Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 9/15 kk. 8-14
  • Ukuba Nomhawu Ngokukhulekelwa KukaJehova Okumsulwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuba Nomhawu Ngokukhulekelwa KukaJehova Okumsulwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ithole Legolide
  • UBali-Peyori
  • Isifundo Esiyisixwayiso
  • Izibonelo Zakamuva Zomhawu Wokuhlonipha UNkulunkulu
  • Umhawu KaNkulunkulu Uzuzisa Abantu Bakhe
  • Izenzo Zesikhathi Esizayo Zomhawu Waphezulu
  • Uthando Lunqoba Umhawu Ongafanele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Kufanele Yini AmaKristu Abe Nomhawu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Lokho Okufanele Ukwazi Ngomhawu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Umona Wenza UJosefa Wazondwa
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 9/15 kk. 8-14

Ukuba Nomhawu Ngokukhulekelwa KukaJehova Okumsulwa

“UJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu.”—EKSODUSI 34:14.

1. Iyiphi imfanelo kaNkulunkulu evelele, futhi ihlobene kanjani nomhawu wakhe?

UJEHOVA uzichaza ngokuthi “unguNkulunkulu onomhawu.” Igama leBhayibheli elisho “umhawu” noma “isikhwele” lihlanganisa nezincazelo ezingezinhle. Nokho, imfanelo kaNkulunkulu evelele uthando. (1 Johane 4:8) Ngenxa yalokho noma yimiphi imizwa yomhawu angaba nayo kumelwe ukuba ingeyenzuzo yesintu. Eqinisweni, sizobona ukuthi umhawu kaNkulunkulu ubalulekile ukuze indawo yonke ibe nokuthula nokuzwana.

2. Yiziphi ezinye izindlela zokuhumusha amagama esiHeberu asho “umhawu”?

2 Amagama esiHeberu ahlobene nelithi “umhawu” avela izikhathi ezingaphezu kuka-80 emiBhalweni YesiHeberu. Cishe ingxenye yawo ibhekisela kuJehova uNkulunkulu. “Lapho usetshenziswa kuNkulunkulu,” kuchaza uG. H. Livingston, “umqondo womhawu awusikiseli umzwelo osontekile, kodwa, kunalokho, usikisela ukugcizelela ukukhetheka kokukhulekelwa kukaJehova.” (The Pentateuch in Its Cultural Environment) Ngakho, i-New World Translation ngezinye izikhathi ihumusha leli bizo lesiHeberu ngokuthi ‘ukugcizelelwa kokuzinikela okukhethekile.’ (Hezekeli 5:13) Enye indlela efanelekile yokulihumusha ithi “ukushiseka.”—IHubo 79:5; Isaya 9:7.

3. Yiziphi ezinye izindlela umhawu ongafeza ngazo injongo enhle ngezinye izikhathi?

3 Umuntu wadalwa enamandla okuzizwa enomhawu, kodwa ukungena kwesintu esonweni kuye kwaphumela ekuhlanekezelweni komhawu. Noma kunjalo, umhawu wabantu ungafeza okuhle. Ungashukumisela umuntu ukuba avikele umuntu amthandayo emathonyeni amabi. Ngaphezu kwalokho, abantu bangabonisa umhawu ngokufanelekile ngoJehova nokukhulekelwa kwakhe. (1 AmaKhosi 19:10) Ukuze lidlulisele ukuqondwa okunembile komhawu onjalo ngoJehova, ibizo lesiHeberu lingase lihunyushwe ngokuthi ‘ukungabekezeleli ukuphikisana’ naye.—2 AmaKhosi 10:16, qhathanisa ne-NW.

Ithole Legolide

4. Yimuphi umyalo ohilela umhawu olungileyo owawuvelele eMthethweni kaNkulunkulu kuma-Israyeli?

4 Isibonelo somhawu olungileyo yilokho okwenzeka ngemva kokuba ama-Israyeli emukele uMthetho eNtabeni iSinayi. Ayexwayiswe ngokuphindaphindiwe ukuba angakhulekeli onkulunkulu abenziwe abantu. UJehova wayethe kuwo: “Mina-Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu (oshisekayo) [noma, “uNkulunkulu ofuna ukuzinikela okukhethekile; uNkulunkulu ongabekezeleli ukuphikiswa”].” (Eksodusi 20:5, umbhalo waphansi we-NW; qhathanisa no-Eksodusi 20:22, 23; 22:20; 23:13, 24, 32, 33.) UJehova wenza isivumelwano nama-Israyeli, ethembisa ukuwabusisa nokuwangenisa eZweni Lesithembiso. (Eksodusi 23:22, 31) Futhi abantu bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.”—Eksodusi 24:7.

5, 6. (a) Ama-Israyeli ona kanjani ngokungathi sína lapho ekanise eNtabeni iSinayi? (b) UJehova nabakhulekeli bakhe abathembekile bawubonisa kanjani umhawu olungileyo eSinayi?

5 Noma kunjalo, ama-Israyeli ngokushesha ona kuNkulunkulu. Ayesakanise phansi kweNtaba iSinayi. Kwase kuyizinsuku eziningi uMose esentabeni, amukela ezinye iziyalezo kuNkulunkulu, abantu bacindezela umfowabo kaMose, u-Aroni, ukuba abenzele unkulunkulu. U-Aroni wavuma, wenza ithole ngegolile abantu abamnika lona. Kwathiwa lesi sithombe sasimelela uJehova. (IHubo 106:20, qhathanisa ne-NW.) Ngosuku olulandelayo benza imihlatshelo “balikhonza.” Futhi ‘bazithokozisa.’—Eksodusi 32:1, 4, 6, 8, 17-19, qhathanisa ne-NW.

6 UMose wehla entabeni ama-Israyeli esazithokozisa. Lapho ebona ukuziphatha kwawo okuhlazisayo, wamemeza: “AbakaJehova mabeze kimi.” (Eksodusi 32:25, 26) Amadodana kaLevi abuthanela kuMose, wayesewayala ukuba athathe izinkemba abulale labo baxokozeli ababekhonza izithombe. Ebonisa umhawu wawo ngokukhulekelwa kukaNkulunkulu okumsulwa, amaLevi abulala abafowabo ababenecala abacishe babe ngu-3 000. UJehova wasekela lesi sinyathelo ngokuthumela inhlupho kwababesele. (Eksodusi 32:28, 35) UNkulunkulu wabe esephinda lomyalo: “Awuyikukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uJehova, igama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu.”—Eksodusi 34:14.

UBali-Peyori

7, 8. (a) Ama-Israyeli amaningi awela kanjani ekukhonzeni izithombe okubi kakhulu ngokuqondene noBali-Peyori? (b) Yaphela kanjani inhlupho eyayivela kuJehova?

7 Eminyakeni engu-40 kamuva, lapho isizwe sakwa-Israyeli sesizongena eZweni Lesithembiso, abesifazane abahle bakwaMowabi nabakwaMidiyani bayenga ama-Israyeli amaningi ukuba eze azojabulela ukungenisa kwabo izihambi. Lamadoda kwakufanele akwenqabe ukusondelana nabakhulekeli bonkulunkulu bamanga. (Eksodusi 34:12, 15) Kunalokho, agijimisa ‘okwezinkabi ziyohlatshwa,’ afeba nabesifazane futhi ahlanganyela nabo ekukhothameleni uBali-Peyori.—IzAga 7:21, 22; Numeri 25:1-3.

8 UJehova wathumela inhlupho ukuba ibulale labo ababehileleke kulokhu kukhulekelwa kobulili okuhlazisayo. UNkulunkulu wabuye wayala ama-Israyeli angenacala ukuba abulale abafowabo ababenecala. Ngokweyisa okukhulu, isikhulu sakwa-Israyeli esigama laso nguZimri safaka inkosazana yakwaMidiyani etendeni laso ukuze silale nayo. Lapho ebona lokhu, umpristi owesaba uNkulunkulu uFinehasi wababulala bobabili laba bantu abangcolile. Inhlupho yabe isiphela, futhi uNkulunkulu wathi: “UFinehasi . . . uyisusile intukuthelo yami kuma-Israyeli; phakathi kwabo ubonise yona leyo ntukuthelo yomhawu engishukumisile nami, futhi ngenxa yalokho ngomhawu wami angiwaqothulanga ama-Israyeli.” (Numeri 25:11, The New English Bible) Nakuba isizwe sasinda ekubhujisweni, okungenani kwafa ama-Israyeli angu-23 000. (1 Korinte 10:8) Alahlekelwa ithemba okwase kukade enalo lokungena eZweni Lesithembiso.

Isifundo Esiyisixwayiso

9. Yini eyehlela abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda ngenxa yokungabi namhawu ngokukhulekelwa kukaJehova okumsulwa?

9 Ngokudabukisayo, ama-Israyeli azikhohlwa ngokushesha lezi zifundo. Awazange azibonakalise enomhawu ngokukhulekelwa kukaJehova okuhlanzekile. “Bamcunula [uNkulunkulu] ngezithombe zabo.” (IHubo 78:58) Ngenxa yalokho, uJehova wavumela ukuba izizwe eziyishumi zakwa-Israyeli zithunjwe abase-Asiriya ngo-740 B.C.E. Umbuso wakwaJuda wezizwe ezimbili owawusele wathola isijeziso esifanayo lapho inhloko-dolobha yawo yaseJerusalema ibhujiswa ngonyaka ka-607 B.C.E. Abaningi babulawa, abasinda bathunjelwa eBabiloni. Yeka isibonelo esiyisixwayiso kuwo wonke amaKristu namuhla!—1 Korinte 10:6, 11.

10. Yini eyokwenzeka kwabakhonza izithombe abangaphenduki?

10 Ingxenye yesithathu yabantu abasemhlabeni—abangaba izigidi ezingu-1 900—manje ithi ingamaKristu. (1994 Britannica Book of the Year) Abaningi balaba basemasontweni asebenzisa izithombe, neziphambano ekukhulekeleni kwawo. UJehova akazange abayeke abantu bakhe ababemvusela umhawu ngokukhonza kwabo izithombe. Ngeke abayeke nabathi bangamaKristu abakhulekela ngosizo lwezinto eziphathekayo. “UNkulunkulu uwuMoya, futhi labo abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso,” kusho uJesu Kristu. (Johane 4:24) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lixwayisa amaKristu ukuba aqaphele ukukhonza izithombe. (1 Johane 5:21) Abakhonza izithombe abangaphenduki baphakathi kwalabo abangeke bawuzuze njengefa uMbuso kaNkulunkulu.—Galathiya 5:20, 21.

11. UmKristu angaba kanjani necala lokukhonza izithombe noma engazange asikhothamele isithombe, futhi yini eyomsiza ukuba agweme ukukhonza izithombe okunjalo? (Efesu 5:5)

11 Nakuba umKristu weqiniso engasoze akhothamela isithombe, kumelwe agweme noma yini uNkulunkulu ayibheka njengewukukhonza izithombe, engahlanzekile, neyisono. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liyaxwayisa: “Bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungahlanzeki, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokukhanuka, okuwukukhonza izithombe. Ulaka lukaNkulunkulu luyeza ngenxa yalezozinto.” (Kolose 3:5, 6) Ukulalela lamazwi kusho ukulahla ukuziphatha okubi. Lokhu kusho ukugwema ukuzijabulisa okuhloswe ngakho ukuba kuvuswe isifiso esingahlanzekile sobulili. Esikhundleni sokwanelisa isifiso esinjalo, amaKristu eqiniso aba nomhawu ngokukhulekelwa kukaNkulunkulu okumsulwa.

Izibonelo Zakamuva Zomhawu Wokuhlonipha UNkulunkulu

12, 13. UJesu wasibeka kanjani isibonelo esivelele ekuboniseni umhawu ngokukhulekelwa kukaNkulunkulu okumsulwa?

12 Isibonelo esivelele kunazo zonke somuntu owabonisa umhawu ngokukhulekelwa kukaNkulunkulu okumsulwa kwakunguJesu Kristu. Ngonyaka wokuqala wenkonzo yakhe, wabona abahwebi abanobugovu bethengisa emagcekeni ethempeli. AmaJuda ayevakashile kungenzeka ayedinga izinkonzo zabashintshi bemali ukuze ashintshe imali yakwenye indawo, athole imali eyayizokwamukeleka njengentela yethempeli. Kwakudingeka athenge nezilwane nezinyoni ukuze enze imihlatshelo eyayifunwa uMthetho kaNkulunkulu. Ukuthengiselana okunjalo kwakufanele kwenzelwe ngaphandle kwamagceke ethempeli. Okubi nakakhulu, ngokusobala laba bahwebi babesizakala ngezidingo ezingokwenkolo zabafowabo ngokubiza amanani emba eqolo. Evukwe umhawu ngokukhulekelwa kukaNkulunkulu okumsulwa, uJesu wasebenzisa isiswebhu ukuze axoshe izimvu nezinkomo. Wabuye wagumbuqela amatafula abashintshi bemali, ethi: “Yekani ukwenza indlu kaBaba indlu yokuthengisela!” (Johane 2:14-16) Ngaleyo ndlela uJesu wagcwalisa amazwi eHubo 69:9: “Ukushisekela [noma, “umhawu,” Byington] indlu yakho kungidlile.”

13 Eminyakeni emithathu kamuva, uJesu wabuye wabona abahwebi abanobugovu bethengisa ethempelini likaJehova. Ingabe wayezolihlanza okwesibili? Umhawu wakhe ngokukhulekelwa kukaNkulunkulu okumsulwa wawusenamandla njengoba wawunjalo lapho eqala inkonzo yakhe. Waxosha abathengisi nabathengi. Futhi wanikeza ngisho nesizathu esinamandla sezenzo zakhe, ethi: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘Indlu yami iyobizwa ngokuthi indlu yomthandazo yazo zonke izizwe’? Kodwa nina niyenzé umhume wabaphangi.” (Marku 11:17) Yeka isibonelo esihle sokuphikelela ekuboniseni umhawu wokuhlonipha uNkulunkulu!

14. Umhawu kaJesu ngokukhulekela okumsulwa kufanele usithinte kanjani?

14 Ubuntu beNkosi uJesu Kristu ekhazinyulisiwe abukashintshi. (Heberu 13:8) Kuleli khulu lama-20, unomhawu ofanayo ngokukhulekelwa kukaYise okumsulwa njengoba ayenjalo lapho esemhlabeni. Lokhu kungabonakala ezigijimini zikaJesu emabandleni angu-7 ezilotshwe encwadini yesAmbulo. Lezi zisebenza kakhulu manje, “osukwini lweNkosi.” (IsAmbulo 1:10; 2:1–3:22) Embonweni umphostoli uJohane wabona uJesu Kristu okhazinyulisiwe ‘enamehlo anjengelangabi lomlilo.’ (IsAmbulo 1:14) Lokhu kubonisa ukuthi akukho uKristu angakuboni njengoba ehlola amabandla ukuze aqiniseke ukuthi ahlala ehlanzekile futhi efanelekela inkonzo kaJehova. AmaKristu osuku lwanamuhla kudingeka asikhumbule njalo isixwayiso sikaJesu mayelana nokuzama ukukhonza amakhosi amabili—uNkulunkulu nengcebo. (Mathewu 6:24) UJesu watshela amalungu ebandla laseLawodikeya ayethanda izinto ezibonakalayo: “Ngenxa yokuthi usivivi awushisi futhi awubandi, ngizokuhlanza uphume emlonyeni wami. . . . Shiseka futhi uphenduke.” (IsAmbulo 3:14-19) Ngamazwi nangesibonelo, abadala bebandla abamisiwe kufanele basize abakholwa nabo ukuba bagweme ugibe lokuthanda izinto ezibonakalayo. Abadala kumelwe futhi bavikele umhlambi ekonakaleni kokuziphatha kwalelizwe elishisekela ubulili. Ngaphezu kwalokho, abantu bakaNkulunkulu abalokothi babekezelele noma yiliphi ithonya likaJezebeli ebandleni.—Heberu 12:14, 15; IsAmbulo 2:20.

15. Umphostoli uPawulu wamlingisa kanjani uJesu ekuboniseni umhawu ngokukhulekelwa kukaJehova?

15 Umphostoli uPawulu wayengumlingisi kaKristu. Ukuze avikele amaKristu ayesanda kubhapathizwa emathonyeni ayingozi ngokomoya, wathi: “Ngiyakhweleza ngani ngesikhwele sokuhlonipha uNkulunkulu.” (2 Korinte 11:2) Ngaphambi kwalokhu, umhawu kaPawulu ngokukhulekela okumsulwa wawumshukumisele ukuba ayale lona leli bandla ukuba lisuse ekuhlanganyeleni umenzi wobufebe ongaphenduki owayenethonya elonakalisayo. Iziyalezo eziphefumulelwe ezanikezwa ngaleso sikhathi ziye zaba usizo kakhulu kubadala namuhla njengoba belwela ukuwagcina ehlanzekile amabandla oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-75 500.—1 Korinte 5:1, 9-13.

Umhawu KaNkulunkulu Uzuzisa Abantu Bakhe

16, 17. (a) Lapho uNkulunkulu ejezisa uJuda wasendulo, yisiphi isimo sengqondo esaboniswa yizizwe? (b) Ngemva kokuthunjwa kukaJuda iminyaka engu-70, uJehova wawubonisa kanjani umhawu wakhe ngeJerusalema?

16 Lapho uNkulunkulu ejezisa abantu bakwaJuda ngokuvumela ukuba bathunjelwe eBabiloni, bagconwa. (IHubo 137:3) Ngenzondo enomhawu, abakwa-Edomi baze babasiza abaseBabiloni ukuba balethe inhlekelele phezu kwabantu bakaNkulunkulu, futhi uJehova wakubona lokhu. (Hezekeli 35:11; 36:15) Ekuthunjweni, ababesindile baphenduka, futhi ngemva kweminyaka engu-70 uJehova wababuyisela ezweni lakubo.

17 Ekuqaleni, abantu bakwaJuda babesesimweni esibucayi impela. Umuzi waseJerusalema nethempeli lawo kwakungamanxiwa. Kodwa izizwe ezizungezile zazimelene nayo yonke imizamo yokwakha kabusha ithempeli. (Ezra 4:4, 23, 24) UJehova wazizwa kanjani ngalokhu? Umbhalo ogciniwe ophefumulelwe uthi: “Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngihawukela iJerusalema neSiyoni ngokuhawukela okukhulu. Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo, ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi. Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Ngiyakubuyela eJerusalema ngomusa, indlu yami yakhiwe kulo, usho uJehova-Sebawoti.” (Zakariya 1:14-16) Njengoba ayethembisile, ithempeli nomuzi waseJerusalema kwakhiwa ngempumelelo.

18. Yini amaKristu eqiniso adlula kuyo phakathi nempi yezwe yokuqala?

18 Ibandla lobuKristu leqiniso ladlula esimweni esifanayo kuleli khulu lama-20. Phakathi nempi yezwe yokuqala, uJehova wajezisa abantu bakhe ngoba babehlulekile ukungathathi hlangothi ngokuphelele kuleyompi yezwe. (Johane 17:16) UNkulunkulu wavumela imibuso yezombangazwe ukuba ibacindezele, futhi abefundisi beLobukholwa bajabula ngalesi sehlakalo. Eqinisweni, abefundisi babephambili ekwenzeni abezombangazwe bavimbele umsebenzi wabaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi.—IsAmbulo 11:7, 10.

19. UJehova uye wawubonisa kanjani umhawu ngokukhulekelwa kwakhe kusukela ngo-1919?

19 Nokho, uJehova wabonisa umhawu ngokukhulekelwa kwakhe futhi wabuyisela abantu bakhe ababephendukile emseni wakhe ngonyaka wangemva kwempi u-1919. (IsAmbulo 11:11, 12) Ngenxa yalokho, inani labadumisi bakaJehova liye landa lisuka kwabangaphansi kuka-4 000 ngo-1918 laya kwabangaba izigidi ezinhlanu namuhla. (Isaya 60:22) Maduze nje, umhawu kaJehova ngokukhulekelwa kwakhe okumsulwa uzoboniswa ngezindlela eziphawuleka ngokwengeziwe.

Izenzo Zesikhathi Esizayo Zomhawu Waphezulu

20. Yini uNkulunkulu azoyenza maduze nje ukuze abonise umhawu wakhe ngokukhulekela okumsulwa?

20 Emakhulwini amaningi eminyaka amasonto eLobukholwa aye alandela inkambo yamaJuda ayehlubukile avusela uJehova isikhwele. (Hezekeli 8:3, 17, 18) Maduze nje uJehova uNkulunkulu uzothatha isinyathelo ngokufaka umqondo wendluzula ezinhliziyweni zamalungu eZizwe Ezihlangene. Lokhu kuyoshukumisela lemibuso yezombangazwe ukuba ibhubhise eLobukholwa nayo yonke inkolo yamanga. (IsAmbulo 17:16, 17) Abakhulekeli beqiniso bayosinda kulokho kukhishwa kwesahlulelo saphezulu okwesabekayo. Bayosabela emazwini ezidalwa zasezulwini ezithi: “Dumisani uJah! . . . Ngoba usikhiphile isahlulelo phezu kwesifebe esikhulu [inkolo yamanga] esonakalisa umhlaba ngobufebe baso [izimfundiso zayo zamanga nokusekela ezombangazwe ezonakele], futhi uliphindisele igazi lezigqila zakhe esandleni saso.”—IsAmbulo 19:1, 2.

21. (a) Yini uSathane nesimiso sakhe abazoyenza ngemva kokubhujiswa kwenkolo yamanga? (b) UNkulunkulu uyosabela kanjani?

21 Kuyokwenzekani ngemva kokubhujiswa kombuso wezwe wenkolo yamanga? USathane uyokwenza ukuba imibuso yezombangazwe ihlasele abantu bakaJehova embulungeni yonke. UNkulunkulu weqiniso uyosabela kanjani kulomzamo kaSathane wokususa ukukhulekela kweqiniso phezu komhlaba? UHezekeli 38:19-23 uyasitshela: “Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami [mina Jehova] ngikhulumile. . . . Ngiyakumahlulela [uSathane] ngesifo nangegazi, nginise phezu kwakhe, namaviyo akhe, nabantu abaningi abanaye imvula ekhukhulayo, namatshe esichotho, nomlilo, nesibabule. Ngiyakuzenza-mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.”—Bheka noZefaniya 1:18; 3:8.

22. Singabonisa kanjani ukuthi sinomhawu ngokukhulekelwa kukaJehova okumsulwa?

22 Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uMbusi wendawo yonke unomhawu ekunakekeleni abakhulekeli bakhe beqiniso! Ngenxa yokwazisa okujulile ngomusa wakhe ongafanelwe, masibe nomhawu ngokukhulekelwa kukaJehova uNkulunkulu okumsulwa. Kwangathi singaqhubeka ngentshiseko sishumayela izindaba ezinhle futhi silindele ngokuqiniseka usuku olukhulu uJehova ayolikhulisa futhi alingcwelise ngalo igama lakhe elikhulu.—Mathewu 24:14.

Amaphuzu Okuzindla

◻ Kusho ukuthini ukuba nomhawu ngoJehova?

◻ Yini esingayifunda esibonelweni esabekwa ama-Israyeli asendulo?

◻ Singakugwema kanjani ukuvusa umhawu kaJehova?

◻ UNkulunkulu noKristu baye bawubonisa kanjani umhawu ngokukhulekela okumsulwa?

[Ibhokisi ekhasini 12]

Uthando Alunamhawu

NGOKUQONDENE nomona, isazi seBhayibheli sekhulu le-19 u-Albert Barnes sabhala: “Ungenye yezindlela ezivamile zokubonakaliswa kobubi, futhi ukubonisa ngokucacile ukonakala komuntu okujulile.” Saqhubeka sathi: “Umuntu ongafuna umkhondo womsuka wazo zonke izimpi nemibango namacebo ezwe—wonke amaqhinga nezinjongo ngisho nezalabo abazibiza ngamaKristu, ezonakalisa inkolo yabo kakhulu futhi zibenze babe nomqondo wezwe, ukuthi zivelaphi ngempela—angamangala uma ethola ukuthi uhlobene kangakanani nomona. Kusiphatha kabuhlungu ukuthi abanye bayachuma kunathi; sifisa ukuba nalokho abanye abanakho, nakuba singenalungelo lokukuthola; futhi lokhu kuholela ezindleleni ezihlukahlukene ezingalungile okuhloswe ukuba zinciphise ukukujabulela kwabo, noma ukuba kube okwethu, noma ukubonisa ukuthi abanazo izinto eziningi njengoba bekufanele babe nazo. . . . ngoba lokho kuyokwanelisa umoya womona osezifubeni zethu.”—Roma 1:29; Jakobe 4:5.

Ngokuphambene, uBarnes washo amazwi athakazelisayo ngokuqondene nothando ‘olungenamona.’ (1 Korinte 13:4, King James Version) Wabhala: “Uthando alubafeli umona abanye ngenjabulo abanayo; lujabulela inhlala-kahle yabo; futhi njengoba injabulo yabo yandiswa . . . , labo ababuswa uthando . . . ngeke bayinciphise; ngeke babenze bazizwe benamahloni ngalokho abanakho; ngeke bayiqede leyo njabulo; ngeke babubule noma bakhononde ngokuthi bona ababoniswanga umusa omkhulu kangako. . . . Uma sibathanda abanye—uma sithokoza ngokujabula kwabo, akufanele sibafele umona.”

[Isithombe ekhasini 10]

UFinehasi wayenomhawu ngokukhulekelwa kukaJehova okumsulwa

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela