Ukusongela Kwenuzi—Kususwe Phakade!
UNKULUNKULU akafuni ukuba isintu sihlale ngokwesaba okungenampilo. ‘NjengoNkulunkulu ojabulayo,’ ufuna ukuba isintu sijabulele ukuthula futhi sihlale ngokulondeka—ngamafuphi, sijabule. (1 Thimothewu 1:11, qhathanisa ne-NW.) Ezweni eligcwele ukusongela kwenuzi, kuyacaca ukuthi lokhu akunakwenzeka.
“Ukuthula Nokulondeka”—Inkohliso
Kufanele kucace ukuthi ukusongela kwenuzi akuphelile ngempela. Nakuba kunjalo, naphezu kweziyaluyalu zezombangazwe, zomnotho, nezenhlalo, izizwe zibonakala zinethemba. Umzamo wokuzimisela wokunciphisa ingozi uye waba sobala kusukela ngoNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke we-UN ngo-1986.
I-Bulletin of the Atomic Scientists eminyakeni eyishumi edlule iye yahlehlisa iwashi layo losuku lwembubhiso—indlela yayo yokubonisa amathuba okuba khona kwempi yenuzi—kusukela emizuzwini emithathu ngaphambi kwembubhiso kuya emizuzwini engu-17 ngaphambi kwembubhiso. Ngo-1989 i-Stockholm International Peace Research Institute yaphawula ukuthi “ithemba lekhambi lezingxabano elinokuthula selisekelwe kangcono kunanganoma yimuphi unyaka kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe II.”
Eminyakeni yamuva nje iNhlangano Yezizwe iye yaqiniselwa ukubhekana nezindawo ezikhungethwe yimpi emhlabeni wonke. Nakuba impumelelo yayo ingaphelele, iye yaba eyanele ukunikela emoyeni ovamile wokuba nethemba. Cishe ikusasa liyoletha eminye imiphumela emisha. Cishe ukumenyezelwa ‘kokuthula nokulondeka’ kuyozwakala kakhulu nangamandla. Kungase kwethenjelwe ngisho nakukho.
Kodwa qaphela! “Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle,” kuxwayisa iBhayibheli, “khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.” Ngakho-ke, ukumenyezelwa ‘kokuthula nokulondela’ kuyophawula isikhathi sikaNkulunkulu ‘sokubhubhisa ababhubhisa umhlaba’ [ngokungcola, inuzi nangezinye izindlela].—1 Thesalonika 5:3, 4, qhathanisa ne-NW; IsAmbulo 11:18.
Phawula ukuthi iBhayibheli alisho ukuthi izizwe ziyokuletha “ukuthula nokulondeka.” Ngokusobala ziyobe zikhuluma ngakho ngendlela evelele, zizwakalisa ithemba nokuqiniseka ezingakaze zikuzwe ngaphambili. Amathuba okufinyelela ukuthula nokulondeka ayobonakala eseduze kakhulu kunanini ngaphambili. Naphezu kokusongela kwenuzi okuqhubekayo, izizwe ziyokhohliselwa emcabangweni ongamanga wokulondeka.
Nokho, amaKristu eqiniso awanakukhohliswa. Ngesithakazelo esiqotho ayobheka kokuthile okungcono kunokuthula nokulondeka kwabantu!
Ukuthula Nokulondeka—Into Engokoqobo
NgokweHubo 4:8, ukuthula kweqiniso nokulondeka kuyotholakala kuphela elungiselelweni likaJehova uNkulunkulu: “Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena-Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.” Noma yikuphi ukumenyezelwa ‘kokuthula nokulondeka’ okuzwakaliswa ngaphandle komongo welungiselelo loMbuso kaJehova kungaba yinkohliso nje kuphela. Akukho lutho oluhlala njalo oluyofinyelelwa.
UMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaKristu awunakwaneliswa ukuletha amakhambi angaphelele. Uhulumeni waphezulu uyokwenza okungaphezu kokunciphisa inani lezikhali zenuzi; uyoziqeda ngokuphelele nazo zonke ezinye izikhali zempi. IHubo 46:9 liyathembisa: “Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.”
Ngokufanayo, ukusongela kwenuzi okubangelwa imishini yenuzi engasebenzi kahle noma izinsalela zokukhishwa kwemisebe kuyoba izinto zesikhathi esidlule. Ngaphandle kwalokho lamazwi ayoba angenaqiniso: “Bayakuhlala, kube-yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova-Sebawoti ukhulumile.” UNkulunkulu ngeke awaqambe amanga. Asinaso isizathu sokungabaza amazwi akhe.—Mika 4:4; Thithu 1:2.
Ungakujabulela yini ukuba nalelithemba lokuphila ezweni lapho ukusongela kwenuzi kuyobe kususwe khona ngokuphelele? Ungakujabulela, ngoba iZwi likaNkulunkulu lizibeke ngokucacile izimfuneko. Ngokufunda ngazo nangokuphila ngokuvumelana nazo, ungase ngolunye usuku ujabulele ukusho ngenkululeko: “Ukusongela kwenuzi—sekuze kwaphela ekugcineni!”
[Isithombe ekhasini 7]
Ukuthula kuyobusa ezweni elisha likaNkulunkulu ngaphandle kwanoma yikuphi ukusongela kwenuzi
[Umthombo]
M. Thonig/H. Armstrong Roberts
[Umthombo Wesithombe ekhasini 6]
U.S. National Archives photo