Kungani Kumelwe Ube Nesithakazelo Enkolweni?
KUNOMA iliphi izwe ebusweni bomhlaba, kunesithakazelo enkolweni. Ngakolunye uhlangothi, kukhona abaningi futhi abakusho bangafihli ukuthi abanaso isithakazelo enkolweni. Kodwa ingabe bebelokhu bezizwa ngaleyondlela?
Umuntu udalwe ngendlela yokuthi anganeliswa nje izinto ezibonakalayo kuphela. Abantu badinga ingokomoya. Ukuphila kwansuku zonke okugxile kuphela ekutholeni izidingo ezingokwenyama, nokuzijabulisa ngezikhathi ezithile, akuzanelisi ngokugcwele izidingo zomuntu ezijulile. Ngokungafani nezilwane, abantu bafuna ukwazi, ‘Iyini injongo yokuphila?’ ‘Lokhu kuphila okufushane, okunokuningi okuhle kodwa futhi nokuningi okubi, ingabe kuwukuphela kwakho?’ Awukaze yini uyibuze imibuzo enjengalena?
Nokho, izigidi eziningi zabantu abaphilayo namuhla zakhulela endaweni eyayingakukhuthazi ukuba nesithakazelo esinengqondo enkolweni. Kungenzeka ukuthi lelothonya zalithola kubazali bazo, kothisha, kontanga, noma ngisho nakuhulumeni.
USkalabrino, insizwa yase-Albania, wachaza ukuthi ngaphansi kokubusa kwamaKhomanisi abantu babefundiswa ukuthi uNkulunkulu akekho. Ngaphezu kwalokho, kwakuyingozi kubo ukukhuluma ngenkolo; ukwenzenjalo kwakungabafaka ejele. Nokho ngo-1991, lapho eseSwitzerland njengombaleki, wanikezwa ithuba lokutadisha iBhayibheli. Wavuma. Ngani?
Nokho, e-Albania wayezwile ukuthi kukhona incwadi okuthiwa iBhayibheli, kodwa empeleni wayengazi lutho ngayo. Ngakho, ekuqaleni kungenzeka ukuthi akusona isifiso sokuqonda iBhayibheli esasimshukumisa. Nakuba ayetsheliwe ukuthi wayezobe efunda ngenjongo kaNkulunkulu ngesintu nomhlaba, yena wazibonela ithuba lokuthuthukisa ukusebenzisa kwakhe ulimi lwakulelozwe. Nokho, ngokushesha wathola ukuthi lokho ayekufunda kwakwenelisa isidingo sakhe esijulile esingokomoya. Inhliziyo yakhe yajatshuliswa isithembiso sikaNkulunkulu sezwe elisha lapho ukuthula kwakuzochuma khona, izwe lapho abantu babengaphila khona phakade futhi bajabulele inala yazo zonke izinto ezidingekayo ekuphileni. Isithakazelo sakhe sakhula lapho ethola ukuthi yena nomkhaya wakubo bangaba ingxenye yalelizwe elisha. Njengoba ayengakwazi ukuhlala nalezindaba ezinhle, washayela umkhaya wakubo ucingo emuva e-Albania ukuze azihlanganyele nawo.
U-Aleksei, ohlala eRussia, naye wamangazwa umphumela ulwazi oluqondile lweBhayibheli olungaba nawo ekuphileni komuntu. Exakwe izinkinga futhi engakwazi nokuthola incazelo eyanelisayo ngenjongo yokuphila, wahlela ukuzibulala. Nokho, waqala waya eFinland eyovakashela umngane wakhe. Endleleni esitimeleni, waxoxa ngezinkinga zakhe nabanye ayegibele nabo. Phakathi kwabo kwakunomunye woFakazi BakaJehova, owamkhuthaza ukuba ake atadishe iBhayibheli ngoba liyawanikeza amakhambi ezinkinga ezinjalo. Wayengabaza. Lapho esephindela emuva, wabhekana nesimo esifanayo. Kulokhu ngomunye uFakazi owaveza ukuthi naye wayeke waba nazo izinkinga ezinjengalezo kodwa wasizwa iBhayibheli ukuba azinqobe. Naye wamkhuthaza ukuba atadishe iBhayibheli. Lapho efika ekhaya, kwakhala ucingo. Kwakungomunye umngane wakhe, owayefunda noFakazi futhi owayejabule kakhulu. Lendoda yayisiqala ukuqaphela ukuthi mhlawumbe iBhayibheli lingayinikeza ngempela lokho ekufunayo, kodwa yayazi ukuthi ngaphandle kosizo yayingeke iliqonde. Yavuma ukuba nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke noFakazi BakaJehova, futhi yaqala ukuya emihlanganweni yabo. Akuyithathanga sikhathi eside ukuqonda ukuthi kungani labo abenza ukuphila kwabo kuvumelane nalokho iBhayibheli elikufundisayo bejabula kangaka, nakuba nabo bebhekana nezinkinga ezivamile esintwini.
Njengoba ayeyiqonda indlela abantu abadalwe ngayo, uJesu Kristu wathi: “Umuntu akanakuphila ngesinkwa sodwa.” (Mathewu 4:4) Wabuye wathi: “Bayajabula labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3, NW) Injabulo yabo ilethwa ukuthi basiqaphela ngobuqotho isidingo sabo, bathathe izinyathelo ezifanele zokusanelisa, futhi bathole isibusiso sikaNkulunkulu. Nokho, isidingo sethu esingokomoya asaneliswa nje kuphela ukujoyina isonto noma ukuya ezinkonzweni ezithile zenkolo. Inkolo enemicikilisho kakhulu ingase ihuhe ngokomzwelo, kodwa ingabe iyawanikeza amakhambi angempela ezinkingeni zokuphila? Ngisho noma leyonkolo ingase ibe nayo imithetho ethile eyisisekelo enengqondo, uma ihluleka ukuchaza injongo yangempela yokuphila, izosanelisa yini isidingo sakho esingokomoya? Okubaluleke ngisho nangaphezulu, ingabe ukulandela leyonkolo kungabuletha ubuhlobo obuhle noNkulunkulu? Ngaphandle kwalokho, ukwaneliseka kwangempela kuyantuleka.
Mayelana nalokhu abantu abaningi basafuna okuthile abangakakutholi namanje.
[Isithombe ekhasini 3]
Ingabe izidingo zakho ezingokomoya ziyokwaneliseka ngempela ngokujoyina isonto?
[Isithombe ekhasini 4]
Abaningi baye bathola ukuthi lapho beliqonda iBhayibheli, ukuphila kuba nenjongo entsha