Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini INqabayokulinda bamuva? Uma kunjalo, uzokuthola kuthakazelisa ukuzikhumbuza lokhu okulandelayo:
▫ Ingabe iqiniso elingokwenkolo lingafinyeleleka?
UJesu Kristu wathi: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:32) UJesu akazange nje kuphela abonise ukuthi iqiniso lingafinyeleleka kodwa wabonisa nokuthi ukulithola kuyadingeka ekukhulekeleni kwethu uNkulunkulu. Watshela owesifazane ongumSamariya: ‘Abakhulekeli beqiniso bayokhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:23)—4/15, ikhasi 5.
▫ Wayengubani uRobert Estienne, futhi wazakhela kanjani igama?
URobert Estienne wayengumnyathelisi owayephila ngekhulu le-16. Wanikela ukuphila kwakhe ekunyatheliseni imiBhalo Engcwele futhi walwela ukwambula amazwi eBhayibheli njengoba ayebhaliwe ekuqaleni. Isimiso sakhe sokuhlukanisa umbhalo weBhayibheli ube amavesi anezinombolo yisimiso esisetshenziswa emhlabeni wonke namuhla.—4/15, amakhasi 10, 14.
▫ Sizuza kanjani ekufundeni iBhayibheli nsuku zonke?
ImiBhalo ihlale iba nencazelo entsha kithi, futhi iziprofetho eziphathelene nezinsuku zokugcina zihlaba umxhwele ngokwengeziwe ngenxa yalokho esikubonile, sakuzwa, futhi sabhekana nakho ngokomuntu siqu. Njengoba okuhlangenwe nakho kwethu siqu ekuphileni kwanda futhi sibhekana nezinkinga, sisiqaphela ngokugcwele iseluleko seBhayibheli. (IzAga 4:18)—5/1, ikhasi 15.
▫ Imibhalo yeBhayibheli ingakhunjulwa kanjani?
Njengoba ufunda iBhayibheli, phawula imibhalo ekhethiwe ofuna ukuyikhumbula, noma uyibhale emakhadini bese lamakhadi uwabeka lapho uyowabona khona nsuku zonke. Njengoba lamavesi uzama ukuwabamba ngekhanda, zindla ngawo futhi uwasebenzise. Ungazami ukubamba amaningi kakhulu ngesikhathi esisodwa, mhlawumbe ungabamba elilodwa noma amabili kuphela isonto ngalinye.—5/1, amakhasi 16, 17.
▫ Ikuphi ukwaziswa iVangeli likaLuka elikuqukethe okungaphezu kwalokho abanye abalobi bamaVangeli abakunikeza?
Nakuba ingxenye enkulu yalokho okulotshwe uLuka ifana nalokho okusekulandiseni kukaMathewu, amaphesenti angu-59 ako ahlukile. ULuka waloba ngezimangaliso eziyisithupha ezisencwadini yakhe kuphela futhi wabika imifanekiso kaJesu engaphezulu ngokuphindwe kabili kulelo nani abanye abalobi bamaVangeli abangazange bakhulume ngakho.—5/15, ikhasi 12.
▫ Ikuphi ukubaneka kokukhanya kweqiniso okwambulwa ngo-1935?
Ngalowo nyaka abantu bakaJehova baqonda ukuthi isixuku esikhulu okukhulunywe ngaso kusAmbulo 7:9, 14 sasingabhekiseli esigabeni sesibili sabazophila ezulwini, kodwa sasibhekisela kulabo abanamathemba asemhlabeni. (Johane 10:16)—5/15, ikhasi 20.
▫ Iziphi izindlela eziwusizo esingaduduza ngazo abashonelwe?
Lalela. Nikeza isiqinisekiso. Zenze utholakale. Thatha isinyathelo kuqala lapho kufanelekile. Bhala incwadi noma ikhadi eliduduzayo. Thandaza nabo. (Jakobe 5:16) Qhubeka ubasiza.—6/1, amakhasi 13, 14.
▫ Yini abazalwane nodade abangokomoya abangayenza ukuze basize labo abasemikhayeni ehlukene phakathi ngokwenkolo ukuba bakhuthazele?
Ngaso sonke isikhathi khuluma amazwi akhuthazayo, aqondile, naduduzayo kubo. (1 Thesalonika 5:14) Lokhu kuyabaqabula engqondweni nasemzimbeni. Lapho kungenzeka futhi kufaneleka, bahlanganise emisebenzini yakho engokwasezulwini neyokuzijabulisa. Bahlanganise emithandazweni yakho. (Roma 1:9; Efesu 1:16)—6/1, ikhasi 29.
▫ Imiphi imivuzo etholakala ngokubonisa ukubekezela lapho uhlanganyela enkonzweni yasensimini?
Ukubekezela kusiza ummemezeli woMbuso ukuba akhuthazelele noma yikuphi ukunganaki noma ukuphikiswa. Esikhundleni sokuphikisana nabaninikhaya abathukuthele, izikhonzi ezibekezelayo ziyokwazi ukunikeza impendulo enomusa noma zihambe ngokuthula, ngaleyo ndlela zilondoloze ukuthula nenjabulo. (Mathewu 10:12, 13) Ngaphezu kwalokho, abantu abanjengezimvu bayodonsekela esigijimini soMbuso.—6/15, ikhasi 9.
▫ Kungani ukwazi iqiniso leBhayibheli kuyigugu kangaka?
Ukwazi iqiniso kusikhulula emangeni, ukukhohliswa, nasekukholelweni ezeni. Lapho siphila ngalo, iqiniso liyasiqinisa ukuba sikhuthazelele ubunzima futhi lisinikeza ithemba elisenza sikwazi ukuma siqinile ngaphansi kovivinyo.—7/1, ikhasi 8.
▫ Imuphi umthwalo wemfanelo oyinhloko ibandla lamaKristu agcotshiwe elawuthatha ku-Israyeli ongokwemvelo?
Ilungelo lokufakazela ubukhulu bukaJehova phakathi kwezizwe. (Isaya 43:21; 1 Petru 2:9)—7/1, ikhasi 19.
▫ Yini esikiselwa amazwi omphostoli uPetru okuthi indoda kufanele ‘imnike udumo’ umkayo? (1 Petru 3:7)
Indoda emdumisayo umkayo ayimlulazi noma imehlise. Kunalokho, ibonisa ngamazwi nangezenzo zayo—ngasese nasobala—ukuthi iyamazisa. (IzAga 31:10-31)—7/15, ikhasi 19.
▫ Kungani kungase kuthiwe kuwukubonisa uthando ukuxosha umenzi wobubi ongaphenduki ebandleni lobuKristu?
Ukususa ekuhlanganyeleni kuwukubonakaliswa kothando ngoJehova nezindlela zakhe. (IHubo 97:10) Kubonisa uthando ngalabo abaphishekela inkambo yokulunga ngoba kususa phakathi kwabo lowo obengaba ithonya elibi kubo; lokhu futhi kuvikela ubumsulwa bebandla. (1 Korinte 5:1-13)—7/15, ikhasi 25.
▫ ‘Isigqila esikholekile nesiqondayo,’ uJesu akhuluma ngaso kuMathewu 24:45-47, singabonakala kanjani namuhla?
Sibonakala ikakhulukazi ngomsebenzi esiwenzayo ekulungiseleleni izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, ekufundiseni nasekushumayeleni ‘izindaba ezinhle zombuso,’ nangokunamathela kwaso ngokuseduze eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (Mathewu 24:14; 28:19, 20)—8/1, ikhasi 16.