Ubudlova Bugcwele Yonke Indawo
EHLEZI emotweni yakhe elinde irobhothi ukuba livule, ngokungazelele umshayeli wabona isidlakela sendoda siza ngakuye, sichapha izinhlamba, siphakamisa isibhakela. Lomshayeli waphuthuma wahluthulela iminyango futhi wavala amafasitela, kodwa lendoda eyisidlakela yayilokhu isondela. Igoba, lendoda yaxukuza imoto yadonsa nomnyango wayo. Ekugcineni, ikhungathekile lendoda yaphakamisa isibhakelakazi sayo yabhodloza ifasitela langaphambili lemoto, laphihlika laba izicucu.
Ingabe lesi isigcawu sebhayisikobho ethile evusa usikisiki? Cha! Lena kwakuyingxabano yabashayeli esiqhingini sase-Oahu, eHawaii, esaziwa ngesimo saso esinokuthula, nesizolile.
Lokhu akumangalisi. Izihluthulelo eminyango, izinsimbi emafasiteleni, onogada ezakhiweni, ngisho nezimpawu ezisemabhasini ezithi “Umshayeli akaphathi mali”—konke kubonisa into eyodwa: Ubudlova bugcwele yonke indawo!
Ubudlova Ekhaya
Sekuyisikhathi eside ikhaya laziswa njengesikhoselo somuntu esiphephile. Nokho, lombono wokuthula nokuzola kwasekhaya ushintsha ngokushesha. Ubudlova basekhaya, obuhlanganisa ukuxhashazwa kwezingane, ukushaywa komngane womshado, nokubulala, kuvelele ezindabeni emhlabeni wonke.
Ngokwesibonelo, “okungenani izingane ezingu-750 000 eBrithani zingase zicindezeleke ngokomzwelo isikhathi eside ngenxa yokuthi zichayeke ebudloveni basekhaya,” kusho i-Manchester Guardian Weekly. Lombiko wawusekelwe ekuhloleni okwathola nokuthi “abesifazane abathathu kwabane ababuzwa bathi izingane zabo zazike zabona izenzakalo zobudlova, futhi cishe izingxenye ezimbili kwezintathu zalezi zingane zazike zabona onina beshaywa.” Ngokufanayo, ngokwe-U.S.News & World Report, i-U.S. Advisory Board on Child Abuse and Neglect ilinganisela ukuthi “izingane ezingu-2 000, iningi lazo elingaphansi kweminyaka engu-4, ziyafa unyaka ngamunye ezandleni zabazali noma ababheki.” Lombiko uthi leli nani lingaphezu kwelababulawa izingozi zomgwaqo, ukuminza, noma ukuwa.
Ubudlova basekhaya buhlanganisa nokuxhashazwa komngane womshado, okusuka ekusunduzweni kuye ekumukulweni, ukukhahlelwa, ukuklinywa, ukushaywa, ukusatshiswa ngommese noma ngesibhamu, noma ngisho nokubulawa. Futhi namuhla kokubili abesilisa nabesifazane babhekana nalobu budlova. Okunye ukuhlola kuthola ukuthi phakathi kobudlova obubikwayo obuphakathi kwemibhangqwana, cishe ingxenye eyodwa kwezine yalobu budlova iqalwa indoda, enye ingxenye eyodwa kwezine iqalwa owesifazane, ingxenye esele ingachazwa ngokufanele njengezingxabano ezibangelwa yibo bobabili abashadile.
Ubudlova Emsebenzini
Njengoba esuke engekho ekhaya, ngokuvamile emsebenzini bekuyindawo lapho umuntu ethola khona ukuhleleka, inhlonipho, nesizotha. Kodwa kubonakala kungasenjalo. Ngokwesibonelo, izibalo ezakhishwa i-U.S. Department of Justice zibonisa ukuthi unyaka ngamunye abantu abangaphezu kuka-970 000 baba izisulu zobugebengu obunobudlova emsebenzini. Uma sikubeka ngenye indlela, “izisebenzi zingase zibe nethuba elilodwa kwamane lokuba isisulu sohlobo oluthile lobudlova emsebenzini,” ngokombiko okuyi-Professional Safety—Journal of the American Society of Safety Engineers.
Okukhathaza kakhulu ukuthi ubudlova basemsebenzini abugcini ngokuhilizisana nokukhacana. “Ubudlova obenziwa izisebenzi obuqondiswe ngokukhethekile kubaqashi nakwezinye izisebenzi manje sebuwuhlobo lokubulala olwanda kakhulu e-United States,” kusho wona lombiko. Ngo-1992, ukufa komuntu oyedwa kwabayisithupha okuhlobene nomsebenzi kwakuwukubulala; kwabesifazane, inani lalicishe libe oyedwa kwababili. Akunakuphikwa ukuthi igagasi lobudlova lifinyelela emsebenzini, indawo eyayihlelekile ngaphambili.
Ubudlova Emidlalweni Nasekuzijabuliseni
Imidlalo nokuzijabulisa kuye kwaphishekelwa njengendlela yokuzilibazisa noma ukuphumula ukuze umuntu aqabuleke, akwazi ukwenza imisebenzi ebaluleke kakhudlwana ekuphileni. Namuhla ukuzijabulisa kuyibhizinisi elenza izindodla zamarandi. Ukuze bazitholele inzuzo enkulu ngangokunokwenzeka kulemakethe ezuzisayo, abathengisi basebenzisa noma iziphi izindlela abangazisebenzisa. Futhi enye yalezi zindlela ubudlova.
Ngokwesibonelo, i-Forbes, umagazini wezebhizinisi, yabika ukuthi umsunguli othile wemidlalo ye-video unomdlalo wempi odumile lapho iqhawe lidwengula khona ikhanda nomfunkulu wesitha salo ngenkathi izibukeli zibongela zithi, “Mjuqe! Mjuqe!” Nokho, olunye uhlobo lwalomdlalo olwenzelwe inkampani ebangisana nalena alunaso lesi sigcawu sokuchithwa kwegazi. Uyini umphumela? Uhlobo olunobudlova ngokwengeziwe luthengiswa kakhulu kunembangi yalo ngesilinganiso semidlalo emithathu kwemibili. Futhi lokhu kusho imali enkulu. Lapho kuqala ukuthengiswa kohlobo oludlalwa ekhaya lwalemidlalo, izinkampani zazuza izigidi zamaRandi ezingu-235 emhlabeni wonke emasontweni amabili okuqala! Lapho kuhileleke inzuzo, ubudlova bumane nje bungenye indlela yokubamba abathengi.
Ubudlova emidlalweni bungenye futhi indaba yokucatshangelwa. Ngokuvamile abadlali bayaziqhenya ngomonakalo abangawenza. Ngokwesibonelo, ngo-1990 komunye umdlalo we-hockey kwaba nezinhlawulo ezingu-86—inani eliphakeme kunawo wonke. Lomdlalo waphazanyiswa inxushunxushu eyathatha amahora amathathu nengxenye. Omunye umdlali welashwa ngenxa yethambo lobuso eliphukile, ulwelwesi lweso oluklwebhekile, nenxeba elijulile. Kungani kwakunobudlova obungaka? Omunye umdlali wachaza: “Lapho unqoba emdlalweni ovusa umzwelo ngempela, onokulwa okuningi, uphindela ekhaya uzizwa usondelene kakhudlwana neqembu lakho. Ngangicabanga ukuthi ukulwa kwawenza waba umdlalo oshukumisa ngempela.” Emidlalweni eminingi yanamuhla, ubudlova bubonakala bungeyona nje indlela yokufinyelela okuthile okufiselekayo, kodwa buyilokho kanye okufiselekayo.
Ubudlova Esikoleni
Isikole besilokhu sibhekwa njengenqaba lapho intsha ingase ikhohlwe khona yizo zonke ezinye izinkathazo zayo futhi igxile ekuthuthukiseni izingqondo nemizimba yayo. Nokho, namuhla isikole asiseyona indawo enjalo ephephile nelondekile. Ngo-1994 ukuhlola kukaGallup kwathola ukuthi ubudlova namaqembu ezigelekeqe kuyinkinga eyinhloko ezikoleni zomphakathi e-United States, kudlula izimali, ezaziyinkinga ehamba phambili ngonyaka owawandulele. Sibi kangakanani isimo?
Embuzweni othi, “Wake waba yini isisulu sesenzo sobudlova esenzeka esikoleni noma eduze kwaso?” cishe umfundi oyedwa kwabane abahlolwa waphendula ngoyebo. Othisha abangaphezu koyedwa kwabayishumi nabo baphendula ngoyebo. Lokhu kuhlola kwathola ukuthi amaphesenti angu-13 abafundi, abafana namantombazane, ayevuma ukuthi ake aphatha isikhali esikoleni ngesikhathi esithile. Abaningi babo bathi babeziphathe ukuze bahlabe abanye umxhwele noma ukuze bazivikele. Kodwa omunye umfundi oneminyaka engu-17 ubudala wadubula uthisha wakhe esifubeni lapho lothisha ezama ukumphuca isibhamu.
Isizwe Esinobudlova
Akunakuphikwa ukuthi ubudlova bugcwele yonke indawo namuhla. Ekhaya, emsebenzini, esikoleni, nasekuzijabuliseni, sibhekana nesizwe esinobudlova. Njengoba bebubona zonke izinsuku, abaningi sebeye babamukela njengento evamile—kuze kube yilapho beba izisulu. Bese bebuza, Ingabe buyoke buphele? Ungathanda yini nawe ukwazi impendulo? Khona-ke siza ufunde isihloko esilandelayo.