Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 12/15 kk. 14-19
  • Ukufundiswa Ukwenza Intando KaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufundiswa Ukwenza Intando KaJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukugcizelela Kakhulu Ekwenzeni Intando KaNkulunkulu
  • Ukufundiswa Intando KaJehova Emihlanganweni Yethu
  • Ukufundiswa Intando KaJehova Abazali Abamhloniphayo
  • Ukufundiswa Ukuthanda Nokulwa
  • Ukufundiswa Ukuze Sizuze
  • Ukufundiswa UJehova Kuze Kube Yilolu Suku
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • UJehova—UNKulunkulu Ofundisayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • “Nginibekela Isibonelo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Isimiso Esisha Sosuku Lomhlangano Okhethekile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 12/15 kk. 14-19

Ukufundiswa Ukwenza Intando KaJehova

“Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami.”—IHUBO 143:10.

1, 2. (a) Kufanele sifundiswe nini, futhi ngamuphi umbono ongokoqobo? (b) Kungani ukufundiswa uJehova kubaluleke kangaka?

USUKU ngalunye umuntu aphila nasebenza ngalo, angafundiswa okuthile okuwusizo. Kunjalo ngawe nangabanye. Kodwa kwenzekani lapho ufa? Akunakwenzeka ukufundiswa noma ukufunda noma yini kuleso simo. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi abafileyo “abazi-lutho.” Akukho lwazi eSheol, ithuna elivamile lesintu. (UmShumayeli 9:5, 10, qhathanisa ne-NW.) Ingabe lokhu kusho ukuthi ukufundiswa kwethu, singenise ulwazi, kuyize? Lokho kuxhomeke ekutheni yini esiyifundiswayo nasendleleni esisebenzisa ngayo lolo lwazi.

2 Uma sifundiswa izinto zezwe kuphela, asinalo ikusasa elihlala njalo. Nokho, ngokujabulisayo, izigidi zabantu kuzo zonke izizwe zifundiswa intando yaphezulu zinombono wokuphila okumi phakade. Isisekelo saleli themba sixhomeke ekufundisweni uJehova, uMthombo wolwazi olunika ukuphila.—IHubo 94:9-12.

3. (a) Kungani kungase kuthiwe uJesu wayengumfundi kaNkulunkulu wokuqala? (b) Sinasiphi isiqinisekiso sokuthi abantu babeyofundiswa uJehova, futhi kube namuphi umphumela?

3 INdodana kaNkulunkulu eyizibulo, yafundiswa ukwenza intando kaYise, njengomfundi waKhe wokuqala. (IzAga 8:22-30; Johane 8:28) Ngokufanayo, uJesu wabonisa ukuthi izigidigidi zabantu zaziyofundiswa uYise. Ayini amathemba alabo bethu abafundiswa uNkulunkulu? UJesu wathi: “Kulotshiwe kubaProfethi ukuthi, ‘Futhi bonke bayofundiswa uJehova.’ Wonke umuntu oye wezwa kuBaba futhi wafunda uyeza kimi. . . . Ngiqinisile impela ngithi kini, Lowo okholwayo unokuphila okumi phakade.”—Johane 6:45-47.

4. Izigidi zabantu zithintwa kanjani ukufundisa kwaphezulu, futhi zinaliphi ithemba?

4 UJesu wayecaphuna kweka-Isaya 54:13, eyayiqondiswe kowesifazane kaNkulunkulu ongokomfanekiso, iSiyoni lasezulwini. Leso siprofetho sisebenza ngokuyinhloko emadodaneni alona wesifazane, abafundi bakaJesu Kristu abazelwe ngomoya abangu-144 000. Insali yalawo madodana angokomoya ikhuthele namuhla, ihola esimisweni sokufundisa somhlaba wonke. Ngenxa yalokhu, izigidi zabanye abakha “isixuku esikhulu” nazo ziyazuza ekufundisweni uJehova. Zinethemba eliyingqayizivele lokufunda ngaphandle kokuphazanyiswa ukufa. Kanjani? Zisethubeni lokusinda “osizini olukhulu” oluseduze zijabulele ukuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi.—IsAmbulo 7:9, 10, 13-17.

Ukugcizelela Kakhulu Ekwenzeni Intando KaNkulunkulu

5. (a) Sithini isihloko sonyaka sika-1997? (b) Kufanele sizizwe kanjani ngokuba khona emihlanganweni yobuKristu?

5 Phakathi no-1997, emabandleni angaphezu kuka-80 000 emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova bazogcina engqondweni amazwi okuqala eHubo 143:10: “Ngifundise ukwenza intando yakho.” Kuyoba yileso isihloko sonyaka ka-1997. Lawo mazwi, abhalwe ngokugqamile emaHholo OMbuso, azoba isikhumbuzo sokuthi indawo evelele yokwamukela imfundo yaphezulu isemihlanganweni yebandla, lapho singahlanganyela khona esimisweni esiqhubekayo sokufundiswa. Lapho siba nabafowethu emihlanganweni ukuze sifundiswe uMfundisi wethu OMkhulu Kakhulu, singazizwa njengomhubi, owabhala: “Ngajabula lapho bethi kimi: Masiye endlini kaJehova.”—IHubo 122:1; Isaya 30:20.

6. Ngamazwi kaDavide, yini esiyivumayo?

6 Yebo, sifisa ukufundiswa ukwenza intando kaNkulunkulu kunentando yesitha sethu uDeveli noma intando yabantu abangaphelele. Ngakho, njengoDavide, siyamamukela uNkulunkulu esimkhulekelayo nesimkhonzayo: “Ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.” (IHubo 143:10) Kunokuba afune ukuzihlanganisa nabantu bamanga, uDavide wakhetha ukuba lapho ukukhulekelwa kukaJehova kwakuqhutshwa khona. (IHubo 26:4-6) Enomoya kaNkulunkulu uqondisa izinyathelo zakhe, uDavide wayengahamba ezindleleni zokulunga.—IHubo 17:5; 23:3.

7. Umoya kaNkulunkulu uye wasebenza kanjani ebandleni lobuKristu?

7 UDavide Omkhulu, uJesu Kristu, waqinisekisa abaphostoli ukuthi umoya ongcwele wawuyobafundisa zonke izinto futhi ubakhumbuze zonke izinto ayebatshele zona. (Johane 14:26) Kusukela ngePhentekoste kuqhubeke, uJehova ubembula ngokuqhubekayo ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu’ eziqukethwe eZwini lakhe elilotshiwe. (1 Korinte 2:10-13) Lokhu uye wakwenza ngomzila obonakalayo uJesu awubiza ngokuthi “isigqila esikholekile nesiqondayo.” Ulungiselela ukudla okungokomoya okucatshangelwayo esimisweni sokufundiswa kwamabandla abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke.—Mathewu 24:45-47.

Ukufundiswa Intando KaJehova Emihlanganweni Yethu

8. Kungani ukuhlanganyela eSifundweni Se-Nqabayokulinda kubaluleke kangaka?

8 Ukwaziswa eSifundweni Se-Nqabayokulinda sebandla samasonto onke kuvame ukukhuluma ngokusetshenziswa kwezimiso zeBhayibheli. Ngokuqinisekile lokhu kusisiza ukuba sibhekane nezinkathazo zokuphila. Kwezinye izifundo kucatshangelwa amaqiniso angokomoya ajulile noma iziprofetho zeBhayibheli. Yeka ukuthi kungakanani esikufundiswa ezifundweni ezinjalo! Emazweni amaningi amaHholo OMbuso agcwala phamá kulemihlangano. Nokho emazweni amaningana, inani lababa khona emihlanganweni liye lehla. Ucabanga ukuthi kungani? Kungenzeka yini ukuthi abanye bavumela umsebenzi wokuziphilisa ukuba uphazamise ukuhlangana kwabo ndawonye njalo ‘ukuze bavuselelane othandweni nasemisebenzini emihle’? Noma kungenzeka yini ukuthi amahora amaningi achithwa ekuzijabuliseni noma ekubukeleni ithelevishini, okwenza isimiso sibonakale siminyene kakhulu ukuba kuyiwe kuyo yonke imihlangano? Khumbula umyalo ophefumulelwe kweyamaHeberu 10:23-25. Ukuhlangana ndawonye ukuze sithole imfundo yaphezulu akubalulekile yini ngisho nakakhulu manje njengoba ‘sibona usuku lusondela’?

9. (a) UMhlangano Wenkonzo ungasihlomisela kanjani inkonzo? (b) Kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo ngokufakaza?

9 Omunye wemithwalo yethu yemfanelo eyinhloko uwukukhonza njengezikhonzi zikaNkulunkulu. UMhlangano Wenkonzo uklanyelwe ukusifundisa indlela esingakufeza ngayo ngokuphumelelayo lokhu. Sifunda indlela yokuya kubantu, lokho okufanele sikusho, indlela okufanele sisabele ngayo lapho samukelwa kahle, ngisho nalokho okufanele sikwenze lapho abantu besenqaba isigijimi sethu. (Luka 10:1-11) Njengoba kuxoxwa futhi kuba nemiboniso ngezindlela eziphumelelayo kulomhlangano wamasonto onke, sikulungela kangcono ukufinyelela abantu hhayi lapho sihamba indlu ngendlu nje kuphela kodwa nalapho sishumayela emigwaqweni, ezindaweni zokupaka, ezintweni zokuhamba zomphakathi, ezikhumulweni zezindiza, ezindaweni zamabhizinisi, noma ezikoleni. Ngokuvumelana nesicelo sethu, “Ngifundise ukwenza intando yakho,” siyofuna ukuwasebenzisa wonke amathuba okwenza njengoba iNkosi yethu yanxusa: “Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze banike uYihlo osemazulwini inkazimulo.”—Mathewu 5:16.

10. Singabasiza kanjani ngempela ‘abafanelekayo’?

10 Emihlanganweni yebandla enjalo, sifundiswa nokwenza abanye babe abafundi. Lapho kutholakala isithakazelo noma kuhanjiswa incwadi, umgomo wethu lapho senza izimpindelo ukuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngomqondo othile, lokhu kuyafana ‘nokuhlala nabafanelekayo’ kwabafundi ukuze babafundise izinto uJesu ayeyale ngazo. (Mathewu 10:11; 28:19, 20) Ukuba nezinsiza ezinhle, njengencwadi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, kusihlomisa kahle ngempela ukuba sifeze inkonzo yethu ngokungashwampuluzi. (2 Thimothewu 4:5) Isonto ngalinye lapho useMhlanganweni Wenkonzo naseSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, zama ukuqonda bese usebenzisa amaphuzu awusizo azokumelela kahle njengomunye wezikhonzi zikaNkulunkulu ezifaneleka ngokwanele, ezenza intando yakhe.—2 Korinte 3:3, 5; 4:1, 2.

11. Abanye baye balubonisa kanjani ukholo emazwini atholakala kuMathewu 6:33?

11 Kuyintando kaNkulunkulu ukuba ‘siqhubeke sifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe.’ (Mathewu 6:33) Zibuze, ‘Ngingasisebenzisa kanjani lesi simiso uma izimfuno zomsebenzi wami wokuziphilisa [noma zomngane wami womshado] ziphazamisa ukuba khona emihlanganweni?’ Abaningi abavuthiwe ngokomoya bayothatha izinyathelo zokukhuluma nabaqashi babo ngalendaba. Esinye isikhonzi sesikhathi esigcwele sazisa umqashi waso ukuthi sidinga isikhathi esithile isonto ngalinye ukuze siye emihlanganweni yebandla. Lomqashi wasinikeza leso sikhathi. Kodwa efuna ukwazi ukuthi yini eyenzekayo kulemihlangano, wacela ukuba khona. Lapho, wezwa isaziso mayelana nomhlangano wesigodi owawusondela. Umphumela waba ukuthi lomqashi wahlela ukuchitha lonke usuku emhlanganweni. Yisiphi isifundo ositholayo kulesi sibonelo?

Ukufundiswa Intando KaJehova Abazali Abamhloniphayo

12. Ukuze izingane zifundiswe intando kaJehova, yini abazali abangamaKristu okufanele bayenze ngesineke nangokuqina?

12 Kodwa imihlangano yebandla nemihlangano emikhulu ayilona ukuphela kwelungiselelo lokufundiswa ukwenza intando yaphezulu. Abazali abahlonipha uNkulunkulu bayalwa ukuba baqeqeshe, bayale, futhi bakhulise izingane zabo ukuze zidumise uJehova futhi zenze intando yakhe. (IHubo 148:12, 13; IzAga 22:6, 15) Ukwenza kanjalo kudinga ukuba siye “nabantwana” bethu emihlanganweni lapho bengalalela futhi “bafunde” khona, kodwa kuthiwani ngokubafundisa imibhalo engcwele ekhaya? (Duteronomi 31:12; 2 Thimothewu 3:15) Imikhaya eminingi iye yaqala isimiso sesifundo seBhayibheli somkhaya sasikhathi sonke ngobuqotho, yabe isisivumela ukuba sishabalale noma yasidebeselela kungakabiphi. Ingabe uye wabhekana nento efanayo? Ingabe uyophetha ngokuthi ukusikisela kokuba nesifundo esinjalo sasikhathi sonke akufanelekile noma ukuthi umkhaya wakho uhluke kakhulu kangangokuba ngeke nje kusebenze esimweni sakho? Kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo, nina bazali sizani nibukeze isihloko esihle esithi “Ifa Lethu Elicebile Elingokomoya” nesithi “Imivuzo Yokuphikelela” kuyi-Nqabayokulinda ka-August 1, 1995.

13. Imikhaya ingazuza kanjani ngokucabangela itekisi losuku?

13 Imikhaya ikhuthazwa ukuba ikwenze umkhuba ukucabangela itekisi losuku kwethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Ukufunda itekisi nesigaba nje kuphela kuhle, kodwa ukuxoxa ngetekisi nokufuna indlela elisebenza ngayo kuzuzisa ngokwengeziwe. Ngokwesibonelo, uma ecabangela eyabase-Efesu 5:15-17, amalungu omkhaya angaxoxa ngendlela ‘angazithengisisela ngayo ithuba’ lesifundo somuntu siqu, lokuhlanganyela emkhakheni othile wenkonzo yesikhathi esigcwele, nelokunakekela ezinye izabelo ezingokwasezulwini. Yebo, ingxoxo yomkhaya yetekisi losuku ingasiza oyedwa noma abaningi ukuba ‘baqhubeke beqonda ngokugcwele [ngokwengeziwe] ukuthi iyini intando kaJehova.’

14. UDuteronomi 6:6, 7 ubonisa ukuthi abazali kufanele babe luhlobo luni lwabafundisi, okudingani?

14 Abazali kumelwe babe abafundisi abakhuthele bezingane zabo. (Duteronomi 6:6, 7) Kodwa akuyona nje indaba yokushumayeza noma yokunikeza imiyalo ezinganeni zabo. Ubaba nomama nabo kudingeka balalele, ngaleyo ndlela babe sesimweni esingcono sokwazi lokho okudinga ukuchazwa, ukucaciswa, ukufanekiswa, noma ukuphindwa. Komunye umkhaya wamaKristu, abazali bakhuthaza ingxoxo ekhululekile ngokukhuthaza izingane zabo ukuba zibuze imibuzo ngezinto ezingaziqondi noma ezikhathazeka ngazo. Ngaleyo ndlela bathola ukuthi indodana eyeve eshumini nambili yayinobunzima bokuqonda ukuthi uJehova akanasiqalo. Abazali bakwazi ukusebenzisa ukwaziswa okusezincwadini ze-Watch Tower Society bebonisa ukuthi isikhathi nomkhathi kwamukelwa njengezinto ezingenamkhawulo. Lokhu kwasiza ekucaciseni iphuzu, futhi kwayanelisa indodana yabo. Ngakho zinike isikhathi sokuphendula imibuzo yezingane zakho ngokucacile nangemiBhalo, uzisize ukuba zibone ukuthi ukufunda ukwenza intando kaNkulunkulu kunganelisa kakhulu. Yini enye abantu bakaNkulunkulu—abancane nabadala—abayifundiswayo namuhla?

Ukufundiswa Ukuthanda Nokulwa

15. Kunini lapho ubuqotho bothando lwethu lobuzalwane bungavivinywa khona?

15 Ngokuvumelana nomyalo kaJesu omusha, ‘sifundiswa uNkulunkulu ukuba sithandane.’ (1 Thesalonika 4:9) Lapho kuthulile futhi izinto zihamba kahle, singase sibe nomuzwa wokuthi siyabathanda bonke abafowethu. Nokho kwenzekani lapho kuba khona ukungavumelani noma uma sikhubeka ngenxa yalokho okushiwo noma okwenziwa omunye umKristu? Kulesi simo ubuqotho bothando lwethu bungase bube sovivinyweni. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:8.) IBhayibheli lisifundisa ukuba senzeni ezimweni ezinjalo? Phakathi kokunye kufanele sizame ukubonisa uthando ngomqondo ophelele. (1 Petru 4:8) Kunokuba sifune ezethu izithakazelo, sicasulwe ukushiyeka okuncane, noma sigcine umbhalo wokulinyazwa, kufanele sisebenzele ekuvumeleni uthando lumboze inqwaba yezono. (1 Korinte 13:5) Siyazi ukuthi lena yintando kaNkulunkulu, ngoba yilokho iZwi lakhe elikufundisayo.

16. (a) AmaKristu afundiswa ukuba ahileleke empini yaluphi uhlobo? (b) Sihlonyiswe kanjani?

16 Nakuba abaningi bengenakuhlanganisa uthando nempi, impi ingokunye esikufundiswayo, kodwa uhlobo oluhlukile lwempi. UDavide waqaphela ukuthi uncike kuJehova ukuba amfundise indlela yokulwa, nakuba ngesikhathi sakhe lokho kwakuhilela ukulwa okungokoqobo nezitha zika-Israyeli. (1 Samuweli 17:45-51; 19:8; 1 AmaKhosi 5:3; IHubo 144:1) Kuthiwani ngempi yethu namuhla? Izikhali zethu akuzona ezenyama. (2 Korinte 10:4) Okwethu ukulwa kungokomoya, futhi kudingeka sikuhlomele ngezikhali ezingokomoya. (Efesu 6:10-13) NgeZwi lakhe nangebandla labantu bakhe, uJehova usifundisa ukuba silwe impi ephumelelayo engokomoya.

17. (a) Yimaphi amasu uDeveli awasebenzisayo ukuze asiphambukise? (b) Yini okufanele siyigweme ngokuhlakanipha?

17 Ngezindlela ezikhohlisayo nezobuqili, uDeveli ngokuvamile usebenzisa izwe, izihlubuki, nabanye abaphikisi beqiniso ezama ukusiphambukisela ezindabeni ezingabalulekile. (1 Thimothewu 6:3-5, 11; Thithu 3:9-11) Kunjengokungathi uyabona ukuthi mancane amathuba okuba asinqobe ngokuhlasela okuqondile, ngakho uzama ukusenza sikhubeke ngokusenza sikhononde futhi sibuze imibuzo yobuwula, engazuzisi ngokomoya. Njengamaqhawe aqaphile, izingozi ezinjalo kufanele siziqaphele ngendlela esiqaphela ngayo ukuhlaselwa okuqondile.—1 Thimothewu 1:3, 4.

18. Ukungasaziphileli thina kuhilelani ngempela?

18 Asikhuthazi izifiso zabantu noma intando yezizwe. Ngesibonelo sikaJesu uJehova uye wasifundisa ukuthi akumelwe siziphilele thina; kunalokho, kufanele sibe nesimo sengqondo uKristu Jesu ayenaso futhi siphilele intando kaNkulunkulu. (2 Korinte 5:14, 15) Kungenzeka ukuthi esikhathini esidlule sasiphila ukuphila kokweqisa, kokungabi nandaba, sichitha isikhathi esiyigugu. Imibuthano exokozelayo, imincintiswano yokuphuza, nokuziphatha okubi kuwuphawu lwalelizwe elibi. Manje njengoba sesifundiswe ukwenza intando kaNkulunkulu, asijabuli yini ngokuhlukaniswa nalelizwe elonakele? Ngakho masilwe kanzima ngokomoya ukuze sigweme ukuhileleka emikhubeni yezwe engcolisayo.—1 Petru 4:1-3.

Ukufundiswa Ukuze Sizuze

19. Ukufundiswa intando kaJehova bese siyenza kuyoholela kuziphi izinzuzo?

19 Kubalulekile ukuqaphela ukuthi ukufundiswa ukwenza intando kaJehova kuyosizuzisa kakhulu. Kuyaqondakala ukuthi kumelwe senze ingxenye yethu ngokunakisisa ukuze sifunde bese silandela iziyalezo eziza kithi ngeNdodana yakhe nangeZwi kanye nebandla labantu bakhe. (Isaya 48:17, 18; Heberu 2:1) Ngokwenza kwethu kanjalo, siyoqina ukuze sikwazi ukuma siqinile kulezi zikhathi zosizi futhi simelane nezivunguvungu ezizayo. (Mathewu 7:24-27) Ngisho kwamanje, siyobe sijabulisa uNkulunkulu ngokwenza intando yakhe futhi siyoqinisekisa ukuthi imithandazo yethu iyaphendulwa. (Johane 9:31; 1 Johane 3:22) Futhi siyothola injabulo yangempela.—Johane 13:17.

20. Yini okuyoba kuhle ukuba uzindle ngayo njengoba ubona isihloko sonyaka kuwo wonke u-1997?

20 Phakathi no-1997, siyolokhu siba nethuba lokufunda nokucabangela isihloko sonyaka, iHubo 143:10: “Ngifundise ukwenza intando yakho.” Njengoba senza lokhu, masisebenzise ezinye zezikhathi ukuze sicabange ngamalungiselelo uNkulunkulu asenzele wona ukuze sifundiswe, njengoba kuboniswe ngenhla. Futhi masisebenzise ukuzindla okunjalo ngalawo mazwi njengokusishukumisela ukuba senze ngokuvumelana nalokho kunxusa, sazi ukuthi “lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.”—1 Johane 2:17.

Ungaphendula Kanjani?

◻ Obani namuhla abafundiswa ukwenza intando kaJehova?

◻ IHubo 143:10 kufanele lisithinte kanjani phakathi no-1997?

◻ Sifundiswa kanjani ukuba senze intando kaJehova?

◻ Yini edingekayo kubazali abangamaKristu ekufundiseni izingane zabo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela