“Masilahle Konke Okusindayo”
“Ngidabuke kakhulu futhi ngidumele,” kukhala uMary. Ebhekisela emithwalweni yemfanelo yobuKristu, lona owesifazane ongumKristu wanezela: “Ngibona abangane bedangala. Nami ngiyakuzwa lokho kukhathala nokucindezeleka. Ngicela ningisize ngiqonde isizathu.”
INGABE nawe uzizwa sengathi ucindezelekile, ukhathele kakhulu ukuba uyinakekele ngokwanele imithwalo yakho yemfanelo engokwasezulwini? Ingabe ngezinye izikhathi kubonakala sengathi inkonzo yobuKristu iwumthwalo onzima, ongathwaleki? AmaKristu amaningi athembekile abhekana nezikhathi zokudumazeka, ngoba njalo sizungezwe amandla amelene nathi angadambisa injabulo yethu. Ukuba umKristu weqiniso namuhla ngempela kuyinselele. Ngakho-ke, ngezinye izikhathi abanye bangase babe nomuzwa wokuthi inkonzo yobuKristu iwumthwalo onzima.
Ukufuna Imbangela
ImiBhalo ikwenza kucace ukuthi uJehova akafuni okungaphezu kwamandla ethu. Umphostoli uJohane wathi ‘imiyalo’ kaNkulunkulu “ayinzima.” (1 Johane 5:3) Ngokufanayo uJesu watshela abalandeli bakhe: “Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.” (Mathewu 11:29, 30) Ngokusobala akuyona intando kaJehova ukuba sizizwe sithwele kanzima noma sicindezelwa enkonzweni yethu eya kuye.
Khona-ke, kungenzeka kanjani ukuba umKristu othembekile abheke imithwalo yakhe yemfanelo yobuKristu njengomthwalo onzima? Cishe, kuhileleke izici eziningana. Phawula lamazwi omphostoli uPawulu: “Masilahle konke okusindayo . . . , sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo.” (Heberu 12:1) Amazwi kaPawulu abonisa ukuthi umKristu ngezinye izikhathi angase azithwese imithwalo engadingekile. Lokhu akukhona ngempela ukuthi kuhilela izono ezingathi sína. Kodwa umKristu angase enze amaphutha ekwahluleleni kwakhe okwenza ukuphila kwakhe kube inkimbinkimbi kakhulu, kukwenze kube nzima kakhulu ngaye ukugijima emncintiswaneni esiwumiselwe.
Umbono Olinganiselayo Ngezinto Ezibonakalayo
Ngokwesibonelo, cabangela indaba yomsebenzi wokuziphilisa. Emazweni amaningi, izimo ezingokomnotho zingase zenze umKristu azithole kungekho okunye angakwenza ngaphandle kokuba asebenze amahora amaningi. Nokho, ngokuvamile abantu basebenzela nje ukuqhubeka bephila noma ukuqongelela izinto zokunethezeka. Ngokuhlaziya kabusha izidingo zawo zangempela, amanye amaKristu aye akuthola kuwukuhlakanipha ukwenza ukulungisa esimweni sawo somsebenzi. Kwenzeka kanjalo ngoDebbie nomyeni wakhe, bobabili abangoFakazi BakaJehova. Uthi: “Isimo sethu esingokwezimali sasishintshile, futhi sasingasekho isidingo sangempela sokuba ngiqhubeke ngisebenza isikhathi esigcwele. Kodwa kwakunzima ukuyeka.” Ngokushesha waqala ukuzwa ukucindezela kokuba nokuningi okwakumelwe akwenze. Uyachaza: “UMgqibelo wawuwukuphela kosuku lwami olukhululekile lokwenza umsebenzi wasendlini. Ngokuvamile ngangizizwa sengathi ngingeye enkonzweni yasensimini. Ngazizwa ngibuhlungu ngalokhu, futhi unembeza wami wawungihlupha, kodwa ngangiwuthanda umsebenzi wami! Ekugcineni, kwadingeka ngibhekane namaqiniso. Kwakunekhambi elilodwa kuphela. Ngawuyeka umsebenzi.” Kuyavunywa, ukulungisa okunjalo okukhulu kungase kungenzeki ngabanye. Nokho, ukuhlolisisa isimiso sakho somsebenzi kungaveza isidingo sokwenza ushintsho oluthile.
Kungase kube nezinye izindlela zokuzikhulula emithwalweni engadingekile. Kuthiwani ngokunciphisa ukuhamba kwethu njalo kokuzijabulisa, ezemidlalo, noma okunye ukuzijabulisa—kuhlanganise nesikhathi esichithwa kubukelwe ithelevishini? Futhi ngisho nangemva kokufinyelela ukulinganisela okufiswayo kulezici, ukulungisa njalo kungase kudingeke ukuze kulondolozwe ukulinganisela okunjalo.
Ukwahlulela Okuhle Kubalulekile
Ukwahlulela okuhle ezindabeni ezinjalo kuyosisiza ukuba sizivumelanise nezimo ezintsha uma ziphakama. Ngaleyondlela, singalondoloza umbono oqondile ngenkonzo yethu.—Efesu 5:15-17; Filipi 4:5, NW.
Ingabe uzithola ucindezelwa ukuba wenze njengoba abanye benza enkonzweni kaNkulunkulu? Nalokhu futhi kunganezela ukukhathazeka nokukhungatheka ekuphileni kwakho. Nakuba isibonelo esihle sabanye ngokuqinisekile singakukhuthaza ukuba wenze okwengeziwe, ukwahlulela okuhle kuyokusiza ukuba ubeke imigomo engokoqobo ngokuvumelana nezimo namakhono akho siqu. ImiBhalo iyasitshela: “Makube-yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba-nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye, ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo.”—Galathiya 6:4, 5.
Imikhuba namasiko kwasendaweni yakini nakho kunganezela emithwalweni yethu. Osukwini lukaJesu abantu babekhathele ngenxa yokuzama ukwenza ngokuvumelana nemithetho eminingi engokwenkolo namasiko ayebekwe abantu. Namuhla, abantu bakaJehova baye bakhululwa emasikweni amanga angokwenkolo. (Qhathanisa noJohane 8:32.) Noma kunjalo, umKristu angaba matasa ngokungafanele ngemikhuba yasendaweni yakubo. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi izenzakalo ezinjengemishado ziba nemikhuba eyinkimbinkimbi kakhulu. Lemikhuba ingase ingabi engalungile, futhi ingase ibe mihle futhi ithakazelise. Nokho, amaKristu kungenzeka awanasikhathi noma izimali zokugcina zonke izinto ezinjalo, futhi ukulwela ukwenza kanjalo kunganezela eminye imithwalo engadingekile.
Cabangela lokho okwenzeka lapho uJesu evakashela owesifazane ogama lakhe linguMarta. Kunokuba azuze ngokugcwele ekuhlakanipheni kwaphezulu kukaJesu, ‘uMarta wayephazanyiswe imisebenzi eminingi.’ Wayekhathazwe izinto eziningi. (Luka 10:40, qhathanisa neNW.) Kodwa uJesu ngomusa wasikisela ukuthi enze amalungiselelo akhe okudla abe lula ukuze azuze ekufundiseni kwakhe. (Luka 10:41, 42) Lokhu kukubonisa kahle ukuthi ukwahlulela okuhle kuyokusiza ekufinyeleleni ukulinganisela okufanelekile enkonzweni yakho yobuKristu.—Jakobe 3:17.
Ukwahlulela okuhle kuyadingeka futhi lapho ukhetha abangane bakho. IzAga 27:3 ziyaxwayisa: “Itshe liyasinda nesihlabathi sinzima, kepha ukukhathaza kwesiwula kuyasinda kunakho kokubili.” Abangane bakho abaseduze bayohlala njalo benethonya elinamandla endleleni yakho yokucabanga. Ukuhlala unalabo abasheshayo ukuthola amaphutha futhi bagxeke abanye ebandleni kungahlwanyela izimbewu zokudumazeka nokucabanga okuphambene kuwe. (1 Korinte 15:33) Uma uthola ukuthi lokhu kuyinkinga, ushintsho oluthile oluhlakaniphile kubangane bakho lungenza umthwalo wakho ube lula.
Yiba Othobekile Ekuhambeni NoNkulunkulu
KuMika 6:8, sithola lombuzo oshukumisa umcabango: “UJehova ufunani kuwe, . . . uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?” Ukuthobeka kuchazwa njengokuqaphela komuntu ukulinganiselwa kwakhe. Labo abangakuqapheli ukulinganiselwa kwabo bangaziqeda amandla ngezibopho eziningi kakhulu. Lokhu kuye kwenzeka kumaKristu avuthiwe, ngisho nababonisi, kwaphumela ekudumaleni, ukukhungatheka, nasekulahlekelweni injabulo. UKenneth, umdala ongumKristu, wavuma: “Ngazibona ngicindezeleka, futhi ngathi, ‘Ngeke ngikuvumele lokhu kwenzeke kimi.’ Ngakho nganciphisa ezinye zezibopho zami futhi ngagxila kulokho engangingakwenza.”
Ngisho nomprofethi othobekile uMose wayenobunzima ekuqapheleni ukulinganisela kwakhe siqu. Ngakho uJetiro, umkhwe wakhe, kwadingeka aqaphelise uMose ngokuqondene nomsebenzi omkhulu ngokweqile ayezama ukuzisingathela wona. “Kuyini lokhu obenzela khona abantu na?” kubuza uJetiro. “Lokhu okwenzayo akukuhle. Uyakudinwa nokudinwa . . . ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa. . . . Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla . . . kulethwe kuwe zonke izindaba ezinkulu; kepha zonke izindaba ezincane zahlulelwe yizo uqobo, kuze kube-lula kuwe, zithwalisane nawe.” UMose ngokushesha waqala ukwabela abanye omunye womsebenzi wakhe, kanjalo ethola impumuzo kulokho okwakuba umthwalo ongathwaleki.—Eksodusi 18:13-26.
Kwesinye isenzakalo uMose wathi kuJehova: “Anginakuthwala bonke lababantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda.” Nalapha futhi, ikhambi laba ukwaba. Lokhu kungase futhi kube ikhambi lenkinga yakho uma uzizwa usindwa izibopho eziningi kakhulu.—Numeri 11:14-17.
UJehova Usisiza Ukuba Sithwale Umthwalo
UJesu wathi ijoka lakhe lihle nomthwalo wakhe ulula kodwa awuwona ongasindi. Ijoka uJesu asimema ukuba silithwale akulona ijoka lokungenzi lutho. Liyijoka lokuzinikezela okuphelele kuNkulunkulu njengomfundi kaJesu Kristu. Ngakho-ke, ukuba umKristu weqiniso kuhambisana nesilinganiso esithile sokusinda noma ukucindezeleka. (Mathewu 16:24-26; 19:16-29; Luka 13:24) Njengoba izimo zezwe ziya ziba zimbi, izinto ezicindezelayo ziyokhula. Nokho, sinesizathu sokuba abaqondile embonweni wethu ngenxa yokuthi isimemo sikaJesu sibonisa ukuthi abanye bangangena ejokeni lakhe kanye naye nokuthi uyobasiza.a Ngakho, uma nje sisalandela isiqondiso sikaKristu, umthwalo wethu uyohlala uthwaleka ngoba uyosisiza.
UNkulunkulu unakekela labo abamthandayo, futhi ulondoloza izinhliziyo namandla engqondo abo bonke abaphonsa imithwalo yabo kuye ngomthandazo. (IHubo 55:22; Filipi 4:6, 7; 1 Petru 5:6, 7) “Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu uyinsindiso yethu,” kusho umhubi. (IHubo 68:19) Yebo, qiniseka ngokuthi nawe uNkulunkulu uyokuthwalela nsuku zonke umthwalo wakho uma ulahla konke okusindayo futhi ugijime ngokubekezela emncintiswaneni owumiselwe.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuhunyushwa kombhalo waphansi weNew World Translation kuthi: “Ngenani kanye nami ejokeni lami.”
[Isithombe ekhasini 24]
Abadala abahlakaniphile bazimisele ukwaba eminye imisebenzi nokuhlanganyela umthwalo wabo nabanye