Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 3/1 kk. 8-9
  • Hlobo Luni Lokulondeka Olulangazelelayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Hlobo Luni Lokulondeka Olulangazelelayo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka Kuseduze!
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • Ukulondeka Kweqiniso—Manje Naphakade
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukubheka Ngalé ‘Kokuthula Nokulondeka’ Okwenziwe Umuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukusongela Kwenuzi—Kususwe Phakade!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 3/1 kk. 8-9

Hlobo Luni Lokulondeka Olulangazelelayo?

ABANTU abahlukahlukene banemibono ehlukile ngokulondeka. Abanye bakubheka njengokuzinza okukhona phakathi kwamabutho ezempi aphikisanayo. Ngokwesibonelo imibuso emikhulu emhlabeni kanye nabasizi bayo baseYurophu iye yavumelana ngezinyathelo eziningi zokunciphisa ingozi yokuba izenzakalo ezincane zibhebhethekele ekubeni impi yenuzi yomhlaba wonke. IStockholm International Peace Research Institute Yearbook 1990 izwakalisa ukumangala ngokuthi izizwe “ezikwezinye izingxenye zomhlaba” azinasithakazelo ezinyathelweni ezinjalo.

Nokho, ezigidini ezihlala emazweni ampofu, “ukulondeka” kusho ukudla nokunakekelwa kwempilo. “Lapho kucatshangwa ‘ngokuthula nokulondeka,’” kuchaza usosayensi wezombangazwe uYash Tandon, “kuvela imibono evamile yesiko laseNtshonalanga elibusa ukucabanga kwabaningi. . . . ‘Ukulondeka’ kubhekwa njengendaba yezikhali nokuncishiswa kwezikhali, engahlangene nokukhathazeka ngokulondeka kwabantu abangenakudla nabangenamakhaya abayizingxenye ezimbili kwezintathu zabantu abasemhlabeni wonke.”

IBhayibheli, lithembisa ukuthi ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu impi ngeke isaba khona. “Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.” (IHubo 46:9; Isaya 2:4) Ukugula emzimbeni kuyoba yinto yesikhathi esidlule. “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula; abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.”—Isaya 33:24.

Ngaphansi kwalowoMbuso, ukungalondeki kwezomnotho ngeke kusasongela muntu. “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye.”—Isaya 65:21, 22.

Nokho, okubaluleke nangaphezulu ukuthi loMbuso uyosusa imbangela eyisisekelo yokuntuleka kokuthula nokulondeka. Ubani obelokhu engemuva komlando womuntu wesikhathi eside wohulumeni abangaphumeleli nabacindezelayo? Nakuba uNkulunkulu, ngesizathu esihle, eye wabavumela ukuba babe khona, umuntu okumelwe abe necala uSathane, ngoba iBhayibheli lithi ‘izwe lonke lisemandleni akhe.’—1 Johane 5:19, qhathanisa neNW.

Khona-ke, yeka impumuzo eyoba khona lapho ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ekugcineni kugcwaliseka amazwi uPawulu awasho kwabaseRoma: “Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu”! (Roma 16:20) UMbuso wasezulwini kaNkulunkulu yiwona kuphela, ngaphansi kweNkosi uJesu Kristu, ongenza into enjalo. Ngakho, kungaphansi kwalowoMbuso kuphela lapho umhlaba uyoshintshwa khona ube ipharadesi.—Genesise 1:28; Luka 23:43.

Yebo, ukulondeka okuthenjiswe eBhayibhelini kungaphezulu kakhulu futhi kunomphumela omkhulu kunoma yini eyake yaklanywa umuntu. Phela, sifunda ukuthi “ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona”! (IsAmbulo 21:4) Ingabe singathembela ezithembisweni ezinjalo? Yebo, ngoba zivela kuMdali ongumninimandla onke, uJehova uNkulunkulu, othi futhi: “Izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.” (Isaya 55:11) Ukuphumelela okuqinisekile kubonakala ezinyathelweni uJehova uNkulunkulu azithathayo ngisho namanje ekuletheleni isintu ukuthula, ukulondeka, nokuchuma okungeke kuphele nokujabulisayo ekulweleni ubukhosi baKhe baphakade.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela