Ingabe IBhayibheli Liyisipho Esivela KuNkulunkulu Ngempela?
“NGIKHOLELWA ukuthi iBhayibheli liyisipho esingcono kunazo zonke uNkulunkulu ake wazinikeza umuntu.” Leyonkulumo yashiwo uAbraham Lincoln, umongameli we-16 waseUnited States.a Wayengeyedwa ekwaziseni kwakhe lencwadi osekukudala ikhona.
Umbusi waseBrithane wekhulu le-19 leminyaka uWilliam E. Gladstone wathi: “IBhayibheli liphawuleka ngokuba neMvelaphi Ekhethekile, futhi ibanga elingenakulinganiswa lilihlukanisa nazo zonke ezinye izincwadi.” Evumelana nalowombono, umbusi waseMelika wekhulu le-18 leminyaka uPatrick Henry wathi: “IBhayibheli lingaqhathaniswa nazo zonke ezinye izincwadi ezike zalotshwa sezihlangene.” Ngokusobala ehlatshwe umxhwele imiBhalo, umbusi waseFrance uNapoléon Bonaparte waphawula: “IBhayibheli aliyona incwadi nje engasho lutho, kodwa liyisiDalwa Esiphilayo, esinamandla okunqoba konke okuphikisana nalo.”
Kwabanye, iBhayibheli liye laba umthombo wosizo nenduduzo. Ujenene Robert E. Lee weAmerican Confederate (imibuso eyahlubuka kuyiU.S.) wathi: “Kukho konke ukuxakeka nokucindezeleka kwami, iBhayibheli alikaze lihluleke ukunginikeza ukukhanya namandla.” Futhi ngenxa yokwazisa kwakhe lencwadi, umongameli waseU.S. uJohn Quincy Adams wathi: “Eminyakeni eminingi ngiye ngakwenza umkhuba ukulifunda lonke iBhayibheli kanye minyaka yonke.”
Uma oPhezukonke eye wanikeza isintu iBhayibheli, kufanele kube nobufakazi bokuthi liphefumlelwe ngokwaphezulu. Kufanele libe likhulu kunazo zonke ezinye izincwadi. Futhi ukuze iBhayibheli libe umthombo wangempela wamandla nesiyalo, kuyodingeka libe nokwethenjelwa ngokuphelele. Khona-ke, kusala lombuzo, Ingabe iBhayibheli liyisipho esivela kuNkulunkulu ngempela? Ngokulandelayo ake sifune impendulo yalowombuzo.
[Umbhalo waphansi]
a Yebo, sikhona isipho esikhulu ngokwengeziwe—uJesu Kristu.—Johane 3:16.
[Izithombe ekhasini 3]
UWilliam E. Gladstone
[Umthombo]
U.S. National Archives photo
UAbraham Lincoln
[Umthombo]
U.S. National Archives photo
UPatrick Henry
[Umthombo]
Harper’s U.S. History
UNapoléon Bonaparte
[Umthombo]
Drawn by E. Ronjat
UJohn Quincy Adams
[Umthombo]
Harper’s U.S. History
URobert E. Lee
[Umthombo]
U.S. National Archives photo