaba nalokho okwakwenzeka? Wayekukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, kodwa wayenemizwa ephikisanayo ngaye.

Nokho, ngenxa yokujwayelana noFakazi BakaJehova umbono kaBarbara ngokuphila washintsha kancane kancane. Wabalalela futhi wafunda iBhayibheli nabo. Waya emihlanganweni eHholo LoMbuso. Waya ngisho nakomunye wemihlangano yabo emikhulu. Ngaphezu kwalokho, lapho ebuza imibuzo, waphawula ukuthi wayengatholi imibono ehlukahlukene koFakazi abahlukahlukene. Kunalokho, oFakazi babekhuluma into efanayo ngoba ukucabanga kwabo kwakusekelwe eBhayibhelini.

OFakazi bambonisa ubufakazi obuseBhayibhelini bokuthi izwe lithonywa uSathane uDeveli, umbusi walo, nokuthi libonisa umoya wakhe. (Johane 14:30; 2 Korinte 4:4; Efesu 2:1-3; 1 Johane 5:19) Bamchazela uBarbara ukuthi izenzakalo ezazimdida zazibikezelwe eBhayibhelini. (uDaniyeli, izahluko 2, 7, no-8) UNkulunkulu wazibikezela ngoba uyakwazi ukubona isikhathi esizayo uma ethanda. Ezinye zalezo zenzakalo zazibangelwe uNkulunkulu. Ezinye wamane nje wazivumela zenzeka. OFakazi bambonisa uBarbara ukuthi iBhayibheli futhi libikezela izenzakalo ezinhle nezimbi ezazizokwenzeka osukwini lwethu nokuthi liyachaza ukuthi zisho ukuthini. (Mathewu 24:3-14) Bambonisa izithembiso zeBhayibheli zezwe elisha lapho kuyoba khona abalungile kuphela nokuhlupheka kuyobe kungasekho.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.

Kancane kancane, uBarbara waqonda ukuthi nakuba uJehova uNkulunkulu engakubangeli ukuhlupheka kwabantu, akakuvimbeli ngokuphoqa abantu ukuba balalele imiyalo yakhe uma bekhetha ukungayilaleli. (Duteronomi 30:19, 20) UNkulunkulu wenze amalungiselelo okuba siphile phakade ngenjabulo, kodwa okwamanje usinikeza ithuba lokubonisa ukuthi sizophila yini ngokuvumelana nezindlela zakhe zokulunga. (IsAmbulo 14:6, 7) UBarbara wanquma ukufunda ngezimfuneko zikaNkulunkulu nokuphila ngazo. Futhi koFakazi BakaJehova wathola lolo hlobo lothando uJesu athi abalandeli bakhe beqiniso babeyobonakala ngalo.—Johane 13:34, 35.

Nawe futhi ungazuza kula malungiselelo amsiza.

Ukuphila Okunenjongo

Ngisho nalabo okubonakala sengathi ukuphila kubahambela kahle bangase bazifune izimpendulo zemibuzo ebakhungathekisayo. Ngokwesibonelo, uMatthew, insizwa yaseBrithani, wayelokhu ekulangazelela ngokujulile ukuthola uNkulunkulu weqiniso nenjongo yokuphila. Ubaba wakhe washona lapho uMatthew eneminyaka engu-17 ubudala. Ngemva kwalokho, uMatthew wathola iziqu zomculo eyunivesithi. Wabe eseqala ukubuqaphela kakhudlwana ubuze bendlela yakhe yokuphila yokuthanda izinto ezibonakalayo. Wahamba ekhaya wayohlala eLondon futhi lapho, waqala ukusebenzisa izidakamizwa, ukuhamba ama-night club, ukubhula ngezinkanyezi, ukusebenzisa imimoya, wahileleka nasenkolweni yobuZen Buddhist nakwamanye amafilosofi—konke lokhu wakwenza efuna indlela yokuphila eyanelisayo. Ephelelwe ithemba wakhala kuNkulunkulu ecela ukuba amsize athole iqiniso.

Ezinsukwini ezimbili kamuva uMatthew wahlangana nomngane wakhe wakudala futhi wamchazela ngale nkinga yakhe. Le ndoda yayike yafunda noFakazi BakaJehova. Lapho uMatthew eboniswa eyesi-2 Thimothewu 3:1-5, yammangaza indlela iBhayibheli elilichaza ngokunembe ngayo izwe elisizungezile. Wathinteka inhliziyo lapho efunda iNtshumayelo YaseNtabeni. (uMathewu, izahluko 5-7) Waqale wangabaza ngoba wayeke wafunda izincwadi ezithile ezigxeka oFakazi BakaJehova, kodwa ekugcineni wanquma ukuya emihlanganweni eqhutshwa eHholo LoMbuso eliseduze.

UMatthew wakujabulela lokho akuzwa waqala ukufunda iBhayibheli nomunye wabadala bebandla. Ngokushesha waqaphela ukuthi lokho ayekufunda yilokho ayekufuna, yimpendulo yomthandazo wakhe wasekuqaleni kuNkulunkulu. Wazibona izinzuzo njengoba ayeyeka imikhuba engamjabulisi uJehova. Njengoba ayehlakulela ukwesaba uNkulunkulu okunempilo, washukumiseleka ukuba avumelanise ukuphila kwakhe nemiyalo kaNkulunkulu. UMatthew wathola ukuthi ukuphila okunjalo kunenjongo yangempela.—UmShumayeli 12:13.

Kwakunganqunywanga kusengaphambili ukuthi uMatthew noma abanye okukhulunywe ngabo kulesi sihloko babeyothola indlela yokuphila eyanelisayo. Noma kunjalo, bafunda ukuthi uJehova uNkulunkulu unenjongo yothando ehlanganisa bonke abakhetha ngenjabulo ukulalela imiyalo yakhe. (IzEnzo 10:34, 35) Leyo njongo ihlanganisa ukuphila okuphakade ezweni elingenayo impi, ukugula nendlala—elingenakho ngisho nokufa. (Isaya 2:4; 25:6-8; 33:24; Johane 3:16) Ingabe yilokho okufunayo? Uma kunjalo, ungafunda okwengeziwe ngesihluthulelo sokuthola ukuphila okwanelisayo ngokuya emihlanganweni esekelwe eBhayibhelini eqhutshwa eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Umenywa ngothando ukuba wenze kanjalo.

[Isithombe ekhasini 7]

Thandaza kuNkulunkulu ngobuqotho, usebenzise igama lakhe

[Isithombe ekhasini 7]

Funda iBhayibheli nalabo abafundisa lokho elikuqukethe ngempela

[Izithombe ekhasini 7]

Yiya emihlanganweni eqhutshwa eHholo LoMbuso

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

Hiker: Chad Ehlers/Index Stock Photography

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela