Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 9/15 kk. 3-5
  • Lokho Okufanele Ukwazi Ngomhawu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lokho Okufanele Ukwazi Ngomhawu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Ukuthambekela Emoneni’
  • Izwe Elingenawo Umhawu Oyisono
  • Uthando Lunqoba Umhawu Ongafanele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Ukuba Nomhawu Ngokukhulekelwa KukaJehova Okumsulwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Umona Wenza UJosefa Wazondwa
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • Kufanele Yini AmaKristu Abe Nomhawu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 9/15 kk. 3-5

Lokho Okufanele Ukwazi Ngomhawu

UYINI umhawu? Uwumuzwa onamandla ongenza umuntu azizwe ekhathazekile, edabukile, noma ethukuthele. Singase sibe nomhawu lapho othile ebonakala ephumelela kakhudlwana kunathi emsebenzini othile. Noma singase sizizwe sinomhawu lapho umngane enconywa ngaphezu kwethu. Kodwa ingabe ukuba nomhawu akulungile ngaso sonke isikhathi?

Abantu abanqotshwa umhawu bathambekela ekusoleni abathile ukuthi bangase babe izimbangi. INkosi uSawule yakwa-Israyeli wasendulo yayiyisibonelo salokhu. Ekuqaleni yayiluthanda udibi lwayo, uDavide, yalukhuphulela ngisho nasesikhundleni sokuba umholi wempi. (1 Samuweli 16:21; 18:5) Khona-ke ngolunye usuku iNkosi uSawule yezwa abesifazane bencoma uDavide ngalamazwi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi.” (1 Samuweli 18:7) Kwakungafanele ukuba uSawule avumele lokhu kuthonye ubuhlobo bakhe obuhle noDavide. Nokho, wacasuka. “USawule wambheka [“ngokumsola,” NW] uDavide kusukela kulolosuku kuya phambili.”—1 Samuweli 18:9.

Umuntu onomhawu angase angamfiseli okubi omunye. Angase nje acasulwe ukuphumelela komngane wakhe futhi alangazelele ukuba nezimfanelo noma izimo ezifanayo. Ngakolunye uhlangothi, umona uwuhlobo lomhawu olubi ngokukhethekile. Umuntu onomona angase ngasese agodlele lowo anomhawu ngaye okuthile okuhle noma angase afise ukuba ehlelwe okubi. Ngezinye izikhathi, umuntu onomona akakwazi ukufihla imizwa yakhe. Angase ashukunyiselwe ukuba alimaze omunye obala, njengoba nje iNkosi uSawule yazama ukubulala uDavide. Izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, uSawule waciba umkhonto ezama ‘ukubhujela uDavide odongeni.’—1 Samuweli 18:11; 19:10.

Ungase usabele ngokuthi, ‘Kodwa angiyena umuntu onomhawu.’ Yiqiniso, umhawu ungase ungalawuli ukuphila kwakho. Nokho, ngezinga elithile, sonke umhawu uyasithinta—imizwa yethu siqu yomhawu neyabanye. Nakuba sishesha ukubona umhawu kwabanye, singase singasheshi ukuwubona kithina ngokwethu.

‘Ukuthambekela Emoneni’

Umlando wesimo somuntu esinesono njengoba wembulwa eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngokuvamile uqokomisa izono zomona. Uyayikhumbula yini indaba kaKayini no-Abela? Womabili lamadodana ka-Adamu no-Eva anikela imihlatshelo kuNkulunkulu. U-Abela wenza kanjalo ngoba wayeyindoda yokholo. (Heberu 11:4) Wayenokholo emandleni kaNkulunkulu okufeza injongo yaKhe enkulu ephathelene nomhlaba. (Genesise 1:28; 3:15; Heberu 11:1) U-Abela futhi wayekholelwa ukuthi uNkulunkulu wayeyovuza abantu abakholekile ngokuphila ePharadesi elizayo lasemhlabeni. (Heberu 11:6) Ngakho, uNkulunkulu wabonisa ukuwujabulela umhlatshelo ka-Abela. Ukube uKayini wayemthanda ngempela umfowabo, wayeyokujabulela ukuthi uNkulunkulu wambusisa u-Abela. Kunalokho, uKayini ‘wathukuthela kakhulu.’—Genesise 4:5.

UNkulunkulu wanxusa uKayini ukuba enze okuhle ukuze naye akwazi ukwamukela isibusiso. Khona-ke uNkulunkulu waxwayisa: “Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.” (Genesise 4:7) Ngokudabukisayo, uKayini akazange ayilawule intukuthelo yakhe yomhawu. Yamqhubela ekubeni abulale umfowabo olungile. (1 Johane 3:12) Kusukela ngaleso sikhathi, ukulwa nezimpi kuye kwathatha amakhulu ezigidi zokuphila. “Ezinye zezimbangela eziyisisekelo zempi zingase zibe isifiso sokuba nezwe elikhudlwana, isifiso sokuba nomcebo omkhudlwana, isifiso sokuba namandla amakhudlwana, noma isifiso sokuba nokulondeka,” kuchaza i-World Book Encyclopedia.

AmaKristu eqiniso awahlanganyeli ezimpini zalelizwe. (Johane 17:16) Nokho, ngokudabukisayo amaKristu ngamanye ngezinye izikhathi ahileleka ekulweni ngamazwi. Uma amanye amalungu ebandla ethatha uhlangothi, lokhu kulwa kungaphenduka kube izimpi zamazwi ezilimazayo. Umlobi weBhayibheli uJakobe wabuza ayekholwa nabo: “Zivela kumuphi umthombo izimpi futhi kuvela kumuphi umthombo ukulwa phakathi kwenu?” (Jakobe 4:1) Lowo mbuzo wawuphendula ngokudalula ukuhahela kwabo izinto ezibonakalayo futhi wanezela, “Niyaqhubeka . . . nikhanuka,” noma niba “nomhawu.” (Jakobe 4:2, umbhalo waphansi we-NW) Yebo, ukuthanda izinto ezibonakalayo kungaholela ekukhanukeni nasekubeni nomhawu ngalabo ababonakala bejabulela izimo ezingcono. Ngenxa yalokhu, uJakobe waxwayisa ‘ngokuthambekela emoneni’ kobuntu.—Jakobe 4:5.

Kunayiphi inzuzo ukuhlaziya izimbangela zomhawu? Phela, lokhu kungasisiza ukuba sithembeke futhi sithuthukise ubuhlobo obuhle nabanye. Kungasisiza futhi ukuba siqonde, sibekezele, futhi sithethelele ngokwengeziwe. Okuhle kunakho konke, kuqokomisa isidingo somuntu esiphuthumayo selungiselelo likaNkulunkulu lothando lokusindiswa nokophulwa ekuthambekeleni esonweni kobuntu.—Roma 7:24, 25.

Izwe Elingenawo Umhawu Oyisono

Ngokombono womuntu, izwe elingenawo umhawu oyisono lingase lizwakale lingenakwenzeka. Umlobi uRom Landau wavuma: “Ukuhlakanipha kwezizukulwane eziningi kuhlanganiswe ndawonye, kanye nakho konke lokho izazi zefilosofi . . . nezazi zengqondo eziye zakusho ngalendaba, akunikezi siqondiso kumuntu ohlushwa umhawu. . . . Ukhona yini udokotela owake welapha umuntu onomhawu?”

Kodwa iZwi likaNkulunkulu linikeza ithemba lokufinyelela ekuphileni kobuntu okuphelele ezweni elisha lapho engeke abe khona oyoke aphinde ahlushwe umhawu noma umona ongenakho ukuhlonipha uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukuthula kwalelozwe elisha ngeke kuphazanyiswe abantu ababonisa izici ezinjalo ezimbi.—Galathiya 5:19-21; 2 Petru 3:13.

Nakuba kunjalo, akuwona wonke umhawu ongafanele. Eqinisweni, iBhayibheli lithi uJehova “unguNkulunkulu onomhawu.” (Eksodusi 34:14) Kusho ukuthini lokho? Futhi iBhayibheli lithini ngomhawu ofanele? Ngesikhathi esifanayo, umuntu angawulawula kanjani umhawu ongafanele? Bheka izihloko ezilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela