Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb20 Julayi k. 7
  • UJehova Uyabavikela Abantu Bakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Uyabavikela Abantu Bakhe
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umnyuziyamu Wokuqothulwa Kwesizwe NoFakazi BakaJehova
    I-Phaphama!—1993
  • Ukuvuselelwa KweBritish Museum
    I-Phaphama!—2001
  • Ukholo Oluphilayo Naphezu Kosizi
    I-Phaphama!—2000
  • “Ingcebo Yezwe Elingcwele”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
mwb20 Julayi k. 7

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

UJehova Uyabavikela Abantu Bakhe

Ubaba ongumIsrayeli, nendodana yakhe, ufafaza igazi emnyango wendlu yakhe.

IPhasika lokuqala laliyisenzakalo esikhulu. Ngalobo busuku, ngemva kokuba uFaro ebone ukuthi izibulo lakhe lalifile, wathi kuMose: “Sukani, phumani phakathi kwabantu bami, kokubili nina kanye nabanye abantwana bakwa-Israyeli, nihambe, niyokhonza uJehova, njengoba nishilo.” (Eks 12:31) UJehova wayebonisile ukuthi uyabavikela abantu bakhe.

Njengoba sibheka umlando wabantu bakaJehova, kunobufakazi obucacile bokuthi uJehova uyaqhubeka ebaqondisa futhi ebavikela. Lokhu kuvezwe kahle emnyuziyamu osendlunkulu yomhlaba wonke onesihloko esithi “A People for Jehovah’s Name.”

BUKELA IVIDIYO ETHI UKUVAKASHELA EWARWICK MUSEUM: “A PEOPLE FOR JEHOVAH’S NAME” BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Uqwembe nama-slide e-⁠‘Photo-Drama of Creation.’

    Iliphi ithuluzi elisha elasetshenziswa aBafundi BeBhayibheli ekuqaleni kuka-1914 ukuze benze abantu bakholelwe eBhayibhelini, futhi laphumelela kangakanani?

  • Izithombe zasejele zabazalwane ababoshwa nabagqunywa ejele ngo-1918.

    Iziphi izinkinga ezaba khona ngo-1916 nango-1918, futhi ibuphi ubufakazi obaba khona obabonisa ukuthi uJehova uyayiqondisa inhlangano yakhe?

  • Izithombe zasemnyuziyamu ezibonisa abaningi ababoshelwa ukholo lwabo. Umnyango ongenela endaweni efanekisela iPharadesi.

    Abantu bakaJehova bama kanjani beqinile okholweni lwabo naphezu kokuphikiswa?

  • Izithombe zasemnyuziyamu ezibonisa izindlela zokushumayela ezazisetshenziswa ngawo-1930 nangawo-1940.

    Ikuphi ukuqonda okusha abantu bakaJehova abakuthola ngo-1935 futhi lokhu kwabathinta kanjani?

  • Uma uke wavakashela lo mnyuziyamu, yini oyibonile ekwenze wakholelwa nakakhulu ukuthi uJehova uqondisa futhi avikele abantu bakhe?

Ukuze uthole ukuthi ungawuvakashela kanjani lo mnyuziyamu, ngena ku-jw.org/zu uchofoze ingxenye ethi Mayelana Nathi

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela