Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w92 8/15 kk. 3-4
  • Ukukhuluma Ngezilimi—Isenzakalo Esandayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhuluma Ngezilimi—Isenzakalo Esandayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Namuhla Kunesifiso Sokuba Nesipho Sezilimi?
  • Umuntu Uba Kusiphi Isimo?
  • Izilimi, Ukukhuluma Ngazo
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Ukukhuluma Ngezilimi—Ingabe Kuvela KuNkulunkulu?
    I-Phaphama!—1987
  • Lithini IBhayibheli Ngokukhuluma Ngezilimi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Isipho Sezilimi Siyingxenye YobuKristu Beqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
w92 8/15 kk. 3-4

Ukukhuluma Ngezilimi—Isenzakalo Esandayo

“AMANDLA athile ayelawula ulimi lwami futhi amagama amane azigelezela njengamanzi. Yeka injabulo okwakuyiyo! Ngazizwa ngihlanzeke kakhulu. Ngashintsha kusukela ngalesosikhathi,” kubabaza othile owaba nokuhlangenwe nakho okungavamile kokukhuluma ‘ngezilimi ezingaziwa.’

Lena incazelo enikezwe ngumuntu othile ngokuhlangenwe nakho kwakhe kokuqala ngqá kokukhuluma ‘ngezilimi ezingaziwa.’ Abanye bangabuza kufanele, ‘kodwa kuyini lokho?’ Kubhekisela emkhubeni noma enkolelweni yamanye amasonto lapho amadoda nabesifazane bethi bashukunyiswa umoya kaNkulunkulu ukuba bakhulume ngezilimi zezinye izizwe noma izilimi ezingavamile nabo abangazazi.

Yisenzakalo esingokwenkolo esandayo. Njengoba kwake kwabhekwa njengesenzakalo esenzeka kumakholwa eSonto Likamoya kuphela, ukukhuluma ngezilimi manje kweqa imingcele eyaziwayo yamahlelo ukuze kuhlanganise namaBaptist, amaEpiscopal, amaLuthela, amaWeseli, abaseHabe, kanye namaRoma Katolika. Isimo somuntu lapho ekulesimo siye sachazwa ngokuthi ukuvukwa amadlingozi, ubuhlanya, nokulutheka kwengqondo. Abanye bakubiza nangokuthi okuhlangenwe nakho okuvusa imizwelo. Kunemfihlakalo nesimo esikhangayo esihlobene nokukhuluma ngezilimi.

Kungani Namuhla Kunesifiso Sokuba Nesipho Sezilimi?

Encwadini yakhe ethi Tongues of the Spirit, uCyril G. Williams usikisela ukuthi kungase kube khona “ukuhlobana phakathi komuzwa wokwehluleka, nesifiso ‘sezilimi.’” Ukuchaza njengendlela yokukhululeka ‘enokubaluleka okwelaphayo njengento enciphisa ukucindezeleka’ futhi “exazulula ukuphazamiseka okungaphakathi.” Ukukhungatheka emsebenzini wesonto, ukucindezeleka okungokomzwelo, ukwehluleka emsebenzini, ukushonelwa othile, izinkinga zasekhaya, noma ukugula kothile emkhayeni konke kubalwa njengezici ezenezela kulokhu kukhuluma kokuvukwa amadlingozi.

Ngokufanayo, kuyiPsychology of Speaking in Tongues, uJohn P. Kildahl uthi “ukukhathazeka kuyimfuneko yokuba nekhono lokukhuluma ngezilimi.” Ngokuhlola okwenziwa kumuntu ngamunye nangezingxoxo ezicophelelayo, kwatholakala ukuthi “abangaphezu kuka-85% kubantu abakhuluma ngezilimi baye babhekana nesimo esibucayi esichazwe ngokucacile esandulela ukukhuluma kwabo ngezilimi.” Ngokwesibonelo, umama othile wayefuna ukukhuluma ngezilimi ukuze athandazele indodana yakhe eyayigula iphethwe umdlavuza. Indoda ethile yaqala ukukhuluma ngezilimi phakathi nesikhathi eyayimanqikanqika ngaso ngokukhushulelwa esikhundleni esiphakeme emsebenzini. Owesifazane othile waqala ukukhuluma ngezilimi, lingakapheli isonto ngemva kokuba umyeni wakhe engenele inhlangano ethiwa iAlcoholics Anonymous.

Umuntu Uba Kusiphi Isimo?

Omunye umuntu owake wakhuluma ngezilimi ngokokuqala ngqá uyabika: “Ngezwa kushisa wonke umzimba, ngase ngiba nohlevane kanye namaconsi amakhulu omjuluko, ngezwa ukuqhaqhazela kanye nobuthaka obuthile emilenzeni yami.” Kanye nokuhlangenwe nakho kokukhuluma ngezilimi, ngokuvamile kuba nesimo esingavamile abanye abasithola sethusa. Ngokwesibonelo, “intombazane ethile yacishe yahilwa amathe njengoba yayizelula esihlalweni, intamo yayo yeyame kuso, izithende ziphansi, imilenze yayo iqinile.” Phakathi nomunye umhlangano webandla elithile “indoda ethile yashaya ungqimphothwe isuka kwenye ingxenye yesonto iya kwenye.”

“Kwabanye abantu,” kubhala uProfesa William J. Samarin, “ukukhuluma ngezilimi kuyimfuneko yokubhapathizwa ngoMoya Ongcwele.” Ngaphandle kwakho, ‘benziwa bazizwe bengaphelele.’ Kubhekwa futhi “njengempendulo yomthandazo, njengesiqiniseko sothando nokuvunyelwa kwaphezulu.” Abanye baye bathi kubenza bazizwe benokuthula, kanye nenjabulo yangaphakathi, futhi ‘benomuzwa omkhulu wokuba namandla’ kanye ‘nomuzwa oqine kakhulu ngobuntu babo.’

Ingabe ngempela ukukhuluma ngokuvukwa amadlingozi kuwubufakazi bokusebenza komoya ongcwele? Ingabe okuhlangenwe nakho okunjalo kubonisa ukuthi umuntu ungumKristu weqiniso? Ingabe ukukhuluma ngezilimi kuyingxenye yokukhulekela okwamukelekayo namuhla? Lemibuzo ifanelwe okungaphezu kwempendulo ekha phezulu. Ngani? Ngoba sifuna ukukhulekela kwethu kwamukelwe futhi kubusiswe nguNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela