IVangeli Ngokwezazi
“IZIXUKU zithi ngingubani?” (Luka 9:18) UJesu wababuza lokhu abafundi bakhe eminyakeni ecishe ibe izinkulungwane ezimbili edlule. Lombuzo wawubangela ukuphikisana ngaleso sikhathi. Kubonakala sengathi ukubangela nakakhulu manje, ikakhulukazi ngesikhathi sikaKhisimusi, okuthiwa sigxile kuJesu. Abaningi bakholelwa ukuthi uJesu wayethunyelwe ukuzohlenga isintu esuka ezulwini. Ingabe yilokho okucabangayo?
Ezinye izazi ziveza omunye umbono. “Ukubonakaliswa kukaJesu njengothile owayefundisa ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu eyayizofela izono zezwe akulona iqiniso ngokomlando,” kusho uMarcus J. Borg, uprofesa wezenkolo namasiko.
Ezinye izazi zithi uJesu wangempela wayehlukile kulowo esifunda ngaye eBhayibhelini. Ezinye zikholelwa ukuthi wonke amaVangeli alotshwa ngemva kweminyaka engamashumi amane noma ngaphezulu uJesu afa nokuthi ngaleso sikhathi isimo sikaJesu sangempela sase sinongiwe. Izazi zigomela ngokuthi inkinga yayingekho enkumbulweni yabalobi bamaVangeli, kodwa yayisekuchazeni kwabo. Ngemva kokufa kukaJesu abafundi baqala ukumbheka ngamanye amehlo—njengeNdodana kaNkulunkulu, uMsindisi noMesiya. Ezinye zisho ngeqholo ukuthi uJesu wayemane nje eyisihlakaniphi esasizulazula, umshisekeli wezinguquko zezenhlalo. Izazi zithi lokho kuyiqiniso elingenakuphikwa.
Umbono “Ocwaningiwe” NgoJesu
Ukuze bavikele umbono wabo “ocwaningiwe,” abagxeki babonakala bemagange ukuchitha noma yini ephathelene noJesu ebonakala ingavamile. Ngokwesibonelo, abanye bathi indaba yokuzalwa yincasakazi yayiyitulo lokufihla ubuvezandlebe bukaJesu. Abanye benqaba iziprofetho zikaJesu eziqondene nokubhujiswa kweJerusalema, bephikelela ekutheni zafakwa emaVangelini ngemva ‘kokugcwaliseka’ kwazo. Abanye baze bathi ukuphulukisa kukaJesu kwakumane nje kubangelwa isimo sengqondo—indaba yokushintsha indlela yokucabanga. Ingabe imibono enjalo uyithola inengqondo noma ingahluzekile?
Izazi ezithile zize zithi abafundi bakaJesu bayiqamba indaba yokuvuka kwakhe ukuze inhlangano yabo ingawi. Lezi zazi zicabanga ukuthi, kakade abalandeli bakaJesu babengenamandla ngaphandle kwakhe, ngakho bayibuyisela endabeni iNkosi yabo. Empeleni, wubuKristu, hhayi uKristu, obavuswa. Uma lokho kuzwakala kuwukuhlanekezela kwezazi amaqiniso, kuthiwani ngesiphakamiso sesazi semfundiso yenkolo uBarbara Thiering sokuthi uJesu akabulawanga nhlobo? Sikholelwa ukuthi uJesu wasinda ekubethelweni kwakhe futhi waphila waze washada kabili waba nezingane ezintathu.
Konke lokhu kuzisholo kwehlisa uJesu kumbeke ezingeni okuwukuphela kwalo izazi eziningi eziyomamukela kulo: elokuba indoda ehlakaniphile, umJuda ongumuntukazana, umshisekeli wezinguquko emphakathini—noma yini ngaphandle kokuba iNdodana kaNkulunkulu, eyezela ‘ukunikela umphefumulo wayo ube isihlengo esenana abaningi.’—Mathewu 20:28.
Mhlawumbe ngalesi sikhathi sonyaka usufunde izingxenye ezithile zamaVangeli, njengengxenye emayelana nokuzalwa kukaJesu emkhombeni. Noma kungenzeka uye wezwa ngalezo zingxenye esontweni. Ingabe ukulandisa kwamaVangeli uye wakwamukela njengokubalulekile nokukholekayo? Khona-ke phawula lesi simo esishaqisayo. Kulokho okuthiwa uMhlangano Wokucwaninga NgoJesu, iqembu lezazi liye lahlangana kabili ngonyaka kusukela ngo-1985 ukuze lihlole ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu. Ingabe uJesu wakusho ngempela lokho iBhayibheli elithi wakusho? Enkulumweni ngayinye amalungu alomhlangano ayevota ngobuhlalu obumibalabala. Ubuhlalu obubomvu babusho ukuthi ngokuqinisekile uJesu wawasho lawo mazwi; obubomvana babusho ukuthi cishe wawasho; obumpunga babubonisa ukungabaza; obumnyama bona babubonisa ukuba ngamanga.
Kungase kukuphazamise ukuthola ukuthi loMhlangano Wokucwaninga NgoJesu uye wathi ingxenye engamaphesenti angu-82 yamazwi okuthiwa ashiwo uJesu cishe ayishiwongo nguye. Yingcaphuno eyodwa kuphela eVangelini likaMarku okwathiwa inokwethenjelwa. IVangeli likaLuka kwathiwa ligcwele inkulumo-ze kangangokuthi “alinakutholakala elalotshwa kuqala.” Lonke iVangeli likaJohane, ngaphandle kwemigqa emithathu nje, lavotelwa ngobuhlalu obumnyama, obubonisa ukuba ngamanga, kwathi lengxenyana esele yanikezwa ubuhlalu obumpunga bokungabaza.
Kungaphezu Kokuba Indaba Yezazi
Uyavumelana yini nalezi zazi? Ingabe zisinikeza umfanekiso onembe kakhudlwana ngoJesu kunalowo otholakala eBhayibhelini? Lemibuzo ingaphezu kokuba indaba yempikiswano yezazi. Ngalesi sikhathi sonyaka, ungase ukhumbule ukuthi, ngokweBhayibheli, uNkulunkulu wathumela uJesu “ukuze wonke umuntu obonisa ukholo [kuye] angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.”—Johane 3:16.
Uma uJesu ayemane nje eyisihlakaniphi esizulazulayo okungenzeka sazi okuncane ngaso, bekungaba okungenanjongo ‘ukubonisa ukholo’ kuye. Ngakolunye uhlangothi, uma indlela iBhayibheli elimveza ngayo uJesu iyiqiniso, kuhileleke insindiso yethu engunaphakade. Ngakho-ke, kudingeka sazi—ingabe iBhayibheli liqukethe iqiniso ngoJesu?