Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Abasha Bamemezela Izindaba Ezinhle E-Afrika
NGOKUSHESHA ngemva kokuvuswa kukaJesu, umuntu othile wase-Afrika wayevakashela eJerusalema. IBhayibheli alisitsheli igama lakhe. Waziwa nje ngokuthi “indoda esesikhundleni sokuphatha ngaphansi kukaKhandakhe indlovukazi yabaseTopiya, neyayiphezu kwawo wonke umcebo wayo.” Kungani kukhulunywa ngaye eBhayibhelini? Ngenxa yokuthi ingelosi yaqondisa umvangeli ongumKristu uFiliphu ukuba aye kuye amemezele “izindaba ezinhle ngoJesu.” Lomuntu waseTopiya wayengumuntu wokuqala wase-Afrika okulotshwe ngaye ukuba abe yilungu lebandla lobuKristu.—IzEnzo 8:26-39.
Namuhla, kunamakhulu ezinkulungwane zoFakazi BakaJehova e-Afrika. Basebenzisa wonke amathuba ukuze bahlanganyele nabanye izindaba ezinhle ngoJesu. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa ukuthi ngisho nabasha e-Afrika banendima abayifezayo kulokhu.
◻ USandy noPriya, amantombazane amabili aneminyaka engu-11 ubudala eNairobi, eKenya, babengomakhelwane. Babekujabulela ukudlala ndawonye nokushintshana ngezincwadi zezindaba. Abazali bakaPriya baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Manje uPriya wayesenezincwadi ezintsha ayengazinezela eqoqweni lakhe, kuhlanganise nenye ngokukhethekile eyaba intandokazi yakhe, ethi Ukulalela UMfundisi oMkhulu, ekhishwa i-Watchtower Bible and Tract Society. Wahlanganyela incwadi yakhe ethi UMfundisi oMkhulu nomngane wakhe uSandy, futhi lamantombazane amabili aqala ukuyifunda njalo.
Nokho, umama kaSandy, u-Una, wayesonta eSontweni LaseSheshi futhi wayengafuni ukuba indodakazi yakhe ifunde izincwadi zoFakazi BakaJehova. Naphezu kokuphikisa kukanina, isifundo saqhubeka. Ngolunye usuku uSandy wanxusa unina ukuba alalele ingxoxo yabo kanye nje kuphela. Isahluko lamantombazane asifunda ngalolosuku sasinesihloko esithi “Amadoda Amabili Agubha Izinsuku Zokuzalwa.” U-Una walalela futhi wahlabeka umxhwele. Ngokushesha waya kumama kaPriya enemibuzo eminingi yeBhayibheli.
Umama kaPriya wahlela ukuba kube noFakazi ozoqhuba isifundo seBhayibheli no-Una. Ngokushesha u-Una ngokwakhe wayesehlanganyela lokho ayekufunda noDolly ayesebenza naye. Phakathi nalesosikhathi, uPriya oneminyaka engu-11 ubudala waqhubeka ethuthuka futhi wanquma ukubonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova uNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova. Okwamjabulisa kakhulu uPriya ukuthi kuwo wona lowomhlangano, u-Una noDolly nabo babhapathizwa!
◻ Kunamanye amazwe ase-Afrika lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova ungabhalisiwe khona ngokomthetho. Kwelinye izwe elinjalo, kunesimo esivamile sokubekezelela imisebenzi engokwenkolo nezinkolelo zoFakazi. Kwesinye isikole kulelozwe, umfana oneminyaka engu-7 ubudala nomfowabo oneminyaka eyisithupha ubudala—izingane zoFakazi—babevunyelwa ukuba bangabibikho ekilasini phakathi nesikhathi semithandazo yenkolo.
Ngolunye usuku uthisha omusha waphoqelela lababafana ukuba bahlanganyele emthandazweni nezinye izingane. Umfana omdadlana wenqaba futhi uthisha wamshaya. Umfowabo omncane, uShadrack oneminyaka eyisithupha, waphikelela ekutheni ufuna ukubonana nothisha-nhloko ehhovisi lakhe. Uthisha-nhloko nalothisha omusha bambuza ukuthi kungani ayengafuni ukuhlanganyela nabanye. Bambuza ukuthi ingabe wayesaba ukushaywa abazali bakhe yini. Waphendula ngesi-Arabhu esihle: “Cha, uNkulunkulu engimkhulekelayo akayena uNkulunkulu wesiyaluyalu kodwa ngowokuthula. Anginakuba omunye woFakazi BakaJehova ekhaya futhi ngibe ngowenye inkolo esikoleni!” Ngenxa yalokho, wakhululwa.
Ngemva kokuba ebhapathiziwe, lomuntu waseTopiya okukhulunywe ngaye encwadini yezEnzo “waqhubeka ehamba endleleni yakhe ejabula.” (IzEnzo 8:39) Ngokufanayo namuhla, abamemezeli boMbuso kulo lonke izwekazi lase-Afrika bayajabula ngelungelo labo ‘lokumemezela izindaba ezinhle ngoJesu.’—IzEnzo 8:35.