OFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke—IPoland
EKWINDLA yango-1989, ohulumeni bobuKhomanisi ukusuka eBaltic Sea kuya eBlack Sea baqala ukuwohloka. Njengoba iMigoqo YaseSoviet yayisuka, izizwe eMpumalanga Yurophu zaqala ukuzifunela izindlela zokuziphatha. Phakathi kwazo kwakunePoland, izwe elinamagquma, amathafa angodedangendlale, nezintaba ezimangelengele.a
Abantu basePoland bakhuthele, futhi ePoland kuye kwavela ezinye zezingcweti ezaziwayo zobuciko nesayensi. Nokho, ngaphezu kwalokho, manje sekunebutho elandayo labamemezeli bezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.
Isibindi Ekudaluleni Amanga
EPoland kunabaningi abebengathanda ukufunda iqiniso elivela eBhayibhelini. Kodwa abanye baphazanyiswa izihlobo zabo noma omakhelwane. Ngokwesibonelo, emphakathini waseWrocław, owesifazane othile owayenesithakazelo wayeka ukufunda kwakhe iBhayibheli noFakazi BakaJehova lapho ecindezelwa umkhaya wakubo nabangane. Nakuba kunjalo, indodakazi yakhe eyeve eminyakeni eyishumi nambili yafunda uchungechunge lwezihloko ze-Nqabayokulinda ezazidalula inkolo yamanga. Lezizihloko zavusa isithakazelo sayo eqinisweni.
Ngemva kwezinyanga eziyisithupha etadisha iBhayibheli, lomuntu osemusha wakhetha ukunqamula bonke ubuhlobo bakhe nenkolo yamanga. Waya kumfundisi wesonto lakubo wayomtshela ngesinqumo sakhe. Umfundisi wathi makabhale lokhu okulandelayo: “Mina K—— P——, sengiyayishiya inkolo yobuKatolika.”
NgeSonto elilandelayo, lamazwi afundwa esontweni. Umkhulu walentombazane waquleka, futhi ugogo wayo waqhumuka wakhala. Nokho, amanye amalungu esonto ayehlabeke umxhwele futhi aphawula: “Ekugcineni, ukhona obe nesibindi esanele sokusho ukuthi kunamanga amaningi kabi kulelisonto lethu.” Lomuntu osemusha onesibindi oweve eminyakeni eyishumi nambili manje usengudade obhaphathiziwe ongokomoya futhi useqale izifundo zeBhayibheli eziyisikhombisa endaweni yakubo.
‘Ngezithelo Zabo’
I-Kujawy i Pomorze yamasonto onke yakhipha umbiko owawuthi “Niyakubabona Ngezithelo Zabo.” Ngokwengxenye, lesisihloko sathi abakhulekeli kweLobukholwa “empeleni abazithathi ngokungathi sína kangako izimiso zenkolo abaye bazemukela. Bahluke kakhulu koFakazi BakaJehova abenza lokho abakushoyo, futhi basho lokho iBhayibheli elikuyalayo.”
Ngemva kokuqhathanisa ukubonakala koFakazi nokwamaKristu okuzisholo, lombiko waqhubeka: “Laba okukhulunywe ngabo kamuva kungenzeka ukuthi abawazi, futhi ngokuvamile abawasebenzisi amaqiniso nezimiso zenkolo yabo. . . . Ngesimo sabo sengqondo, oFakazi BakaJehova babonisa ukuvumelana kwamazwi nezenzo zabo, ngaleyondlela bebonisa ukuthi abasibo ‘abaprofethi bamanga,’ kunalokho, bangababona ngezithelo zabo. ‘Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na?’ (Mathewu 7:15-20).”
Omunye wesifazane wabhalela i-Przyjaciółka ephuma masonto onke, ekhonona ngokuthi indodana yakhe yayishiye iSonto LamaKatolika yaba ngomunye woFakazi BakaJehova. Sathini iseluleko somhleli? “Uma indodana yakho isizihlanganise noFakazi BakaJehova, yafunda ngenkolo yabo futhi yayamukela, isinqumo sayo leso, kufanele siqashelwe futhi sihlonishwe. . . . Leliqembu lenkolo liphawuleka ngezici eziningana ezinhle futhi ezithandekayo emphakathini, njengobunye balo obungavamile nezibopho eziqinile njengeqembu, ukuthembeka okukhulu nokulandelwa ngokuseduze kwemithetho eyamukelekayo yokuphilisana, futhi okokugcina, ukukwazi ukuphila ngokuvumelana neqiniso lalo, ukufeza izinkolelo zalo ngokwenza ngokuvumelana nazo. Izimfanelo eziyigugu kabi lezo.”
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka Ikhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1994.
[Ibhokisi ekhasini 9]
UMBIKO WEZWE
Unyaka Wenkonzo Ka-1993
INANI ELIPHAKEME LABABEFAKAZA: 113 551
ISILINGANISO: UFakazi oyedwa kubantu abangu-339
ABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI: 235 642
ISILINGANISO SABAMEMEZELI ABANGAMAPHAYONA: 7 961
ISILINGANISO SEZIFUNDO ZEBHAYIBHELI: 79 131
INANI LABABHAPATHIZWA: 8 164
INANI LAMABANDLA: 1 397
IHHOVISI LEGATSHA: INadarzyn
[Isithombe ekhasini 9]
Ihhovisi legatsha lasePoland eLodz ngo-1948
[Isithombe ekhasini 9]
Umsebenzi wokushumayela ngezingqwembe, ngo-June 1948, ezweni elaliyiMpumalanga Prussia
[Isithombe ekhasini 9]
Amalungu angu-72 ezisebenzi zaseBethel yasePoland, ngo-January 1993
[Isithombe ekhasini 9]
Igatsha elisha eNadarzyn