Ungakwazi Ukubhekana Nokukhungatheka!
CABANGELA isimo esidabukisayo sendoda ethile eneminyaka engu-23 ubudala. Inemfundo encane kuphela futhi isebenzela iholo eliphansi. Umshado nokuphila okwanelisayo kubonakala kuyizinto ezingenakwenzeka ngayo. Akumangalisi ukuthi unina uthi: “Udumele futhi ukhungatheke kakhulu.” Indaba yalensizwa iyefana neyezigidi zabanye. Ngezizathu ezithile, abantu bazo zonke izizinda zokuphila bakhungathekile.
Ukukhungatheka “kuwumuzwa noma isimo esijulile esiqhubekayo sokungalondeki, ukudumala, nokungeneliseki okuvela ezifisweni ezibhuntshile, ukuphikisana komcabango, noma ezinye izinkinga ezingaxazululekile.” (Webster’s Third New International Dictionary) Siba nokukhungatheka lapho sizama kanzima ukuze sifeze okuthile kodwa singaphumeleli. Sizizwa sivinjelwe nhlangothi zonke, njengokungathi sizingqubuza amakhanda odongeni, singenawo amathuba okuphumelela. Sonke siyawazi lowomuzwa.”
Izisebenzi emisebenzini ebonakala ingavuzi zingase zibe nemizwa yokungabaluleki. Uma ethathwa kalula, amakhosikazi noma omama ababhekene nezinkathazo nemisebenzi ekhathazayo yansuku zonke bangase bazizwe benganelisekile, bengaziswa. Intsha ebhekana nezilingo esikoleni ingase izizwe ikhungathekile emizamweni yokuthola imfundo. Amalungu amaqembu aphansi angase azizwe engajabule, eqiniseka ngokuthi ayizisulu zobandlululo olungenabulungisa. Osomabhizinisi abazama ngokwethembeka ukunikeza imikhiqizo noma izinkonzo ezinhle bangase bachithwe abancintisana nabo abangenawo unembeza nabangathembekile. Lokhu okuhlangenwe nakho nokunye okufanayo kuyakhungathekisa futhi kushiya abaningi benemizwa yokungabi nathemba.
Indoda ethile ehlakaniphile eyayiphila emakhulwini amaningi eminyaka adlule yakwazi ukuzwakalisa ukukhungatheka kwayo ngamazwi esingawaqonda. Inkosi yakwaIsrayeli uSolomoni yathi: “Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho-nzuzo phansi kwelanga. Ngokuba umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na? Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.” (UmShumayeli 2:11, 22, 23) Amazwi kaSolomoni aveza ukuphelelwa ithemba okuzwiwa abaningi kangaka lapho bezama ukubhekana nokukhungatheka okubaphuca ukuphila okuvuzayo.
Abantu abakhungathekile bangase bathathe ngisho nezinyathelo zokweqisa. Ezimweni ezinzima kakhulu abanye baye bayiyeka lempi, bezehlukanisa nomphakathi ukuze baphile ukuphila okungajwayelekile. Ukuze bathole lokho abanomuzwa wokuthi kuyilungelo labo, abanye baye baphendukela ebugebengwini nasebudloveni. Ukucindezela okukhulu kuye kwawohloza imishado nezibopho zemikhaya.
Iningi lethu kungase kudingeke lenze umzamo omkhulu ekufuneni izindlela zokubhekana nokukhungatheka. Naphezu kwalokho esikwenzayo, izinto zingabonakala ziba zimbi ngokwengeziwe. IzAga 13:12 zithi: “Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo.” Inhlala-kahle yethu engokomzimba nengokomoya ingase ibe sengozini. Ingabe lesimo asinathemba? Ingabe kumelwe sibhekane nokukhungatheka kwasikhathi sonke njengesijeziso sokungafaneleki kwethu noma amaphutha? Ingabe zikhona izinyathelo eziwusizo ezingathathwa zokubhekana nokukhungatheka ukuze sijabulele ukuphila okwanelisa ngokwengeziwe? Ake sibone.
Ezinye Izindlela Zokubhekana Nokukhungatheka
Lapho sinenkinga futhi sidinga iseluleko, ngokuvamile siya kumuntu onolwazi nonokuhlangenwe nakho esingamethemba. IzAga 3:5, 6 ziyatusa: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” Iseluleko esiwusizo singatholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Cabangela ezinye izibonelo zokuqonda elizinikezayo.
Ukukhungatheka kungase kuhlobane nokuziphilisa. Ngokwesibonelo, umsebenzi wethu wokuziphilisa ungase wanelise, kodwa iholo eliphansi lingase libangele ukucindezeleka. Siyayithanda imikhaya yethu futhi siyifunela okungcono kakhulu. Noma kunjalo, ukukhathazeka ngokuhlangabezana nezibopho zethu ezingokwezimali kubonakala kungenasiphelo. Singase sisebenze isikhathi esengeziwe futhi size sithathe umsebenzi wesibili. Ngemva kwesikhathi ukuphila kubonakala kungumjikelezo onesidina wokudla, ukulala, nokusebenza. Nokho, izindleko ziyanqwabelana, izikweletu ziyanda, nokukhungatheka kuyakhula.
Injongo eyinhloko yomsebenzi wokuziphilisa iwukunakekela izidingo zethu. Kodwa kungakanani esikudingayo? Umphostoli uPawulu wabhala: “Asilethanga-lutho ezweni; kusobala ukuthi singemuke nalutho futhi; kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.” Ingabe sizama ukuthola okungaphezu kwalokho nokuba nalokho abanye abanakho noma abakwaziyo ukukwenza? Uma kunjalo, kungenzeka sivuna imiphumela ngokukhungatheka. UPawulu waxwayisa: “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni. Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:7-10) Ukuhlola ngokwethembeka iminako yethu yezinto ezibonakalayo kungase kwembule ezinye izinto ezingabalulekile. Ukulungisa okumbalwa okunengqondo ukuze sibe nendlela yokuphila eyongayo nenesizotha ngokwengeziwe kungasiza kakhulu ekunciphiseni ukukhungatheka kwethu.
Izifiso ezingokwemvelo ezingagcwaliseki ziye zabangela ukukhungatheka okukhulu. Ngokwesibonelo, kungokwemvelo ngowesifazane osemusha ukuba nesifiso esinamandla sokushada futhi abe nokulondeka nothando olufudumele oluza nokuphila komkhaya. Angase enze konke okusemandleni ukuze azenze akhange ngokwengeziwe ngezimfashini zamuva noma izinto ezimsiza abe muhle futhi angase abe umfundi oshisekayo wamaphephabhuku anikeza amacebiso kwabafuna isithandwa. Lona wesifazane angaba khona emibuthanweni eminingi yobungane enamathemba okuhlangana nothile ofanelekayo—konke kube nhlanga zimuka nomoya. Iminyaka iyedlula, futhi ukukhungatheka kuba okungasabekezeleleki. Esephelelwe ithemba angase alingeke ukuba ashade nothile ongafaneleki. Okubi nangaphezulu, ukuze anelise ukunxanela kwakhe uthando, angase ahileleke ekuziphatheni okubi.
Esimweni esinjalo, isineke nokwahlulela okuhle kubalulekile. Ukushada nomuntu ongafaneleki—ikakhulukazi ontula ukholo kuJehova—kungaba iphutha elikhulu. (1 Korinte 7:39; 2 Korinte 6:14, 15) Ukuziphatha okubi ngokungenakugwenywa kuholela enhliziyweni ebuhlungu nasekuphelelweni ithemba. (IzAga 6:32, 33) Ukuzihlola ngokwethembeka, kuhlanganise nendlela ehlakaniphile yokubhekana nalendaba, kungasiza. ‘Umoya omnene nonokuthula’ ungakhanga umngane ofanele womshado kangcono kakhulu kunezingubo zezitayela noma izimonyo ezingavamile. (1 Petru 3:3, 4) Kunokuthembela eselulekweni ngokuvamile esinombono olinganiselwe noma esingenasizotha sezazi zezwe, kubalulekile ukuya kuMsunguli womshado ukuze ufunde lokho okudingekayo ukuze ube umfazi othandwayo nowaziswayo. (IzAga, isahluko 31) Amadoda nabesifazane abangashadile kufanele bazame ukubonisa izimfanelo abazifiselayo kumngane womshado. Yeka ukuthi kuhlakaniphe kangakanani ukufuna ubudlelwane obuhle nabantu abahlonipha izimiso zeBhayibheli. Uma sizisebenzisa ekuphileni, amathemba ethu omshado ojabulayo ayoba ngcono ngokungenakulinganiswa. Ngisho noma umshado singawutholi manje, ukwenza ngokuvumelana nemiBhalo kuyoletha injabulo futhi kwenze ukuphila kokungashadi kuvuze kakhulu.
Umthwalo onzima wezibopho ungase usiholele eqophelweni lokucasuka. Kungase kube khona ukucindezela okuvela nhlangothi zonke. Sikhathazekile ngezidingo ezicindezelayo zomkhaya wethu, nomqashi wethu angase abe umuntu onganeliseki. Izihlobo zingase zilindele ukuba sisize ngaso sonke isikhathi uma kunenhlekelele. Ngenxa yezinto eziningi ezicindezelayo, kuba nohlu olude lwezinto zomuntu siqu oludinga ukunakekela kwethu. Kungase kubonakale sengathi isikhathi sethu namandla kumelwe kusetshenziswe ngezindlela eziningi ezihlukahlukene ngesikhathi esisodwa. Ukukhungatheka kungaphenduka intukuthelo, futhi singaba nomuzwa wokushiya phansi. Ngakho-ke, yini okufanele siyenze?
Kuyoba ukuhlakanipha ukuba sihlole futhi izinto eziza kuqala kithina. Njengoba lokho esingakwenza kulinganiselwe, akunakwenzeka ukuba samukele konke okufunwa ngabanye. Kudingeka sinakekele “izinto ezibaluleke kakhulu.” (Filipi 1:10, NW) Phela, “inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo.” (UmShumayeli 9:4) Ezinye izibopho zibucayi futhi azinakubekelwa eceleni, kuyilapho lezo ezingabalulekile kungase kudingeke ukuba zilinde. Kungenzeka siye sawuthatha wonke umthwalo wemfanelo wemisebenzi ethile okufanele yenziwe abanye. Eminye imithwalo yemfanelo kungase kudingeke isuswe ngokuphelele uma ingabalulekile. Nakuba lokhu ekuqaleni kungase kubangele ukungaphatheki kahle noma kudumaze abanye, kumelwe sihloniphe ukulinganiselwa kwethu siqu okungokomzimba nokungokomzwelo.
Isifo esithena amandla singaletha ukukhungatheka okukhulu, ngoba singasilalisa phansi izinsuku eziningi noma amasonto isikhathi ngasinye. Ubuhlungu obukhulu bungasenza sibe lusizi. Sifuna ikhambi, singase siye kodokotela abahlukahlukene noma siphuze imithi eminingi noma amavithamini sinamathemba okuthi kuyokwenza okuthile okuhle. Nokho, singase siqhubeke sihlupheka futhi singase siqale ukuzibuza ukuthi ukuphila kukufanele yini lokho kuhlupheka.
Lena kungaba inkinga engaxazululeka kuphela ezweni elisha likaNkulunkulu. (2 Petru 3:13; qhathanisa noIsaya 33:24.) Njengoba abantu bengaphelele, okungenziwa odokotela nemithi kulinganiselwe. Eqophelweni elithile kungase kudingeke ukuba samukele ukuhlupheka kwethu njengengxenye yokuphila. Umphostoli uPawulu ‘wayeneva enyameni,’ mhlawumbe ukuhlushwa amehlo akhe noma enye ingxenye yomzimba wakhe, kukhathaza kakhulu kangangokuthi wayethandazela usizo ngokuphindaphindiwe. (2 Korinte 12:7-10) Kodwa uNkulunkulu akazange amphulukise uPawulu, futhi mhlawumbe lomphostoli kwadingeka abhekane nalokhu kuhlupheka aze afe. Waphila nokuhlupheka kwakhe, akazange acele ukuzwelwa, futhi akazange alahlekelwe injabulo yakhe. (2 Korinte 7:4) Nakuba indoda eqotho uJobe yabhekana nokuhlupheka okukhulu, yalondoloza ukholo lwayo kuJehova, futhi lokhu kwaholela emvuzweni ocebile. (Jobe 42:12, 13) Uma siyizinceku zikaNkulunkulu, singathola amandla okuqhubeka ngokuzindla ngalezibonelo nokuthandazela usizo lukaJehova.—IHubo 41:1-3.
Ukuqina Naphezu Kokukhungatheka
Abantu bakaJehova bangaqina ngokomoya naphezu kwanoma ikuphi ukukhungatheka. Ngokwesibonelo, nakuba kungase kudingeke sikhuthazelele ukugula, singahlala ‘siphilile ekukholweni’ ngokuwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo kaNkulunkulu angokomoya. (Thithu 2:1, 2) Nakuba singase sibe mpofu ngokukhungathekisayo ngokwezinto ezibonakalayo, singaceba ngokumangalisayo ngokomoya.
Ngokuthembela kuNkulunkulu ukuze sithole ukuhlakanipha namandla, singakwazi ukubhekana nokukhungatheka okungaphakama ezimweni zasekhaya. Ngokwesibonelo, cabangela uAbigayili, umkaNabali. UNabali ‘wayelukhuni enobubi emisebenzini yakhe,’ negama lakhe ngokwalo lisho “Ongenangqondo; Isithutha.” Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakukhungathekisa kanjani ukuhlala nendoda enjalo! Nokho, uAbigayili wahlala ‘ehlakaniphile’ futhi akazange aphelelwe ithemba. Ngempela, phakathi nenye inhlekelele amazwi akhe nezenzo zazihlakaniphe kangangokuthi wakholisa uDavide ukuba angabuyiseli ukukloloda nokungabongi kukaNabali ngokuchitha igazi nokwehluleka ukuthembela kuJehova.—1 Samuweli 25:2-38.
Ngisho noma isimo sihilela othile ohlanganyela nebandla lobuKristu sisibangela ukukhungatheka, singakhuthazela ngamandla anikezwa nguJehova. Lokhu kuboniswa iqiniso lokuthi ukuziphatha okwakungase kukhungathekise kukaDiyotrefe akuzange kuvimbele indoda eyesaba uNkulunkulu uGayu ekwenzeni okuhle futhi kanjalo nasekuvuneni injabulo nemivuzo ecebile engokomoya.—IzEnzo 20:35; 3 Johane 1-10.
Singakhungatheka uma sifisa ukukhonza esikholwa kanye nabo ebandleni kodwa seqiwa lapho abanye betuswa njengabadala noma izinceku ezikhonzayo. Nokho, kunokuba sivumele ukudumala ukuba kusinqobe, masifune ukuziqinisa ngokomoya futhi sivumele umoya kaNkulunkulu ukuba uveze izithelo zawo ezinhle kithi ngezinga elikhudlwana. (Galathiya 5:22, 23) Phakathi neminyaka engu-40 uMose ayichitha kwaMidiyani, uNkulunkulu wathuthukisa kuyena ngezinga eliphakeme ngokwengeziwe ukuthobeka, isineke, nezinye izimfanelo ezazidingeka ukuze abhekane nobunzima nokukhungatheka ayeyohlangabezana nakho njengomholi wamaIsrayeli. Ngokufanayo, kungenzeka uJehova usilungiselela amalungelo enkonzo esikhathi esizayo esingawathola uma sihlala siqinile ngokomoya futhi singavumeli ukunqotshwa ukukhungatheka.
Ukukhululeka Ekukhungathekeni—Ngokushesha!
Kungakhathaliseki ukuthi okwaluphi uhlobo, ingabe kuyoke kuphele ukukhungatheka kwethu? Kithina, isimo sethu singase sibonakale singenathemba kodwa asinjalo kuMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. Akakhungatheki. Ngomprofethi uIsaya, uNkulunkulu wathi: “Liyakuba-njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.” (Isaya 55:11) Njengoba uJehova enamandla onke negunya, ayikho into engenakwenzeka kuye. (Marku 10:27) Izethembiso zakhe zokulethela abantu bakhe izibusiso ezingapheli ziyogcwaliseka ngokuqinisekile.—Joshuwa 21:45.
Ukungabaza nokungaqiniseki kuyizici eziyinhloko ekukhungathekeni. Nokho, ngokuphambene, “ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo.” (Heberu 11:1) Ukukholelwa kuNkulunkulu kunikeza isiqinisekiso sokuthi wonke amathemba ethu asekelwe eBhayibhelini ayogcwaliseka ngokugcwele. Isihloko salo lonke iBhayibheli siqokomisa isithembiso sikaJehova sokubusa koMbuso, okuyothi ngaphansi kwawo umhlaba ube yipharadesi eliphelele lapho abantu abalungileyo beyophila khona phakade ngenjabulo. (IHubo 37:11, 29) Konke okubi—kuhlanganise nokukhungatheka—kuyobe kungasekho, ngoba uNkulunkulu ‘uyosuthisa ukufisa kwakho konke okuphilayo.’—IHubo 145:16.
Kuze kube yilapho lezozithembiso zigcwaliseka, sonke siyokhungatheka. Kodwa ithemba elingokomBhalo lingasinikeza isibindi namandla okuba sikhuthazele. Izeluleko ezinengqondo esizithola eBhayibhelini zingasibonisa indlela yokusebenzisa ukwahlulela okuhle nengqondo ngendlela eyoletha ukuzinza ekuphileni kwethu nokuthula ezinhliziyweni zethu. Naphezu kokudumala kwethu, singathola “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke.” (Filipi 4:6, 7) Ngakho-ke impi yokulwa nokukhungatheka ayiyona engenathemba. Ngosizo lukaJehova singabhekana nakho namuhla futhi sikunqobe ngesikhathi esizayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 31]
UNkulunkulu angakusiza ukuba ubhekane nokukhungatheka, njengoba nje asiza uJobe, uMose, uAbigayili, noPawulu