Kungani Kumelwe Ukubike Okubi?
“ODALULA indaba uba isitha sabantu,” kusho abanye eNtshonalanga Afrika. Yilokho okwenzeka ku-Olu lapho esola umfowabo omdala ngokuba nobuhlobo bobulili nodadewabo. “Unamanga!” kumemeza umfowabo. Wabe eseshaya u-Olu ngonya, wamxosha ekhaya futhi washisa zonke izingubo zakhe zokugqoka. Izakhamuzi zendawo zasekela umfowabo. Njengoba ayengasamukeleki kulelo dolobhana, u-Olu kwadingeka ahambe. Ngemva kokuqaphela ukuthi udadewabo ukhulelwe, kwaba yima abantu bebona ukuthi u-Olu wayeqinisile. Umfowabo wavuma isono sakhe, futhi u-Olu wabuye wamukelwa. Izinto zazingaba zimbi kakhulu. U-Olu wayengabulawa.
Ngokusobala, labo abangenalo uthando ngoJehova cishe ngeke bathande ukuba kudalulwe amaphutha abo. Ukuthambekela komuntu onesono kuwukwenqaba ukusolwa nokucasukela noma ubani okunikezayo. (Qhathanisa noJohane 7:7.) Akumangazi ukuthi abaningi abathi vú lapho kuziwa ekwambuleni amaphutha abanye kulabo abanegunya lokuwalungisa.
Ukwazisa Ukubaluleka Kokusolwa
Nokho, kubantu bakaJehova, kunesimo sengqondo esihlukile ngokusolwa. Abesilisa nabesifazane abahlonipha uNkulunkulu balazisa ngokujulile ilungiselelo uJehova aye walenza lokusiza abonayo ebandleni lobuKristu. Babheka ukuyala okunjalo njengokubonakaliswa komusa wakhe wothando.—Heberu 12:6-11.
Lokhu kungaboniswa ngalokho okwenzeka ekuphileni kweNkosi uDavide. Nakuba yayingumuntu olungile kusukela ebusheni bayo, kwafika isikhathi lapho yawela khona esonweni esibi kakhulu. Okokuqala, yaphinga. Ngemva kwalokho, izama ukufihla isono sayo, yahlela ukuba kubulawe umyeni walowo wesifazane. Kodwa uJehova wembula isono sikaDavide kuNathani umprofethi, owamqonda ngqó uDavide ngalendaba. Esebenzisa umfanekiso onamandla, uNathani wabuza uDavide ukuthi yini okufanele yenziwe ngendoda ecebile enezimvu eziningi kodwa ethatha futhi ihlinze okuwukuphela kwewundlu, imfuyo eyigugu yomuntu ompofu, ukuze ijabulise umngane wayo. UDavide, owayengumalusi ngaphambili, wathukuthela wagan’unwabu. Wathi: “Umuntu owenzé lokho ufanele ukufa.” UNathani wabe esesebenzisa lowo mfanekiso kuDavide, ethi: “Nguwe lowomuntu.”—2 Samuweli 12:1-7.
UDavide akazange amthukuthelele uNathani; futhi akazange azame ukuzivikela noma ukumsola ukuze aziphindiselele. Kunalokho, ukusola kukaNathani kwawushukumisa ngokujulile unembeza wakhe. Edabuke kakhulu, uDavide wavuma: “Ngonile kuJehova.”—2 Samuweli 12:13.
Ukwembula kukaNathani isono sikaDavide, okwalandelwa ukusola kwaphezulu, kwaba nemiphumela emihle. Nakuba uDavide engazange avikelwe emiphumeleni yesono sakhe, waphenduka futhi wabuyisana noJehova. UDavide wazizwa kanjani ngalokho kusolwa? Wabhala: “Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi.”—IHubo 141:5.
Nasosukwini lwethu, izinceku zikaJehova zingahileleka ebubini obubi kakhulu, ngisho nalezo eziye zathembeka iminyaka eminingi. Njengoba ziqaphela ukuthi abadala bangasiza, eziningi zithatha isinyathelo sokucela usizo lwabo. (Jakobe 5:13-16) Kodwa ngezinye izikhathi umenzi wobubi angase azame ukufihla isono sakhe, njengoba kwenza iNkosi uDavide. Yini okufanele siyenze uma sazi ngobubi obubi kakhulu ebandleni?
Kuwumthwalo Kabani?
Lapho abadala bezwa ngokona okubi kakhulu, baya kumuntu ohilelekile ukuze bamnike usizo nokuqondisa okudingekile. Kuwumthwalo wabadala ukwahlulela abanjalo ebandleni lobuKristu. Njengoba bephaphamele isimo salo esingokomoya, basiza futhi bayale noma ubani othatha isinyathelo esingahlakaniphile noma esingalungile.—1 Korinte 5:12, 13; 2 Thimothewu 4:2; 1 Petru 5:1, 2.
Kodwa kuthiwani uma ungeyena umdala futhi wazi ngokona okubi kakhulu komunye umKristu? Iziqondiso zitholakala eMthethweni uJehova awunika isizwe sakwa-Israyeli. LoMthetho wawuthi uma umuntu engufakazi wezenzo zokuhlubuka, ukuvukela umbuso, ukubulala noma amanye amacala athile amabi kakhulu, kwakuwumthwalo wakhe ukuba azibike futhi afakaze ngalokho akwaziyo. ULevitikusi 5:1 uthi: “Uma umuntu ona lapho ezwa izwi lesifungo, engufakazi wokuthile, noma ekubonile noma ekwazi, engakusho nokho, khona wothwala ububi bakhe.”—Qhathanisa noDuteronomi 13:6-8; Esteri 6:2; IzAga 29:24.
Nakuba amaKristu namuhla engekho ngaphansi koMthetho kaMose, angaqondiswa izimiso ezikuwo. (IHubo 19:7, 8) Ngakho yini okufanele uyenze uma uzwa ngokona okubi kakhulu komKristu okanye naye?
Ukusingatha Indaba
Okokuqala, kubalulekile ukuba kube nesizathu esiqinile sokukholelwa ukuthi ububi obubi kakhulu buye benziwa ngempela. “Ungabi-ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho-sizathu,” kusho indoda ehlakaniphile. “Wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?”—IzAga 24:28.
Ungase ukhethe ukuya ngokuqondile kubadala. Akukubi ukwenza kanjalo. Nokho, ngokuvamile inkambo yothando engcono kakhulu iwukuya kumuntu ohilelekile. Mhlawumbe izinto azinjengoba zibonakala. Noma mhlawumbe isimo sesisezandleni zabadala kakade. Yixoxe ngomoya ophansi leyo ndaba nalowo muntu. Uma kuqhubeka kunesizathu sokukholelwa ukuthi uye wenza ububi obubi kakhulu, mkhuthaze ukuba aye kubadala ukuze athole usizo, futhi umchazele ukuhlakanipha kokwenza kanjalo. Ungaxoxi nabanye ngalendaba, ngoba lokho kuyoba ukuhleba.
Uma lowo muntu engababikeli abadala phakathi nesikhathi esifanele, khona-ke kufanele ubabikele. Umdala oyedwa noma ababili bayobe sebexoxa nommangalelwa ngalendaba. Abadala kudingeka ‘babuze, baphenye, babuzisise’ ukuze bathole ukuthi buye benziwa ngempela yini ububi. Uma buye benziwa, bayosingatha icala ngokweziqondiso ezingokomBhalo.—Duteronomi 13:12-14.
Kudingeka okungenani ofakazi ababili ukuze kuqinisekwe ngecala lokwenziwa kobubi. (Johane 8:17; Heberu 10:28) Uma umuntu eliphika icala futhi ubufakazi bakho buwukuphela kobufakazi obukhona, indaba iyoshiywa ezandleni zikaJehova. (1 Thimothewu 5:19, 24, 25) Lokhu kwenziwa ngokwazi ukuthi zonke izinto “zenekwe obala” kuJehova nokuthi uma lowo muntu enecala, ekugcineni izono zakhe ‘ziyakumfumana.’—Heberu 4:13; Numeri 32:23.
Kodwa ake sithi lowo muntu uyaliphika icala futhi uwukuphela kukafakazi wecala lakhe. Ingabe ungabekwa icala lokunyundela? Cha, ngaphandle kwalapho uye wahlebela khona abangahilelekile endabeni. Akukhona ukunyundela ukubika izimo ezithinta ibandla kulabo abanegunya nomthwalo wemfanelo wokwengamela nokulungisa izinto. Empeleni, kuhambisana nesifiso sethu sokwenza okulungile nokuthembeka ngaso sonke isikhathi.—Qhathanisa noLuka 1:74, 75.
Ukulondoloza Ubungcwele Ebandleni
Esinye isizathu sokubika ukwenziwa kobubi ukuthi kusiza ekugcineni ukuhlanzeka kwebandla. UJehova unguNkulunkulu ohlanzekile, uNkulunkulu ongcwele. Ufuna ukuba bonke abamkhulekelayo bahlanzeke ngokomoya nangokuziphatha. IZwi lakhe eliphefumulelwe liyayala: “Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu, kodwa, ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu, ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.’” (1 Petru 1:14-16) Abantu abakwenza umkhuba ukungahlanzeki noma ububi bangangcolisa lonke ibandla futhi balenze lingamukeleki kuJehova ngaphandle kokuba kuthathwe isinyathelo sokubaqondisa noma ukubasusa.—Qhathanisa noJoshuwa, isahluko 7.
Izincwadi zomphostoli uPawulu ebandleni lamaKristu aseKorinte zibonisa indlela ukubikwa kobubi okwasiza ngayo ekuhlanzweni kwabantu bakaNkulunkulu lapho. Encwadini yakhe yokuqala, uPawulu wabhala: “Empeleni kubikwa ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe obungekho ngisho naphakathi kwezizwe, ukuthi umuntu othile uthathé umkayise.”—1 Korinte 5:1.
IBhayibheli alisitsheli ukuthi umphostoli wawuthola kubani lombiko. Kungenzeka ukuthi uPawulu wabikelwa uStefana, uFortunatu no-Akhayiku, ababesuke eKorinte baya e-Efesu lapho uPawulu ayehlala khona. UPawulu wayethole nencwadi evela ebandleni lamaKristu aseKorinte eyayibuza ngokuthile. Kungakhathaliseki ukuthi wezwa ngobani, lapho nje isimo sesibikiwe kuPawulu ofakazi abanokwethenjelwa, wakwazi ukunikeza isiqondiso ngaleyo ndaba. Wabhala: “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.” Lowo muntu waxoshwa ebandleni.—1 Korinte 5:13; 16:17, 18.
Ingabe ukuyala kukaPawulu kwaba nemiphumela emihle? Ngokuqinisekile! Ngokusobala, umenzi wobubi wasanguluka. Encwadini yakhe yesibili kwabaseKorinte, uPawulu wanxusa ukuba ibandla ‘limthethelele ngomusa futhi limduduze’ lowo muntu ophendukile. (2 Korinte 2:6-8) Ngaleyo ndlela ukubikwa kobubi kwaholela esinyathelweni esaphumela ekuhlanzweni kwebandla nasekubuyiseleni emseni kaNkulunkulu umuntu owayonakalise ubuhlobo bakhe noNkulunkulu.
Sithola esinye isibonelo encwadini yokuqala kaPawulu ebandleni lobuKristu laseKorinte. Kulokhu umphostoli uyawasho amagama ofakazi ababike indaba. Wabhala: “Ngambulelwa ngokuphathelene nani, bafowethu, yilabo bendlu kaKlowe, ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwenu.” (1 Korinte 1:11) UPawulu wayazi ukuthi lokhu kungezwani, kanye nokunika abantu udumo olungafanele, kwakubangele umoya wamahlelo owawusongela ubunye bebandla. Ngakho, ngenxa yokwazisa okujulile ngenhlalakahle engokomoya yalabo akholwa nabo lapho, uPawulu wathatha isinyathelo ngokushesha futhi wabhala enikeza ibandla iseluleko sokulungisa.
Namuhla, abafowethu nodadewethu abaningi emabandleni emhlabeni wonke bayazikhandla ukuze balondoloze ukuhlanzeka okungokomoya kwebandla ngokuthi ngamunye wabo alondoloze ukuma okwamukelekayo kuNkulunkulu. Abanye bayahlupheka ukuze benze kanjalo; abanye baye bafa ngisho nokufa ukuze bagcine ubuqotho. Ngokuqinisekile ukushalazelela noma ukufihla ububi kungabonisa ukuntula ukwazisa ngalemizamo.
Usizo Ngabonayo
Kungani abanye abaye bawela esonweni esibi kakhulu bengayi kubadala bebandla? Ngokuvamile kungenxa yokuthi abaziqapheli izinzuzo zokuya kubo. Abanye ngokungeyikho bakholelwa ukuthi uma bevuma, isono sabo siyokwambulelwa lonke ibandla. Abanye bazikhohlisa ngokuthi ububi babo abububi kakhulu. Kanti abanye bacabanga ukuthi bangasilungisa isimo sabo ngaphandle kosizo lwabadala.
Kodwa abenzi bobubi abanjalo badinga usizo lothando lwabadala bebandla. UJakobe wabhala: “Ingabe ukhona ogulayo phakathi kwenu? Makabizele kuye amadoda amadala ebandla, futhi mawamthandazele, emgcoba ngamafutha egameni likaJehova. Futhi umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.”—Jakobe 5:14, 15.
Yeka ilungiselelo elihle lokusiza abonayo ukuba balungise isimo sabo esingokomoya! Ngokusebenzisa iseluleko esiduduzayo seZwi likaNkulunkulu nokubathandazela, abadala bangasiza abagulayo ngokomoya ukuba babuye ezindleleni zabo ezingalungile. Ngakho, kunokuba bazizwe belahliwe, abaphendukile ngokuvamile bazizwa beqabulekile futhi bekhululekile lapho behlangana nabadala abanothando. Enye insizwa yaseNtshonalanga Afrika yayenze ubufebe futhi yafihla isono sayo izinyanga ezithile. Ngemva kokuba isono sayo sesibonakele, yathi kubadala: “Yeka ukuthi ngangifisa kanjani ukuba othile angibuze ngobuhlobo enganginabo naleya ntombazane! Kungenze ngakhululeka kakhulu ukukuveza lokhu.”—Qhathanisa neHubo 32:3-5.
Isenzo Sothando Olunezimiso
Izinceku zikaNkulunkulu ezibhapathiziwe ziye ‘zadlula ekufeni zaya ekuphileni.’ (1 Johane 3:14) Kodwa uma zenza isono esibi kakhulu, ziphindela endleleni yokufa. Uma zingazange zisizwe, zingase zibambelele ebubini zingathandi ukuphenduka zibuyele ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso.—Heberu 10:26-29.
Ukubika ukwenziwa kobubi isenzo sokumkhathalela kwangempela umenzi wobubi. UJakobe wabhala: “Bafowethu, uma noma ubani phakathi kwenu eduka eqinisweni omunye ambuyise, yazini ukuthi lowo obuyisa isoni esiphambekweni sendlela yaso uyosindisa umphefumulo waso ekufeni futhi uyomboza izono eziningi.”—Jakobe 5:19, 20.
Khona-ke, kungani kumelwe ukubike okubi? Ngoba kuletha imiphumela emihle. Ngempela, ukubika ububi kuyisenzo sothando olunezimiso lobuKristu esilubonisa kuNkulunkulu, ebandleni nakumenzi wobubi. Njengoba ilungu ngalinye lebandla lizisekela ngokwethembeka izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga, uJehova uyolibusisa ngokucebile lonke ibandla. Umphostoli uPawulu wabhala: ‘Futhi uJehova uzoniqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze nibe abangenakubekwa cala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.’—1 Korinte 1:8.
[Isithombe ekhasini 26]
Kubonisa uthando ukukhuthaza uFakazi owonayo ukuba akhulume nabadala
[Isithombe ekhasini 28]
Abadala basiza ekubuyiseleni abonayo emseni kaNkulunkulu