“Umusa Wakhe Wothando Uye Waba Namandla”
NJENGOBA ILANDISWA UJOSÉ VERGARA OROZCO
Ingabe ucabanga ukuthi ukuphila kwakho kungagcwala amandla amasha lapho usuneminyaka engu-70 ubudala? Okwami kwaba njalo. Futhi lokho kwenzeka eminyakeni engaphezu kwengu-35 edlule.
Ngomusa wothando kaJehova, kusukela ngo-1962, ngiye ngakhonza njengesikhonzi esiyiphayona elivamile futhi kusukela ngo-1972 ngiye ngaba umbonisi eBandleni LoFakazi BakaJehova laseEl Carrizal ezweni laseJalisco, eMexico. Ake ngikuthi fahla ngesizinda sokuphila kwami.
NGAZALELWA ezweni laseMichoacán, eMexico, ngoAugust 18, 1886. UBaba wayenguMeselane, ngakho umkhaya wakithi awuzange uye eSontweni LamaKatolika, futhi asizange sihlanganyele kunoma yimiphi imikhosi engokwenkolo yamaKatolika futhi sasingenazo izithombe zenkolo ekhaya.
Lapho ngineminyaka engu-16 ubudala, ubaba wahamba wayosebenza eUnited States, kodwa wahlela ukuba kube nomuntu ozongifundisa umsebenzi. Nokho, eminyakeni emibili kamuva lendoda yangiyisa eDolobheni LaseMexico ukuze ngiqeqeshwe esikhungweni sezempi. Kamuva ngaqala ukusebenza ebuthweni lempi laseMexico.
Lapho Ngisebuthweni Lempi Nakamuva
Ngalwa Ekuvukeleni KwaseMexico okwaqala ngo-1910. Sonke thina zinsizwa esasikulesikhungo sasekela uFrancisco I. Madero, owayengumgqugquzeli wokuvukela umbuso wobushiqela kaPorfirio Díaz. Sasekela uMadero kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1913, futhi ngemva kwalokho, sasekela uVenustiano Carranza, owaba umongameli weRipabhuliki kusukela ngo-1915 kuya ku-1920. Sasibizwa ngokuthi singamaCarranzista.
Izikhathi ezine ezehlukene, ngazama ukuba ngikhululwe ebuthweni lempi, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Ekugcineni ngeqa futhi ngaba umbaleki. Ngenxa yalokho, ubaba, owayesebuyele eMexico, waboshwa. Ngolunye usuku, ngizenza umshana wakhe, ngamvakashela ejele. Saxoxa ngokubhala eziqeshaneni ezincane zamaphepha ukuze onogada bangasizwa. Ukuze noma ubani angatholi ukuthi ngangingubani, ngawadla lawomaphepha.
Ngemva kokuba ubaba ekhululiwe ejele, wangivakashela futhi wangicela ukuba ngiziveze kuziphathimandla. Ngakwenza, kodwa okwangimangalisa ukuthi ujenene owayephethe akazange angibophe. Kunalokho, wasikisela ukuba ngithuthele eUnited States. Ngakulalela ukusikisela kwakhe futhi ngahlala lapho kusukela ngo-1916 kuya ku-1926.
Ngo-1923, ngashada nowesifazane waseMexico naye owayehlala eUnited States. Ngafundela umsebenzi wokwakha, futhi sazitholela intombazanyana eyayizoba ingane yethu. Lapho isinezinyanga ezingu-17 ubudala, saphindela eMexico futhi sahlala eJalpa, eTabasco. Kwase kuqala ‘ukubhikisha kwamaCristero,’ futhi kwaqala ngo-1926 kwaphela ngo-1929.
AmaCristero ayefuna ukuba ngiwajoyine. Nokho, mina nomkhaya wami sakhetha ukubalekela eMbusweni waseAguascalientes. Ngemva kokuhlala ezindaweni ezihlukahlukene eRipabhuliki yaseMexico, ngo-1956 sahlala eMatamoros, eTamaulipas, lapho engaqala khona ukuqondisa imisebenzi yokwakha.
Ukuphila Kwami Kuyashintsha
Yilesikhathi ukuphila kwami okwaqala ngaso ukushintsha. Indodakazi yami, ngalesikhathi eyayisishadile futhi ihlala ngaphesheya komngcele eBrownsville, eTexas, eU.S.A., yayisivakashela njalo. Ngolunye usuku yathi: “Baba, imikhaya eminingi ihlangene ehholo lomphakathi njengamanje. Asihambeni siyobona ukuthi kwenzekani.” Kwakuwumhlangano woFakazi BakaJehova. Mina nendodakazi yami, umkhwenyana, umzukulu, nomkami saba khona ngazo zonke izinsuku ezine zomhlangano.
Kusukela ngalowonyaka kuqhubeke, saba khona emihlanganweni yobuKristu yoFakazi BakaJehova. Ngathuthuka ngokomoya eMexico, kuyilapho indodakazi yami yayenza okufanayo eUnited States. Ngokushesha ngase ngikhuluma nabantu engangisebenza nabo ngamaqiniso eBhayibheli engangiwafunda. Ngathola amakhophi ayishumi omagazini beNqabayokulinda nePhaphama!, engabahambisa kubantu engangisebenza nabo. Abahlanu balabo ababesehhovisi nabathathu bonjiniyela kanye nabanye kwezinye izisebenzi baba ngoFakazi.
Oh, yeka indlela okwakubanda ngayo ngalowoDecember 19, 1959, lapho ngibhapathizwa emfuleni! Bonke ababhapathizwa ngalolosuku bagula ngenxa yokubanda kwamanzi ngokweqile. Indodakazi yami yabhapathizwa ngaphambi kwami, futhi umkami, nakuba engazange abhapathizwe, wafinyelela ekulazini iqiniso leBhayibheli, futhi wayebambisana nami kakhulu.
Inkonzo Yesikhathi Esigcwele
Ngazizwa kufanele ngimbonge uNkulunkulu ngawo wonke umusa wakhe wothando, ngakho ngoFebruary 1962, lapho ngineminyaka engu-75 ubudala, ngaqala inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona. Eminyakeni embalwa kamuva, ngo-1968, umkami washona. Ngalesosikhathi ngafuna ukukhonza kwelinye izwe, kodwa ngenxa yeminyaka yami yobudala, abazalwane abazange bacabange ukuthi lokho kwakutuseka. Nokho, ngo-1970, ngabelwa ukuba ngiphayone eColotlán ezweni laseJalisco, lapho kwakunebandla elincane khona.
NgoSeptember 1972, umbonisi wesifunda wasikisela ukuthi ngithuthele edolobheni elincane laseEl Carrizal, eliseduze neColotlán. NgoNovember ngalowonyaka, kwamiswa ibandla lapho, futhi ngamiswa njengomdala. Ngisho nakuba kuyidolobha eliqhele kakhulu, emihlanganweni yebandla kuba khona abantu abangu-31.
Naphezu kweminyaka yami yobudala, ngisalokhu ngikhuthele enkonzweni, ngizama kanzima ukusiza abantu ukuba bacabangisise ngezinkolelo zabo. Ngokwesibonelo, enkonzweni yawo yeRosali amaKatolika aqotho aphindaphinda umthandazo othi Dumisani uMariya: ‘Halaliselani uMariya, ogcwele umusa; iNkosi inani.’ Lomthandazo uyanezela: ‘Mariya oNgcwele, Nina kaNkulunkulu.’ Ngiyaye ngibabuze: ‘Kungenzeka kanjani lokho? Uma uNkulunkulu kunguyena osindisa uMariya, angaba kanjani indodana yakhe ngesikhathi esifanayo?’
Manje ngineminyaka engu-105 ubudala futhi ngiye ngakhonza njengomdala nanjengephayona elivamile e-El Carrizal, eJalisco, iminyaka ecishe ibe ngu-20. Nginomuzwa wokuthi kuye kwaba intando kaJehova ukuba ngiphile leminyaka eminingi kangaka, ngoba ngalendlela ngingakwazi ukukhokha isikhathi esalahleka ngenkathi ngingamkhonzi.
Into engiye ngayifunda iwukuthi kufanele sethembele njalo ekutheni uMahluleli wethu Ophakeme uyasibuka esesihlalweni sakhe sobukhosi sokulunga futhi unakekela izidingo zethu. Njengoba iHubo 117:2 (NW) lisho: “Umusa wakhe wothando uye waba namandla kithi.”