Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 4/15 kk. 19-21
  • Ingabe Ngempela Kuwukweba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ngempela Kuwukweba?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imali Kabani?
  • Ukuboleka Noma Ukweba?
  • Ukuthembela KuNkulunkulu
  • Ungalokothi Ube Isela!
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Umbono Olinganiselayo Ngemali
    I-Phaphama!—2015
  • Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Imali
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 4/15 kk. 19-21

Ingabe Ngempela Kuwukweba?

U-ABIODUN wayenguweta osesikhundleni esiphezulu ehhotela elikhulu laseNigeria. Ngobunye ubusuku lapho ekhiya ihholo okwenzelwa kulo amadili, wathola isikhwama esinemali elinganiselwa ku-R6 066. Ngaphandle kokulibala wahamba wayoyibika lemali, kamuva eyafunwa umnikazi wayo, owayeyisivakashi ehhotela. Abaphathi behhotela bavuza u-Abiodun ngokumnyusela esikhundleni sokuba isekela lomqondisi futhi bamnikeza umklomelo wokuba “isisebenzi sabo sonyaka esisebenze kahle kunazo zonke.” Umnikazi wemali naye futhi wamvuza.

Umagazini wakuleyondawo i-Quality, wanyathelisa lendaba, ubiza u-Abiodun ngokuthi “UmSamariya Olungileyo.” Lapho ebuzwa ngabe-Quality ukuthi walingeka yini ukuba azigcinele yona lemali, u-Abiodun wathi: ‘Ngingomunye woFakazi BakaJehova. Ngakho uma ngithola noma yini okungeyona eyami, ngiyibuyisela kumniniyo.’

Ukubonisa ukwethembeka kuka-Abiodun kwamangaza abaningi emphakathini. Lokho okwenzeka kwabajabulisa oFakazi abakanye no-Abiodun, kodwa akuzange kubamangaze. Emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova bayaziwa ngezimiso zabo eziphakeme. Phakathi kwabo ukwethembeka akuyona into engavamile; kungumyalo, ingxenye ebalulekile yobuKristu beqiniso.

Nokho, ngezinye izikhathi, izimo zingase zenze kube nzima ukwahlukanisa phakathi kwalokho okuwukwethembeka nokungesikho ukwethembeka. Cabangela lesisimo esilandelayo. UFestus, owayenakekela iminikelo nama-akhawunti ebandleni loFakazi BakaJehova eNtshonalanga Afrika, wayedinga imali ngokuphuthumayo.a Umkakhe wayedinga ukuhlinzwa okungathi sína odokotela bakhe abathi kwakungafanele kulibale. Isibhedlela safuna ingxenye yemali ngaphambi kokuhlinzwa.

UFestus wayengenayo imali. Lapho ecela abantu abehlukahlukene ukuba bamboleke imali, benqaba. Khona-ke wacabanga ngemali ayeyinakekela futhi wayesecabanga, ‘Ingabe kulungile ngami ukuba ngivumele umkami ukuba abe sengozini yokufa ngibe ngingenza okuthile ukuze ngikuvimbele? Kungani “ngingaboleki” imali yebandla? Ngingayibuyisela lapho abantu bengikhokhela imali abangikweleta yona.’

UFestus wasebenzisa leyomali okwakungeyona eyakhe wakhokhela isibhedlela. Ingabe umbono wakhe wawuqondile? Ingabe isenzo sakhe sasithetheleleka uma kubhekwa isimo esiphuthumayo ayebhekene naso?

Imali Kabani?

Ekuhlaziyeni lemibuzo, ake sibukeze kafushane amaphuzu ambalwa mayelana nomthombo nenjongo yemali efana naleyo eyathathwa uFestus. Lemali itholakala ngeminikelo yokuzithandela eyenziwa amalungu ebandla afuna ukuthuthukisa ukukhulekelwa kukaJehova okuhlanzekile. (2 Korinte 9:7) Ayisetshenziselwa ukukhokhela amaholo, njengoba kungekho bantu abakhokhelwayo ngalokho abakwenzayo ebandleni. Ngokuphambene, imali enikelwe ngokuyinhloko isetshenziselwa ukuthola nokunakekela indawo okuhlanganelwa kuyo, ngokuvamile iHholo LoMbuso. Lokhu kwenza kube nendawo eseduze nefanelekile lapho abantu—abasha nabadala, abacebile nabahluphekayo—bengahlangana khona ukuze bathole ukuyalwa okusekelwe eBhayibhelini.

Imali kabani? Eyebandla lilonke. Akukho muntu onquma eyedwa ukuthi kufanele isetshenziswe kanjani. Nakuba indikimba yabadala iqondisa ukukhokhelwa kwezindleko zasikhathi sonke, uma kudingeka kukhokhelwe okuthile okungavamile, abadala bethula udaba ebandleni lilonke ukuze bathole imvume.

Ukuboleka Noma Ukweba?

Ngenxa yokuhlela kwakhe ukuba abuyisele imali ngokushesha ngangokunokwenzeka, uFestus wabheka isenzo sakhe njengokuboleka. Nokho, i-Webster’s New Dictionary of Synonyms isebenzisa amanye amagama ngokuphathelene “nokuthatha nokususa impahla yomunye ngokuvamile ngokunyenya noma ngaphandle kokumazisa futhi njalo ngaphandle kwemvume yakhe.” Lamagama yilawa “ukweba,” nelithi “isela.” Ngaphandle kwemvume noma igunya, uFestus wathatha imali okwakungeyebandla. Ngakho-ke, empeleni wayenecala lokweba. Wayeyisela.

Yebo, amazinga okusolwa ngenxa yalokho okuyisisusa sokweba awefani. Singakubona lokho esibonelweni sikaJuda Iskariyothe, owayephathiswe ukuba anakekele imali eyayiphethwe uJesu nabaphostoli abathembekile. IBhayibheli lithi: ‘UJuda wayeyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.’ (Johane 12:6) Eshukunyiswa inhliziyo embi nokuhaha, uJuda waba mubi kakhulu. Ekugcineni waholeleka ekukhapheleni iNdodana kaNkulunkulu—ngezinhlamvu zesiliva ezingu-30.—Mathewu 26:14-16.

Nokho, uFestus, wayeshukunyiswe ukukhathalela umkakhe ogulayo. Ingabe lokhu kusho ukuthi wayengenalo icala? Lutho neze. Cabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngokweba kwesinye isimo esibonakala siphuthuma: “Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na? Uma efunyanwa, uyakubuyisa kasikhombisa, anikeze yonke impahla yendlu yakhe.” (IzAga 6:30, 31) Ngamanye amazwi, lapho libanjiwe, isela kufanele libhekane nesijeziso somthetho. NgokoMthetho kaMose, isela kwakufanele lihlawule ngecala lalo. Ngakho-ke kunokuba likhuthaze noma lithalalise ukweba, iBhayibheli lixwayisa ngokuthi ngisho nasezimweni eziphuthumayo, ukweba kungaholela ekulahlekelweni ngokwezomnotho, ehlazweni, futhi okungathi sína nakakhulu, ukulahlekelwa ukuvunyelwa uNkulunkulu.

NjengoFakazi bakaJehova, wonke amaKristu eqiniso, ikakhulukazi labo abaphathiswe imithwalo yemfanelo ebandleni, kumelwe babe izibonelo, ‘bangasoleki.’ (1 Thimothewu 3:10) UFestus akazange ayithole imali ayeyilindele, futhi kanjalo akakwazanga ukubuyisela imali ayeyithathile. Lokho ayekwenzile kwaziwa. Kwenzekani kuye? Ukube wayeyisela elingaphenduki, ngabe waxoshwa ebandleni elihlanzekile lobuKristu. (1 Petru 4:15) Kodwa wazisola ngokusuka enhliziyweni futhi waphenduka. Ngakho, wayengaqhubeka esebandleni, nakuba alahlekelwa amalungelo akhe enkonzo.

Ukuthembela KuNkulunkulu

Umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi ukweba komuntu othi ukhonza uJehova kungaletha isihlamba egameni likaNkulunkulu nakubantu begama laKhe. UPawulu wabhala: “Wena-ke ofundisa omunye awuzifundisi wena na? Wena oshumayela ukuthi akungebiwa uyeba na? Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa . . . ngenxa yenu.”—Roma 2:21, 24.

U-Aguri, indoda ehlakaniphile yasendulo, yaveza iphuzu elifanayo. Emthandazweni wakhe wacela ukuba ‘angabi mpofu funa ebe, alone igama likaNkulunkulu wakhe.’ (IzAga 30:9) Phawula ukuthi lendoda ehlakaniphile yavuma ukuthi ubumpofu bungaletha izimo ezingalinga nomuntu olungile ukuba ebe. Yebo, izikhathi ezinzima zingavivinya ukholo lomKristu emandleni kaJehova okunakekela izidingo zabantu bakhe.

Nokho, oFakazi bakaJehova abathembekile, kuhlanganise nalabo abahluphekayo, banokholo lokuthi uNkulunkulu “ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Heberu 11:6) Bayazi ukuthi uJehova uyabavuza abathembekile bakhe ngokubasiza ukuba banakekele izidingo zabo. UJesu wakwenza kwakhanya lokho eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, ethi: “Ningakhathazeki nithi: Siyakudlani? noma: Siyakuphuzani? noma: Siyakwembathani na? . . . Ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.”—Mathewu 6:31-33.

UNkulunkulu ubanakekela kanjani abaswele ebandleni lobuKristu? Ngezindlela eziningi. Enye yazo ingokusebenzisa esikholwa kanye nabo. Abantu bakaNkulunkulu babonisa uthando lwangempela ngomunye nomunye. Basithatha ngokungathi sína lesiyalo seBhayibheli: “Yena onemfuyo yezwe, ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele isihawu sakhe, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na? Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.”—1 Johane 3:17, 18.

Emhlabeni wonke, emabandleni angaphezu kuka-73 000, oFakazi bakaJehova abangaphezu kwezigidi ezine nengxenye bazama ngenkuthalo ukukhonza uNkulunkulu ngokuvumelana nezimiso zakhe zokulunga. Bayazi ukuthi uNkulunkulu ngeke abashiye abaqotho bakhe. Labo asebeye bakhonza uJehova iminyaka eminingi baphakamisa amazwi abo ngokuvumelana neNkosi uDavide, eyabhala: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.”—IHubo 37:25.

Yeka ukuthi kugcono kanjani ukuba nokholo kuNkulunkulu owaphefumlela lawomazwi, kunokuba sizivumele ukuba silingelwe ekubeni sebe futhi ngokunokwenzeka silahlekelwe umusa kaNkulunkulu phakade!—1 Korinte 6:9, 10.

[Umbhalo waphansi]

a Igama lishintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela