Lithini IBhayibheli Ngempi YeNuzi?
Umhlaba wonke uyaqhubeka usongelwa impi yenuzi njengoba imibuso yezwe ilungisa futhi yandisa izikhali zempi zenuzi. Abantu bakhathazeke ngokuthi ukwanda kwezikhali zenuzi esezikhona kwandisa namathuba okuba kuqubuke impi yenuzi. Bakhathazeke nangokuthi uma izwe elithile lingasebenzisa ibhomu lenuzi elincane nje lokho kungabangela impi yenuzi engacekela phansi umhlaba wethu. Ngokubuka lokho okwenzekayo, i-Bulletin of the Atomic Scientists ithi, “siphila engcupheni yokubandakanyeka empini yenuzi.”
Ingabe impi yenuzi ingaba khona ngempela? Uma kunjalo, uyosinda yini umhlaba wethu? Singabhekana kanjani nokukhathazeka kokuthi impi yenuzi ingase iqubuke? Lithini iBhayibheli?
Kulesi sihloko
Singabhekana kanjani nokukhathazeka kokuthi impi yenuzi ingase iqubuke?
Ingabe incwadi yeBhayibheli yesAmbulo isuke ikhuluma ngempi yenuzi?
Ingabe iBhayibheli liyabikezela ngempi yenuzi?
IBhayibheli alikhulumi ngempi yenuzi. Noma kunjalo, impi yenuzi iwumphumela wezimo zengqondo zabantu nezenzakalo iBhayibheli elazibikezela.
Qhathanisa lokhu okuchazwa amavesi eBhayibheli nalokho okwenzekayo emhlabeni namuhla:
Amavesi eBhayibheli: Abafundi bakaJesu bambuza: “Luyoba yini uphawu lokuba khona kwakho nolwesiphelo sesimiso sezinto?” UJesu waphendula wathi kubo: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso.”—Mathewu 24:3, 7.
Izenzakalo zezwe: Amazwe kuhlanganise nalawo akwaziyo ukwakha izikhali zenuzi, avamise ukulwa ngazo lezo zikhali.
I-The Armed Conflict Location & Event Data Project ithi “Emhlabeni wonke kunezinxushunxushu eziningi kule minyaka yakamuva.”
Ivesi leBhayibheli: “Esikhathini sokuphela inkosi yaseningizimu iyongqubuzana [nenkosi yasenyakatho.]”—Daniyeli 11:40.
Izenzakalo zezwe: Izizwe eziphikisanayo nalezo ezakhe umfelandawonye nazo ziyahlaselana noma ziyaqhudelana zibanga ukuphakama namandla njengoba nje iBhayibheli lalibikezele. Namuhla, nakuba la mazwe anezikhali zenuzi ezinamandla engahlaselani ngokuqondile kodwa ayaqhubeka ethuthukisa izikhali zawo zenuzi ukuze zibe namandla nakakhulu.
I-The Uppsala Conflict Data Program ithi “Kule minyaka eyishumi edlule ziye zanda kakhulu izinxushunxushu phakathi kwamazwe kuhlanganise nezinxushunxushu eziba khona lapho imibuso emikhulu isekela izinhlangothi eziphikisanayo.”
Amavesi eBhayibheli: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu. . . bayokuba abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangakwazi ukuzithiba, abanolaka.”—2 Thimothewu 3:1-3.
Izenzakakalo zezwe: Njengabantu abaningi namuhla, abaholi bezwe bavamise ukungaboni ngaso linye. Kunokuba baxazulule ukungaboni ngaso linye ngokuthula, bangase basongelane noma basebenzise udlame. Izenzo ezinjalo zandisa amathuba okuba kuqubuke impi yenuzi.
“Ngaphandle kokuba abantu bathole indlela yokusebenzisana kahle, izinxushunxushu zisazoqhubeka zibulala abantu abaningi.”—Kusho uS. Saran no-J. Harman be-World Economic Forum.
UNkulunkulu angakuvumela yini ukuba kube nempi yenuzi?
IBhayibheli alisho. Kodwa lithi esikhathini sethu kuyoba khona “imibono eyesabekayo,” nezibonakaliso ezinkulu. (Luka 21:11) Isibonelo salokho, amabhomu abulala abantu abaningi phakathi Nempi Yezwe Yesibili. IBhayibheli liyachaza ukuthi kungani uNkulunkulu evumela izimpi. Ukuze uthole okwengeziwe, bukela ividiyo ethi, Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
Uyosinda yini uMhlaba?
Yebo uyosinda. Ngisho noma abantu bengaphinde basebenzise izikhali zenuzi, uNkulunkulu ubengeke avumele umhlaba wethu ukuba uqothulwe. IBhayibheli lithi umhlaba wethu ngeke usinde nje kuphela osongweni lokushabalala kodwa abantu bayophila kuwo kuze kube phakade.
Abanye abantu bacabanga ukuthi esikhathini esizayo umhlaba uyohlalwa abantu abambalwa abadonsa kanzima ngokwempilo, emhlabeni ocekelwe phansi yinuzi. Nokho, iBhayibheli liyabonisa ukuthi noma imuphi umonokalo owenzeke emhlabani, obangelwe izimpi, uyolungiswa ngokuphelele.
UNkulunkulu ufuna siphile emhlabeni omuhle sijabule
Umdali wethu uklame umhlaba ngendlela emangalisayo yokuthi ukwazi ukuzivuselela. Siyazi ukuthi uNkulukulu uyosebenzisa amandla akhe ukuze alungise umhlaba futhi uyohlala uyikhaya elihle kakhulu labantu.—IHubo 37:11, 29; IsAmbulo 21:5.
Singabhekana kanjani nokukhathazeka kokuthi impi yenuzi ingase iqubuke?
Abanye bangase bakhathazeke ngokuthi “impi yenuzi” ingase ibekhona, lokhu kuchazwa ngokuthi “uvalo lokuthi impi yenuzi ingase iqubuke nemiphumela yayo.” Izithembiso zeBhayibheli nezeluleko zalo zingasiza labo abakhathazekile ukuba babhekane kangcono nalesi simo futhi banciphise ukwesaba. Kanjani?
IBhayibheli lisichazela ngomhlaba omangalisayo nangabantu abayohlala kuwo. Ukufunda ngaleli themba kungaba “njengehange lomphefumulo,” okunciphisa ukuthazeka. (Hebheru 6:19, umbhalo waphansi) Nathi singakunciphisa ukukhathazeka ngokugxila kulokho okwenzeka osukwini ngalunye, singalokhu sicabanga ngezinto ezimbi ezingase zenzeke esikhathini esizayo. UJesu wathi, “usuku ngalunye lunezalo izinkinga.”—Mathewu 6:34.
Empeleni, sonke siyadinga ukuzinakekela ukuze sicabange kahle futhi sihlale sizolile. Lokho singakwenza ngokunciphisa ukufunda, ukubukela nokulalela izinto ezisenza sikhathazeke, njengezingxoxo, izibikezelo nemibono yabantu ngokuphathelene nezikhali zenuzi ezenziwayo muva nje. Lokhu akusho ukuthi asifuni ukubhekana namaqiniso. Kunalokho, sithatha izinyathelo zokwenza ingqondo yethu ingakhathazeki ngezinto esingeke sikwazi ukuzilawula noma ezingeke zenzeke.
Gwema ukulalela izindaba ezimbi ngokugxila kokuhle okwenzeka ekuphileni kwakho.
IBhayibheli lisinika ithemba eliqinisekile lekusasa elingcono kakhulu
Ukufunda ngokwengeziwe ngezithembiso zikaNkulunkulu kungakunika ithemba, injabulo nokuthula kwangaphakathi.
Ingabe iBhayibheli liyabikezela ngempi yenuzi?
Abanye bahlobanisa impi ye-Armagedoni nempi yenuzi yomhlaba wonke. Asingabazi ukuthi basuke becabanga ngemiphumela ecekela phansi yaleyo mpi.
Nokho, iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “i-Armagedoni” uma libhekisela empini ephakathi “kwamakhosi omhlaba wonke owakhiwe” noma ohulumeni babantu noNkulunkulu.a (IsAmbulo 16:14, 16) I-Armagedoni ngeke nje ivele icekele phansi yonke into, njengoba bekungezeka ngamabhomu enuzi enziwe ngabantu. Kunalokho, e-Armagedoni, uNkulunkulu uyobhubhisa abantu ababi kuphela, okuyokwenza kube nokuthula nokulondeka kweqiniso emhlabeni.—IHubo 37:9, 10; Isaya 32:17, 18; Mathewu 6:10.
Siyini isixazululo esivela eBhayibhelini ngempi?
UJehovab uNkulunkulu uyosebenzisa amandla akhe ukuze anqande izizwe ezilwayo, aqede izimpi, abhubhise nezikhali zazo zempi. Lokhu uyokwenza ngoMbuso wakhe, uhulumeni wasezulwini oyobusa wonke umhlaba.—Daniyeli 2:44.
UMbuso kaNkulunkulu uyofundisa abantu indlela yokuphila ngokuthula nangobunye. Ngenxa yokuthi uyobe usuwodwa uhulumeni oyobe ubusa umhlaba wonke, izingxabano zamazwe ngamazwe ziyophela; abantu ngeke baphinde bayifunde impi! (Mika 4:1-3) Uyoba yini umphumela? “Bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane, akekho oyobenza esabe.”—Mika 4:4.
a Bheka isihloko esithi “Iyini impi ye-Armagedoni?”
b UJehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka nesihloko esithi “Ungubani UJehova?”