Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Izwi LikaNkulunkulu Laqhubeka Likhula”
EMAHORENI ambalwa ngemva kokumiswa kwalo, ibandla lobuKristu lakhula lisuka kumalungu angaba ngu-120 liya kwangaphezu kwangu-3 000. (IzEnzo 1:15; 2:41) IBhayibheli lichaza ukuthi “izwi likaNkulunkulu laqhubeka likhula, isibalo sabafundi saqhubeka siphindaphindeka kakhulu eJerusalema.” (IzEnzo 6:7) Ngemva kweminyaka embalwa nje, leli bandla elalisanda kumiswa laba inhlangano yamazwekazi eyayinamaKristu e-Afrika, e-Asia, naseYurophu.
Nanamuhla ibandla lobuKristu linokwanda okusheshayo. Ngokwesibonelo, eMexico, inani labamemezeli boMbuso liye lakhula ngabangaphezu kwabangu-130 000 laba ngu-443 640 eminyakeni emihlanu nje kuphela! Ngo-1995 umuntu oyedwa kwabangu-59 eMexico waba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu esigujwa oFakazi BakaJehova. Nokho, ukuvuna okungokomoya kulelozwe akukapheli, njengoba kuboniswa okuhlangenwe nakho okulandelayo.—Mathewu 9:37, 38.
Kwelinye idolobhana ezweni laseChiapas, akekho owayevume ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya oFakazi BakaJehova, ngisho nangemva kokuba sebeshumayele izindaba ezinhle iminyaka engaba ngu-20 kuleyo ndawo. Ngokusobala abantu bendawo abaningi babesatshiswa indoda ethile eyayinedumela lokuba isixhwanguxhwangu. Babesaba lokho eyayizokwenza uma ithola ukuthi babetadisha iBhayibheli noFakazi.
OFakazi ababili abanesibindi ababethuthele kulendawo banquma ukubhekana nalenkinga ngokuqonda ngqó kulendoda. Lapho befika kwayo, umkayo wabavulela futhi walalelisisa isigijimi sabo. Wayenesithakazelo ngokukhethekile kulokho iBhayibheli elikushoyo ngokuphila epharadesi emhlabeni. Kodwa waphawula ukuthi umyeni wakhe wayezomhlupha kakhulu uma ayetadisha iBhayibheli. LaboFakazi bachaza ukuthi ngaphandle kokuba ahlolisise lokho iBhayibheli elikushoyo, wayengasoze afunde indlela yokukhonza uNkulunkulu nokujabulela ukuphila epharadesi emhlabeni phakade. Wasamukela isifundo seBhayibheli.
Njengoba kwakulindelekile, umyeni wakhe akasithandanga isinqumo sakhe. Wamnqabela ukuba asebenzise imoto yakhe ukuze aye emihlanganweni yobuKristu, nakuba ayemvumela ukuba ayisebenzisele ezinye izinjongo. Naphezu kokuphikisa kwakhe, njalo wayehamba ngezinyawo aye eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova eliseduze, elaliqhele ngamakhilomitha ayishumi. Ngokushesha abanye kuleli dolobhana basiqaphela isibindi nokuzimisela kwakhe. Abantu baqala ukulalela lapho oFakazi behambela amakhaya abo. Abanye baqala ngisho nokuhamba nalona wesifazane lapho eya emihlanganweni. Ngemva kwesikhashana, oFakazi base beqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-20 kulelo dolobhana!
Umngane walona wesifazane naye wanquma ukutadisha iBhayibheli naphezu kokuphikisa komyeni wakhe. Kuyamangalisa ukuthi owayemkhuthaze ukuba enze kanjalo umyeni wowesifazane wokuqala. Ngemva kokuba leyo ndoda ikhulume nomyeni wakhe, ukuphikisa kwanqamuka. Kwenzeka kanjalo-ke ukuba ngemva kweminyaka engu-20 ekugcineni imbewu yeqiniso leBhayibheli ihlume, kwaba nabantu abangaphezu kwabangu-15 abatadisha iBhayibheli futhi ababa khona emihlanganweni yobuKristu, kuhlanganise nalaba besifazane ababili, asebememezela izindaba ezinhle manje.